Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 4/15 k. 32
  • AbaseGibeyoni—Babefuna Ukuthula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AbaseGibeyoni—Babefuna Ukuthula
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 4/15 k. 32

AbaseGibeyoni—Babefuna Ukuthula

IDOLOBHA elisegqumeni ngenhla lichazwa njengelisendaweni lapho kwakuneGibeyoni yasendulo, amakhilomitha angaba yishumi enyakatho yeJerusalema.

Kungenzeka uyazi ukuthi iGibeyoni yaqala ukuvelela ngokushesha ngemva kokuba uJoshuwa eholele uIsrayeli eZweni Lesithembiso futhi wanqoba iJeriko. AmaKhanani aseGibeyoni aqaphela ukuthi ayengenakumelana noIsrayeli, ngokusobala owayesekelwa ngokwaphezulu. Yini okwakufanele yenziwe? Besebenzisa ubuqili, abaseGibeyoni bathumela izithunywa ezazenza izihambi ezazivela ezweni elikude. Lomzamo wokufuna ukuthula waphumelela, ngoba uIsrayeli wenza isivumelwano nabo. Lapho icebo labo livela obala, abaseGibeyoni baba ngabagawuli bemithi nabakhi bamanzi.

Kumelwe ukuba uNkulunkulu akazange abathukuthelele lababantu ababefuna ukuthula. Wasekela ukuvikela kukaJoshuwa abaseGibeyoni lapho behlaselwa amakhosi ayisihlanu. UJehova wenza ngisho nesimangaliso sokunweba imini ngenxa yaleyompi.—Joshuwa 9:3-27; 10:1-14.

Abavubukuli bathola kuleligquma umgodi ojulile, noma ichibi, elaliqoshwe edwaleni. AbaseGibeyoni babehla ngezitebhisi bangene kulelichibi futhi bakhe amanzi egumbini elingaphansi komhlaba. Ingabe leli kwakungaba ‘yichibi laseGibeyoni’ eliphawulwe ku-2 Samuweli 2:13? Abavubukuli bathola futhi imigede eqoshwe etsheni kanye nenqwaba yezinto zokwenza iwayini. Yebo, kubonakala sengathi iGibeyoni yayiyisikhungo sokwenza iwayini.

Ngesikhathi sikaDavide, itende, noma itabernakele, likaNkulunkulu weqiniso lalilapha. Inkosi uSolomoni yayiza lapha izokwenza imihlatshelo. UJehova wabonakala kuSolomoni ephusheni futhi wathembisa ukumnika “inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda,” kanye nengcebo. (1 AmaKhosi 3:4-14; 2 Korinte 1:3) Isihloko esisemakhasini 12-17 kulomagazini sibonisa ukuthi isizukulwane sabantu ababehlala lapha eGibeyoni babenelungelo elikhethekile phakathi kwesizwe sikaNkulunkulu esikhathini esithile kamuva. Uyazi ukuthi kanjani?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela