Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 2/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusindisa Ukuphila Ngegazi—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Igazi—Libalulekile Ekuphileni
    Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?
  • Sazise Ngokufanele Isipho Sakho Sokuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 2/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

Ngokwemibiko yezindaba, ngemva kokubelethwa komntwana, ezinye izibhedlela zigcina umzanyana (“placenta”) nenkaba ukuze zikhiphe izinto ezithile egazini lako. Ingabe lokhu kufanele kumkhathaze umKristu?

Ezindaweni eziningi, ayenzeki into efana naleyo, ngakho akudingekile ukuba amaKristu akhathazeke. Uma kunesizathu esiqinile sokukholelwa ukuthi umkhuba onjalo uyalandelwa esibhedlela umKristu azobelethela kuso, kungaba okufanelekile ukuba kumane kwaziswe udokotela ukuthi umzanyana nenkaba kufanele kulahlwe, kungasetshenziswa nganoma iyiphi indlela.

Imikhiqizo yokwelapha ehlukahlukene iye yatholakala emizimbeni, yezilwane noma yabantu. Ngokwesibonelo, ama-hormone athile aye akhishwa emchamweni wamahhashi amithi. Umjovo wokugomela isifo sokubopheka kwemisipha iye yenziwa ngegazi lehhashi, futhi i-gamma globulin yokulwa nezifo sekunesikhathi eside ithathwa egazini lemizanyana yabantu. Izibhedlela ezithile ziye zagcina imizanyana futhi zayenza yaba yiqhwa futhi kamuva yathathwa abasebenza endaweni yokuthaka imithi ukuze basebenzise leli gazi elicebe ngamasosha omzimba ukukhipha i-gamma globulin.

Muva nje, abacwaningi baye bathi kuyaphumelela ukusebenzisa igazi elikhishwe kumzanyana ukuze kwelashwe uhlobo oluthile lwe-leukemia, futhi kuye kwaba nenkolelo yokuthi igazi elinjalo lingase libe usizo ezifweni ezithile zesimiso sokuzivikela somzimba noma lisetshenziswe lapho kudingeka kufakelwe umnkantsha wamathambo. Ngenxa yalokho, sekuye kwasakazeka ngezinga elithile ukuthi abazali bavumele ukuba kukhishwe igazi kumzanyana, lenziwe iqhwa bese liyagcinwa, becabangela ukuthi kungenzeka libe wusizo ekwelashweni kwengane yabo eminyakeni ezayo.

Ukuthengiswa okunjalo kwegazi lomzanyana ngokwenzuzo akuwakhangi nakancane amaKristu eqiniso, aqondisa ukucabanga kwawo ngomthetho kaNkulunkulu ophelele. UMdali wethu ubheka igazi njengelingcwele, elimelela ukuphila okunikwa uNkulunkulu. Ukuphela kokusetshenziswa kwegazi akugunyaza okwase-altare, okuphathelene nemihlatshelo. (Levitikusi 17:10-12; qhathanisa namaRoma 3:25; 5:8; Efesu 1:7.) Ngaphandle kwalokho, igazi elikhishwe esidalweni kwakumelwe lichithwe emhlabathini, lilahlwe.—Levitikusi 17:13; Duteronomi 12:15, 16.

Lapho amaKristu ezingela isilwane noma ebulala inkukhu noma ingulube efuyiwe, bayayophisa bese belilahla igazi. Akudingeki ukuba alichithe ngokuqondile emhlabathini, ngoba okubalulekile ukuba alilahle igazi kunokuba alisebenzise nganoma iyiphi indlela.

AmaKristu alaliswa esibhedlela ayazi ukuthi izinto ezikhishwa emizimbeni yawo ziyalahlwa, kungaba ukungcola okusemzimbeni, isicubu somzimba esingenwe isifo, noma igazi. Kuyavunywa, odokotela bangase bafune ukuba kuqale kwenziwe ukuhlola okuthile, njengokuhlola umchamo, ukuhlolwa kwesicubu esonakele, noma ukuhlolwa kwegazi. Kodwa ngemva kwalokho, lezo zinto ziyalahlwa ngokuvumelana nomthetho wendawo. Isiguli esilaliswe esibhedlela akudingeki size senze isicelo esikhethekile salokhu ngoba kunengqondo futhi kuwukuhlakanipha emkhakheni wezokwelapha ukulahla izinto ezinjalo ezikhishwe emzimbeni. Uma isiguli sinesizathu esizwakalayo sokungabaza ukuthi inqubo enjalo evamile iyolandelwa, singakuphawula lokho kudokotela ohilelekile, sisho ukuthi sifuna ukuba zonke izinto ezinjalo zilahlwe ngenxa yezizathu ezingokwenkolo.

Nokho, njengoba kushiwo, lokhu kuyathukela ukuba kukhathaze isiguli esivamile ngoba ezindaweni eziningi ukugcinwa nokusetshenziswa kabusha okunjalo komzanyana noma ezinye izinto eziphuma emzimbeni akucatshangwa ngisho nokucatshangwa, ingasaphathwa eyokwenziwa njengenqubo.

Isihloko Esithi “Asikwenyanye Okubi,” Esikuyi-“nqabayokulinda” Ka-january 1, 1997, Sibonakala Sigxile Kuyi-“pedophilia.” Ungachazwa Kanjani Lomkhuba?

I-Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary ichaza elithi “pedophilia” ngokuthi “ubulili obuhlanekezelwe lapho kukhethwa khona ukuba nobuhlobo bobulili nezingane.” Izici zalomkhuba ziyalahlwa kuDuteronomi 23:17, 18. Lapho, uNkulunkulu wakulahla ukuba isifebe sethempeli (“noma, ‘i-catamite,’ umfana ogcinelwe injongo yobulili obuhlanekezelwe,” umbhalo waphansi we-NW). Lamavesi enqabela nanoma ubani ukuba alethe “endlini kaJehova” inkokhelo “yenja” (“cishe i-pederast; umuntu oba nobuhlobo bobulili ngendunu, ikakhulukazi nomfana,” umbhalo waphansi we-NW). Lezi zikhombo ezingokomBhalo nezezwe zifakazela ukuthi INqabayokulinda ibikhuluma ngokunukubezwa kwengane ngokobulili, okuhlanganisa ukuphulula, okwenziwa umuntu omdala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela