Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 4/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-38—UZakariya
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ingabe Abalweli Bokholo—Babengabavikeli BobuKristu Noma Bamafilosofi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Vakashela Izwe, Uvakashele Nezimvu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 4/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wabathola beyinzuzo ngempela kuwe omagazini bamuva beNqabayokulinda? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngalokhu okulandelayo:

▫ Yayiyini injongo eyinhloko yokuphulukisa kukaJesu?

Kwabonisa, ngenjongo yokukhuthaza isixuku esikhulu sabantu abanjengezimvu namuhla, ukuthi abasinde eArmagedoni bayophulukiswa cishe ngokushesha ngemva kweArmagedoni. (Isaya 33:24; 35:5, 6)—12/15, ikhasi 12.

▫ Kungani sidinga lesikhumbuzo sasikhathi sonke: “Ekukhulekeni niqinisele njalo”? (Roma 12:12)

Ngezinye izikhathi ukucindezela kokuphila nemithwalo yemfanelo kungasisinda kakhulu size sikhohlwe ukuthandaza. Noma izinkinga zingasiqeda amandla, zisenze ukuba siyeke ukuthokoza ethembeni loMbuso, siyeke ngisho nokuthandaza. Ngakho, sidinga izikhumbuzo ezisikhuthaza ukuba sithandaze futhi ngalendlela sisondele kakhulu ngokwengeziwe kuJehova.—12/15, ikhasi 14.

▫ Yini ebonisa ukuthi uZamcolo wosuku lukaNowa washiya umbono ongacimeki ohlangeni lwabantu?

Kuye kwalinganiselwa ukuthi izinganekwane ezingaphezu kuka-500 zikaZamcolo zizekwa yizizwe nabantu abangaphezu kuka-250. Ukufana okuthile okuyisisekelo kungatholakala kuzo zonke lezinganekwane.—1/15, ikhasi 5.

▫ Abaprofethi bamanga namuhla bafana kanjani nalabo besikhathi sikaJeremiya?

Abaprofethi bamanga banamuhla bathi bamelela uNkulunkulu, kodwa beba amazwi kaNkulunkulu ngokushumayela izinto ezidedisela abantu kude nalokho iBhayibheli elikushoyo ngempela. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi endabeni yokufundisa ngoMbuso. (Jeremiya 23:30)—2/1, ikhasi 4.

▫ Yini eshiwo ukubhapathizelwa komuntu egameni lomoya ongcwele?

Lokhu kusho ukuthi umuntu obhapathizwayo unquma ukubambisana nomoya, ukungenzi lutho oluyovimbela ukusebenza kwawo phakathi kwabantu bakaJehova. Ngakho, lowomuntu kumelwe abambisane nenceku ethembekile neqondayo nelungiselelo labadala ebandleni. (Heberu 13:7, 17; 1 Petru 5:1-4)—2/1, ikhasi 18.

▫ Kungani ukukhulekela izithombe kumlimaza umkhulekeli wazo?

IBhayibheli libonisa ukuthi izithombe ziyisinengiso kuJehova uNkulunkulu futhi azenzi lutho ekusizeni abazikhulekelayo ukuba basondele kuNkulunkulu. (Duteronomi 7:25; IHubo 115:4-8) USathane uDeveli “uphuphuthekisile ingqondo” yabantu ukuze iqiniso ‘lingasi.’ (2 Korinte 4:4) Ngakho lapho umuntu ehlonipha isithombe, empeleni ukhonza izithakazelo zamademoni. (1 Korinte 10:19, 20)—2/15, ikhasi 6-7.

▫ Kungani izimvu zaziqashelwa njengomcebo oyigugu ezikhathini zeBhayibheli?

Uvolo wawungumcebo ovuselelekayo futhi ongasetshenziselwa ukwenzela umkhaya okokwembatha noma uthengiswe. Izimpondo zezinqama zazisetshenziselwa ukumemezela iJubili noma zazingase zisetshenziselwe ukumemezela izixwayiso noma ukuqondisa impi. Njengoba izimvu zaziphakathi kwezilwane ezihlanzekile amaIsrayeli ayengazidla, umhlambi wezimvu wawuqinisekisa umthombo wokudla, futhi ngaso sonke isikhathi zazinikeza ubisi lokuphuza noma lokwenza ushizi.—3/1, ikhasi 24-5.

▫ Yini abathanda uNkulunkulu abayicelayo lapho bethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike? (Mathewu 6:10)

Bacela ukuba uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini uthathe isinyathelo esiwujuqu ngokubhubhisa izimiso zohulumeni ezenziwe ngabantu, eziye zehluleka ukugcwalisa isithembiso sazo sokuletha ukuthula nokulondeka. (Daniyeli 2:44)—3/15, ikhasi 6.

▫ Babengobani abaLweli Bokholo, futhi ingabe bafundisa ngoZiqu-zintathu?

AbaLweli Bokholo babengabefundisi ababephila engxenyeni yokugcina yekhulu lesibili leminyaka. Babhala izincwadi ukuze bavikele ubuKristu ababebazi kumafilosofi ayephikisana nabo ayekade andile ezweni lamaRoma. Akekho kubo owafundisa ngoZiqu-zintathu.—4/1 amakhasi 24-9.

▫ Ingabe uZakariya, uyise kaJohane uMbhapathizi, waba yisithulu nesimungulu, njengoba kusengathi uLuka 1:62 ubonisa lokho?

UGabriyeli wathi inkulumo kaZakariya yayiyothinteka, hhayi ukuzwa kwakhe. (Luka 1:18-20) ULuka 1:64 uthi: “Kwase kuvuleka umlomo wakhe [uZakariya] khona-lapho nolimi lwakhe, wakhuluma.” Phawula, akushiwo lutho lapha maqondana nokuzwa kwakhe njengokwathinteka ngandlela-thile. Ukuthintwa ‘kokuqhweba’ kuLuka 1:62 kungasho ukuthi ukushukuma okuthile komzimba kwenziwa ukuze kutholakale isinqumo sikaZakariya.—4/1, ikhasi 31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela