Isho Ukuthini Kuwe Inkululeko Engokwenkolo?
Nakuba inkululeko engokwenkolo ibhekwa njengelungelo eliyisisekelo e-United States, igagasi lobudlova bezixuku ezimelene noFakazi BakaJehova ladlanga kulelizwe ngawo-1940
IZIGIDI ziye zayilwela. Abanye baye bayifela nokuyifela. Ngempela ingenye yezinto eziyigugu kakhulu isintu esingaba nazo. Yini leyo? Inkululeko! I-World Book Encyclopedia ichaza inkululeko ngokuthi “ukukwazi ukukhetha nokufeza okukhethayo.” Iyaqhubeka: “Ngokwezomthetho, abantu basuke bekhululekile uma umphakathi ungababekeli mingcele engenabulungisa, engadingekile, noma engenangqondo. Umphakathi kumelwe futhi uvikele amalungelo abo—okuwukuthi, inkululeko yabo eyisisekelo, amandla namalungelo abo.”
Umqondo wako uzwakala ulula. Nokho, lapho kwenziwa, kubonakala cishe kungenakwenzeka ukuba abantu bavumelane ngokuthi imingcele yenkululeko kufanele ibekwe kuphi ngempela. Ngokwesibonelo, abanye bakholelwa ukuthi uhulumeni kufanele umise imithetho yokuvikela inkululeko yezakhamuzi zawo. Kodwa abanye baphikisa ngokuthi lemithetho iyona kanye engamaketanga izakhamuzi ezidinga ukukhululwa kuwo! Kuyacaca ukuthi inkululeko isho izinto ezihlukene kubantu abahlukene.
Kuthiwani Ngenkululeko Engokwenkolo?
Mhlawumbe inkululeko okuphikiswana kakhulu ngayo yinkululeko engokwenkolo, eye yachazwa ngokuthi “ilungelo lokukholelwa nokuqhuba inkolo umuntu azikhethele yona.” Ngokwe-United Nations Universal Declaration of Human Rights, “wonke umuntu unelungelo lokuba nenkululeko yokucabanga, kanembeza nengokwenkolo.” Lokhu kuhlanganisa nelungelo lomuntu “lokushintsha inkolo yakhe noma inkolelo,” kanye nenkululeko “yokubonakalisa inkolo yakhe noma inkolelo ngokufundisa, ukuyiqhuba, ukukhulekela nangokugubha.”—ISiphakamiso 18.
Ngokuqinisekile, besingalindela ukuba noma isiphi isizwe esibanakekela ngobuqotho abantu baso siyinikeze leyo nkululeko. Kuyadabukisa ukuthi lokhu akwenzeki ngaso sonke isikhathi. “Inkolo ithinta imizwa ejule kakhulu yabantu abaningi,” kuphawula i-World Book Encyclopedia. “Abanye ohulumeni banezibopho eziqinile nenkolo ethile futhi babheka abantu bezinye izinkolo njengabawusongo egunyeni lezombangazwe. Uhulumeni futhi ungase ubheke inkolo njengeyingozi kwezombangazwe ngoba izinkolo zingase zibheke ukuzinikela kuNkulunkulu njengokubaluleke ngaphezu kokulalela umbuso.”
Ngenxa yalezi zizathu ohulumeni abathile bakubekela imingcele ukuqhutshwa kwenkolo. Abambalwa abakukhuthazi nakancane ukuqhuba noma iyiphi inkolo. Abanye, nakuba bethi bayayisekela inkululeko yokukhulekela, balawula yonke imisebenzi engokwenkolo ngesandla esiqinile.
Ngokwesibonelo, cabanga ngesimo esaqhubeka iminyaka eminingi eMexico. Nakuba uMthetho-sisekelo wawuqinisekisa inkululeko engokwenkolo, wawuthi: “Amasonto asetshenziswa umphakathi ngenjongo yokukhulekela ayimpahla yeSizwe, esimelelwa uHulumeni Kazwelonke, oyonquma ukuthi imaphi angaqhubeka esetshenziswa njengamasonto.” Ngo-1991 loMthetho-sisekelo wachibiyelwa ukuze kususwe lomgoqo. Nokho, lesi sibonelo sibonisa ukuthi inkululeko engokwenkolo ingase ichazwe ngezindlela ezihlukahlukene emazweni ahlukahlukene.
Olunye Uhlobo Lwenkululeko Engokwenkolo
Ingabe inkululeko engokwenkolo ikhona ezweni ohlala kulo? Uma kunjalo, ichazwa kanjani? Ingabe uyakwazi ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela oyikhethayo, noma ingabe uphoqelekile ukuba ube ilungu lenkolo yoMbuso? Uvunyelwe yini ukufunda nokusakaza izincwadi zenkolo, noma ingabe izinto ezinjalo ezishicilelwe zenqatshelwe uhulumeni? Uyakwazi yini ukhuluma nabanye ngenkolo yakho, noma ingabe lokhu kubhekwa njengokugxambukela emalungelweni abo angokwenkolo?
Izimpendulo zalemibuzo zixhomeke endaweni ohlala kuyo. Nokho, kuyathakazelisa ukuthi kukhona uhlobo lwenkululeko engokwenkolo olungaxhomekile nakancane endaweni umuntu ahlala kuyo. Ngenkathi eseJerusalema ngo-32 C.E., uJesu wathi kubalandeli bakhe: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, futhi niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:31, 32.
Wayesho ukuthini uJesu ngalamazwi? Izilaleli zakhe ezingamaJuda zazilangazelela ukukhululeka ekubuseni kwamaRoma. Kodwa uJesu wayengakhulumi ngokukhululeka ekucindezelweni ngokwezombangazwe. Kunalokho, wayethembisa abafundi bakhe okuthile okungcono kakhulu, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.