Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 7/15 kk. 29-31
  • Ingabe ‘Unenhliziyo Elalelayo’?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe ‘Unenhliziyo Elalelayo’?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Babenezinhliziyo Ezilalelayo
  • Ukuthembeka Kokuthile Kuphela Akwanele
  • Kuphelele Kangakanani Ukulalela kwakho?
  • Inhliziyo Elalelayo Iletha Izibusiso
  • UJehova Ukwazisa Kakhulu Ukulalela Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Siza Abanye ‘Balalele Ngokusuka Enhliziyweni’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Funda Ukulalela Ngokwamukela Ukuyalwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • UJesu “Wafunda Ukulalela”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 7/15 kk. 29-31

Ingabe ‘Unenhliziyo Elalelayo’?

LAPHO uSolomoni eba inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, wazizwa engafaneleki. Ngakho-ke, wacela kuNkulunkulu ukuhlakanipha nolwazi. (2 IziKronike 1:10) Futhi uSolomoni wathandaza: “Yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho.” (1 AmaKhosi 3:9) Uma uSolomoni ‘ayenenhliziyo elalelayo,’ wayeyolandela imithetho nezimiso zaphezulu futhi wayeyothola isibusiso sikaJehova.

Inhliziyo elalelayo ayiwona umthwalo kodwa iwumthombo wenjabulo. Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.” (1 Johane 5:3) Ngokuqinisekile, kufanele silalele uNkulunkulu. Kakade, uJehova unguMdali wethu Omkhulu. Umhlaba nakho konke okukuwo kungokwakhe, ngisho nalo lonke isiliva negolide. Ngakho akukho lutho olubonakalayo esingamupha lona ngempela uNkulunkulu, nakuba esivumela ukuba sisebenzise impahla esinayo ukuze sibonakalise indlela esimthanda ngayo. (1 IziKronike 29:14) UJehova ulindele ukuba simthande futhi sihambe naye ngokuthobeka, senze intando yakhe.—Mika 6:8.

Lapho uJesu Kristu ebuzwa ukuthi yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni, wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke. Lona umyalo omkhulu kunayo yonke nowokuqala.” (Mathewu 22:36-38) Enye indlela yokubonisa lolo thando iwukulalela uNkulunkulu. Ngakho-ke kufanele sonke sithandazele ukuba uJehova asiphe inhliziyo elalelayo.

Babenezinhliziyo Ezilalelayo

IBhayibheli ligcwele izibonelo zalabo ababenezinhliziyo ezilalelayo. Ngokwesibonelo, uJehova watshela uNowa ukuba akhe umkhumbi omkhulu ukuze kulondolozwe ukuphila. Lona kwakuwumsebenzi omkhulu kakhulu owathatha iminyaka engaba ngu-40 noma engu-50. Ngisho nangamathuluzi kagesi esimanje neminye imishini ekhona namuhla, kungaba umsebenzi omkhulu wobunjiniyela ukwakha isakhiwo esikhulu kangaka esingantanta. Ngaphezu kwalokho, uNowa kwakudingeka axwayise abantu ngokungangabazeki ababemklolodela futhi bemhleka usulu. Kodwa walalela konke ayekutshelwa. IBhayibheli lithi: “Wenze njalo.” (Genesise 6:9, 22; 2 Petru 2:5) UNowa wabonisa ukuthi uyamthanda uJehova ngokulalela ngokwethembeka iminyaka eminingi. Yeka isibonelo esihle sonke asibekela sona!

Futhi cabangela inzalamizi u-Abrahama. UNkulunkulu wayitshela ukuba iphume e-Uri lamaKaledi elalichuma iye ezweni eyayingalazi. U-Abrahama walalela ngaphandle kokulokhu ebuza. (Heberu 11:8) Ukuphila kwakhe konke, yena nomkakhe bahlala ematendeni. Ngemva kweminyaka eminingi eyisihambi kulelo lizwe, uJehova wambusisa yena nomkakhe olalelayo, uSara, ngendodana eyaqanjwa ngokuthi u-Isaka. Yeka ukuthi u-Abrahama oneminyaka eyikhulu ubudala kumelwe ukuba wayeyithanda kanjani indodana yakhe ayithola esegugile! Eminyakeni ethile kamuva, uJehova wacela u-Abrahama ukuba enze umhlatshelo wokushiswa ngo-Isaka. (Genesise 22:1, 2) Kumelwe ukuba khona kanye ukucabanga ngalokho kwamzwisa ubuhlungu u-Abrahama. Noma kunjalo, waqhubeka elalela ngoba wayemthanda uJehova futhi ekholelwa ukuthi imbewu ethenjisiwe yayiyovela ngo-Isaka, ngisho noma uNkulunkulu kwakuyodingeka amvuse kwabafileyo. (Heberu 11:17-19) Nokho, lapho nje u-Abrahama esezobulala indodana yakhe, uJehova wamvimba wathi: “Ngiyazi manje ukuthi uyamesaba uNkulunkulu, lokhu ungagodlanga kimi nandodana eyodwa yakho.” (Genesise 22:12) Ngenxa yokulalela kwakhe, u-Abrahama owesaba uNkulunkulu waziwa ngokuthi “umngane kaJehova.”—Jakobe 2:23.

UJesu Kristu uyisibonelo sethu esivelele sokulalela. Ngaphambi kokuba aphile njengomuntu, wakujabulela ukumkhonza ngokulalela uYise wasezulwini. (IzAga 8:22-31) Njengomuntu, uJesu walalela uJehova kukho konke, ekujabulela njalo ukwenza intando yakhe. (IHubo 40:8; Heberu 10:9) Ngakho, uJesu wayengasho ngokufanele ukuthi: “Angenzi lutho ngokusuka kimi siqu; kodwa lezizinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa. Futhi lowo ongithumile unami; akangishiyanga ngingedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:28, 29) Ekugcineni, ukuze alwele ubukhosi bukaJehova futhi ahlenge isintu esilalelayo, uJesu wanikela ngokuzithandela ngokuphila kwakhe, ebhekana nokufa okwehlisa isithunzi nokubuhlungu kakhulu. Ngempela, “lapho ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.” (Filipi 2:8) Yeka isibonelo esihle sokubonisa inhliziyo elalelayo!

Ukuthembeka Kokuthile Kuphela Akwanele

Akubona bonke abathi bayamlalela uNkulunkulu abaye bamlalela ngempela. Cabangela inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSawule. UNkulunkulu wayiyala ukuba iqothule ngokuphelele ama-Amaleki amabi. (1 Samuweli 15:1-3) Nakuba uSawule awabhubhisa njengesizwe, wasindisa inkosi yawo futhi walondoloza ezinye zezimvu nezinkomo. USamuweli wabuza: “Awulalelanga ngani izwi likaJehova?” Ephendula, uSawule wathi: “Ngililalele izwi likaJehova . . . Abantu [bakwa-Israyeli] bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle . . . , ukuba bahlabele uJehova.” Egcizelela isidingo sokulalela ngokuphelele, uSamuweli waphendula: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama. Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba-yinkosi.” (1 Samuweli 15:17-23) Yeka ukuthi uSawule walahlekelwa kangakanani ngenxa yokungabi nenhliziyo elalelayo!

Ngisho nenkosi ehlakaniphile uSolomoni, eyayithandazele inhliziyo elalelayo, ayizange iqhubeke ilalela uJehova. Ngokuphambene nentando yaphezulu, yashada nabesifazane bezinye izizwe abayibangela ukuba yone kuNkulunkulu. (Nehemiya 13:23, 26) USolomoni walahlekelwa ukuvunyelwa kwaphezulu ngoba akazange aqhubeke enenhliziyo elalelayo. Yeka ukuthi lokhu kuyisixwayiso kanjani kithi!

Lokhu akusho ukuthi uJehova udinga ukuba izikhonzi zakhe ezingabantu ziphelele. “Uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:14) Ngokuqinisekile sonke siyowenza amaphutha ngezinye izikhathi, kodwa uNkulunkulu uyakwazi ukubona ukuthi sinaso yini ngempela isifiso esiqotho sokumjabulisa. (2 IziKronike 16:9) Uma sona ngenxa yokungapheleli kobuntu kodwa siphenduka, singacela intethelelo ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu, siqiniseka ukuthi uJehova “uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.” (Isaya 55:7; 1 Johane 2:1, 2) Kungase kudingeke nosizo lwabadala abangamaKristu abanothando ukuze silulame ngokomoya futhi sibe nokholo oluqinile nenhliziyo elalelayo.—Thithu 2:2; Jakobe 5:13-15.

Kuphelele Kangakanani Ukulalela kwakho?

Njengezinceku zikaJehova, iningi lethu ngokungangabazeki linomuzwa wokuthi linenhliziyo elalelayo. Singase sithi, Angihlanganyeli yini emsebenzini wokushumayela ngoMbuso? Angimi yini ngiqinile lapho kuphakama izindaba ezinkulu ezinjengokungathathi hlangothi? Futhi angiyi yini njalo emihlanganweni yobuKristu, njengoba umphostoli uPawulu anxusa? (Mathewu 24:14; 28:19, 20; Johane 17:16; Heberu 10:24, 25) Yiqiniso, abantu bakaJehova bebonke balalela ngenhliziyo yonke kulezi zici ezibalulekile.

Kodwa kuthiwani ngokuziphatha kwethu ezindabeni zansuku zonke, mhlawumbe ezibonakala ziyizindaba eziwubala? UJesu wathi: “Umuntu okholekile kokuncane kakhulu ukholekile nakokukhulu, futhi umuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Ngakho ngamunye wethu uyobe wenza kahle uma ezibuza, Ingabe nginenhliziyo elalelayo uma kuziwa ezintweni ezincane noma ezindabeni abanye abangazi nakwazi ngazo?

Umhubi wabonisa ukuthi ngisho naphakathi kwendlu yakhe, lapho abanye bengamboni khona, ‘wayehamba ngenhliziyo engenacala.’ (IHubo 101:2) Lapho uhlezi endlini yakho, ungase uvule ithelevishini futhi uqale ukubuka ifilimu. Khona lapho, ukulalela kwakho kungase kuvivinywe. Leyo filimu ingase ibe nokuziphatha okubi. Ingabe uyoqhubeka uyibuka, uzithethelela ngokuthi yilolu uhlobo lwamafilimu aboniswayo kulezi zinsuku? Noma ingabe inhliziyo yakho elalelayo iyokushukumisela ukuba wenze ngokuvumelana nomyalo ongokomBhalo wokuthi ‘ubufebe nokungahlanzeki kungaphathwa nakuphathwa phakathi kwethu’? (Efesu 5:3-5) Ingabe uyoyicisha i-TV, ngisho noma ifilimu ithakazelisa? Noma ingabe uyoshintshela kwesinye isiteshi uma uhlelo oluthile luba nobudlova? Umhubi wahuba: “UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.”—IHubo 11:5.

Inhliziyo Elalelayo Iletha Izibusiso

Yiqiniso, kunezindawo eziningi ekuphileni esingazihlola kuzo ngokunenzuzo sibone ukuthi siyamlalela yini uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni. Ukumthanda kwethu uJehova kufanele kusishukumisele ukuba simjabulise futhi senze lokho asitshela kona eZwini lakhe, iBhayibheli. Inhliziyo elalelayo iyosisiza ukuba silondoloze ubuhlobo obuhle noJehova. Yebo, uma silalela ngokugcwele, ‘amazwi emilomo yethu nokuzindla kwezinhliziyo zethu kuyothandeka ebusweni bukaJehova.’—IHubo 19:14.

Ngenxa yokuthi uJehova uyasithanda, usifundisa ukuba silalele ukuze sizuze. Futhi sizuza kakhulu ngokukulalela ngomphefumulo wonke ukufundisa kwaphezulu. (Isaya 48:17, 18) Ngakho-ke, masilwamukele ngenjabulo usizo esilulungiselelwa uBaba wethu osezulwini ngeZwi lakhe, ngomoya wakhe nangenhlangano yakhe. Sifundiswa kahle kangangokuthi kunjengokungathi sizwa izwi emva kwethu lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo, noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:21) Njengoba uJehova esifundisa ngeBhayibheli, izincwadi zobuKristu nemihlangano yebandla, kwangathi singalalelisisa, sikusebenzise lokho esikufundayo, futhi sibe ‘abalalelayo ezintweni zonke.’—2 Korinte 2:9.

Inhliziyo elalelayo iyophumela enjabulweni enkulu nasezibusisweni eziningi. Iyosilethela ukuthula kwengqondo, ngoba siyobe sazi ukuthi simjabulisa kakhulu uJehova uNkulunkulu futhi senza inhliziyo yakhe ithokoze. (IzAga 27:11) Inhliziyo elalelayo iyoba isivikelo lapho silingelwa ekwenzeni okubi. Khona-ke, kufanele ngokuqinisekile silalele uBaba wethu wasezulwini futhi sithandaze sithi: “Yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo.”

[Umthombo Wesithombe ekhasini 29]

From the Self-Pronouncing Edition of the Holy Bible, containing the King James and the Revised versions

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela