Niyemukelwa Emihlanganweni Yesigodi ‘Yabathandi Benkululeko!’
NKULULEKO! Yeka ukuthi lelogama lizwakala lijabulisa kanjani! Akekho okujabulelayo ukuba sebugqilini noma ekuthunjweni. Eminyakeni yamuva kuye kwaba nentuthuko eyengeziwe enkululekweni yezombangazwe okwakwethenjwa ukuthi izoba khona kunanganoma imiphi iminyaka ekhumbulekayo.
Nokho, njengoba ifiseleka kangaka inkululeko yezombangazwe, kunenkululeko ebaluleke nefiseleka ngokwengeziwe nangaphezulu. Iyinkululeko uJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, akhuluma ngayo lapho ethi kubafundi bakhe: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:31, 32) Lena iwukukhululeka ezinkolelweni zamanga ezingokwenkolo, ukukhululeka ekwesabeni umuntu, ukukhululeka ebugqilini bokulutheka okuyisono, kanye nokunye okwengeziwe.
Yilenkululeko eyisihloko seMihlangano Yesigodi ‘Yabathandi Benkululeko’ oFakazi BakaJehova abazoba nayo emhlabeni wonke ezoqala ehlobo lika-1991. Kusukela ngonyaka ka-1919, okwaba khona ngawo ukususwa kwemithetho kahulumeni evimbela labo ababehola phakathi kwabo, abantu bakaNkulunkulu bebelokhu bejabulela inkululeko eyandayo ngokuqondene nokukhulekela kwabo okuhlanzekile.
Kufaneleka kakhulu ukuthi indaba yenkululeko iye yaqokonyiswa eminyakeni edlule emihlanganweni engokwasezulwini, ngezihloko ezinjengezithi “UMhlangano Ongokwasezulwini ‘Wesizwe Esikhululekile’” nesithi “IMihlangano Yesigodi ‘Yamadodana KaNkulunkulu Enkululeko.’” Futhi inkululeko kuxoxwa ngayo kabanzi ezincwadini ezinjengethi “I Qiniso Li Ya Ku Nikulula” nethi UkuPhila okuPhakade—ngeNkululeko yamaDodana kaNkulunkulu.
Inkululeko enikezwa nguNkulunkulu izinceku zikaJehova ezinayo akuyona nje eyenhlala-kahle nenjabulo yazo. Njengoba sifunda kweyabaseGalathiya 5:13: “Ngokuba nina-bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube-yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.” UMhlangano Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” uzosisiza ukuba siqonde injongo yenkululeko yethu, usenze sikwazi ukubambelela enkululekweni yethu eyigugu, futhi usibonise indlela yokuyisebenzisa kahle.
Umhlangano uyoqala ngoLwesihlanu ekuseni ngo-10:20 ngesimiso somculo esiyosenza sibe sesimweni sengqondo esifanele ukuze samukele ukudla okungokomoya okuyolandela. Isihloko sosuku lokuqala sithi “Ukwazi Iqiniso Elisikhululayo,” esisekelwe kuJohane 8:32. Ntambama kuyoba namazwi kasihlalo okwamukela abakhona kanye nenkulumo eyisihluthulelo ethi, “Injongo Nokusetshenziswa Kwenkululeko Esiyinikwe UNkulunkulu.” Lenkulumo iyoqokomisa umehluko phakathi kwenkululeko ephelele kaJehova nenkululeko elinganiselwe uNkulunkulu asinikeza yona. Iyosikhuthaza futhi ukuba siyisebenzise kangcono ngangokunokwenzeka inkululeko esinayo. Isimiso santambama siyoxoxa ngezici ezihlukahlukene zenkululeko yethu nenkonzo yethu futhi siyophetha ngedrama ethi, Ukukhululelwa Ukuthuthukisa Ukukhulekela Kweqiniso.
Isihloko sosuku lwesibili sithi “Ukuma Siqinile Enkululekweni Yethu Esiyinikwe UNkulunkulu, esisekelwe kweyabaseGalathiya 5:1. Isimiso sasekuseni siyoba nochungechunge olubonisa indlela ilungu ngalinye lomkhaya elingajabulela ngayo inkululeko eliyinikwe uNkulunkulu emkhayeni. Labo abalungele ukubhapathizwa bayowazisa ngokukhethekile amazwi aphathelene nendlela inkululeko efinyelelwa ngayo ngokuzinikezela nobhapathizo. Okuhlanganisiwe esimisweni santambama kuyoba yinkulumo ethakazelisayo ephathelene nokuthi umshado uyisihluthulelo senjabulo yini noma cha. Kuyoba khona nochungechunge oluphathelene nezici ezihlukene zenkululeko bese kuba inkulumo yokuphetha egxile kumMeli Oyinhloko kaNkulunkulu olungiselela inkululeko nokuphila okuphakade.
NgeSonto kunesihloko esithi “Ukusebenzisa Inkululeko Yethu Ngokuvumelana Nomoya KaNkulunkulu,” esisekelwe kweyesi-2 Korinte 3:17. Lesimiso siyoba nochungechunge oluthakazelisa kakhulu oluphathelene nomfanekiso kaJesu olotshwe kuMathewu 13:47-50, obonisa indlela oFakazi BakaJehova abangabadobi babantu ngayo. Inkulumo yeningi ntambama inesihloko esithi “Ukuhalalisela Izwe Elisha LikaNkulunkulu Lenkululeko!” Iyolandelwa isici esisha somhlangano wesigodi: ukufushaniswa kwesifundo seNqabayokulinda salelosonto. Futhi isimiso siyophetha ngokunxuswa kwethu sonke okungokomBhalo kokuba siqhubeke sithuthuka ekuyisebenziseni kahle inkululeko yethu esiyinikwe uNkulunkulu ekuziphatheni kwethu nasekufakazeni kwethu.
Nanka amazwi omhubi uDavide esiwasho kubo bonke abathandi benkululeko: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle.” (IHubo 34:8) Yenzani yonke imizamo esemandleni enu ukuba nibe khona kulomhlangano. Qikelelani ukuba nibe khona kusukela esimisweni sokuvula ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube senkulumweni yokuphetha ngeSonto ntambama. Uma niza ninesifiso sokudla okungokomoya esinempilo, nisiqaphela ngokugcwele isidingo senu esingokomoya, niyojabula ngempela! (Mathewu 5:3, NW) Futhi masingasishayi indiva lesimiso, “Ohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.” Lokhu futhi kusebenza nasendleleni esikulungiselela ngayo ngobuqotho kusengaphambili ukuba khona, nasendleleni esisilalela ngayo ngenkuthalo isimiso njengoba siqhubeka, kanye nasendleleni esiwamukela ngayo ngentshiseko amalungelo enkonzo yokuzithandela asivulekele ngokuqondene noMhlangano wethu Wesigodi “Wabathandi Benkululeko.”—2 Korinte 9:6.