OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—INigeria
INIGERIA isekhoneni elisesisekelweni sesiqongo sasentshonalanga ye-Afrika. Njengoba itholakala kuyiGulf of Guinea, isenyakatho nje yenkabazwe futhi inezakhamuzi ezingaphezu kwezigidi ezingu-88.a
Phakathi neminyaka yenkonzo emibili edlule, ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society laseNigeria liye lanikeza abasha ukunakekela okukhethekile. Ukuhlola okwenziwa emabandleni oFakazi BakaJehova kwabonisa ukuthi amaphesenti angu-80 alabo abaqala ukushumayela izindaba ezinhle eNigeria phakathi no-1992 ayephakathi kweminyaka eyishumi nengu-20 ubudala. Kulabo ababhapathizwa phakathi nonyaka, abangamaphesenti angu-63 babengabeqembu lobudala elifanayo.
Intsha Iphishekela Ukuphayona
Intsha eningi ingenela umsebenzi wokushumayela wesikhathi esigcwele njengamaphayona. Iphayona okuthiwa uHannah lithi: “Lapho sengizoqeda esikoleni, ngavakashela labo ababeseSikoleni SeNkonzo Samaphayona, lapho ngahlangana khona nodade ababili asebekhulile. Ngacabanga, ‘Uma labo ababili bengaphayona, kungani mina ngingenakuphayona?’
“Ngakho lapho ngiqeda esikoleni, ngaba iphayona. Ngemva kwezinyanga ezintathu ngahlangana noJosephine oneminyaka engu-26 ubudala, umkhulekeli we-juju. Wathi: ‘Nina boFakazi BakaJehova ningabantu ababi. Aniwugubhi uKhisimusi noma nisebenzise izintelezi.’ Ngaphendula ngokuthi uma engangivumela ngitadishe naye iBhayibheli, angafunda ukuthi kungani singazenzi lezozinto. Wangimema ukuba ngibuye. Ngokushesha waqala ukuya emihlanganweni, futhi wenza izinguquko eziningi ekuphileni kwakhe. Ngo-December 1990 wabhapathizwa. Kusukela ngo-August 1991, uJosephine ubeyiphayona. Lapho eba khona eSikoleni SeNkonzo Samaphayona ngonyaka odlule, wangethula kwayefunda nabo ekilasini njengomama wakhe ongokomoya!”
I-Video NeHholo LoMbuso
Enye yama-video eNhlangano yasiza ibandla elincane ukuba lithole indawo yokwakha iHholo LoMbuso. Lapho befuna ukuthenga indawo, abazalwane abane baya kuyi-Onojie, induna yendawo. Yabanika isiza esibiza ama-naira angu-20 000 (R3 500). Lelibandla lalingenakukwazi ukukhokha imali engako, njengoba lalinabamemezeli abangu-17 kuphela bokunakekela izindleko zalesisakhiwo. I-Onojie yathi yayizocabanga ngesinye isiza.
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, omunye wabadala bebandla wavakashela emzini wale-Onojie. Le-Onojie yayibukela i-video yokumiswa kwayo kulesisikhundla. Lomdala wathi: “Ngine-video engingathanda ukuba uyibukele. Ibizwa ngokuthi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.”
Kamuva, lomdala wabuza le-Onojie ukuthi yayicabangani ngale-video. “Ngilibukele izikhathi ezinhlanu lelifilimu,” kusho le-Onojie. Umdala wakhumbuza le-Onojie ngamaHholo OMbuso eyayiwabone kule-video futhi wachaza ukuthi ibandla lendawo lalifuna ukwakha okuthile okufana nawo. Lomdala wabe esebuza ukuthi ibandla lingakwazi yini ukuthenga indawo eseduze nesiza esincane kakade elinaso. Le-Onojie yaphendula: “Ngemva kokubukela le-video izolo ebusuku, ngicabange ngento efanayo.” Khona-ke, yalinganisa amamitha ayisithupha endawo eduze kwesiza sebandla. “Ningayisebenzisa lena,” isho. “Ningathatha ubude bendawo eniyidingayo. Lungisani izincwadi zenu, futhi ngizozisayina.”
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994.
[Ibhokisi ekhasini 9]
UMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1993
INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 174 582
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-507
INANI LABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 473 245
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 19 777
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 242 028
INANI LABABHAPATHIZWA: 8 888
INANI LAMABANDLA: 3 289
IHHOVISI LEGATSHA: BENIN CITY, EDO STATE