Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 3/15 k. 31
  • UJehova Uzowusindisa Umhlaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uzowusindisa Umhlaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 3/15 k. 31

UJehova Uzowusindisa Umhlaba

ISIKHUMULO sezindiza esisesiqhingini saseMaldive siyavalwa amahora athile usuku ngalunye. Ngani? Ngoba lapho ugu lolwandle luphakeme, izikhukhula zamanzi zigcwala emgwaqweni wezindiza, zikwenze kube yingozi ukuba izindiza zihlale. Abanye ososayensi bakhathazeke ngokuthi eziqhingini zaseMaldive ugu lolwandle lungase luphakame ngemitha ekhulwini leminyaka elilandelayo. Nakuba lokhu kubonakala sengathi isilinganiso esingasho lutho, ukuphakama okungako kungaqothula izizwe eziyisikhombisa zaseziqhingini. Eqinisweni, ngokwe-UN Chronicle, ukuphakama ngamamitha amabili kungangcwaba cishe lonke leloqoqo leziqhingi, iziqhingi ezingaba ngu-1 200!

Iyini imbangela yalolugu lolwandle oluphakamayo? Ngokwe-UN Environment Program, ukungcoliswa komoya osemkhathini womhlaba yimimoya ebangela ukufudumala kubangela ukuba izilwandle zasezindaweni ezifudumele zande, kuncibilike iziqongo zeqhwa nezinguzunga zalo ezihambayo, bese izingu zezilwandle ziyaphakama. I-Panos Institute eseLondon ithi ukungcola “kungenzeka kuye kwaqala inhlekelele ehamba kancane ehlanganisa imbulunga yonke eshintsha yona kanye imingcele yezwe neyolwandle.”

Ukuthi ukufudumala kwembulunga kukhona yini ososayensi basaphikisana ngakho. Nokho, singaqiniseka ukuthi izinkinga zendawo ezungezile azinakuyivimbela injongo kaNkulunkulu. “Izwe lihlala liqinile,” kusho iBhayibheli. “Alinakushukunyiswa.” (1 IziKronike 16:30) UJehova ulawula indawo ezungezile esemhlabeni, futhi singajabula ngokuthi ngokushesha uzosindisa kokubili umhlaba nesintu ekubhubheni.—IHubo 24:1, 2; 135:6; 2 Petru 3:13.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

Drawing based on NASA photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela