Hubelani UJehova Izindumiso
“Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu.”—EKSODUSI 15:1.
1. Yiziphi izici nezimfanelo zikaJehova ezisinikeza isizathu sokumdumisa?
IZIKHATHI ezingu-13 iHubo 150 linikeza umyalo wokudumisa uJehova noma uJah. Ivesi lokugcina liyamemezela: “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!” NjengoFakazi BakaJehova, siyazi ukuthi uJehova ukufanele ukuba simdumise. UnguMbusi Wendawo Yonke, oPhezukonke, iNkosi yaphakade, uMdali wethu, uMuphi wethu. Akanakulinganiswa, uyingqayizivele, akanakuqhathaniswa, akanakufaniswa ngezindlela eziningi. Unokuqonda konke, namandla onke, uphelele ngobulungisa, futhi uwukwenziwa samuntu kothando. Muhle kunabo bonke; uthembekile. (Luka 18:19; IsAmbulo 15:3, 4) Ingabe ukufanele ukuba simdumise? Ngokuqinisekile!
2. Sinaziphi izizathu zokubonisa ukubonga kuJehova?
2 UJehova akafanelwe nje kuphela ukuba simkhulekele futhi simdumise kodwa nokuba simazise futhi simbonge ngakho konke aye wasenzela khona. UnguMuphi ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo.’ (Jakobe 1:17) UnguMthombo wakho konke ukuphila. (IHubo 36:9) Zonke izinto esizijabulelayo njengamalungu ohlanga lwesintu zivela kuye, ngoba unguMdali wethu Omkhulu. (Isaya 42:5) Futhi unguMuphi wazo zonke izibusiso ezingokomoya eziza kithi ngomoya wakhe, inhlangano yakhe, nangeZwi lakhe. Sinokuthethelelwa kwezono ngoba walungiselela iNdodana yakhe ukuba ibe isihlengo sethu. (Johane 3:16) Sinethemba loMbuso ‘lamazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.’ (2 Petru 3:13) Sinobudlelwane obuhle namaKristu esikanye nawo. (Roma 1:11, 12) Sinodumo nezibusiso zokuba ngoFakazi bakhe. (Isaya 43:10-12) Futhi sinelungelo eliyigugu lomthandazo. (Mathewu 6:9-13) Ngempela, sinezizathu eziningi zokubonga uJehova!
Izindlela Esingadumisa Ngazo UJehova
3. Kungaziphi izindlela ezihlukahlukene esingadumisa ngazo uJehova futhi sibonise ukubonga kwethu kuye?
3 Thina njengezinceku zikaJehova ezizinikele, singamdumisa futhi sikubonise kanjani ukubonga kwethu? Singenza kanjalo ngokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu—ukufakaza endlini ngendlu, ukwenza izimpindelo, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, nangokuhlanganyela ekufakazeni kwasemgwaqweni. Singamdumisa futhi ngokufakaza ngokwethukela noma nini lapho ithuba livela. Kanti-ke futhi, singadumisa uJehova ngokuziphatha kwethu okuqotho, ngisho nangendlela ehlanzekile nenesizotha esigqoka futhi sizilungise ngayo. OFakazi BakaJehova baye banconywa izikhathi eziningi ngokuba isibonelo kulezici. Ngaphezu kwalokho, singadumisa uJehova futhi simbonge ngomthandazo.—Bheka eyoku-1 IziKronike 29:10-13.
4. Iyiphi enye yezindlela ezinhle kakhulu esingadumisa ngayo uBaba wethu wasezulwini onothando?
4 Ngaphandle kwalokho, enye yezindlela ezinhle kakhulu esingadumisa ngayo uBaba wethu wasezulwini onothando ingokukhazimulisa yena nezimfanelo zakhe ezinhle ngezingoma zoMbuso ezimtoti. Abaculi nabaqambi bezingoma abaningi bayavuma ukuthi ithuluzi elihle kakhulu lomculo iphimbo lomuntu. Izingcweti zomculo we-classic zalangazelela ukubhala imidlalo ehambisana nezikhawu zokuhlabelela ngenxa yokuthi kwanelisa kakhulu ukulalela iphimbo lomuntu lihlabelela.
