INKULUMO ESEBHAYIBHELINI
UJesu “Wafunda Ukulalela”
UJesu ubelokhu emlalela uJehova. (Joh. 8:29) Pho, kungani iBhayibheli lithi: “Wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo”?—Heb. 5:8.
Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wabhekana nezimo angazange abhekane nazo ezulwini. Wakhuliswa abazali ababemthanda uJehova kodwa ababenamaphutha. (Luka 2:51) Wakhuthazelela ukuphathwa kabi abaholi benkolo abakhohlakele nababusi abangenabo ubulungisa. (Math. 26:59; Marku 15:15) Ngaphezu kwalokho, “wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni,” ebulawa kabuhlungu.—Fil. 2:8.
Lezi zinto uJesu abhekana nazo zamfundisa ukulalela ngendlela ayengakaze akufunde ngayo ezulwini. Ngaleyo ndlela wayengaba yiNkosi engcono kunawo wonke noMpristi Ophakeme, ongazwelana nathi. (Heb. 4:15; 5:9) UJesu waba yigugu nakakhulu kuJehova ngemva kokuba efunde ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo. Nathi singaba yigugu nakakhulu kuJehova futhi sibe wusizo kunoma yisiphi isabelo angase asinike sona uma sihlale silalela lapho sibhekene nezimo ezicindezelayo.—Jak. 1:4.