Isaziso
Usizo EmaKomitini ENdikimba Ebusayo
Amalungu eNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, okwamanje angu-12, ayaqhubeka ekhonza ngokwethembeka ezabelweni zawo. Ahlala ebonga emalungwini athembekile ‘esixuku esikhulu’ esandayo ngokusekela kwawo kwentshiseko. (IsAmbulo 7:9, 15) Ngenxa yokwanda okumangalisayo emhlabeni wonke, kubonakala kufanelekile manje ukunikeza iNdikimba Ebusayo usizo olwengeziwe. Ngakho-ke kuye kwanqunywa ukuba kumenywe abasizi abaningana, abesixuku esikhulu ikakhulukazi, ukuba bahlanganyele emihlanganweni yekomiti ngayinye yamaKomiti ENdikimba Ebusayo, okungukuthi, iKomiti Yezisebenzi, eYokunyathelisa, eYeNkonzo, eYokufundisa, Neyokubhala. Kanjalo, inani lababa khona emihlanganweni yekomiti ngayinye yalamakomiti liyokwandiswa lifinyelele kwabayisikhombisa noma abayisishiyagalombili. Ngaphansi kokuqondisa kwamalungu amakomiti eNdikimba Ebusayo, labasizi bazohlanganyela ezingxoxweni futhi banakekele izabelo ezihlukahlukene abazinikezwa ikomiti. Lelilungiselelo elisha liqala ukusebenza ngoMay 1, 1992.
Sekuyiminyaka eminingi manje inani lensali yoFakazi abagcotshiwe lincipha, kuyilapho inani lesixuku esikhulu liye laba ngaphezulu kakhulu kwalokho ebesikulindele. (Isaya 60:22) Yeka indlela esimbonga ngayo uJehova ngalokhu kwanda okumangalisayo! Lapho kwamukelwa ngenjabulo igama elisha, elithi oFakazi BakaJehova, ngo-1931, inani eliphakeme labamemezeli boMbuso lalingu-39 372, iningi labo lalithi lingabafowabo bakaKristu abagcotshiwe. (Isaya 43:10-12; Heberu 2:11) Eminyakeni engamashumi ayisithupha kamuva, ngo-1991, inani eliphakeme lomhlaba wonke labamemezeli laba ngu-4 278 820, kulona bangu-8 850 kuphela abathi bangabensali egcotshiwe. Njengoba kwakulindelekile ngokokuqondwa kwemiBhalo, “isixuku esikhulu” manje sidlula insali ‘yomhlambi omncane’ ngesilinganiso sabangaphezu kuka-480 koyedwa. (Luka 12:32; IsAmbulo 7:4-9) Ekunakekeleni izithakazelo zoMbuso ezandayo, insali ngokuqinisekile iyakudinga futhi iyakwazisa ukubambisana nokusekela kwesixuku esikhulu.
Njengoba kuchaziwe kulomagazini weNqabayokulinda, kuneqembu elisebenza kanye noIsrayeli ongokomoya namuhla elifana namaNethini namadodana ezinceku zikaSolomoni abuya nensali yamaJuda evela ekuthunjweni eBabiloni; labobantu ababengewona amaIsrayeli nabo babewadlula ngenani amaLevi ayebuyela emuva. (Ezra 2:40-58; 8:15-20) ‘Abanikelwe’ abaphakathi kwesixuku esikhulu sanamuhla bangamadoda avuthiwe angamaKristu aye aba nokuhlangenwe nakho okuningi ngenxa yokunakekela ukuphatha emagatsheni, emsebenzini wokujikeleza, naphakathi kwamabandla angu-66 000 manje amiswe emhlabeni wonke.
Muva nje, kuqhutshwe iZikole Zenkonzo ZoMbuso emhlabeni wonke ukuze kufundiswe ababonisi nezinceku ezikhonzayo ezibasizayo. EUnited States kuphela, kwaba nababonisi abangu-59 420. Ngakho ‘lamalunga [amadoda amadala, NW]’ ahlonyiswa ukuba afeze imithwalo yawo yemfanelo ngendlela ephumelela ngokwengeziwe.—1 Petru 5:1-3; qhathanisa neyabase-Efesu 4:8, 11.
Endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, abanye kulabo ‘abanikelwe’ baye bakhonza iminyaka eminingi kakhulu. Laba bahlanganisa nababonisi abavuthiwe abangabesixuku esikhulu abaye bazuza ikhono nokuhlangenwe nakho okukhulu. Ngakho, iNdikimba Ebusayo iye yakhetha idlanzana lababonisi abanjalo ukuba lisize emihlanganweni yamakomiti eNdikimba Ebusayo. Laba akudingeki ngempela kube amadoda anomlando wenkonzo omude kunabo bonke. Kunalokho, bangamadoda avuthiwe, anokuhlangenwe nakho nezimfanelo eziwenza afanelekele ukunikeza usizo emikhakheni ethile. Ukwabelwa kwawo ukuba asebenze nekomiti ethile akuwanikezi isikhundla esikhethekile. Njengoba uJesu asho ngokuphathelene nabafundi bakhe, “nina nonke ningabazalelwane.” (Mathewu 23:8) Nokho, kuningi okuzophathiswa lamadoda, futhi ngalokho “kuyakubizwa okuningi” kuwo.—Luka 12:48.
Siyajabula ngokuqhubekela phambili kwenhlangano kaJehova namuhla. Eminyakeni eyishumi edlule, kuye kwaba nokwanda okucishe kube amaphesenti ayikhulu enanini lalabo abenza inkonzo yasensimini, ngokuvumelana nesiprofetho esiphathelene noDavide Omkhulu, uJesu Kristu: “Ngokuqondene nokwanda kukahulumeni wayo kanye nokuthula ngeke kube-khona ukuphela.” (Isaya 9:7, King James Version) Ngendlela efanayo amaNethini asebenza ngayo nabapristi ekuvuseleleni izindonga zaseJerusalema, nanamuhla kugcwaliseka isiprofetho esiphathelene nenhlangano kaJehova: “Abezizwe bayakuzakha izingange zakho.” (Isaya 60:10; Nehemiya 3:22, 26) AmaNethini osuku lwanamuhla kumelwe atuswe ngentshiseko ayibonisayo ekwakheni ukukhulekela kweqiniso, esiza “abapristi bakaJehova” kunoma yimuphi umsebenzi noma inkonzo engase yabiwe enhlanganweni kaJehova yomhlaba wonke.—Isaya 61:5, 6.