Ingabe Uzomdumisa UJehova?
“NJENGALO igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo [ukudunyiswa, NW] kwakho kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” Lawa amazwi ehubo elingokwesiprofetho lamadodana kaKora. (IHubo 48:10) Namuhla, iqembu labahlabeleli elinamandla lezigidi zoFakazi BakaJehova lidumisa uNkulunkulu lenza igama lakhe laziwe ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe. Ngokwenza lokhu emazweni angu-232 naseziqhingini zolwandle nangezilimi ezingaphezu kuka-300, bafinyelela ‘emikhawulweni yomhlaba’ ngempela.
Yini lena eqhubezela abantu bezizinda ezihlukene zamasiko, zezenhlalo nezilimi ukuba badumise uJehova? Isizathu esiyinhloko siwukubonga kwabo ngolwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Iqiniso elingokomoya liye labakhulula ekukholelweni ezeni nasezinkolelweni ezingokwenkolo ezigqilazayo ezinjengokuhlushwa kwaphakade. (Johane 8:32) Futhi iqiniso libasiza ukuba bazise izimfanelo zikaNkulunkulu ezimangalisayo, ezinjengothando, amandla, ukuhlakanipha, nobulungisa bakhe obuhambisana nesihawu. Ukuqonda isenzo sikaNkulunkulu sokunikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu, njengomhlatshelo wesihlengo wesintu kushukumisela abantu abaqotho ekubeni bamdumise futhi bamkhonze uJehova.
Ngokwencwadi yeBhayibheli yesAmbulo, iqembu labahlabeleli lasezulwini liyababaza: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona futhi zadalwa.” (IsAmbulo 4:11) Ukudumisa okunjalo akubangelwa nje ukuzizwa unesibopho. Kunalokho, kubangelwa inhlonipho ejulile ngoJehova.
Dumisa UNkulunkulu Ngokumemezela Izindaba Ezinhle
Lapho umuntu edumisa uJehova, ulingisa isibonelo esivelele sikaJesu Kristu, umdumisi kaNkulunkulu oyinhloko. Ukulandela ezinyathelweni zikaJesu kuhlanganisa nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17, 23; 24:14) Lomsebenzi wokushumayela uye waba umzamo wokudumisa uJehova omkhulu kunayo yonke eyenziwa emhlabeni wonke.
Lomsebenzi wokushumayela ubaluleke kangangokuba iBhayibheli ngokucacile liwuhlanganisa nensindiso. EyabaseRoma 10:13-15 ifundeka kanje: “‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.’ Nokho, bayombiza kanjani lowo abangabekanga ukholo kuye? Bayolubeka kanjani ukholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo? Bayoshumayela kanjani ngaphandle kokuba bethunyiwe? Njengoba nje kulotshiwe: ‘Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!’”
Ngonyaka odlule uwodwa, oFakazi BakaJehova banikela ngamahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emsebenzini wokushumayela. Futhi yeka imiphumela emihle eyavela kulokhu kudunyiswa kukaNkulunkulu! Abangaba ngu-314 000 bangena eqenjini labahlabeleli abangabadumisi ngokubonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngobhapathizo lwamanzi.
Nokho, yini engashiwo ngabangu-12 288 917 ababekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu sika-1994? Phakathi kwabo kwakukhona abangaphezu kuka-7 000 000 abangakaqali ukudumisa uJehova njengabashumayeli bezindaba ezinhle. Kodwa ukuba khona kwabo kulesisenzakalo esibalulekile kungase kuphumele ekwenezelweni kwezinye izigidi eqenjini labahlabeleli abangabadumisi ekugcineni. Yini engenziwa ukuze kusizwe laba abanesithakazelo babe abadumisi bakaJehova?
Usizo Olutholakalayo
Abantu abaningi abanesithakazelo bangase babe nesifiso sokudumisa uJehova kodwa babe nomuzwa wokuthi abanakukwazi ukuhlangabezana nezimfuneko. Kuyoba kuhle ukuba bakhumbule lamazwi omhubi: “Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni; usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.” (IHubo 121:1, 2) Ngokusobala, umhubi waphakamisela amehlo akhe ezintabeni zaseJerusalema lapho ithempeli likaJehova nesihlalo sasemhlabeni sikahulumeni ongokwasezulwini kwakukhona. Ngenxa yalokhu singaphetha ngokufanele ngokuthi usizo oludingekayo ukuze kudunyiswe uNkulunkulu futhi kumenyezelwe isigijimi soMbuso luvela kuJehova nasenhlanganweni yakhe kuphela.—IHubo 3:4; Daniyeli 6:10.
Namuhla, labo abafisa ukudumisa uJehova bangalindela ukuthola usizo lothando oluvela enhlanganweni yakhe yasemhlabeni. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova banikeza usizo ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala nabantu abanesithakazelo. Lesisimiso semfundo sihlanganisa okungaphezu nje kokufunda izimfundiso zeBhayibheli. Sisiza umfundi ukuba abe nokwazisa ngalokho akufundayo nangenhlangano uJehova ayisebenzisayo.
Ngokuvumelana nalokhu, uFakazi oqhuba isifundo seBhayibheli uzama ukuqikelela ukuthi amaqiniso asanda kutholwa awagcini nje engqondweni kuphela kodwa afinyelela nenhliziyo. Futhi umfundisi akumelwe azindele ukubonisa umfundi indlela uJehova asebenzisa ngayo inhlangano yaKhe ukuze afeze injongo yaKhe emhlabeni. Incwajana engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu Emhlabeni Wonke nekhasethi ye-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name ngokuvamile kuye kwaba usizo ekufezeni lokhu.
Imihlangano yobuKristu nayo inendima ebalulekile ekusizeni abangase babe abadumisi bakaJehova. Kusukela lapho sisaqala isifundo seBhayibheli, umfundi angase amenywe ukuba abe khona emihlanganweni yobuKristu. Ngokuhamba kwesikhathi, uzofunda ukubaluleka kokuba khona njalo nokuba nengxenye kuyo yonke imihlangano yebandla. (Heberu 10:24, 25) Ababonisi banganikeza abakholwa kanye nabo nabangase babe abadumisi bakaJehova usizo oluyigugu ngokulungiselela imihlangano eyakhayo ngokomoya namaphuzu asebenzisekayo.
Siza Izingane Zidumise UJehova
Izingane ziphakathi kwabaningi abangase babe abamemezeli bezindaba ezinhle esikhathini esizayo esiseduze. Obaba ikakhulukazi banomthwalo wemfanelo osekelwe eBhayibhelini wokukhulisa izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Lapho ziqeqeshwe ngendlela efanele abazali abesaba uNkulunkulu, ngisho nezingane ezincane zingaba nesifiso sokudumisa uJehova.
Enye intombazanyana e-Argentina yaya ngokuphindaphindiwe kubadala bebandla izinyanga eziningana, icela usizo lwabo ukuze ikwazi ukufanelekela ukuba ummemezeli woMbuso. Ngokuhamba kwesikhathi, abazali bayo nabadala bavumelana ngokuyidedela ukuba ibe ummemezeli ongabhapathiziwe. Kakade isibeka isigijimi soMbuso ngokuphumelelayo ezindlini. Ngisho nakuba lentombazanyana ineminyaka emihlanu nje kuphela ubudala futhi ingakwazi ukufunda, iye yabamba ngekhanda izindawo eminye imibhalo yeBhayibheli etholakala kuzo. Ngemva kokuthola umbhalo, icela umninikhaya ukuba awufunde, bese inikeza incazelo.
Kuyacaca ukuthi kokubili abadala nabazali bangafeza okuningi okuhle ngokukhuthaza nokusiza labo abathuthukela ekubeni abadumisi bakaJehova.—IzAga 3:27.
Ubuhlobo Baphakade NoJehova
Nokho, kuthiwani uma wena ngokwakho ubuhlanganyela noFakazi BakaJehova isikhathi esithile kodwa ungakahlanganyeli nabo emsebenzini wabo wokushumayela? Kungase kube nenzuzo ukuzibuza lemibuzo elandelayo, ‘Ingabe ngiyakholelwa ukuthi ngilitholile iqiniso nokuthi uJehova uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso? Ingabe ngiyaqiniseka ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi lezinkinga zesintu? Ingabe sengiyishiyile inkolo yamanga nawo wonke amasiko nemikhuba yezwe ecasula uJehova? Ingabe nginalo uthando olujulile ngoNkulunkulu nangezimfuneko zakhe zokulunga?’ (IHubo 97:10) Uma ungaphendula ngokwethembeka ngokuthi yebo kulemibuzo, yini ekuvimbela ukuba udumise uJehova?—Qhathanisa nezEnzo 8:36.
Ukudumisa uJehova kuhilela okungaphezu kokushumayela izindaba ezinhle. Uma uye wangenisa ulwazi oluqondile, unokholo lweqiniso, futhi uvumelanisa ukuphila kwakho nezimfuneko zaphezulu, udinga ukuqinisa ubuhlobo bakho bomuntu siqu noNkulunkulu. Kanjani? Ngokuzinikezela kuye ngomthandazo bese ubonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi. Lena indaba yokuphila okuphakade. Ngakho, thatha isinyathelo manje ngokuvumelana neseluleko sikaJesu: “Ngenani ngesango eluwumngcingo; ngoba ubanzi futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngawo; kanti liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni, futhi bambalwa abawutholayo.”—Mathewu 7:13, 14.
Njengoba isimiso sezinto samanje sisondela ekupheleni kwaso okuyinhlekelele, lesi akusona isikhathi sokunqikaza. Thatha izinyathelo ezisheshayo ezibheke ebuhlotsheni baphakade noJehova. Ngempela, manje isikhathi sokuphendula lombuzo ngoyebo, Ingabe uzomdumisa uJehova?