Ingabe Uyayazisa Inhlangano KaJehova Yasemhlabeni?
BHEKA idayimani elisikwe kahle nelihle kakhulu, ubonani? Itshe eliyigugu elihle ngempela. Manje ake uhlole lelodayimani ngesibona-khulu, ubonani? Cishe ubona imihuzuko, imifantu, izinto ezivaleleke ngaphakathi, noma ezinye izimfa.
Ingabe ubungalibhubhisa noma ulilahle lelidayimani ngenxa nje yendlela elibukeka ngayo uma ulibuka ngesibona-khulu? Ngokuqinisekile ubungeke! Uma ususa lesosibona-khulu, usengakwazi ukwazisa ubuhle nokukhazimula okungavamile okulenza libe ngelivelele phakathi kwamanye amatshe ayigugu.
Njengedayimani, inhlangano kaJehova yasemhlabeni ingevelele ngezindlela eziningi. Ayikho enye inhlangano emhlabeni ejabulela ubuhlobo obuseduze noMdali. Encwadini ayibhalela amaKristu agcotshiwe ekhulu lokuqala leminyaka, ayenethemba lasezulwini, umphostoli uPetru wakhuluma ngalobuhlobo obukhethekile. Wathi: “Nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo.” (1 Petru 2:9) Namuhla isixuku esikhulu ‘sezinye izimvu,’ esinethemba lokuphila okuphakade emhlabeni, siye sahlanganyela nabaseleyo ‘balesosizwe esingcwele’ ekukhulekeleni uNkulunkulu. (Johane 10:16) Ehlangene ndawonye lamaqembu amabili akha inhlangano evelele njengetshe eliyigugu elihle nelikhazimula ngokungavamile.
Ukugwema Ukubheka Abanye Ngeso Eligxekayo
Kodwa kumelwe siqaphele ukuthi lenhlangano yomhlaba wonke yakhiwa abantu abangaphelele. Ngakho, yini ebingenzeka uma besingayibheka ngesibona-khulu esingokomfanekiso? Yebo, besiyothola ukuthambekela kwesono namaphutha obuntu kubantu ngabanye abayingxenye yayo.—Roma 3:23.
Umphostoli uPawulu wavuma ukuthi wayenamaphutha anjalo. Wathi: ‘Uma ngithanda ukwenza okuhle, kuba khona okubi kimi.’ (Roma 7:21, qhathanisa neNW.) Wonke amaKristu abhekana nempi efanayo. Wonke ayawenza amaphutha. Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi amanye ayahlupheka ngenxa yamaphutha omunye umuntu. Ingabe kufanele sidumale noma sidangale lapho kuvezwa amaphutha noma ukungapheleli kwamaKristu esikanye nawo? Ingabe lokho kufanele kuqede ukwazisa esinakho ngenhlangano kaJehova? Lutho neze! Kunalokho, kufanele senze sengathi siqhelisa isibona-khulu, futhi siyeke ukugxila ekungaphelelini kwabantu ngabanye.
ImiBhalo ikhuluma ngezimfanelo eziningi ababeyobonakala ngazo labo umoya ongcwele osebenza kubo. Ezinye zazo “uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) Ngokuphambene, izinhlangano zenkolo, zezombangazwe, nezamabhizinisi zalelizwe ngokuvamile zibonisa lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi imisebenzi yenyama: “[u]butha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo.” (Galathiya 5:20, 21) Ngakho, njengedayimani elikhazimulayo phakathi kwamatshe avamile, abantu bakaJehova baba ngabavelele ezweni elonakele ngokomoya.—Mathewu 5:14-16.
“Nipheleliswe Emqondweni Munye”
Esinye isici esivelele sedayimani siwukwakheka kwama-athomu alo abumbene nahlangene. Ngokufanayo, inhlangano kaJehova yasemhlabeni ibonakalisa ubunye obungenakuqhathaniswa emfundisweni nasebuzalwaneni. Labo abayingxenye yaleyonhlangano basebenzisa isiyalo esitholakala eBhayibhelini kweyoku-1 Korinte 1:10, ethi: “Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume-zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.”
OFakazi BakaJehova futhi baye banqoba ubandlululo lohlanga nokuqhosha ngobuzwe. Njengoba ‘benokuhlakanipha kwaphezulu, abahlukanisi abantu ngokukhetha.’ (Jakobe 3:17, qhathanisa neNW.) Sidumisa uJehova ngalokho aye wakufeza ngokuqondene nalokhu enhlanganweni eyakhiwa abantu abangaphelele.
Ngokuphambene, umagazini iChristian Century, lapho ukhuluma ngonyaka ka-1990, wathi “kunanini ngaphambili izwe lalibonakala lihlukaniswe amaqembu enkolo nayimizwa ephathelene nobuhlanga nobuzwe ehlobene kakhulu nezinkolelo ezingokwenkolo. Kusukela eNdiya kuya eYurophu nokusuka eMpumalanga Ephakathi kuya ePacific, inkolo iye yahlobana nokwethembeka komuntu ohlangeni nasesizweni sakubo—ngokuvamile okuye kwaba nemiphumela ebhubhisayo ngokwezombangazwe.” Ngokusobala labo abafisa ukukhonza uNkulunkulu bangaphendukela enhlanganweni okuwukuphela kwayo ejabulela umoya kaJehova nesibusiso.
‘Ngenzé Ibunzi Lakho Laba Njengedayimani’
Ezintweni ezizivelela ngokwemvelo umuntu azaziyo idayimani lilukhuni ukuzedlula zonke. IBhayibheli libhekisela endleleni amadayimani asetshenziswa ngayo ekuklwebheni noma ekuqopheni izinto ezilukhuni. (Jeremiya 17:1) Futhi, phawula amazwi uJehova awasho kuHezekeli: “Bheka, ngenzé ubuso bakho bube-lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe-nqala njengamabunzi abo. Ngenzé ibunzi lakho [laba] njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha.” (Hezekeli 3:8, 9) UJehova wanikeza uHezekeli ukuzimisela okulukhuni njengedayimani okwamenza wakwazi ukuprofetha kubantu abanenkani.—Hezekeli 2:6.
Ngokufanayo namuhla, uJehova uye wanikeza abantu bakhe ubulukhuni obunjengobedayimani lapho bebhekene nokuphikiswa okukhulu. OFakazi BakaJehova baye bakhuthazelela ukuvinjelwa okungokomthetho, ukuhlasela kwezixuku, ukubulawelwa ezigxotsheni, ukushaywa, ukuboshwa ngokungafanele, ukuhlushwa, ngisho nokubulawa. Nokho, baye babonisa ukholo lwabo lungolungenakuphulwa.
“Izinceku Zami Ziyakuthokoza”
IBhayibheli labikezela ngesikhathi lapho abantu babeyoba ‘nesimo sokwesaba uNkulunkulu’ kodwa babonakale ‘bephika amandla akho.’ (2 Thimothewu 3:1, 5) Iphephandaba elithile libika ukuthi “amaProthestani, amaRoma Katolika namaJuda bonke bakhathazekile ngokuncipha kwabantu” emasontweni nasemasinagogeni abo. OFakazi BakaJehova, ngakolunye uhlangothi, bangabafundi abazimisele beBhayibheli. Ngamanani andayo, abasha nabadala, abesilisa nabesifazane, bonke baba khona emihlanganweni eminingi yamasonto onke. Incwadi eyayibhalelwe iphephandaba elithile yathi ngabo, “inkolo yabo iyinto eyigugu kakhulu abanayo, futhi iwukuphela kwento abakhathalela ukuxoxa ngayo nabanye abantu.”
Isimo sengqondo esinjalo senza inhlangano kaJehova ivelele njengedayimani eliyigugu. Futhi udumo luya kuLowo oqinisa futhi aqondise labantu abangaphelele ngomoya wakhe ongcwele.
Umprofethi uIsaya wabikezela: “Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bhekani, izinceku zami ziyakudla . . . Bhekani, izinceku zami ziyakuphuza . . . Bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza . . . Bhekani, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo.”—Isaya 65:13, 14.
Namuhla siyakubona ukugcwaliseka kwalesiprofetho. UNkulunkulu unakekela abantu bakhe ngendlela engavamile! Ngakho, uma uhlanganyela nabo, ungavumeli noma yikuphi ukucabanga okuphambene kukuncishe injabulo yakho. Bheka isimo sisonke futhi ukhumbule: Ayikho enye inhlangano emhlabeni ejabulela ukunakekela okukhethekile kukaNkulunkulu nesivikelo. Ungalokothi uyeke ukwazisa ilungelo onalo lokuba yingxenye yayo.