EMpumalanga NaseNtshonalanga, UJehova Uqinisa Abantu Bakhe
EMASIMINI lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwe khona, emazweni ahlukaniswe ubudlova, nasemazweni lapho ukuvinjelwa kusanda kuhoxiswa khona—empeleni, ensimini yomhlaba wonke—uJehova uyaqhubeka enikeza oFakazi bakhe “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7, NW.
Ukuchuma Ngaphansi Kokuvinjelwa
Eziqhingini zaseMpumalanga Ekude, umsebenzi wokushumayela ubungaphansi kokuvinjelwa iminyaka engu-17 manje. Ingabe oFakazi badumele? Lutho neze! Kulenyanga ka-May esanda kudlula, bafinyelela inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-10 756, okunabangu-1 297 babo ababekhonza njengezikhonzi zesikhathi esigcwele. Njengoba izimo zezwe ziwohloka, abantu bakuleziziqhingi bathambekele ngisho nangokwengeziwe ekulaleleni iqiniso. Ngakho bebebika izifundo zeBhayibheli ezingu-15 654 eziqhutshwa emakhaya abantu abathakazelayo. Ngaphambidlana, abangu-25 397 baba khona emihlanganweni eyaqhutshwa ngomshoshaphansi ukuze kugujwe ukufa kukaJesu.
Lapho kuqhutshwa iMihlangano Yesigodi ‘Yokufundisa Kwaphezulu’—nayo eyaqhutshwa ngobuhlakani ngokuvumelana nezimo zendawo—abazalwane babuye bajabulela ukwamukela, ngolimi lwendawo, amakhophi abo ezincwadi ezifanayo ezakhululwa ezazinyatheliswe e-United States. Abahumushi, ama-proofreader (abafunda umsebenzi ngaphambi kokuba unyatheliswe), nabanye baye basebenza ngokuzithandela amahora engeziwe ukuze balungiselele ukukhululwa ngesikhathi kwencwadi eyinhloko, enamakhasi amaningi kakhulu. Futhi abanyathelisi bangaphandle ababezimisele ukubambisana bakujabulela ukwenza umsebenzi omuhle wokunyathelisa nokuhlanganisa. Ababeze emhlanganweni bakujabulela ukuthola lencwadi, enesembozo esinombala nemifanekiso engaphezu kwenkulungwane. Izikhulu eziningi zikahulumeni ziyabahlonipha oFakazi BakaJehova, futhi ukuphikiswa kuvela ngokuyinhloko kubefundisi beLobukholwa. Kwethenjwa ukuthi ukuvinjelwa kuzohoxiswa ngokushesha.
Kuthiwani NgeNingizimu NeNyakatho Melika?
OFakazi BakaJehova kulamazwe aseNtshonalanga banobunye nabazalwane babo baseMpumalanga ekubhekaneni ngesibindi nezinkinga zabo, futhi umoya ongcwele kaJehova ubasiza ukuba banqobe izimo ezinzima. Ngokwesibonelo, cabanga ngombiko olandelayo ovela ezweni laseLatin America lapho abashushumbisi bezidakamizwa benqamula njalo phakathi kwamahlathi.
Iqembu loFakazi lathatha ibhasi eliya ensimini engayodwa. Njengoba lalehla ebhasini, laphawula ukuthi kwakunomgwaqo omncane ophumela ngaphandle komuzi. Ngakho abazalwane abahlanu bawulandela ukuze bayobona ukuthi wawuholelaphi lomgwaqo owubhuqu, babela odade nabantwana ukuba basebenze kulomuzi. Omunye walabazalwane uyalandisa:
“Ngemva kokuhamba amahora amabili kulowomgwaqo sathola izindlu ezimbalwa kakhulu. Khona-ke, amadoda ayisishiyagalombili ahlomile aphuma ngokushesha ehlathini efake izigqoko emakhanda awo. Amanye ayephethe izibhamu ezinkulu futhi amanye ephethe ocelemba. Yini esasibhekene nayo? Saqala ukubuza ukuthi ayefunani, kodwa satshelwa ukuba sithule futhi singakhulumi—siqhubeke nokuhamba kuphela. Senza kanjalo! Ngemva kokuba sesihambe amahora amabili engeziwe phakathi nehlathi safika endaweni evulekile ngokusobala okwakuyikamu lamabutho. Onogada abanezibhamu babekuyo yonke indawo. Maphakathi nendawo kwakunendlu enhle esayiswa kuyo.
“Lapho sesihleli sakhulunyiswa othile cishe owayengumholi wasekamu. Wayegqoke kahle, efundile, futhi enesithunzi ngempela. Wakhomba omunye wabazalwane owayeseqenjini lethu futhi wamtshela ukuba asukume. Wabe esembuza: ‘Ucabangani ngeqembu [lethu]?’ Eqaphela ngokugcwele indawo esasikuyo, lomzalwane waphendula: ‘Nokho, siyazi ngeqembu lenu, kodwa asinasithakazelo kulo nakunoma yiliphi elinye iqembu lezombangazwe. Okuwukuphela kwesizathu esenza ukuba sibe lapha ukushumayela ngoMbuso kaJehova uNkulunkulu ngoKristu Jesu. Ngokushesha uzobhubhisa bonke ohulumeni bezombangazwe balesisimiso sezinto futhi ulethele abantu izibusiso ezimangalisayo kulomhlaba ngaphansi kwezimo zePharadesi—okuthile okungekho muntu noma iqembu labantu elingakwenza.’
“Isimo sengqondo salendoda sashintsha. Yaqala ukubuza imibuzo. ‘Nikufundephi konke lokhu? Nakulungiselelwa kanjani ukukhuluma kanjalo?’ Esikhathini esingangehora nengxenye, sakwazi ukunikeza ubufakazi obuhle ngezimo zezwe futhi sabonisa ukuthi iBhayibheli liveza okuwukuphela kwethemba lesintu. Sabuye sachaza eyabaseRoma isahluko 13—ukuthi siyazilalela iziphathimandla ezibusayo, kodwa lapho kunokungqubuzana phakathi kweZwi likaJehova nelazo, silalela uNkulunkulu wethu kuqala, uJehova. Ekugcineni, samhambisela izincwadi esasinazo. Wathatha ezintathu zazo neBhayibheli, futhi okwasimangaza kakhulu, wasinika umnikelo wazo. Wathi wayezozifunda.
“Ngokulandelayo, lomholi wayala enye yalamadoda ukuba isikhiphele ngaphandle kwekamu. Ngokushesha sase siphindela emuva, sibonga uJehova ngokunqoba esibe nakho kwenye insimu yokufakaza.”
E-Afrika Ekhungethwe Iziyaluyalu
Enkabeni ephakathi kweMpumalanga Ekude neNtshonalanga ekude kunezwekazi lase-Afrika. Izimpi zezizwe ziguqule amanye amazwe zawenza izindawo zobudlova obuhlasimulisayo. ELiberia, abantu bakaJehova baphinde bathintwa ngokujulile ukwanda okusheshayo kwempi yombango. Ekuqaleni kwakunempi phakathi naseduze kwenhloko-dolobha phakathi kuka-October no-November 1992. Khona-ke, njengoba impi yayisakazekela enhla nezwe, wonke amabandla ahlakazeka njengoba abazalwane babebalekela emahlathini kanye nabo bonke abanye abantu. Nokho, intshiseko yabo ayizange inciphe. Njengoba babebaleka, babeshumayela, futhi lokhu kuye kwaholela ekunikezweni kobufakazi obuhle ezingxenyeni ezikude kakhulu ezimaphakathi nezwe.
Elinye ibandla elinabazalwane ababephoqelelwe ukuba bashiye amakhaya abo lakha iHholo LoMbuso lesikhashana phakathi kwemithi yokwenza injoloba. Edolobheni eliseduze nomngcele wamabutho, emini bebade abantu abayizakhamuzi babebalekela endaweni ezungezile eyayinemithi yokwenza injoloba ukuze bacashele ukuqhunyiswa kwamabhomu avela ezindizeni. Abazalwane bendawo (kuhlanganise nabamemezeli abaningi ababephoqeleleke ukuba babaleke emakhaya bevela enhloko-dolobha, iMonrovia) bahlela inkonzo yasensimini futhi babebonakala njalo beshumayela ezinkulungwaneni ezazikhosele ngaphansi kwemithi yokwenza injoloba! Lapho kusondela indiza, abazalwane nodade babegxumela emseleni oseduze, futhi lapho ingozi isidlulile, babeqhubeka nokufakaza kwabo.
Ngokumangalisayo, naphezu kwalezizimo zempi yombango, abamemezeli bamabandla abangaphezu kwenkulungwane abakwaziyo ukuthumela imibiko eNhlanganweni baye baba nesilinganiso samahora angu-18,1 enkonzweni yasensimini futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-3 111 inyanga ngayinye.
Phakathi neminyaka emine edlule e-Afrika, ukuvinjelwa komsebenzi woFakazi BakaJehova emazweni angu-18 kuye kwahoxiswa. Injabulo enkulu kakhulu! Ngo-August 12, ukuvinjelwa koFakazi eMalawi okwaqaliswa ngo-October, 1967, kwahoxiswa. Ukushunyayelwa ngomshoshaphansi kwezindaba ezinhle kuye kwaphumelela ngaso sonke isikhathi, kodwa manje oFakazi bayakwazi ukuqhubekela phambili ngenkululeko, nakuba kuyomelwe balindele uvuko ukuze baphinde babingelelane nabangane babo abaningi abathandekayo ababulawa abacindezeli.
EMozambique, isivumelwano sokuthula saqala ukusebenza ngo-October 4, 1992. Amasimu ayengafinyeleleki ngaphambili ngenxa yempi eyonakalisayo yeminyaka engu-16 edlule aseyafinyelelwa. Endaweni yaseCarioco, kwavuselelwa ukuxhumana nabazalwane nodade abangu-375 ababengasakwazi nhlobo ukuxhumana nenhlangano eminyakeni eyisikhombisa edlule. Kwaqhutshwa umhlangano okhethekile wosuku olulodwa eMilange, inhloko-dolobha yesifunda salokho okwakwaziwa ngokuthi indawo yekamu lokuhlushwa nesikhungo “sokuguqula” oFakazi BakaJehova, abaningi babo ababengababaleki abavela eMalawi. Ingqikithi emangalisayo yabantu abangu-2 915 yaba khona, kuhlanganise nomphathi wedolobha, owamukela oFakazi BakaJehova. Ngakho isikhungo sangaphambili “sokuguqula” saba isikhungo sokufundisa kwaphezulu ngalolosuku.
Isithunywa sevangeli siyabhala: “Ngokuphathelene nabazalwane bethu abazithola besemakamu ababaleki eSifundazweni saseTete, ummeleli we-UNHCR (United Nations High Commissioner for Refugees) wenza ukukhulumela okuthakazelisayo. Wathi oFakazi BakaJehova babehlele amakamu abo siqu, ahlukanisiwe kwawamanye amaqembu. ‘Ikamu labo,’ esho ‘laliwukuphela kwekamu elalinakekelwa ngokufanelekile,’ enezela, ‘oFakazi BakaJehova bahlanzekile, bahlelekile, futhi bafundile.’ Khona-ke wathembisa ukungihambisa ngendiza sidabule ehlathini ukuze ngizibonele. Sisemoyeni, umshayeli wendiza wakhomba amakamu amabili. Elinye lalibukeka kabi futhi lingcolile, linezindlu zodaka ezazakhiwe zasondelana kakhulu kungekho nokuncane ukuhleleka. Elinye lalihlelwe kahle, linezindlu eziwuhide ezihlukaniswe imigwaqo. Lezizindlu zazibukeka kahle, zinamagceke ashaneliwe. Ezinye zazipendwe ngisho nangopende owenziwa ekhaya. ‘Ungaqagela ukuthi yiliphi ikamu lenu?’ kubuza umshayeli wendiza. Ngakujabulela kakhulu ukuhlangana nabazalwane kulelikamu. Manje kunamabandla ayisishiyagalombili kulomuzi woFakazi.”
‘Ezweni Lokhozi’
Cha, lolu akulona ukhozi lwase-U.S.! Phakathi kweMpumalanga neNtshonalanga kunezwe laseYurophu, i-Albania, igama lalo ngolimi olungokomthetho, i-Shqipëria, elisho “Izwe Lokhozi.” Muva nje, ukuvinjelwa okunonya kweminyaka engu-50 koFakazi BakaJehova kulelizwe kuye kwahoxiswa, futhi bayakwazi ukuhlangana nabazalwane babo abavela eMpumalanga naseNtshonalanga ukuze bajabulele inkululeko yabo yokukhulekela. ‘Bathengisisa isikhathi’ ngempela. (Efesu 5:16) Umhlangano wokuqala emlandweni wase-Albania, umhlangano wosuku olulodwa, waqhutshelwa eNkundleni Yemidlalo Yaseshashalazini Yesizwe, enhloko-dolobha, iTiranë, ngeSonto, ngo-March 21. NgoMgqibelo ntambama iqembu lezisebenzi zokuzithandela ezingu-75 ezingoFakazi lase liguqule indawo yokuhlangana eyonakele yaba ihholo lomhlangano elikhazimulayo, elihlanzekile. Abaphathi balendawo bamangala. Futhi kumelwe kuphawulwe ukuthi phakathi kwalezisebenzi zokuzithandela ezingu-75, cishe zingu-20 kuphela ezazibhapathiziwe!
Isimo sezulu sasisihle kakhulu. Njengoba izihambeli ezivela phesheya zazifika, ukubingelelana—ngokuyinhloko okwakuboniswa ngokuphakamiselana izandla nokwangana—kwenza lolosuku lomhlangano okhethekile lwaba olukhetheke ngempela. Ephakamisele izintende zezandla ezulwini, uMzalwan’ uNasho Dori wavula ngomthandazo. Wabhapathizwa ngo-1930 futhi manje cishe uyimpumputhe. Ingxenye enkulu yesimiso yanikezwa amaphayona akhethekile avela emazweni akude ngolimi lwesi-Albania. Abangu-585 ababekhona bahlabelela ingoma ethi “Ukuzinikezela KobuKristu”—enye yezingoma eziyisithupha ezazihunyushelwe olimini lwesi-Albania ukuze zisetshenziswe kulesenzakalo—njengoba abazalwane nodade abangu-41 abasanda kuhlanganyela babephuma beya edanyini abazalwane abavakashile abavela eGreece ngomusa ababelakhe eHholo LoMbuso lendawo. Yeka ushintsho! Ngaphambili, ukuba neBhayibheli kwakusho ukuthunyelwa emakamu okusebenza kanzima, futhi imihlangano yayilinganiselwa emaqenjini abantu ababili noma abathathu.
Ngosuku lwangemva komhlangano, ihhovisi le-Watch Tower lathola ucingo oluvela kumqondisi wenkundla yemidlalo yaseshashalazini. Ngokuvamile akanasithakazelo kubantu abasebenzisa inkundla. Lowo umsebenzi wephini lomqondisi. Kodwa wathi: “Nginishayela ucingo ukuze nginibonge. Angikaze ngiyibone lendawo ihlanzeke ngalendlela. Uma bekuyomelwe ngiyichaze, bengiyothi umoya ovela ezulwini ubuwehlele enkundleni yethu yemidlalo yaseshashalazini izolo. Noma nini lapho nifuna ukusebenzisa izindawo zethu, sizani nibuye, futhi siyonicabangela kuqala. Niyazi, bekumelwe sinivumele ukuba nize lapha njalo ezinyangeni ezintathu futhi ningakhokhi.”
OFakazi baphindela emadolobheni ababevela kuwo beqinisiwe futhi bebonga futhi baqala ukulungiselela iSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Ezinsukwini ezingu-15 kamuva, ngoLwesibili, ngo-April 6, iSikhumbuzo sokuqala esenziwa obala saqhutshelwa ezindaweni eziyisikhombisa.
Edolobheni laseBerat, inani lababa khona emihlanganweni liye lenyuka lafinyelela ku-170, futhi umpristi wendawo uthukuthele uthelwa ngamanzi. Phakathi kwabamemezeli boMbuso abangu-33 eBerat, abangu-21 babhapathizwa kulomhlangano. IBerat yabika abangu-472 ababa khona eSikhumbuzweni. Amanye amanani ababa khona eSikhumbuzweni nawo ayephawuleka, ikakhulukazi ngenxa yokuhola okuhle okwanikezwa amaphayona akhethekile.
Edolobheni lase-Albania eligcwele ubuKatolika kakhulu, eShkodër, lapho kunendlu endala yesonto khona, isonto laqala ukunyathelisa iphephandaba eliphuma kanye ngenyanga, futhi ikhophi ngayinye yayiba nesihloko esithi “Indlela Yokugwema OFakazi BakaJehova.” Ikhophi yokugcina yathi: “OFakazi BakaJehova sebeyithathile iShkodër”! Ibutho elikhulu loFakazi ababili lapho lamemela abantu abaziphethe kahle nabanengqondo ehluzekile abangu-74 eSikhumbuzweni. Ngemva kokulalela inkulumo yeSikhumbuzo, imikhaya engu-15 yacela izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Kwelinye idolobha, laseDurres, lapho kunebutho loFakazi abane, kwakunenani elihle labangu-79 lababekhona.
Ngenxa yokuphikisa kwentsha yamaKatolika, eyasongela ngokuxosha oFakazi ngokubakhanda ngamatshe, umhlangano weSikhumbuzo emzini osentabeni waseKalmeti i Vogel wathuthelwa ekhaya lomzalwane, lapho abangu-22 bahlangana khona ngokuthula. Kunabamemezeli abahlanu kuleliqembu, abathathu babo ababhapathizwa emhlanganweni waseTiranë.
EVlorë izinsizwa ezimbili zathola ikhophi ye-Nqabayokulinda, zayifunda, futhi zabhalela iNhlangano: “Manje sesizibiza ngokuthi singoFakazi BakaJehova ngenxa yeqiniso esilifunde ku-Nqabayokulinda. Sizani nisithumelele usizo olwengeziwe.” Amaphayona amabili akhethekile abelwa lapho, futhi enye yalezizinsizwa yasheshe yafanelekela ukuba ummemezeli. Yajabula ngokuba phakathi kwabangu-64 ababa khona eSikhumbuzweni eVlorë.
Umzalwane wase-Albania owafunda iqiniso e-United States waphindela edolobheni azalwa kulo laseGjirokastër ngawo-1950, lapho akhonza khona ngokusemandleni akhe kwaze kwaba sekufeni. Watshala imbewu yeqiniso enhliziyweni yendodana yakhe. Lapho ukuvinjelwa kuhoxiswa, lendodana yacela usizo lwe-Watch Tower Society. Omunye umuntu othakazelayo ohlala emzini othile ongasenyakatho naye wayebhalile ukuze athole usizo, ngakho kwathunyelwa lapho amaphayona akhethekile amane. NgoLwesithathu ekuseni ngemva kweSikhumbuzo, elinye lawo lashayela ihhovisi leNhlangano laseTiranë ucingo: “Ngihlulekile ukuzibamba ukuba nginitshele ukuthi kungakanani okufezwe umoya kaJehova. Sijabule kakhulu. ISikhumbuzo sibe yimpumelelo.” Inani lababekhona lalingu-106, kuhlanganise neqembu lalabamemezeli boMbuso abayisikhombisa.
Kuthiwani ngengqikithi yababekhona eSikhumbuzweni? Ngo-1992, lapho kwakunabamemezeli boMbuso abangu-30 kuphela, inani lababekhona lalingu-325. Ngo-1993, abamemezeli abangu-131 babememe abangu-1 318 ababa khona. Kuyo yomibili leminyaka, inani lababa khona laliliphinda kayishumi inani labamemezeli. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukubona ‘omncane eba yinkulungwane’ ngesikhashana esincane kakhulu kangako!—Isaya 60:22.
‘Yelula Izintambo Zakho’
Njengoba umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova wanda kuzo zonke izingxenye zomhlaba, lolubizo luyazwakaliswa: “Yenza ibe-banzi indawo yetende lakho; mabazelule izindwangu zamakhaya akho, ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho. Ngokuba uyakusabalala ngakwesokunene nangakwesokhohlo.” (Isaya 54:2, 3) Lokhu kusabalala ‘emakhaya’ kaNkulunkulu—okumelelwa emabandleni abakhulekeli bakhe emhlabeni wonke—ngempela kuye kwaba sobala eMpumalanga Yurophu, ikakhulukazi ezweni elaliyiSoviet Union. Ngemva kokusekela izinceku zakhe phakathi namashumi eminyaka yokucindezelwa, manje uJehova unikeza oFakazi bakhe amandla amakhulu kakhulu adingekayo ukuze bandise futhi baqinise inhlangano.
EMoscow, eRussia, eNkundleni Yezemidlalo iLocomotive, ngo-July 22-25, inani eliphakeme labangu-23 743 laba khona emihlanganweni yezizwe eyisici esiphawulekayo yochungechunge lwangonyaka odlule ‘Lokufundisa Kwaphezulu.’ Ubani owayengacabanga ukuthi lokhu kwakungenzeka, ngisho naseminyakeni emibili edlule? Kodwa babekhona lapho! Abangaphezu kuka-1 000 babevela eJapane naseKorea, cishe abangu-4 000 babevela e-United States naseCanada, futhi ezinye izinkulungwane zazivela emazweni angaphezu kuka-30 asoLwandlekazi oluseNingizimu, e-Afrika, eYurophu, nakwezinye izindawo—ukuhlangana kweMpumalanga neNtshonalanga ngempela. Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ngabo bonke laba ukuhlangana ngokukhululekile nabazalwane babo nodade baseRussia abangaphezu kuka-15 000! Imizwa yenjabulo yayichichima.
Ingqikithi emangalisayo yoFakazi abangu-1 489 abasanda kuhlanganyela yabhapathizwa. Ubhapathizo lwasakazwa kakhulu imithombo yezindaba ezweni lonke, kuhlanganise nesithombe esihle ekhasini lokuqala le-New York Times. Ngisho nakuba ihlombe laliduma kakhulu phakathi nobhapathizo, laba elidlulele phakathi nenkulumo yokuphetha, lapho isikhulumi sibonga izisebenzi zokuzithandela ezingu-4 752 nezikhulu ezazisize ekwenzeni lomhlangano waba yimpumelelo, sathi: “Ngaphezu kwakho konke, sibonga uJehova!” Yebo, umoya kaJehova wawuvimbele ukuphikisa okunzima kwabantu benkolo yobu-Orthodox futhi wanikeza amandla abalulekile aye enza ukuba umhlangano ube isici esingokoqobo esivusa amadlingozi.
Nokho, kuningi okwakuseza edolobheni lase-Ukraine, eKiev, ngo-August 5-8. Nalapha, izisebenzi zokuzithandela zayivuselela ngokuphelele inkundla yezemidlalo, futhi leliHholo LoMbuso elikhulukazi lahlalisa inani eliphakeme lababekhona abangu-64 714. Futhi, kwafika oFakazi bevela eMpumalanga naseNtshonalanga nakuzo zonke izingxenye zomhlaba. Izinkulumo eziyisihluthulelo zahunyushelwa ezilimini ezingu-12. Izihambeli ezingaba ngu-53 000, ezafika ngezinto zokuthutha ezithwala abantu abaningi, kwadingeka ukuba zihlangatshezwe eziteshini nasezikhumulweni zezindiza futhi ziyiswe ezindaweni zazo zokulala emahhotela, ezikoleni, nasemakhaya abantu, nasemikhunjini. Konke lokhu kwafezwa ngezindleko ezincane ezihambisana nokuhleleka okushelelayo nokuphumelelayo okwaholela ezinkulumweni zokwazisa nokubonga ezivela emaphoyiseni edolobha.
Umvuthwandaba walesimiso somhlangano esijabulisayo waba ubhapathizo, olwathatha wonke amahora amabili nengxenye. Ingqikithi yabazalwane nodade abangu-7 402 abasanda kuhlanganyela yabonakalisa ukuzinikezela kwayo kuJehova, kuyilapho ukushaywa kwehlombe kwakulokhu kudume njalo kuyo yonke inkundla ewudedangendlale. Lengqikithi yayingaphezu kwenani eliphakeme kunawo wonke langaphambili lababhapathizwa abangu-7 136 eligcinwe embhalweni lapho abangu-253 922 ababeze emhlanganweni behlangana eDolobheni laseNew York ngo-1958.
Njengoba lenkathi yokwahlulela manje ifinyelela esiphethweni sayo, abantu abanjengezimvu abavela eMpumalanga, eNtshonalanga, ngisho ‘nasekugcineni komhlaba’ bayaqhubeka beqoqelwa ebunyeni obungenakuqhathaniswa kuwo wonke umlando wabantu. Ngempela, “isixuku esikhulu . . . sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi” sizihlanganisa no-Israyeli ongokomoya ekubonakaliseni ukholo lwaso emhlatshelweni wesihlengo kaJesu oyigugu, isisekelo sakho konke okufezwayo ekulwelweni kobukhosi bukaJehova.—IzEnzo 1:8; IsAmbulo 7:4, 9, 10.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
IMpumalanga ihlangana neNtshonalanga eMoscow naseKiev