OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IRepublic YasePhilippines
IZIQHINGI ezishisayo ezimangelengele ezingu-7 083 ezenza iRepublic yasePhilippines ziyingxenye engenhla yokhahlamba lwezintaba ezicishe zembozwe amanzi.a Abantu basePhilippines abangu-62 000 000 bathanda ukuxoxa nganoma yini. Lomoya wokuthanda ukuxoxa wenza kube nensimu evundile yokufakaza ngoMbuso.
Ukufakaza Esikoleni
Esiqhingini saseMasbate, umfundi osemusha ofunda esikoleni esiphakeme wakwazi ukufakaza kuthisha wakhe nasezinganeni afunda nazo ekilasini ngesikhathi semibuzo ephendulwa ngokuthi yiqiniso noma amanga. Uyabika:
“Umusho wawuthi, ‘Uma uNkulunkulu engithanda, ngeke angibangele izinkinga noma angiyeke ngihlupheke.’ Lapho uthisha ebheka amaphepha ethu, wathola ukuthi bonke engangifunda nabo babephendule ngokuthi yiqiniso ngaphandle kwami. Uthisha wangivumela ukuba ngichazele ikilasi ukuthi kungani ngiphendule ngokuthi amanga. Ngabatshela ukuthi akuyena uNkulunkulu osibangela izinkinga, nakuba ekuvumela ukuhlupheka futhi esivumela ukuba sivivinywe. Ngisebenzisa iBhayibheli lami engihlale ngiliphethe esikoleni, ngabonisana nengifunda nabo ekilasini ngamazwi akweyoku-1 Johane 4:8, ‘UNkulunkulu uluthando.’ Ngemva kwencazelo yami, uthisha wagculiseka, wangqongqotha ideski lakhe, wathi: ‘UMarilou uqinisile.’ Kwaba yimina ngedwa enganikeza impendulo eqondile yalombuzo futhi ngathola amamaki aphezulu kunabo bonke.”
Isigijimi SoMbuso Sikhona Yonke Indawo
Ngesikhathi elinye iphayona elivamile (ummemezeli wezindaba ezinhle wesikhathi esigcwele) lisenkonzweni yendlu ngendlu engxenyeni ethile yePhilippines, lahlangana nonina wezinganyana ezintathu. Lowesifazane wabonisa isithakazelo esiqotho esigijimini soMbuso, futhi lokhu kwenza kwaba lula ukuqalisa isifundo seBhayibheli naye. Nakuba umyeni wakhe ayengakujabuleli ukuthola kwakhe izifundo zeBhayibheli, ikakhulukazi ezithola koFakazi BakaJehova, isifundo saqhubeka.
Lendoda yathuthela umkhaya wayo kwelinye idolobha, icabanga ukuthi lokhu kwakuyonqamula ukuhlangana komkakhe noFakazi. Nokho, akuthathanga sikhathi ngaphambi kokuba baphinde bamthole lona wesifazane futhi waqalisa kabusha isifundo sakhe seBhayibheli. Njengokulindelekile, umyeni wakhe wathukuthela wagana unwabu. Waya emsebenzini esathukuthele, lapho afika waxoxa ngemizwa yakhe kwelinye ikhasimende ayelilungisela imoto. Lendoda yayingazi ukuthi lelokhasimende lalingomunye woFakazi BakaJehova.
LoFakazi wachaza ukuthi kwakuyowuzuzisa kakhulu wonke umkhaya uma umkakhe eqhubeka nezifundo zakhe zeBhayibheli. Angaqala ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli khona kanye ekhaya. Kwasikiselwa nokuthi nendoda uqobo ingazuza ngokufunda ngoMbuso kaNkulunkulu.
Waba yini umphumela walengxoxo? Umfazi walendoda wathola inkululeko eyengeziwe yokutadisha iBhayibheli, futhi lendoda yanquma ukuthuthela umkhaya wayo ekhaya lasekuqaleni. Lowesifazane wathuthuka ngokomoya lapho kwaze kwaba sezingeni lokuba abe ummemezeli woMbuso ongabhapathiziwe. Umyeni wakhe naye wasamukela isifundo seBhayibheli, futhi wonke umkhaya waqalisa ukuya emihlanganweni yobuKristu.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994.
[Ibhokisi ekhasini 8]
IZIBALO ZALELIZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1993
INANI ELIPHAKEME LABANTU ABANIKEZA UBUFAKAZI: 116 576
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-549
ABABAKHONA ESIKHUMBUZWENI: 357 388
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 22 705
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 94 370
INANI LABABHAPATHIZWA: 7 559
INANI LAMABANDLA: 3 332
IHHOVISI LEGATSHA: MANILA
[Isithombe ekhasini 9]
Ukufakaza emakethe kuletha imiphumela emihle
[Isithombe ekhasini 9]
Ihhovisi legatsha le-Watchtower Society eManila