5. Kungaziphi izizathu kufanele sithathe ukuhlabelela kwethu izingoma zoMbuso ngokungathi sína?
5 Yeka ukuthi kumelwe ukuba uJehova ukujabulela kanjani ukulalela ukuhlabelela kwabantu, ikakhulukazi lapho behlabelela izingoma zokudumisa nokubonga! Ngokuqinisekile-ke, kufanele sikuthathe ngokungathi sína ukuhlabelela kwethu izingoma zoMbuso emibuthanweni yethu ehlukahlukene—emihlanganweni yebandla, yesifunda, yosuku olukhethekile, yesigodi, neyezizwe. Iculo lethu ligcwele izingoma ezimtoti ezijabulisa ngempela, ezibuhle bazo buye babatshazwa izikhathi eziningi abantu bezwe. Lapho singena ngokujulile emoyeni wokuhlabelela izingoma zoMbuso, yilapho sibajabulisa kakhulu khona abanye futhi sizizuzise ngokwethu.
Ukuhubela UJehova Izindumiso Ezikhathini ZeBhayibheli
6. Ama-Israyeli akubonisa kanjani ukwazisa ngokukhululwa kwawo oLwandle Olubomvu?
6 IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi uMose kanye nawo wonke ama-Israyeli bahlabelela bezwakalisa ukunqoba lapho bekhululwa emabuthweni kaFaro oLwandle Olubomvu. Ingoma yabo yaqala ngalamazwi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihashi nenkweli yalo ukuphonsé elwandle. UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba-yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa.” (Eksodusi 15:1, 2) Singacabanga ngentshiseko nenjabulo yama-Israyeli njengoba ayehlabelela lawomazwi ngemva kokukhululwa kwawo okuyisimangaliso!
7. Yiziphi ezinye izenzakalo eziphawulekayo lapho ama-Israyeli adumisa khona uJehova ngokuhlabelela ezilandiswa imiBhalo YesiHeberu?
7 Kweyoku-1 IziKronike 16:1, 4-36, sifunda ukuthi uJehova wadunyiswa ngokuhlabelela nangokudlalwa kwezinsimbi zomculo lapho uDavide eletha uMphongolo eJerusalema. Leso kwakuyisenzakalo esijabulisa ngempela. Kwakukhona nokuhubela uJehova izindumiso okwakuhambisana nomculo wezinsimbi ngesikhathi iNkosi uSolomoni inikezela ithempeli eJerusalema. Kweyesi-2 IziKronike 5:13, 14 siyafunda: “Nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona lendlu kaJehova, baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.” Kubonisani lokhu? Kubonisa ukuthi uJehova wayekulalele lokhu kudumisa okumtoti futhi kumjabulisa, njengoba kwaboniswa ifu eliyisimangaliso. Kamuva, kwahlabelela amakwaya amabili ngesikhathi sokunikezelwa kwezindonga zaseJerusalema ezinsukwini zikaNehemiya.—Nehemiya 12:27-42.
8. Yini ebonisa ukuthi ama-Israyeli ayekuthatha ngokungathi sína ukuhlabelela?
8 Eqinisweni, ukuhlabelela kwakuyingxenye ebalulekile yokukhulekela ethempelini kangangokuba amaLevi angu-4 000 ahlukaniselwa inkonzo yokushaya izinsimbi zomculo. (1 IziKronike 23:4, 5) Laba babezohambisana nabahlabeleli. Umculo, ikakhulukazi abahlabeleli, wawunendawo ebalulekile ekukhulekeleni, hhayi nje eyokugxilisa izindaba ezinesisindo zoMthetho, kodwa ukwenza abantu babe semoyeni ofanele wokukhulekela. Wawusiza ama-Israyeli ukuba akhulekele uJehova ngentshiseko. Phawula ukulungiselela nokucophelela imininingwane okwakwenziwa kulesici: “Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.” (1 IziKronike 25:7) Phawula ukuthi babekuthatha ngokungathi sína kangakanani ukuhubela uJehova izindumiso. Babeqeqeshiwe ekuhlabeleleni futhi beyizingcweti!
9. Ukuhlabelela kugcizelelwa kanjani emiBhalweni YamaKristu YesiGreki?
9 Uma sibheka ekhulwini lokuqala lesikhathi sethu esivamile, sitholani? Nakuba ayecabanga izindaba eziningi kangako ngobusuku bokukhashelwa kwakhe, uJesu wayesasizwa isidingo sokuphetha ukugubha kwakhe iPhasika nokumisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe ngokuhubela uJehova izindumiso. (Mathewu 26:30) Futhi, sifunda ukuthi “phakathi kobusuku,” uPawulu noSila, ngemva kokushaywa nokuboshwa, ‘babekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.’—IzEnzo 16:25.
Ukuhuba Izindumiso—Ingxenye Ebalulekile Yokukhulekela Kwethu
10. IZwi likaNkulunkulu linikeza miphi imiyalo ngokuphathelene nokumdumisa ngengoma?
10 Ingabe mhlawumbe unomuzwa wokuthi ukuhlabelela izingoma zoMbuso akubalulekile ngokwanele kuwe ukuba ukunikeze ukunakekela okusuka enhliziyweni? Uma kunjalo, akufanele yini uphinde uhlaziye lendaba, ucabangela indlela uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abakubheka njengokubaluleke ngayo ukuhuba izindumiso? Phela, iZwi likaNkulunkulu ligcwele imiyalo yokudumisa uJehova nokumhubela izindumiso! Ngokwesibonelo, ku-Isaya 42:10, siyafunda: “Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina-ziqhingi nabakhileyo kuzo.”—Bheka futhi iHubo 96:1; 98:1.
11. Isiphi isiyalo umphostoli uPawulu asinikeza ngokuphathelene nokuhlabelela?
11 Umphostoli uPawulu wayazi ukuthi ukuhlabelela kungasijabulisa, ngakho wasiyala kabili ngalendaba. Kweyabase-Efesu 5:18, 19, siyafunda: “Nigcwaliswe ngoMoya, niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu.” NakweyabaseKolose 3:16, siyafunda: “Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.”
12. Yiziphi izibonelo esinazo zezingoma zethu ezisisiza ukuba sifundisane futhi siyalane?
12 Phawula ukuthi isikhathi ngasinye uPawulu ubhekisela ngokuphindaphindiwe ekuhlabeleleni, lapho ekhuluma ‘ngamahubo, izihlabelelo, amaculo okomoya, ukuhlabelela ezinhliziyweni zenu.’ Futhi wandulelisa amazwi akhe aqondiswe kwabaseKolose ngokuthi ngalokhu singaba ‘abafundisanayo nabayalanayo.’ Futhi lokho siyakwenza ngempela, njengoba kungase kubonakale ngazo kanye izihloko zezingoma zethu—“Ndalo Yonke, Dumisa UJehova!” (ingoma 5), “Yibani Abagxilile, Abangaxegiyo!” (ingoma 10), “Jabulani Ngethemba LoMbuso!” (ingoma 16), “Ningabesabi!” (ingoma 27), “Dumisani UJehova UNkulunkulu Wethu!” (ingoma 100), uma sinikeza izibonelo ezimbalwa nje.
13. ‘Inceku ethembekileyo neqondayo’ iye yakubonisa kanjani ukubaluleka kokuhlabelela njengengxenye yokukhulekela kwethu?
13 Ngokuvumelana nalemiyalo, ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ iye yalungiselela ukuba imibuthano yethu—imihlangano yebandla, yesifunda, yosuku olukhethekile, yesigodi, neyezizwe—iqale futhi iphethe ngokuhlatshelelwa kwezingoma zoMbuso. (Mathewu 24:45) Ngaphezu kwalokho, kuhlelwa ukuba izingoma zihlatshelelwe ngezinye izikhathi phakathi nalemibuthano. Njengoba imihlangano yethu ngokuvamile iqala ngokuhlatshelelwa kwengoma yoMbuso, akufanele yini siqikelele ukufika ngesikhathi, lapho kusenesikhathi ngokwanele ukuze sihlanganyele kuleyongxenye yokukhulekela kwethu? Futhi njengoba lemihlangano iphetha ngokuhlabelela, akufanele yini silinde kuze kube yingoma nomthandazo wokuphetha olandela ngemva nje kwayo?
14. Yiziphi izibonelo esinazo zezingoma ezifanelekayo ezikhethelwa ukusetshenziswa ezimisweni zethu?
14 Emihlanganweni yethu izingoma zikhethwa ngokucophelela ukuze zihambisane nesimiso. Ngokwesibonelo, eMihlanganweni Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu’ ka-1993, ingoma 191 ethi, “Yenza Iqiniso Libe Ngelakho,” ekhuthaza amaKristu ukuba alwisane noSathane, izwe, nenyama ebuthaka, yalandela emva nje kwezinkulumo ezintathu ezaziphathelene nalezizitha. Ngokufanayo, ingoma 164 ethi, “Abantwana Izipho Eziyigugu Ezivela KuNkulunkulu,” enesiyalo esiya kubazali, yalandela ngemva nje kwenkulumo eyayiqokomisa isibopho sabazali sokuqeqesha izingane zabo. Ingoma 70 ethi, “Yiba NjengoJeremiya,” yandulela uchungechunge lwezinkulumo ezisekelwe eziprofethweni zikaJeremiya. Futhi ngemva kochungechunge olwalukhuluma ngezici ezihlukahlukene zenkonzo yethu yoMbuso kwalandela ingoma 156 ethi, “Ngiyathanda,” ingoma ehlobene kakhulu nenkonzo. Kwenziwa ukucophelela okufanayo lapho kukhethwa izingoma zeSifundo Se-Nqabayokulinda, uMhlangano WeNkonzo, neSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Kungokufanayo nalapho abadala benikeza izinkulumo zeningi futhi bebonisa ingoma okumelwe isetshenziswe ekuqaliseni isimiso, kufanele bakhethe ingoma efanelana nesihloko senkulumo yabo.
15. Usihlalo womhlangano angakukhulisa kanjani ukwazisa ngengoma ezoculwa?
15 Lapho ememezela ingoma okumelwe ihlatshelelwe, usihlalo angase akhulise ukwazisa ngengoma ngokusho isihloko sayo. Asihlabeleli izinombolo kodwa imiqondo engokomBhalo. Futhi kuyosiza ibandla ukuba lazise ingoma ngokwengeziwe uma kuphawulwa umbhalo ongaphansi kwesihloko. Kanti-ke futhi, ukukhulumela okufushane okunjengokuthi bonke kufanele babe semoyeni wengoma kungase kube okufanelekile.
Bonisa Ukwazisa Ubuhle BukaJehova Ngokuhlabelela
16. Singaba kanjani semoyeni wezingoma zethu?
16 Njengoba amagama ezingoma zethu zoMbuso esho okuthile, kudingeka sigxilise ingqondo kuwo njengoba siwahlabelela. Sifuna ukuba semoyeni wengoma ngayinye. Ezinye, njengalezo ezikhuluma ngothando, isithelo somoya, zithinta inhliziyo. (Galathiya 5:22) Lezi sizihlabelela ngamandla nangemfudumalo. Ezinye ziyajabulisa, futhi kufanele sizame ukuzihlabelela ngenjabulo. Kanti ezinye ziyizingoma zokunqoba ezinamandla, futhi lezi kufanele zihlatshelelwe ngentshiseko nangokuqiniseka okunamandla. ESikoleni sethu SeNkonzo EsingokwaseZulwini, selulekwa ukuba sibonise imfudumalo nomuzwa kanye nentshiseko ezinkulumweni zethu. Ukubonisa imfudumalo, umuzwa, nentshiseko lapho sihlabelela izingoma zethu kubaluleke ngisho nangaphezulu.
17. (a) Ikuphi ukulahlwa okwatholwa ama-Israyeli angathembekile ebesingenakuthanda ukukuthola ngenxa yokuhlabelela kwethu? (b) Uba yini umphumela lapho sisithatha ngokungathi sína isiyalo esiqukethwe ezingomeni zethu?
17 Uma sizohlabelela izingoma zethu zoMbuso izingqondo zethu zikwezinye izinto, singakwazisi ngokugcwele lokho okushiwo amagama, besingeke yini ngandlela-thile sifane nama-Israyeli angathembekile asolwa ngenxa yokuthi, nakuba ayedumisa uNkulunkulu ngezindebe zawo, izinhliziyo zawo zazidediselwe kude naye? (Mathewu 15:8) Asifuni ukuthola ukulahlwa okunjalo ngenxa yendlela esihlabelela ngayo izingoma zoMbuso, akunjalo? Ngokubonisa ukwazisa ngendlela esihlabelela ngayo izingoma zethu zoMbuso, ngeke kukhuthazeke thina sodwa kodwa nalabo abaseduze kwethu kuhlanganise nabasha. Yebo, uma bonke abahlabelela emaHholo ethu oMbuso besithatha ngokungathi sína isiyalo lezingoma ezisiqukethe, lokhu kuyoba isikhuthazo esinamandla sokushiseka enkonzweni nokugwema izingibe zokwenza okungalungile.
18. Ukuhlatshelelwa kwezingoma zoMbuso kwaba namuphi umphumela kowesifazane othile?
18 Ngokuphindaphindiwe, abantu bezwe bahlatshwa umxhwele ukuhlabelela kwethu izingoma zoMbuso. INqabayokulinda yake yakhipha lokhu kwaziswa: “Ukuthi ukuhlabelela [kwethu] kungenza abantu bamazi uJehova uNkulunkulu kwaboniswa okuhlangenwe nakho kowesifazane owabhapathizwa eMhlanganweni ‘Wokunqoba Kwaphezulu,’ ka-1973 eYankee Stadium, edolobheni laseNew York. Wayevakashele eHholo LoMbuso lakuleyondawo ngokokuqala ngqá ehamba yedwa, wahlala yaze yaphela yomibili imihlangano. Njengoba ibandla lalihlabelela . . . ethi, ‘Gcina Amehlo Akho Emvuzweni!,’ wahlatshwa umxhwele kakhulu kokubili ngamazwi nayindlela ayehlatshelelwa ngayo kangangokuthi wanquma ukuthi lapha yilapho ayefuna ukuba-khona. Ngemva kwalokho wakhuluma nomunye woFakazi futhi wacela isifundo seBhayibheli, futhi [lowesifazane] wathuthuka waze waba ufakazi kaJehova ongumKristu.”
19. Yisiphi isikhuthazo sokugcina esinikezwayo ngokuphathelene nokuhlabelela izingoma zethu zoMbuso ngenhliziyo yonke?
19 Emihlanganweni yethu eminingi, izilaleli zinamathuba ambalwa ngokuqhathaniswa okuveza imizwa nokwazisa kwazo. Kodwa sonke singayiveza indlela esizizwa ngayo ngobuhle bukaJehova ngokuhlanganyela ngenhliziyo yonke ekuculweni kwezingoma zoMbuso. Ngaphandle kwalokho, asijabuli yini lapho sihlangana ndawonye? Ngakho kufanele sizizwe sikushisekela ukucula! (Jakobe 5:13) Ngempela, ngokwezinga esibazisa ngalo ubuhle bukaJehova nomusa wakhe ongasifanele, siyomhubela izindumiso ngomphefumulo wonke.
Uphendula Kanjani?
◻ Yiziphi izizathu ezimbili eziyisisekelo zokudumisa uJehova?
◻ Iziphi izindlela ezihlukahlukene esingadumisa ngazo uJehova?
◻ Iyiphi enye yezindlela ezinhle kakhulu esingadumisa ngayo uJehova?
◻ Sinaziphi izibonelo ezingokomBhalo zokudumisa uJehova ngengoma?
◻ Singakubonisa kanjani ukwazisa ngendlela esihlabelela ngayo izingoma zoMbuso?
[Ibhokisi ekhasini 11]
Jabulelani Lezozingoma!
Kubonakala sengathi abanye baye baba nobunzinyana ekufundeni ezinye zezingoma ezintsha. Nokho, amanye amabandla awazange abe nenkinga enkulu yokuhlabelela noma iyiphi yalezingoma. Mhlawumbe kungase kudingeke nje umzamo omkhudlwana wokufunda lokho ekuqaleni okubonakala kungajwayelekile. Lapho selizijwayele izingoma ezinjalo, ngokuvamile ibandla lizazisa ngaphezu kwalezo okwakungadingeki mzamo ukuba lizifunde. Khona-ke bonke ebandleni bangazihlabelela ngokuqiniseka. Yebo, bangazijabulela lezozingoma!
[Ibhokisi ekhasini 12]
Hlabelelani Izingoma ZoMbuso Emibuthanweni Yokuzijabulisa
Ukuhlabelela kwethu izingoma zoMbuso akudingekile ukuba kugcine eHholo LoMbuso. UPawulu noSila bahubela uJehova izindumiso lapho besejele. (IzEnzo 16:25) Umfundi uJakobe wathi: “Kukhona owenamileyo na? Makahubele uNkulunkulu izindumiso.” (Jakobe 5:13, umbhalo waphansi we-NW) Emibuthanweni yokuzijabulisa wonke umuntu uyajabula. Ngakho kungani ningahlabeleli izingoma zoMbuso? Lokhu kungaba okujabulisayo ikakhulukazi lapho ukuhlabelela kuhambisana nepiyano noma isiginci. Ngaphandle kwalokho, kunamakhasethi anomculo wepiyano ezingoma zethu zoMbuso; imikhaya eminingi yoFakazi ine-albhamu yalamakhasethi. Akuwona nje awokuhambisana nokuhlabelela kuphela kodwa futhi angaba umculo omnandi odlalwa ngesikhathi kwenziwa okunye.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Ngemva kokukhululwa kwakhe oLwandle Olubomvu, u-Israyeli wabonisa injabulo yakhe ngengoma
[Isithombe ekhasini 10]
Ingoma yenjabulo iyingxenye yokukhulekela kobuKristu namuhla