Ukufuna Ukuthula Kwengqondo
Yilokho owesifazane waseSalt Lake City, eUtah, eU.S.A., athi wayekufuna enkolweni iminyaka eminingi. “Ngaphambi kwezinyanga eziyisishiyagalombili ezidlule,” ebhala, “ngangicabanga ukuthi ngangingasoze ngibe nakho. Khona-ke oFakazi bafika ekhaya lami ngoFebruary. Senginezinyanga eziyisishiyagalombili ngitadisha, futhi ngiyaqaphela ukuthi niwukuphela kwalabo abalungiselelela abantu uMbuso kaNkulunkulu.”
Lona wesifazane wanezela: “Ngolunye usuku umngane wami onguFakazi wanginikeza incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Ayikho incwadi engake ngayijabulela njengalena. Ngokuqinisekile ingenye yezincwadi zeWatch Tower Society ezingcono kakhulu.”
Uma ufisa ukuthola ikhophi yalencwadi enhle, siza ugcwalise bese uthumela isigqebhezana esingezansi.
Ngingathanda ukuthola incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi angu-192 ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? (Ngaphandle kweR.S.A., bhalela igatsha IeWatch Tower elisendaweni yakini ukuze uthole ukwaziswa. Bheka ikhasi 2.)
[Isithombe ekhasini 32]
Iziprofetho zikaDaniyeli zokuqhubeka kwemibuso yezwe zagcwaliseka ngokunembe kangangokuthi abagxeki banamuhla bacabanga ukuthi zalotshwa ngemva kokugcwaliseka