Ungathuthuka Ngokomoya
KUNGABA nzima ukubona inani langempela lento. Kunjalo endabeni yamadayimane. Nakuba idayimane elipholishiwe licwazimula, idayimane elimaholo libenyezela ngokufiphele nje. Noma kunjalo, phakathi kulelo dayimane elimaholo kubonakala ngokungenakungatshazwa ukuthi lingaba yitshe elihle eliyigugu.
AmaKristu afana namadayimane amaholo ngezindlela eziningi. Nakuba singaphelele nakancane, sinokubaluleka okufihlekile uJehova akwazisayo. Njengamadayimane, sonke sinezimfanelo zethu ezihlukile. Futhi ngamunye wethu angathuthuka ngokwengeziwe ngokomoya uma efisa ngobuqotho. Ubuntu bethu bungapholishwa, ukuze bucwebezele ngokwengeziwe bukhazimulise uJehova.—1 Korinte 10:31.
Ngemva kokusikwa nokupholishwa, idayimane libekwa endaweni ezokwenza licwazimule ngokwengeziwe. Ngokufanayo, uJehova angasisebenzisa ezimweni noma ezabelweni ezihlukahlukene uma ‘sigqoka ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’—Efesu 4:20-24.
Intuthuko enjalo engokomoya ingase ingazenzakaleli, njengoba nje nedayimane lingacwazimuli njengetshe eliyigugu lapho lisesimweni salo semvelo. Kungase kudingeke sisuse ubuthakathaka obuthile obusekhona kithi, silungise isimo sethu sengqondo ngokuqondene nokwamukela umthwalo wemfanelo, noma ngisho nokuzikhandla ukuze siyeke ukwenza izinto ezingokomoya ngenjwayelo. Kodwa singathuthuka uma sifuna ngempela ukwenza kanjalo, ngoba uJehova uNkulunkulu angasinika “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7; Filipi 4:13.
UJehova Uyaziqinisa Izinceku Zakhe
Ukusika amadayimane kudinga ukuqiniseka okubangelwa ukuba nolwazi oluqondile, ngoba lapho ingxenye yedayimane elimaholo isisikiwe yasuswa, ngokuvamile isuke isilahlekile. Leli litshe elibizayo kudingeka lisikwe—ngezinye izikhathi kusikwe amaphesenti afinyelela ku-50 alo—ukuze libe sesimweni esifiselekayo. Nathi ngokufanayo sidinga ukuqiniseka okubangelwa ulwazi olunembile ukuze silungise ubuntu bethu futhi sithuthuke ngokomoya. Kumelwe siqiniseke ikakhulukazi ngokuthi uJehova uzosinika amandla.
Nokho, singase sizizwe singafaneleki noma sicabange ukuthi asikwazi ukwenza okwengeziwe. Esikhathini esidlule, izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zazizwa ngaleyo ndlela. (Eksodusi 3:11, 12; 1 AmaKhosi 19:1-4) Lapho uNkulunkulu emabela ukuba abe “umprofethi ezizweni,” uJeremiya wathi: “Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.” (Jeremiya 1:5, 6) Nokho, naphezu kokuba kwakhe madolo-nzima, uJeremiya waba umprofethi onesibindi owaletha imiyalezo engagwegwesi kubantu abangenabungane. Kwenzeka kanjani lokhu? Wafunda ukuncika kuJehova. Kamuva uJeremiya wabhala: “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.”—Jeremiya 17:7; 20:11.
Namuhla, uJehova ubaqinisa ngokufanayo labo abathembela kuye. U-Edward,a uyise wezingane ezine owayethuthuka kancane ngokomoya, wakuthola kuyiqiniso lokhu. Uyachaza: “Ngase ngineminyaka engu-9 ngingomunye woFakazi BakaJehova, kodwa kwakunjengokungathi ngimi ndawonye ngokomoya. Inkinga yayiwukuthi ngangingatholi sikhuthazo esitheni futhi ngingazethembi. Ngemva kokuthuthela eSpain, ngazithola ngisebandleni elincane elalinomdala oyedwa kuphela nenceku ekhonzayo eyodwa. Ngenxa yesidingo, lo mdala wangicela ukuba ngisingathe izabelo eziningi. Ngangithuthumela lapho nginikeza izinkulumo zami zokuqala nezingxenye zomhlangano. Nokho, ngafunda ukuncika kuJehova. Lo mdala wayengitusa njalo futhi esikisela ngokuhlakanipha izindlela engingathuthukisa ngazo.
“Ngesikhathi esifanayo, ngandisa umsebenzi wami wenkonzo yasensimini futhi ngahola kangcono ngokomoya emkhayeni wami. Ngenxa yalokho, iqiniso laba nenjongo ngokwengeziwe kuwo wonke umkhaya, futhi ngazizwa nganeliseke kakhulu. Manje ngiyinceku ekhonzayo, futhi ngisebenza kanzima ukuze ngibe nezimfanelo zombonisi ongumKristu.”
“Hlubulani Ubuntu Obudala”
Njengoba u-Edward aqaphela, intuthuko engokomoya idinga ukuthembela kuJehova. Kubalulekile nokuba ‘nobuntu obusha’ obunjengobukaKristu. Kungenziwa kanjani lokhu? Isinyathelo sokuqala ‘siwukuhlubula’ lezo zici eziyingxenye yobuntu obudala. (Kolose 3:9, 10) Njengoba nje izinto zemvelo ezingelona idayimane, njengamanyela, kudingeka zisuswe edayimaneni elimaholo ukuze libe itshe eliyigugu elicwazimulayo, nezimo zengqondo “zezwe” kudingeka zilahlwe ukuze ubuntu bethu obusha bucwebezele.—Galathiya 4:3.
Esinye isimo sengqondo esinjalo esokuba madolo-nzima ukwamukela umthwalo wemfanelo ngenxa yokwesaba ukuthi kuzolindeleka okuningi kakhulu kithi. Yiqiniso, umthwalo wemfanelo usho umsebenzi, kodwa umsebenzi owanelisayo. (Qhathanisa nezEnzo 20:35.) UPawulu wavuma ukuthi ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kudinga ukuba ‘sisebenze kanzima futhi sizikhandle.’ Wathi senza kanjalo ngenjabulo “ngoba ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo,” ongalokothi akhohlwe umsebenzi esiwenzela amaKristu esikanye nawo nabanye.—1 Thimothewu 4:9, 10; Heberu 6:10.
Amanye amadayimane aba “nobuthakathaka” obudaleke lapho akheka futhi kudingeka aphathwe ngokucophelela. Nokho, ngosizo lwethuluzi okuthiwa i-polariscope, umpholishi angabubona ubuthakathaka abese esebenza ngokuphumelelayo ngalelo litshe. Mhlawumbe sinobuthakathaka bangaphakathi, noma inkinga yobuntu, ngenxa yesizinda sethu noma lokho esiye sabhekana nakho okubuhlungu. Singenzenjani? Okokuqala, kudingeka sivume ngaphakathi kithi ukuthi sinenkinga futhi sizimisele ukuyinqoba ngezinga okungenzeka ngalo. Kufanele sithululele kuJehova izinkinga zethu ngomthandazo, futhi mhlawumbe sifune usizo olungokomoya kumdala ongumKristu.—IHubo 55:22; Jakobe 5:14, 15.
Ubuthakathaka obunjalo obungaphakathi bamthinta uNicholas. “Ubaba wayewumlutha wotshwala, futhi wayebangela mina nodadewethu ukuhlupheka okukhulu,” echaza. “Lapho ngiphuma esikoleni, ngangenela ibutho lezempi, kodwa ngokushesha ukuthambekela kwami kokuvukela kwangifaka enkathazweni. Iziphathimandla zebutho lezempi zangigquma ejele ngenxa yokuthengisa izidakamizwa, futhi ngesinye isikhathi ngahamba ngaphandle kwemvume. Ekugcineni, ngalishiya ibutho lezempi, kodwa ngangisenayo inkinga. Nakuba ukuphila kwami kwakonakele ngenxa yokusebenzisa kabi izidakamizwa nokuphuza ngokweqile, nganginesithakazelo eBhayibhelini futhi ngifisa ukuba nenjongo ekuphileni. Ekugcineni, ngahlangana noFakazi BakaJehova, ngashintsha indlela yami yokuphila, futhi ngamukela iqiniso.
“Nokho, kwathatha iminyaka eminingi ngaphambi kokuba ngamukele futhi ngisingathe ukushiyeka kobuntu bami. Ngangilizonda kakhulu igunya futhi ngithukuthela lapho ngilulekwa. Nakuba ngangifuna ukusetshenziswa uJehova ngokugcwele, lokho kushiyeka kwangithiya. Ekugcineni, ngosizo lwabadala ababili abanokuqonda, ngayivuma inkinga yami futhi ngaqala ukusebenzisa iseluleko sabo sothando esingokomBhalo. Nakuba ngezikhathi ezithile ngiyaye ngithi ukuthukuthukuthela, manje sengiye ngasilawula isimo sami sokuvukela. Ngiyayazisa kakhulu indlela uJehova asebenzelana ngesineke ngayo nami nosizo lothando lwabadala. Ngenxa yentuthuko yami engokomoya, muva nje ngiye ngamiswa njengenceku ekhonzayo.”
Njengoba uNicholas akuthola, akulula ukushintsha izimo zengqondo ezigxilile. Singase sibhekane nenselele efanayo. Mhlawumbe sizwela ngokweqile. Kungenzeka sifukamele isikhalo, noma kungenzeka sigxila kakhulu ekufuneni ukukhululeka. Ngenxa yalokho, kungenzeka intuthuko yethu yobuKristu ayiyinhle. Abapholishi bamadayimane babhekana nesimo esifanayo ngamatshe abawabiza ngokuthi ama-naat. Eqinisweni lawa amatshe amabili aye ancibilika ahlangana lapho kwakheka idayimane. Ngenxa yalokho, ama-naat akhula ngezindlela ezimbili ezingqubuzanayo, okwenza ukuwasika ngokwesimo setshe kube nzima kakhulu. Esimweni sethu, sithola “isimo” somoya ovumayo silwa ‘nesimo’ senyama engaphelele. (Mathewu 26:41; Galathiya 5:17) Ngezinye izikhathi, singase sizizwe sithambekele ekuwuyekeni ngokuphelele lo mzabalazo, sizithethelela ngokuthi ukungapheleli kobuntu bethu akubalulekile. Singase sithi, ‘Kakade umkhaya wakithi nabangane bami basangithanda.’
Nokho, uma sifuna ukukhonza abafowethu futhi sikhazimulise uBaba wethu osezulwini, kudingeka ‘senziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo yethu’ ngokugqoka ubuntu obusha. Kuwufanele umzamo, njengoba uNicholas nabanye abaningi bengakufakazela lokho. Umpholishi wedayimane uyazi ukuthi isisihla esisodwa singonakalisa lonke idayimane. Ngokufanayo, ngokungakunaki ukushiyeka okuthile okusebuntwini bethu, singonakalisa ukubukeka kwethu okungokomoya. Okubi nakakhulu, ubuthakathaka obukhulu bungaholela ekubeni siwe ngokomoya.—IzAga 8:33.
‘Unjengomlilo’ Phakathi Kwethu
Umpholishi wedayimane ufuna ukugqamisa inhlansi ephakathi kwedayimane. Lokhu ukwenza ngokuhlela izingxenye zalo ngendlela yokuba zakhe uthingo. Phakathi kwedayimane ukukhanya kwemibala ehlukahlukene kulokhu kubaneka, kwakhe leyo nhlansi eyenza amadayimane acwazimule. Ngokufanayo, umoya kaNkulunkulu ungaba ‘umlilo’ phakathi kwethu.—1 Thesalonika 5:19; IzEnzo 18:25; Roma 12:11.
Kodwa kuthiwani uma sizizwa sidinga ukukhuthazwa ngokomoya? Kungenziwa kanjani lokhu? Kudingeka ‘sizindle ngezindlela zethu.’ (IHubo 119:59, 60) Lokhu kuyohilela ukubona izinto ezehlisa ijubane lethu ngokomoya bese sinquma ukuthi iziphi izinto ezingokwasezulwini okudingeka siziphishekele ngentshiseko eyengeziwe. Singajulisa ukwazisa kwethu ngezinto ezingokomoya ngesifundo somuntu siqu njalo nangomthandazo oqotho. (IHubo 119:18, 32; 143:1, 5, 8, 10) Ngaphezu kwalokho, ngokuzihlanganisa nalabo abasebenza kanzima okholweni, siyosiqinisa ngokwengeziwe isinqumo sethu sokukhonza uJehova ngentshiseko.—Thithu 2:14.
ULouise, owesifazane osemusha ongumKristu, wavuma: “Ngakucabangela iminyaka emibili ukuba yiphayona elivamile ngaphambi kokuba ngibhalise njengephayona, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Kwakungekho lutho olwalungivimbela, kodwa ngangenza izinto ngenjwayelo nginethezekile, futhi ngangingenzi mzamo wokukuyeka lokho. Khona-ke ubaba washona ngokuzumayo. Ngaqaphela ukuthi ukuphila kuyinto edinga ukuphathwa ngokucophelela kanjani, futhi ngangingakusebenzisi kahle okwami. Ngakho ngashintsha umbono wami ngezinto ezingokomoya, ngandisa inkonzo yami, futhi ngaba yiphayona elivamile. Ababa usizo olukhethekile kule ndaba kwaba abafowethu nodadewethu abangokomoya ababewasekela njalo amalungiselelo enkonzo yasensimini futhi behamba nami njalo enkonzweni. Ngiye ngafunda ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kuba nemiphumela emihle noma emibi, siba nezindinganiso nemigomo efanayo neyalabo esizihlanganisa nabo.”
Ukulolwa Njengokungathi Ngensimbi
Amadayimane izinto eziqine kunazo zonke ezakheka ngokwemvelo emhlabeni. Ngakho, idayimane lingasikwa ngelinye. Lokhu kungase kukhumbuze abafundi beBhayibheli ngesaga esithi: “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.” (IzAga 27:17) ‘Bulolwa’ kanjani ubuso bomuntu? Omunye umuntu angase aphumelele ekuloleni isimo esingokwengqondo nesingokomoya somunye, njengoba nje nocezu lwensimbi lungasetshenziselwa ukulola into esikayo eyenziwe ngensimbi efanayo. Ngokwesibonelo, uma sicindezeleka ngenxa yokudumazeka, isikhuthazo somunye umuntu singasivuselela kakhulu. Ngenxa yalokho ubuso bethu obudabukile bungashintsha bube ngcono, futhi singavuselelwa ukuze siqale kabusha sisebenze ngentshiseko. (IzAga 13:12) Abadala bebandla bangasiza ikakhulukazi ekusiloleni ngokunikeza isikhuthazo esingokomBhalo neseluleko sokusisiza sithuthuke. Balandela isimiso esashiwo uSolomoni: “Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.”—IzAga 9:9.
Yiqiniso, kuthatha isikhathi ukuqeqesha okungokomoya. Umphostoli uPawulu wahlanganyela noThimothewu okuhlangenwe nakho kwakhe nezindlela zokufundisa iminyaka engaphezu kweyishumi. (1 Korinte 4:17; 1 Thimothewu 4:6, 16) Ukuqeqeshwa isikhathi eside kukaJoshuwa nguMose phakathi neminyaka engu-40, kwazuzisa isizwe sakwa-Israyeli isikhathi eside. (Joshuwa 1:1, 2; 24:29, 31) U-Elisha wahamba nomprofethi u-Eliya mhlawumbe iminyaka eyisithupha, wathola isisekelo esihle senkonzo yakhe eyayizothatha iminyaka engaba ngu-60. (1 AmaKhosi 19:21; 2 AmaKhosi 3:11) Ngokuqeqesha ngesineke ngokuqhubekayo, abadala balandela isibonelo sikaPawulu, uMose no-Eliya.
Ukutusa kuyingxenye ebalulekile yokuqeqesha. Amazwi aqotho okwazisa ngezabelo ezisingathwe kahle noma ngezenzo ezitusekayo kungashukumisela abanye ukuba bafune ukukhonza uNkulunkulu ngokugcwele ngokwengeziwe. Ukutusa kwakha ukuqiniseka okwenza umuntu asebenzele ebuthakathakeni bakhe. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 11:2.) Isikhuthazo sokuba uthuthuke eqinisweni usithola nangokuba matasa kakhulu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nakweminye imisebenzi yebandla. (IzEnzo 18:5) Lapho abadala benikeza abazalwane isabelo somthwalo wemfanelo esihambisana nentuthuko yabo engokomoya, lokhu kunika la madoda okuhlangenwe nakho okuwusizo futhi cishe kuyowenza abe nesifiso esinamandla sokuqhubeka ethuthuka ngokomoya.—Filipi 1:8, 9.
Isizathu Esihle Sokuthuthuka Ngokomoya
Amadayimane abhekwa njengayigugu. Kunjalo nangalabo manje abahlanganyela nomkhaya womhlaba wonke wabakhulekeli bakaJehova. Eqinisweni, uNkulunkulu ngokwakhe ubabiza ngokuthi “okunxanelekayo” noma “okuyigugu,” kwazo zonke izizwe. (Hagayi 2:7, umbhalo waphansi we-NW) Ngonyaka odlule, abangu-375 923 baba oFakazi BakaJehova ababhapathiziwe. Ukuze kunakekelwe lokhu kwanda, kunesidingo ‘sokwenza libe-banzi itende.’ Ngokuthuthuka ngokomoya—nangokuzama ukufinyelela amalungelo enkonzo yobuKristu—ungakwazi ukuba nengxenye ekunakekeleni lokhu kwanda.—Isaya 54:2; 60:22.
Ngokungafani namadayimane amaningi ayigugu agcinwa ezindaweni ezifihlekile zasebhange futhi angenakubonwa, isimo sethu esingokomoya sicwebezela ngokukhazimulayo. Futhi lapho sihlale sisipholisha futhi sibonakalisa izimfanelo zethu zobuKristu, sikhazimulisa uJehova uNkulunkulu. UJesu wanxusa abalandeli bakhe: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:16) Ngokuqinisekile, lokho kusinika isizathu esizwakalayo sokuthuthuka ngokomoya.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe amanye amagama kulesi sihloko.