Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 2/1 kk. 24-28
  • Indawo Yomculo Ekukhulekeleni Kwanamuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indawo Yomculo Ekukhulekeleni Kwanamuhla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indawo Engokomlando Yomculo Ekukhulekeleni
  • Ukuhlabelela KwamaKristu Ekhulu Lokuqala
  • Ithonya Lokukhulekela Kwamanga
  • Ukubuyisela Umculo Endaweni Yawo Efanele Ekukhulekeleni
  • ‘Ukuhlabelelela UJehova Ezinhliziyweni Zethu’
  • Hubela UJehova
  • Ukubaluleka Kokuhlabelela Ekukhulekeleni Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Cula Ngenjabulo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Hubelani UJehova Izindumiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukudumisa UJehova Ngengoma
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 2/1 kk. 24-28

Indawo Yomculo Ekukhulekeleni Kwanamuhla

UKUHLABELELA kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Ukuhlabelela ngokuzwakalayo kungaletha injabulo kithi nakuMdali wethu. Ngako, singaveza imizwa yethu, kokubili eyokudabuka neyokujabula. Ngaphezu kwalokho, singazwakalisa uthando lwethu, ukwazisa, nodumo kuMqambi womculo, uJehova.

Emibhalweni yeBhayibheli engaba amakhulu amathathu ebhekisela emculweni, eminingi ihlobene nokukhulekela uJehova. Ukuhlabelela kuhlotshaniswa nanenjabulo—hhayi injabulo yalabo abahlabelelayo kuphela kodwa nenjabulo eboniswa uJehova. Umhubi wabhala: ‘Mabamhubele ngesigubhu nehabhu. Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe.’—IHubo 149:3, 4.

Kodwa kubaluleke kangakanani ukuhlabelela ekukhulekeleni kwanamuhla? Abantu bakaJehova namuhla bangamjabulisa kanjani ngokuhlabelela ngokuzwakalayo? Umculo kufanele ube nayiphi indawo ekukhulekeleni kweqiniso? Ukuhlola umlando womculo ekukhulekeleni kuzosisiza ekuphenduleni lemibuzo.

Indawo Engokomlando Yomculo Ekukhulekeleni

Ukubhekisela kokuqala kweBhayibheli emculweni akuqondene ngokukhethekile nokukhulekela uJehova. KuGenesise 4:21, uJubale unikwa udumo ngalokho okungase kube ukwenziwa kwensimbi yokuqala yomculo noma mhlawumbe ngokusungulwa kohlobo oluthile lomsebenzi womculo. Nokho, umculo wawuyingxenye yokukhulekela uJehova ngisho nangaphambi kokudalwa kwabantu. Izinguqulo zeBhayibheli eziningana zichaza izingelosi njengezihlabelelayo. UJobe 38:7 ukhuluma ngezingelosi zihlabelela futhi ‘zijabula.’ Ngakho, kunesizathu esingokomBhalo sokukholelwa ukuthi ukuhlabelela ekukhulekeleni uJehova kwakuwumkhuba esikhathini eside ngaphambi kokuba umuntu abe khona.

Izazi-mlando ezithile ziye zaphikisa ngokuthi umculo wasendulo wesiHeberu wawumane uwumnkenenezo, ungenazo ezinye izindlela ezihlukene ezivumelanayo. Nokho, kungadlalwa ngaphezu kwenothi elilodwa ehabhwini, insimbi yomculo okuvame ukukhulunywa ngayo eBhayibhelini. Kumelwe ukuba abadlali bamahabhu bakuqaphela ukuvumelana okwakungaba khona ngokuhlanganiswa kwemisindo ehlukahlukene ekulensimbi yomculo. Kunokuba ube osezingeni eliphansi, ngokungangabazeki umculo wabo wawuthuthuke ngempela. Futhi ngokubheka ulimi olusankondlo noluvamile lwemiBhalo YesiHeberu, singaphetha ngokuthi umculo wama-Israyeli wawungowezinga eliphezulu. Ngokuqinisekile, ugqozi lokuqanjwa kwezingoma lwalungaphezu kolwezizwe ezazingomakhelwane.

