Ingabe Kunendaba Ukuthi Ukhulekela Kanjani?
IDOLOBHA elincane labaNsundu liyachocha elangeni lasemini. Esigodini esiseduze kuzwakala ukukhala okunamandla kwezigubhu, ukuhlabelela, nokushaywa kwezandla okunenjabulo. Kodwa lona akuwona umbuthano kawonk’ uwonke. Ukukhulekela kwabaNsundu okuyisiko. Nokho, lemisindo isina idedelana namazwi aklabalasayo avela kwelinye isonto labaphulukisa ngomoya. Lapho abakhulekeli “baphulukisa” ngokuyisimangaliso futhi bakhulume ngezilimi. Kolunye uhlangothi lwedolobha kunolunye futhi uhlobo lokukhulekela. Iphimbo elimpompolozayo lommemezeli wamahora okuthandaza libiza abanye abakhulekeli abangamaSulumane ukuba bazothandaza.
Yebo, ukuzinikela enkolweni ngezindlela ezihlukahlukene kungabonakala emadolobheni amaningi abaNsundu. Ezizukulwaneni eziningi abaNsundu babeneliswa ukulandela awabo amasiko enkolo. Kodwa kwabe sekufika izithunywa zevangeli zeLobukholwa, zilandela ezithendeni zamabutho ezizwe ezihlukahlukene zabamhlophe, zizama ngonya ukushintsha wonke umuntu ukuba abe “umKristu”—kuhlanganise nokushintsha amagama abo.
Waba yini umphumela? Kwaba nohlobo lwenkolo oluxube izinkolelo nemikhuba yamasiko abaNsundu kanye nezinkolelo ezingokwenkolo ezivela kwamanye amazwe. Kuze kube namuhla abakhulekeli abaningi “abangamaKristu” basebenzisa izintelezi nezigqizo ezingokwesiko. Noma kunjalo, izithunywa zevangeli zeLobukholwa zabumelela kabi kakhulu ubuKristu beqiniso, futhi zabenza bazondeka. Ngezinga elikhulu, yizo ezinecala ngesimo abanye abaNsundu abanaso namuhla sokungafuni ukwamukela iBhayibheli.
Nakuba kunjalo, izinhlobo eziningi “zobuKristu” zisaqhutshwa kabanzi. Eminyakeni yamuva amaqembu enkolo aphulukisa ngomoya aye athandwa ngokukhethekile; amasonto aphilisayo aye achuma. Omunye umlobeli wephephandaba wachaza ukukhanga kwalamasonto ngokuphawula ukuthi ‘indlela abaNsundu ababheka ngayo inkolo ngokuvamile iwukuthi batholani kuyo. Engqondweni yomuntu oNsundu, inkolo kumelwe ikwazi ukunikeza ukwaneliseka okuqondile kwezinto ezibonakalayo ekuphileni kwabantu. Ngakho-ke, kumuntu oNsundu okholelwa ukuthi abantu abasebenzelana nemimoya bayadingeka cishe kunoma yini, inqubo yamasonto omoya [noma aphilisayo] iyavumelana nezidingo zendlela yakhe yokuphila.’ Nokho, ngokudabukisayo amasonto amaningi aphulukisa ngomoya ngokusobala aye asungulwa njengamabhizinisi okwenza imali.
Namuhla, kunamahlelo enkolo angaphezu kuka-6 000 e-Afrika. Mhlawumbe nawe ube nawo umuzwa wokuthi zonke lezinkolo namahlelo anesihluthulelo sensindiso. Kodwa umbuzo wangempela uwukuthi, uNkulunkulu uzizwa kanjani?
Ingabe Noma Iyiphi Inkolo Ingamjabulisa UNkulunkulu?
Ngokuqinisekile, uMdali wendawo yonke ubengeke asishiye sidukuza oswini mayelana nalendaba. (Amose 3:7; IzEnzo 17:26, 27) Futhi kunobufakazi obuningi bokuthi isiqondiso singatholakala eBhayibhelini. Cha, iBhayibheli aliyona incwadi yabelungu, njengoba abanye besho. Eqinisweni, akekho umuntu—emnyama noma emhlophe—ongadunyiswa ngayo. “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu,” kusho eyesi-2 Thimothewu 3:16. Izimfundiso zeBhayibheli eziyiqiniso, ezicacile, ubudala balo, ukusinda kwalo ekuhlaselweni okunonya, iziprofetho zalo ezinembile nokusakazwa kwalo emhlabeni okungenakulinganiswa—lokhu kuwubufakazi obusobala bokulotshwa kwalo okungokwaphezulu.
Leyoncwadi isifundisani? Okokuqala, isitshela ukuthi ‘kunoNkulunkulu weqiniso’ oyedwa kuphela. (Johane 17:3) Uma kunjalo, iqiniso lingaba khona kanjani kuzo zonke izinkolo? Ingabe amaqembu enkolo awaphikisani wodwa uma kuziwa kukho kanye ukuthi uNkulunkulu ungubani nokuthi uwuhlobo olunjani lomuntu? Umlobi weBhayibheli uJakobe wakhuluma “ngenkolo emsulwa neyeqiniso.” (Jakobe 1:27, Today’s English Version) Uma sikhona isidingo sokuyikhomba inkolo yeqiniso, kumelwe ibe khona nenkolo yamanga. Lokho kungaphikisana nombono wokuthi zonke izinkolo zimane nje ziyizindlela ezihlukahlukene zokuya kuNkulunkulu.
Izindinganiso ZoMdali Zokukhulekela
Iyiphi indlela efanele yokukhulekela uNkulunkulu? IBhayibheli lisifundisa ukuthi ukukhulekela kweqiniso kugxile olwazini oluqondile. Umprofethi omkhulu uJesu Kristu wake watshela owesifazane ongumSamariya: “Nina nikhuleka kweningakwaziyo.” (Johane 4:22) Ingabe lokhu kungaba yiqiniso nangawe? Ingabe wafundiswa ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke unegama lakhe siqu, elithi Jehova? (IHubo 83:18) Uyazi yini ukuthi ziyini izinjongo zakhe ngokuphathelene nomuntu nomhlaba? (Mathewu 6:9, 10; Efesu 1:9, 10; 3:11) Ingabe inkolo yakho ikunikeza ithemba langempela lekusasa elingcono? Futhi uma ucabanga ukuthi ungumKristu, ungazichaza yini izinkolelo zakho ngokusekelwe emiBhalweni, noma zamane nje zadluliselwa kuwe ungazinikanga isikhathi sokuzihlolisisa?
Uma uthola ukuthi untula ulwazi oluqondile, ungaluthola ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. UJehova uNkulunkulu ulindele ukuba izikhonzi zakhe zeqiniso zijwayelane nalokho leNcwadi eNgcwele ekufundisayo. Ngaphezu kwalokho, ulindele ukuba zikusebenzise ekuphileni kwazo. Isimo sethu sengqondo kumelwe sifane nesomhubi owathi: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Inkolo yakho ikusize kangakanani ukuba ulazi futhi uliqonde iBhayibheli?
Esinye isici esibalulekile sokukhulekela kweqiniso siwukukholelwa kuJesu Kristu, hhayi njengomprofethi omkhulu nje kuphela kodwa njengeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. ImiBhalo isho ngokucacile ukuthi uJesu ‘uyiNkosi yokuphila.’ (IzEnzo 3:15; 4:12) Abaningi bathi bayakholelwa kuJesu, kodwa lungokoqobo kangakanani ukholo lwabo? Ukholo lweqiniso kuKristu lwenza kudingeke ukuba silalele imiyalo yakhe. UNkulunkulu uqobo wakukhuthaza lokhu lapho ethi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.” (Marku 9:7) Ngakho-ke abakhulekeli beqiniso balwela ukuhamba ezinyathelweni zikaJesu ngokuseduze ngangokunokwenzeka. (1 Petru 2:21) Enye indlela abakwenza ngayo lokhu iwukuhlanganyela emsebenzini wasobala wokushumayela awuqala. (Mathewu 4:17; 10:5-7) Ingabe inkolo yakho iyakukhuthaza ukuba ube nengxenye yakho siqu kulomsebenzi?
Uthando lungenye futhi imfuneko yokukhulekela kweqiniso. UJehova uNkulunkulu uchazwa njengothando olwenziwe samuntu, futhi uJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi babeyobonakala ngothando ababebonisana lona. (Johane 13:34, 35; 1 Johane 4:8) Uma kucatshangwa ngezigidi eziningi zabantu ezithi zingamaKristu namuhla, umhlaba ubungeke yini uchichime uthando? Nokho, eqinisweni umhlaba wethu uye wabonakala uyindawo engenalo nakancane uthando. Izimpi ziye zabulala izigidigidi zabantu kulelikhulu leminyaka lilodwa. Ubugebengu nodlame kuyaqhubeka kudlondlobala. Ngakho zibuze, ‘Uma wonke umuntu ubesenkolweni engikuyo, ingabe umhlaba ubuyoba indawo enothando ngokwengeziwe?’
Okokugcina, iBhayibheli libonisa ukuthi abakhulekeli beqiniso kumelwe bazehlukanise nezwe elingamazi uNkulunkulu. Ngesikhathi uNkulunkulu ehlukanisa isizwe sakwa-Israyeli njengesimelwe siqhube ukukhulekela okuhlanzekile, waxwayisa abantu bakhe ukuba bagweme ukuzihlanganisa ngokuseduze nezizwe ezonakele ezibazungezile. (Duteronomi 7:1-6) KuJohane 17:16, uKristu Jesu ngokufanayo wathi ngokuqondene nabalandeli bakhe: “Abasibo abezwe‚ njengalokhu nami angisiye owezwe.” Abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso abanangxenye kwezombangazwe, ekuziphatheni okubi, ezentengiselwano ezinobugovu, nakunoma yimaphi amafilosofi angamhloniphi uNkulunkulu. (Johane 18:36; 1 Johane 2:15-17) Bahlonipha umyalo olotshwe kweyabaseRoma 12:2: “Ningalingisi lelizwe.” Yilokho yini inkolo yakho ekukhuthaza ukuba ukwenze?
Usizo Luyatholakala
Yebo, indlela okhulekela ngayo inendaba ngempela kuNkulunkulu. Ngokwakhe, kunenkolo eyodwa kuphela yeqiniso. (Efesu 4:4-6) Ingxoxo yethu emfushane iye yathinta amaphuzu ambalwa ayisihluthulelo emfundiso yeBhayibheli. Kungani ungazimiseli ukufunda okwengeziwe?
Kungakhathaliseki ukuthi wakhuliswa kanjani ngokwenkolo, oFakazi BakaJehova bangakusiza kulokhu. Baziwa embulungeni yonke ngomsebenzi wabo omkhulu wokufundisa ngeBhayibheli. Bazinikele ekusizeni abantu bazo zonke izinhlanga nezizinda ezingokwenkolo ukuba baliqonde ngokujulile iBhayibheli. (IzAga 2:1-6) Banyathelisa izincwadi zeBhayibheli ezicwaningwe kahle.a Eqinisweni, bangeza ngisho nakwakho ngesihle ukuze bakufundise bona mathupha iBhayibheli. Izigidi zabantu emhlabeni wonke njengamanje ziyazuza kulesimiso semfundo yeBhayibheli. Kungani ungenzi kanjalo nawe? Ngempela, kubalulekile ukuba wenze kanjalo ngoba kunendaba ngempela ukuthi ukhulekela ngayiphi indlela.
[Umbhalo waphansi]
a Enye yalezozincwadi ithi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, eyakhishwa ngo-1990 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc. Abantu abaningi baye bakwazisa ukuchaza kwayo izinkolo ezinkulu emhlabeni okunobuhlakani nokucwaningwe kahle.
[Isithombe ekhasini 5]
Izithunywa zevangeli zeLobukholwa zabumelela kabi kakhulu ubuKristu beqiniso
[Isithombe ekhasini 5]
Amasonto amaningi aphulukisa ngomoya angamabhizinisi okwenza imali
[Isithombe ekhasini 6]
Ukuba nokholo kuJesu kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso
[Isithombe ekhasini 7]
OFakazi BakaJehova basiza izigidi ukuba zizuze ulwazi oluqondile ngezifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala