Uthando NgoJehova Lushukumisa Ukukhulekela Kweqiniso
“Ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe.”—1 JOHANE 5:3.
1, 2. Kufanele simkhonze ngasiphi isisusa uJehova?
IQEMBU lezivakashi ezingu-80 ezivela eJapane zazibuka iHholo Lomhlangano loFakazi BakaJehova eCalifornia, eU.S.A. Indawo ejabulisayo ezungezile, kuhlanganise nengadi enezinyoni okuthiwa amablue jay, amajuba, izinyoni okuthiwa amahummingbird, kwazenza zazizwa ziseduze ngisho nangokwengeziwe kuMdali wazo oMkhulu, uJehova uNkulunkulu. Owayebonisa leliqembu indawo ngokushesha waphawula ukuthi cishe wonke umuntu eqenjini wayekhonza isikhathi esigcwele njengephayona. Ngakho, kamuva, leliqembu labuzwa umbuzo oye wabuzwa kaningi: “Kungani kunamaphayona amaningi kangaka eJapane?” Kwathi ukuthuleka okwesikhashana. Khona-ke owesifazane othile osemusha waphendula ngokuzithandela: “Kungenxa yokuthi sithanda uJehova.”
2 Uthando ngoJehova—yeka indlela lokhu okusishukumisa ngayo ukuba sishiseke enkonzweni yakhe! Yiqiniso, akuwona wonke umuntu ongaphayona. Empeleni, ingxenye enkulu yabamemezeli bethu boMbuso abangaphezu kwezigidi ezine ayizange ikwazi ukuhlelela lelilungelo. Kodwa abaningi abazimo zabo ezibavumelayo balwela ukukufanelekela. Thina abanye ‘singathemba kuJehova, senze okulungileyo,’ sibonise uthando lwethu ngokuba nengxenye ethile emsebenzini wokwenza abafundi. (IHubo 37:3, 4) Futhi bonke abakhulekeli bakaJehova abazinikezele bangahlanganyela ekugqugquzeleni umoya wobuphayona, benikeza ukusekela kothando kulabo abaphayonayo.—Mathewu 24:14; 28:19.
3. Yimuphi umehluko okumelwe uphawulwe phakathi kwamaKristu amaningi okuzisholo noFakazi BakaJehova?
3 Ngokungafani namaKristu amaningi okuzisholo, athatha inkolo kalula njengokungathi iyisithasiselo nje ekuphileni kwawo, oFakazi BakaJehova babonisa uthando olujulile ngoNkulunkulu olubashukumisela ukuba baqhubeke ‘befuna kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.’ Lokhu kuye kwadinga ukuzidela, kodwa yeka ukuthi lokho kuzidela kuye kwaba okunenzuzo kanjani! (Mathewu 6:33; 16:24) Kuye kwaba okuvumelanayo nomyalo wokuqala omkhulu, owashiwo okokuqala nguMose futhi waphindwa uJesu Kristu: “UJehova uNkulunkulu wethu, uJehova, munye; wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo wonke amandla akho.”—Marku 12:29, 30; Duteronomi 6:4, 5.
4, 5. Obani okumelwe babhekwe njengabathembekile, futhi ukwethembeka kungaboniswa kanjani?
4 Esinye sezisebenzi zasendlunkulu yoFakazi BakaJehova muva nje saphawula kuF. W. Franz, umongameli weWatch Tower Society oneminyaka engu-98 ubudala oseneminyaka engaphezu kuka-70 esenkonzweni yesikhathi esigcwele: “Uye waba isibonelo esihle sokwethembeka, Mzalwan’ uFranz.” Futhi uMzalwan’ uFranz waphendula: “Yebo! Kumelwe uthembeke.” Lokho kuyifingqa kahle indaba. Kunoma isiphi isici somsebenzi woMbuso esikhonza kuso, singathembeka.—1 Korinte 4:2; Galathiya 3:9.
5 Yiqiniso, abaningi bangathanda ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova, kodwa imithwalo yemfanelo engokomBhalo noma izinkinga ezingokwempilo zingase zibathiye ngandlela-thize. Nokho, labo abangenakukwazi ukuphayona akumelwe babhekwe njengabangathembekile ngokwanele. Abanye baye bahlala beqotho ngaphansi kwezimo ezilinga kakhulu futhi ngokuvamile iminyaka eminingi kakhulu. Yebo, baye bathembeka! Baye babonisa uthando ngoJehova futhi bakhonza ngenkuthalo ekusekeleni ngenhliziyo yonke amalungiselelo akhe angokwasezulwini. Baye baba nesithakazelo esibukhali emsebenzini wamaphayona futhi baye banikeza isikhuthazo kulabo abangaba amaphayona, ngokuvamile okungabantwana babo siqu, ukuba basebenzele emgomeni wobuphayona njengomsebenzi wokuphila oyedlula yonke eminye.—Qhathanisa noDuteronomi 30:19, 20.
6, 7. Isandulela esikweyoku-1 Samuweli 30:16-25 sisebenza kanjani namuhla?
6 Ukusebenza ngobunye bothando kwabo bonke abantu bakaNkulunkulu namuhla kungafanekiswa ngokulandisa okukweyoku-1 Samuweli 30:16-25. Lapho elwa nama-Amaleki, “uDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso” futhi wathatha impango eningi. Lapho ephindela ekamu, amanye amadoda kaDavide ayelwa acela ukuba banganikwa impango labo ababengazange baqhubekele nawo lapho impi yayibambene khona. Kodwa uDavide waphendula: “Ngubani oyakunilalela kulendaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba-njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.”
7 Isimiso esifanayo siyasebenza namuhla. Amaphayona aphambili empini yethu engokomoya. Kodwa bonke abanye ebandleni banikeza ukusekela kwenhliziyo yonke, okuqotho. Futhi umphumela omuhle womsebenzi wabo ohlangene phakathi no-1991 uvezwe eshadini elisemakhasini andulelayo.
Umbiko Ovelele
8. (a) Umbiko womhlaba wonke wembulani ngokuqondene nengqikithi yenani labamemezeli namahora abawachitha enkonzweni kaJehova? (b) Imaphi amaphuzu athakazelisayo owaphawulayo ngamazwe asanda kuvela embikweni?
8 Yebo, amakhasi amane andulelayo alomagazini abonisa indlela imizamo ehlangene yabo bonke abakhulekeli abashisekayo bakaJehova eye yanikela ngayo ekwandeni okuvusa amadlingozi emhlabeni wonke phakathi no-1991. Kubikwe inani elisha eliphakeme elihle kakhulu labamemezeli boMbuso abangu-4 278 820—ukwanda ngamaphesenti angu-6,5. Laba banikela amahora angu-951 870 021 (acishe abe izigidi eziyinkulungwane!) enkonzweni. Futhi phawula umzamo oqotho owenziwe abafowethu emazweni ngaphambili abevinjelwe kodwa manje avela embikweni womhlaba wonke—iBulgaria, iCameroon, iCzechoslovakia, iEthiopia, iMozambique, iNicaragua, iRwanda, neU.S.S.R.
9, 10. (a) Amaphayona aye asabela kanjani enseleleni yezikhathi ezinzima? (b) Yisiphi isikhuthazo esinikezwayo ngokungenela inkonzo yobuphayona?
9 Eminyakeni yamuva umoya wobuphayona uye wasakazekela kuwo wonke umhlaba. Ngisho nasemazweni lapho inkululeko yokukhulekela isanda kunikezwa khona, izinhlu zamaphayona ziyanda. Izimo zezomnotho ezinzima azibakhinyabezi laboFakazi abazimisele ukuba banikele ngakho konke abanakho ekukhulekelweni kukaJehova. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 11:23, 27.) Ngesilinganiso sanyanga zonke, amaphesenti angu-14 abo bonke abamemezeli boMbuso abephayona. Inani eliphakeme lamaphayona lingu-780 202, okuyisibalo esihle kakhulu samaphesenti angu-18 abo bonke abamemezeli.
10 Lapho bebona izinjabulo ezijatshulelwa amaphayona, nabanye bayakhuthazeka ukuba bangenele lenkonzo. Uma ungakaphayoni, ingabe uthando lwakho ngoJehova lungakushukumisela ukuba uthi, “Nangu mina; ngithume mina,” njengoba sifunda kuIsaya 6:8? Noma ngokutadisha kwakho iBhayibheli ngenkuthalo, ingabe iZwi likaNkulunkulu lingokhela isifiso esivuthayo enhliziyweni yakho, ukuze umane nje uthathe isinyathelo esengeziwe sokungenela inkonzo yobuphayona? Ngisho nasesikhathini sokulingwa, izwi likaJehova lashukumisa uJeremiya ukuba angazigodli.—Jeremiya 20:9.
Inkonzo Yothando Esintwini
11. Umsebenzi wezifundo zeBhayibheli zasekhaya uye wachuma kanjani?
11 Esinye sezici ezivelele zombiko wonyaka siwukwanda kwenani lezifundo zeBhayibheli zasekhaya zamahhala, ezingu-3 947 261, eziqhutshwa sikhathi sonke inyanga ngayinye emhlabeni wonke. Leli ilungiselelo lothando lapho oFakazi BakaJehova belandelela khona isithakazelo abasithola emsebenzini wabo wendlu ngendlu. Siyajabula ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu babo bonke ubuzwe nezizinda zobuhlanga, sisebenza ngenkuthalo efana naleyo eyaboniswa umphostoli uPawulu. ‘Ukufakaza kwakhe kubaJuda nakumaGreki’ ngokungangabazeki kwakudinga amahora amaningi okufundisa ngeqiniso. (IzEnzo 20:20, 21) Kungokufanayo nanamuhla. OFakazi BakaJehova basiza “abantu bonke [ukuba] basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.”—1 Thimothewu 2:4.
12-14. Imiphi imibiko ejabulisayo evela eYurophu?
12 Yeka ukuthi ivusa amadlingozi kanjani imibiko yomsebenzi wezifundo zeBhayibheli owandisiwe eMpumalanga Yurophu! Emashumini amaningi eminyaka abafowethu lapho bekumelwe bahlangane ngamaqembu amancane, mhlawumbe benekhophi eyodwa kuphela esigugile, yeNqabayokulinda endala eyayenziwe ngemimeograph kulo lonke iqembu. Kodwa manje inala yamaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli kuthunyelwa ngobuningi kulawomazwe. Lokhu kukhumbuza umuntu ngeSihlabelelo Sezihlabelelo 2:4: “[UJesu Kristu] ungingenisile endlini [engokomoya] yewayini, nebhanela lakhe phezu kwami laliluthando.” Njengoba sebenawabo siqu amakhophi omagazini, abaningi sebekuhlomela kahle ‘ukuqondisa kahle izwi leqiniso.’—2 Thimothewu 2:15.
13 Ibandla elinabamemezeli abangu-103 eliseSt. Petersburg, eRussia, muva nje labika izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingaphezu kuka-300. Njengezithelo zalomzamo wezifundo zeBhayibheli, kwabhapathizwa oFakazi abasha abangu-53 ezinyangeni eziyisishiyagalombili nje kuphela. Abangaphezu kwengxenye yalelibandla banezinyanga eziyisishiyagalombili noma ngaphansi beseqinisweni! Futhi abanabo abadala—kunenceku ekhonzayo eyodwa kuphela enakekela intuthuko yabo engokomoya.
14 Omunye ummemezeli woMbuso e-Estonia wabuzwa umfundi weBhayibheli ukuthi wayengabamemela yini abanye babangane bakhe esifundweni. Lapho uFakazi efika kulelikhaya ngesonto elilandelayo, wathola abantu abangaphezu kuka-50 behlangene! Yebo, kwakudingeka amalungiselelo akhethekile ukuze kuqhutshekwe kunakekelwa sonke lesosithakazelo.
15. Yini engase ishiwo ngokuqondene nenani lababa-khona eSikhumbuzweni nababhapathizwayo?
15 Abaningi abaqhutshelwa izifundo banambitha ubudlelwane bobuKristu okokuqala ngokuba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Kulonyaka odlule, inani lababa khona ledlula ku-10 000 000 ngokokuqala ngqá, abangu-10 650 158 babehlangene emhlabeni wonke emabandleni angu-66 207 ngenjongo yalesenzakalo esijabulisayo. Emazweni amaningi aseLatin America, eAfrika, naseMpumalanga Yurophu, inani lababekhona laliphindwe kathathu noma kane kunenani labamemezeli boMbuso. Manje kumelwe siqale ukulungiselela iSikhumbuzo salonyaka esizoba ngoLwesihlanu, ngoApril 17. Kwethenjwa ukuthi inani elikhulu labafundi beBhayibheli abasha ababa khona eSikhumbuzweni liyoqhubeka lithuthukela ekubhapathizweni. Ngokuqondene nobhapathizo, ngo-1991 siphinde sabona abangaphezu kuka-300 000 bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova uNkulunkulu ngokucwiliswa emanzini.
Abathandi Benkululeko Yokwesaba UNkulunkulu
16. Imiphi imibiko evusa amadlingozi evela eMihlanganweni YesiGodi “Yabathandi Benkululeko”?
16 Isici esiphawulekayo sonyaka wenkonzo ka-1991 siye saba uchungechunge lweMihlangano YesiGodi “Yabathandi Benkululeko,” manje esiphelile emazweni aseNyakatho Nenkabazwe kodwa esazoqhubeka kuze kube u-1992 emazweni aseNingizimu Nenkabazwe. Isimiso esiphelele somhlangano sanikezwa ngokokuqala ngqá emazweni amaningana aseMpumalanga Yurophu, lapho abafowethu bejabulela khona ukusebenzisa inkululeko yabo entsha ekudumiseni uJehova. Ngo-October 1991 ingqikithi yenani lababekhona ebikiwe emihlanganweni engu-705 yokuqala emazweni angu-54 yayingu-4 774 937.
17, 18. (a) Iyiphi inkululeko abakhulekeli bakaJehova abayijabulelayo futhi abasayilindele? (b) Inkululeko yokwesaba uNkulunkulu yehluke kanjani enkululekweni yezwe?
17 UJesu watshela abafundi bakhe: “Iqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Namuhla, iqiniso leBhayibheli liye lakhulula izigidi ezimfundisweni zeLobukholwa. Lezigidi ziye zafunda ukuthi ilungiselelo likaJehova lomhlatshelo kaJesu wesihlengo liyokwenza kube nokwenzeka ngesintu ukuba ‘sikhululwe ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:19-22) Yeka inkululeko enkulu okuyoba yiyo—ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi ngaphakathi kwemingcele efanelekile ebekwa uJehova ngothando!—Isaya 25:6-8; qhathanisa nezEnzo 17:24-26.
18 Inkululeko oFakazi BakaJehova abayijabulelayo manje, futhi abathemba ukuyijabulela kakhulu ngokwengeziwe esimisweni sezinto esisha sikaNkulunkulu, ivela kuNkulunkulu wethu, uJehova. (2 Korinte 3:17) Ayencikile kunoma iyiphi inhlangano yezombangazwe noma eyokugumbuqelwa kombuso. (Jakobe 1:17) Ukuze kuvinjelwe noma yikuphi ukuliqonda kabi leliphuzu, amabheji omhlangano ka-1991 ayefakwe oFakazi BakaJehova emazweni athile aseMpumalanga Yurophu ayenamagama athi “Abathandi Benkululeko Yokwesaba UNkulunkulu” kunokumane nje athi “Abathandi Benkululeko.”
Uthando Olujulile NgoJehova
19. Ukusondelana noJehova ngomthandazo kungasisekela kanjani?
19 Uthando lwethu ngoJehova nokwethembela kwethu kuye kuyosenza sihlale siseduze naye ngomthandazo. Yilokhu kusondelana noJehova okuye kwasiza abafowethu ukuba bakhuthazelele ubunzima obuningi nokushushiswa. (IHubo 25:14, 15) Ngehora lokulingwa kwakhe okukhulu, uJesu walondoloza ukusondelana noYise ngomthandazo. (Luka 22:39-46) Ukusondelana okunjalo ngomthandazo noJehova kwasekela uStefanu phakathi nosizi lokufela kwakhe ukholo. Ebheke ezulwini njengoba ayesezokhandwa ngamatshe aze afe, wathi: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu [uJesu] imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.”—IzEnzo 7:56.
20-22. Okunye okuhlangenwe nakho kubonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu uyayizwa imithandazo?
20 Njengoba abakhulekeli bakaJehova beye babona kaningi, uJehova uyayiphendula imithandazo esekuvumelaneni nentando yakhe. Ngokwesibonelo, ezweni elithile laseAfrika lapho umsebenzi woFakazi uvinjelwe khona, iphayona elikhethekile elaliya enyakatho ngebhasi laliphethe isaka elikhulu elalinezincwadi zoMbuso nezimvilophi elalizihambisa kwenye indawo. Isisebenzi sasebhasini esasilayisha sabuza umzalwane: “Kukhonani kulelisaka?” Umzalwane washo into yokuqala eyafika engqondweni yakhe: “Kuneposi.”
21 Endleleni, ibhasi ladlula ngesivinini endaweni yokuhlola izimpahla esemgwaqweni, futhi amaphoyisa omgwaqo alijaha futhi alimisa, esola ukuthi lalithwele izinto ezingekho emthethweni. Ayala ukuba bonke abagibeli behle ebhasini futhi kuhlolwe zonke izimpahla. Lena kwakuyinhlekelele! Umzalwane waqhela ibangana esixukwini esivungazelayo, futhi eguqa ngamadolo, wathandaza kuJehova. Lapho ebuyela esixukwini, umthwalo womgibeli ngamunye wawuvulwa futhi ucwaningwa ngokucophelela okukhulu. Lapho sekuzovulwa isaka lomzalwane, buthule wacela usizo kuJehova.
22 “Elikabani lelisaka, futhi liphetheni?” kumemeza iphoyisa. Ngaphambi kokuba umzalwane avule umlomo wakhe, isisebenzi sasebhasini saphendula futhi sathi: “Yiposi elisuka —— kwelinye ihhovisi leposi liya —— kwelinye ihhovisi leposi.” “Kulungile-ke,” kusho iphoyisa. Laphakamisa isaka lase lilinika isisebenzi. “Uqiniseke ukuthi uligcina endaweni elondekile ohambweni,” lisiyaleza. Iphayona elikhethekile laphinde laguqa ngamadolo libonga uMuzwi wemikhuleko.—IHubo 65:2; IzAga 15:29.
23. Yini uJehova aye wayibonisa, futhi nokho kungani ngezinye izikhathi evumela ushushiso ukuba luqhubeke luze luziphelele?
23 Nokho, lokhu akusho ukuthi abakhulekeli bakaJehova bakhululeke ngokuphelele ezenzakalweni eziyinhlekelele. Ezimweni ezithile, kokubili ezikhathini zeBhayibheli nanamuhla, uJehova uye wabonisa ukuthi angabakhulula abantu bakhe. Kodwa ukuze kuxazululeke impikiswano yobuqotho, ngezinye izikhathi ubonakala eluvumela ushushiso ukuba luqhubeke luze luziphelele. (Qhathanisa noMathewu 26:39.) Ngaphezu kwalokho, uJehova akabavikeli nje ngokuzenzekelayo abantu bakhe ezingozini, ezimpini zombango, noma ebugebengwini, nakuba ukusebenzisa ukuhlakanipha okuhluzekile okusekelwe eBhayibhelini kungase kube usizo. (IzAga 22:3; UmShumayeli 9:11) Nokho, singaqiniseka ukuthi kungakhathaliseki ukuthi siyakhululwa ezimweni ezilingayo noma cha, ukwethembeka kwethu kuyovuzwa, ngisho nangovuko uma kudingekile.—Mathewu 10:21, 22; 24:13.
24. Iziphi izipho zothando uJehova aye wazilungiselela, futhi singasabela kanjani othandweni lwakhe?
24 Yeka indlela ezimangalisa ngayo izipho zikaJehova zothando! Isipho sakhe esintwini esiyilomhlaba nakho konke okukuwo siwukubonakaliswa okuvelele kothando lwakhe. (IHubo 104:1, 13-16; 115:16) Futhi isipho sikaNkulunkulu sozwela seNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ihlenge isintu esonweni nasekufeni siyisipho esikhulu kakhulu sothando esake senziwa. “Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo. Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe-yinhlawulo ngezono zethu.” (1 Johane 4:9, 10) Ekusabeleni kulolothando, kwangathi singaqiniseka ngokuthi “nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 8:38, 39.
Ukubukeza Lesihloko
◻ Kusho ukuthini ukuba ngothembekile?
◻ Kukuziphi izingxenye zomsebenzi esingabonisa kuzo uthando ngoJehova?
◻ Iziphi izici zombiko wonyaka wenkonzo ezikuthakazelise kakhulu?
◻ Singakubonisa kanjani ukwazisa ngezipho zikaJehova zothando?
[Ibhokisi ekhasini 15]
Kungani Kunamaphayona Amaningi Kangaka?
Ngokwemibiko, iminyaka engu-2 600 amaJapane ayengabakhulekeli abaqotho bababusi bawo. Ezimpini zalelikhulu lama-20 leminyaka lilodwa, amadoda aseJapane angaphezu kwezigidi ezintathu ayesempini anikela ngokuphila kwawo, ngenxa yokuthi ayecabanga ukuthi alukho udumo olwalwedlula ukufela unkulunkulu wawo ongumbusi. Kodwa ukushisekela impi kwamaBuddha namaShinto kwehluleka eMpini Yezwe II, futhi ngemva kwalokho umbusi wabenqaba ubunkulunkulu bakhe. Yini eyayizovala lesikhala esingokwenkolo? Ngokujabulisayo, izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezaziqhutshwa izithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova futhi kamuva ngoFakazi bomdabu zasiza abaningi ukuba bathole uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi banikezele ukuphila kwabo kuye. Lokhu kuzinikezela kusho okukhulu kulaboFakazi abangamaJapane. Uma esikhathini sangaphambili ayenganikela ngokuphila kwawo kunkulunkulu ongumbusi, yeka intshiseko enkulu anikela ngayo manje ngamandla awo njengamaphayona ekukhulekeleni uNkulunkulu ophilayo noMdali wendawo yonke—iNkosi eBusayo uJehova!
[Ishadi ekhasini 10-13]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1991 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka umqulu)
[Isithombe ekhasini 16]
Abathandi benkululeko yokwesaba uNkulunkulu—abakhulekeli bakaJehova emhlanganweni ePrague, ngoAugust 9-11, 1991