Ithempeli lasendulo lalinelungiselelo eliyinkimbinkimbi labashaya izinsimbi zomculo nabahlabelelayo ekukhulekeleni kwasethempelini. (2 IziKronike 29:27, 28) Kwakukhona ‘abaholi,’ “izazi,” ‘abafundi,’ ‘nabaholi babahlabeleli.’ (1 IziKronike 15:21; 25:7, 8; Nehemiya 12:46) Siphawula ngamakhono omculo asezingeni eliphezulu, isazi-mlando uCurt Sachs sabhala: “Amaqembu abaculi nawabashaya izinsimbi eThempelini laseJerusalema abonisa izinga eliphezulu lemfundo, ikhono, nolwazi lomculo. . . . Nakuba singazi ukuthi lowo mculo wasendulo wawuzwakala kanjani, sinobufakazi obanele bamandla, isizotha, nobungcweti bawo.” (The Rise of Music in the Ancient World: East and West, 1943, amakhasi 48, 101-2) IsiHlabelelo sikaSolomoni siyisibonelo sekhono nezinga lokuqanjwa kwezingoma zesiHeberu. Siyindaba eyingoma, efana ne-libretto, noma amazwi e-opera. Embhalweni wesiHeberu lengoma ibizwa ngokuthi “IsiHlabelelo seziHlabelelo,” okusho ukuthi ingoma emnandi kunazo zonke. KumaHeberu asendulo, ukuhlabelela kwakuyingxenye eyinhloko yokukhulekela. Futhi kwakuwenza aveze imizwa efanele ekudumiseni kwawo uJehova.

Ukuhlabelela KwamaKristu Ekhulu Lokuqala

Umculo waqhubeka uyingxenye evamile yokukhulekela kumaKristu okuqala. Ngaphezu kokuba namaHubo aphefumulelwe, kubonakala sengathi aziqambela umculo nezosha zokukhulekela, ecaba indlela yokuqanjwa kwezingoma zobuKristu zosuku lwanamuhla. (Efesu 5:19) Incwadi ethi The History of Music, kaWaldo Selden Pratt, iyachaza: “Ukuhlabelela ekukhulekeleni kwasobala nokwangasese kwakuvamile kumaKristu okuqala. KumaJuda aphendukile lokhu kwakuwukuqhutshekiselwa phambili kwemikhuba yasesinagogeni . . . Ngaphandle kwamaHubo esiHeberu . . . , inkolo entsha yathambekela ekuqambeni amahubo amasha njalo, okubonakala sengathi ekuqaleni ayewuhlobo lwama-rhapsody.”a

Eqokomisa ukubaluleka kokuhlabelela, lapho uJesu emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, kungenzeka ukuthi yena nabaphostoli bakhe bahlabelela amaHallel. (Mathewu 26:26-30) Lezi kwakuyizingoma zokudumisa uJehova ezilotshwe kumaHubo nezazihlatshelelwa ngokuqondene nokugujwa kwePhasika.—AmaHubo 113-118.

Ithonya Lokukhulekela Kwamanga

Ngenkathi okuthiwa iNkathi Yobumnyama, umculo wenkolo wenziwa waba izingoma zokulila. Cishe ngo-200 C.E., uClement wase-Alexandria wathi: “Sidinga insimbi yomculo eyodwa: iphimbo elinokuthula lokudumisa, hhayi amahabhu noma izigubhu noma imitshingo noma amacilongo.” Kwabekwa imingcele, elinganisela umculo wesonto emculweni wamaphimbo. Lendlela yaziwa ngokuthi ihubo noma ingoma eqondile. “Eminyakeni engaphansi kwengamashumi amane ngemva kokwakhiwa kwe-Constantinople, uMkhandlu WaseLaodicea (A.D. 367) wenqabela ukuhlanganyela kwakho kokubili izinsimbi zomculo nokwamabandla emidantini yokukhulekela. Umculo ovamile uye waba owephimbo kuphela,” kusho incwadi ethi Our Musical Heritage. (Omalukeke sizenzele.) Lemingcele yayingasekelwe ebuKristwini bakuqala.

Phakathi neNkathi Yobumnyama, iBhayibheli lalinjengencwadi evaliwe kubantu abavamile. AmaKristu ayequnga isibindi sokuba neBhayibheli noma sokulifunda ayeshushiswa futhi abulawe nokubulawa. Ngakho, akumangalisi ukuthi umkhuba wokuhlabelela izindumiso zikaNkulunkulu wanyamalala ngokwezinga elikhulu phakathi naleyo nkathi yobumnyama. Kakade, uma abantu abavamile babengayihlola imiBhalo, babeyokwazi kanjani ukuthi ingxenye eyodwa kweziyishumi zalo lonke iBhayibheli iyingoma? Ngubani owayeyobazisa ukuthi uNkulunkulu wayala abakhulekeli bakhe ukuba ‘bahlabelele kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele’?—IHubo 149:1.

Ukubuyisela Umculo Endaweni Yawo Efanele Ekukhulekeleni

Inhlangano kaJehova iye yazikhandla ukuze ibuyisele umculo wezinsimbi nokuhlabelela endaweni yako efanele ekukhulekeleni. Ngokwesibonelo, umagazini ka-February 1, 1896, i-Zion’s Watch Tower, wawuqukethe izingoma kuphela. Wawunesihloko esithi “Izingoma Zokuqala Zenjabulo ZeZiyoni.”

Ngo-1938 ngezinga elikhulu kwayekwa ukuhlabelela emihlanganweni yebandla. Nokho, ngokushesha ukuhlakanipha kokulandela isibonelo nesiqondiso sabaphostoli kwasabalala. Emhlanganweni wesigodi ka-1944, uF. W. Franz wabeka inkulumo eyayithi: “Ingoma Yenkonzo YoMbuso.” Wabonisa ukuthi izingoma zokudumisa uJehova zazihlatshelelwa izidalwa zikaNkulunkulu zasezulwini esikhathini eside ngaphambi kokudalwa komuntu futhi wathi: “Kuyafaneleka futhi kuyamjabulisa uNkulunkulu ukuba izikhonzi zaKhe zasemhlabeni zizwakalise amaphimbo azo ngokuhlabelela ngokoqobo.” Ngemva kokukhuluma ngokuhlabelela ekukhulekeleni, wamemezela ukukhululwa kwe-Kingdom Service Song Book eyayizosetshenziswa emihlanganweni yenkonzo yamasonto onke.b Khona-ke i-Informant (manje eyi-Nkonzo Yethu YoMbuso) ka-December 1944 yamemezela ukuthi eminye imihlangano nayo yayiyohlanganisa izingoma zokuvula nezokuphetha. Ukuhlabelela kwaphinde kwaba ingxenye yokukhulekela uJehova.

‘Ukuhlabelelela UJehova Ezinhliziyweni Zethu’

Ukubaluleka kokuhlabelela ngokusuka enhliziyweni kuboniswa abafowethu baseMpumalanga Yurophu nase-Afrika abaye babhekana neminyaka eminingi yobunzima nokushushiswa. ULothar Wagner wachitha iminyaka engu-7 evalelwe yedwa. Wakhuthazela kanjani? Uthi: “Emasontweni amaningana ngagxila ekuqedeni inqolobane yami yezingoma zoMbuso. Lapho ngingawazi kahle amagama ngangimane ngizenzele ivesi elilodwa noma amabili. . . . Yeka intilibathwa yamagama akhuthazayo nakhayo aqukethwe izingoma zethu zoMbuso!”—INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova ka-1974 yesiNgisi, amakhasi 226-8.

Phakathi neminyaka emihlanu yokuvalelwa yedwa ngenxa yokuma kwakhe kokwethembeka, uHarold King wathola induduzo ngokuqamba nangokuhlabelela izingoma zokudumisa uJehova. Eziningana zezingoma aziqamba manje zisetshenziswa oFakazi BakaJehova ekukhulekeleni kwabo. Injabulo ehlobene nokuhlabelela iyaqinisa. Kodwa akufanele size sishushiswe ngaphambi kokuba siqiniseke ngokubaluleka kokuhlabelela izingoma zokudumisa uNkulunkulu.

Bonke abantu bakaJehova bangathola injabulo ezingomeni. Ngisho noma singase sibe nezithiyo ezithile ekukhulumeni, singayiveza ngokukhululekile imizwa yethu ngoJehova lapho sihlabelela. Umphostoli uPawulu wabonisa indlela esingayithola ngayo injabulo ekuhlabeleleni izindumiso lapho eyala amaKristu ukuba aqhubeke ‘ekhulumisana ngamahubo nangezindumiso eziya kuNkulunkulu nangezingoma ezingokomoya, ahlabelele futhi ahubele uJehova ezinhliziyweni zawo.’ (Efesu 5:19) Lapho izinhliziyo zethu zigcwele izinto ezingokomoya, lokho kubonakala ngamandla lapho sihlabelela. Ngakho isihluthulelo sokuthuthukisa ukuhlabelela ukuba nesimo senhliziyo esifanele.

Ukuba nobuhlobo obuhle noJehova kusiza ekubeni nomoya wenjabulo, kusishukumisela ukuba sikhulume, sihlabelele, futhi sikhamuluke ngezindumiso zikaJehova. (IHubo 146:2, 5) Sihlabelela ngokusuka enhliziyweni ngezinto esizithandayo. Futhi uma sithanda ingoma noma amagama ayo, cishe siyoyihlabelela ngomuzwa oqotho.

Akudingekile ukuba umuntu aze ahlabelelele phezulu ukuze ahlabelele ngomuzwa. Ukuhlabelela kahle akukhona ngempela ukuhlabelelela phezulu; futhi akukhona ukuhlabelelela phansi ngendlela engazwakali. Amanye amaphimbo amahle ngokwemvelo angase avelele ngisho nalapho kuhlatshelelelwa phansi. Ingxenye yenselele yokuhlabelela kahle eqenjini iwukufunda ukuvumelana nalo. Kungakhathaliseki ukuthi uhlabelela indlela ehlukile noma indlela efanayo nabanye, uma iphimbo lakho lihambisana nelalabo abaseduze nawe kwenza ingoma ijabulise futhi ihlangane. Isizotha sobuKristu nendlebe elalelayo kukusiza ukuba ukwazi ukuhlabelela ngentshiseko kodwa ube ungaklabalasi. Nokho, labo abanekhono lokuhlabelela noma abanamaphimbo amahle ngokukhethekile akufanele nanini benqatshelwe ukuba bahlabelelele phezulu. Iphimbo elimnandi lingakusekela kakhulu ukuhlabelela kwebandla izindumiso zikaJehova.

Ukuhlabelela emihlanganweni yethu nakho kunikeza ithuba elifanele lokuhlabelela izingoma ngezindlela ezihlukene. Labo abakwazi ukuhlabelela indlela ehlukile noma abangafunda imigqa yalendlela encwadini yamaculo bese beyihlabelela bakhuthazwa ukuba bahlangane kahle nokuhlabelela kwabanye futhi banandise umculo.c

Abanye bangase bathi, ‘Ngiyibhimbi’ noma ‘nginephimbo elibi; liyantswininiza emanothini aphakeme.’ Ngakho, baba novalo lapho behlabelela, ngisho naseHholo LoMbuso. Iqiniso liwukuthi alikho iphimbo “elibi” elihlabelelela ukudumisa uJehova ngokombono wakhe. Njengoba nje iphimbo lokukhuluma lingathuthukiswa ngokuprakthiza nokulandela ukusikisela okuwusizo okunikezwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, nokuhlabelela komuntu kungathuthukiswa. Abanye baye bathuthukisa amaphimbo abo ngokumane bashaye imvunge lapho benza imisebenzi ethile. Ukushaya imvunge kusiza ekulolongeni iphimbo. Futhi ngezikhathi ezifanele lapho sisodwa noma sisebenza lapho singeke siphazamise abanye, ukuhlabelela izingoma zoMbuso kuyindlela enhle yokulolonga iphimbo neyokuzibeka esimweni sengqondo sokujabula nesikhululekile.

Singakhuthaza nokuhlatshelelwa kwezingoma zoMbuso ezimbalwa emibuthanweni. Ukuhlabelela okunjalo, okuhambisana nensimbi yomculo njengesiginci noma upiyano noma umculo weNhlangano oqoshiwe wopiyano, kwenza imibuthano yethu ibe nesimo esingokomoya. Futhi kusisiza ukuba sifunde izingoma nokuba sizihlabelele kahle emihlanganweni yebandla.

Ukuze isize amabandla abe semoyeni wokuhlabelela emihlanganweni, iNhlangano iye yalungiselela umculo wezinsimbi oqoshiwe ohambisana nokuhlabelela. Lapho udlalwa, lowo onakekela isikhulisa-msindo kufanele aqaphele izinga lomsindo. Uma umculo ungakhaleli phezulu ngokwanele, ibandla lingase lesabe ukuhlabelelela phezulu. Njengoba umzalwane oqondisa isikhulisa-msindo ehlabelela kanye nebandla, uyokwazi ukunquma ukuthi umculo unikeza ukuhola okusekelayo yini noma cha.

Hubela UJehova

Ukuhlabelela kusinika ithuba lokuzwakalisa imizwa yethu ngoMdali wethu. (IHubo 149:1, 3) Akukhona nje ukuklabalasa ngenxa yokuthathwa umzwelo, kodwa ukuzwakalisa ukudumisa kwethu okulawulwayo, okunengqondo, nokunenjabulo. Ukuhlabelela ngenhliziyo yonke uma ibandla lihlabelela kungasibeka esimweni sengqondo nesenhliziyo esifanelekela isimiso esizolandela futhi kungasishukumisela ekubeni nengxenye eyengeziwe ekukhulekeleni uJehova. Nakuba ukuhlabelela kuthinta umzwelo, namazwi angasifundisa. Ngokuzwakalisa amazwi ethu ngalendlela, sihlabelela indlela eyodwa izindlela ezihlukene, sihlela izinhliziyo zethu ngokuthobeka ukuze sifunde ndawonye njengabantu abahlangene.—Qhathanisa neHubo 10:17, NW.

Ukuhlabelela kuyohlala kuyingxenye yokukhulekela uJehova. Ngakho-ke sinethemba lokuhlanganyela phakade amazwi omhubi: “Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova, ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.”—IHubo 146:2.

[Imibhalo yaphansi]

a I-rhapsody uhlobo lomculo olwaluhluke ngokuba nomoya wenkululeko ezingxenyeni zalo ezihlukahlukene. Ngokuvamile ama-rhapsody ayedumisa izenzakalo zobuqhawe noma abantu abathile.

b Kubonakala sengathi eyoku-1 Korinte 14:15 ibonisa ukuthi ukuhlabelela kwakuyisici esivamile ekukhulekeleni kwamaKristu ekhulu lokuqala.

c Ezinye zezingoma ezisencwadini yethu yamaculo yamanje, ethi Hubani Izindumiso ZikaJehova, zinezindlela zokuhlabelela ezine ukuze kuzuze labo abathanda ukuhlabelela izindlela ezihlukene. Nokho, izingoma eziningi ziye zahlelelwa ukuba zihambisane nopiyano futhi zanikezwa indlela ethile yomculo ukuze kulondolozwe izindlela zokuhlabelela zomhlaba wonke. Ukufakela amanothi avumelanayo ezingomeni ezibhalwe ngaphandle kwezindlela ezine zokuhlabelela eziqondile kungase kunandise ukuhlabelela kwethu emihlanganweni.

[Ibhokisi ekhasini 27]

Ukusikisela Okungakwenza Uhlabelele Kangcono

1. Phakamisa incwadi yamaculo lapho uhlabelela. Lokhu kukusiza ukuba uphefumule ngokukhululeke kakhudlwana.

2. Donsa umoya ngokwanele ekuqaleni komusho ngamunye.

3. Ukuvula umlomo kakhudlwana kunendlela ozizwa unethezeka ngayo ekuqaleni kuyomane kwandise umsindo nobumtoti bephimbo.

4. Ngaphezu kwakho konke, gxila emagameni engoma ehlatshelelwayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela