Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 11/1 kk. 3-5
  • Ingabe Impindiselo Ayilungile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Impindiselo Ayilungile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimo Sengqondo Sokuphindisela Siyalimaza
  • Isijeziso—Sikhishwa Ubani?
  • Impindiselo—Ikhishwa Ubani?
  • Usuku LukaNkulunkulu Lwempindiselo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Kulungile Yini Ukuziphindiselela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • “Yibani Nokuthula Nabantu Bonke”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 11/1 kk. 3-5

Ingabe Impindiselo Ayilungile?

Emgwaqeni onguthelawayeka eUnited States, imoto ethile ayisheshanga ukubuyela eceleni ukuze idedele enye ukuba idlule. Umshayeli walemoto yesibili waphindisela ngokudubula ebhekise ngasemotweni emcasulayo, wabulala umgibeli ongenacala.

Intombazane eyeve eshumini elinambili yehlulwa enye intombazane emdlalweni wesikole. Yaziphindiselela kuyo ngokutshela isoka lalentombazane ukuthi lentombazane yayithandana nomunye umfana kwesinye isikole. Ngaleyondlela yonakalisa ubuhlobo balentombazane nesoka layo.

ABANTU abaningi bazizwa befanele ukuba baphindisele lapho becabanga ukuthi boniwe. Ngandlela-thile, balandela isiqubulo esithi: “Ungacasuki, phindisela.” Namuhla, uthando ngomakhelwane luyaphela, futhi umoya wempindiselo udlangile.—Mathewu 24:12.

Nokho, wena uyibheka kanjani impindiselo? Uma ulikholelwa iBhayibheli, mhlawumbe unomuzwa wokuthi ngokuyisisekelo impindiselo ayilungile. Kodwa njengoba siphila ezweni elingamesabi uNkulunkulu, ungase ube nomuzwa wokuthi ukuthethelela, okuphikisana nokuphindisela, ngokuvamile akunakwenzeka. Ubungasabela kanjani uma ukhohliswa noma uphangwa ngobudlova? Ingabe uyaphindisela uma othile engakunaki noma ekhuluma ngokujivazayo ngawe kwabanye? Ingabe uyaphindisela noma uyathethelela?

Isimo Sengqondo Sokuphindisela Siyalimaza

Yebo, kunamazinga ahlukahlukene okucasulwa. Kodwa abantu abaningi abafuna ukuziphindiselela kothile abazange baphangwe ngobudlova noma bahlaselwe ngokugetshengwa. Empeleni “ukucasulwa” okucashunwe ekuqaleni kwalesihloko kwakukuncane, nakuba kwakubonakala kukukhulu ezingqondweni zalabo abanquma ukuphindisela.

IBhayibheli lithi akufanele sihlakulele isimo sengqondo sokuphindisela. IzAga 24:29 ziyeluleka: “Ungasho ukuthi: Njengalokho ekwenzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kuye.” Ngani? Phakathi kokunye, isimo sengqondo esinjalo siyalimaza ngokomzwelo nangokomzimba. Imicabango yokuphindisela isusa ukuthula kwengqondo futhi ivimbela ukucabanga okuhluzekile. Cabangela lombiko wezindaba: “Abalimi ababili badubulane babulalana besemavenini abo endaweni yokupaka izimoto, bephetha umbango weminyaka engu-40 owaqala besengabantwana.” Ake ucabange nje, kukho konke ukuphila kwawo ukucabanga kwalamadoda amabili kwakonakaliswe umoya wokuphindisela owawulokhu ukhula!—IzAga 14:29, 30.

Esinye isizathu sokungahlakuleli umoya wokuphindisela siwukuthi abantu abonayo—ngisho nalabo abona ngokungathi sína—bangashintsha. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu ngesinye isikhathi ‘wavumelana nokubulawa’ komfundi uStefanu futhi ‘wafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi.’ Kodwa washintsha. Eminyakeni eminingi kamuva umphostoli uPetru—okuphila kwakhe kwakukade kusengozini ngenxa kaPawulu phakathi nalesosikhathi sangaphambili—wambiza ngokuthi ‘umzalwane wethu othandekayo uPawulu.’ (IzEnzo 8:1; 9:1; 2 Petru 3:15) AmaKristu ayengazama ukuziphindiselela kuPawulu, ikakhulukazi ngesikhathi elindile, eyimpumputhe, eDamaseku. (IzEnzo 9:3-15) Yeka ukuthi lokho kwakuyoba iphutha elidabukisa kangakanani!

Ngakho-ke, uPawulu wayengaluleka ngokufanelekile kwabaseRoma 12:20: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise.” Ngani? Ngoba uma siziphindiselela ngokwethu esitheni, senza isimo saso sengqondo sibe lukhuni futhi siqinisa ubutha phakathi kwethu. Kodwa uma senza okuhle kulowo osicasulayo noma osilimazayo, singasithambisa isimo sakhe sengqondo futhi senze obekade eyisitha abe umngane.

Ukuqaphela ubuthakathaka bethu siqu kuyasiza futhi ekunqobeni ukucasuka okuholela esifisweni sokuphindisela. Umhubi wabuza: “Uma wena-Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?” (IHubo 130:3) Sonke siye sabalimaza noma sabacasula abanye. Ingabe asijabulanga yini lapho bengazami ukuphindisela? Khona-ke, ingabe akufanele yini nathi sizithibe ngendlela efanayo? UJesu weluleka: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.”—Mathewu 7:12.

Yiqiniso, iBhayibheli lithi: “Zondani okubi.” (IHubo 97:10; Amose 5:15) Kodwa alisitsheli ukuba sizonde lowo owenzé okubi. Eqinisweni, uJesu wasiyala: “Thandani izitha zenu, . . . nibakhulekele abanizingelayo.” (Mathewu 5:44) Uma siphindisela okubi ngokubi, silingisa umoya womenzi wobubi. Isaga sasendulo sithi: “Ungasho ukuthi: Ngiyakuphindisela okubi; yethemba kuJehova, uyakukusindisa.” (IzAga 20:22) Yeka isimo sengqondo esihlakaniphile! Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuba sizibonise singabanqobi ngokumelana nesilingo sokulingisa abenzi bobubi.—Johane 16:33; Roma 12:17, 21.

Isijeziso—Sikhishwa Ubani?

Yebo, ezinye izenzo zingezingathi sína kakhulu kunokuchwenswa ngokomuntu siqu noma ukulinyazwa. Kuthiwani uma siyisisulu sobugebengu? Ngokwemvelo, siba nomuzwa wokuthi egameni lobulungisa, kufanele kwenziwe okuthile. Kodwa kuyini? Kweminye imiphakathi akukhona okungajwayelekile ukuzisingathela izinto mathupha nokuziphindiselela. Kodwa ngokuvamile imiphakathi enjalo iye yagcina ihlukaniswa imibango echitha igazi. Namuhla, imithetho kaNkulunkulu futhi ezimweni eziningi nemithetho yomuntu ayibavumeli abantu ngabanye ukuba baziphindiselele ngokwabo ngobugebengu, futhi lokho kungesizathu esihle. Ubudlova obunjalo bomuntu siqu bumane bubangele ubudlova obengeziwe.

Khona-ke, ingabe isisulu sobugebengu kufanele sisonge izandla futhi sivumele ukuxhashazwa singenzi lutho? Akunjalo ngempela. Lapho thina ngokwethu noma impahla yethu konakaliswa, kunamagunya esingaphendukela kuwo. Ungase uthande ukubiza amaphoyisa. Emsebenzini, yana kumphathi. Esikoleni, ungase uthande ukubonana nothishanhloko. Leso esinye isizathu sokuba babe khona—ukuba basekele ubulungisa. IBhayibheli lisitshela ukuthi amagunya kahulumeni “[a]yisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.” (Roma 13:4) Ubulungisa bufuna ukuba uhulumeni asebenzise igunya lakhe, anqande ububi, futhi ajezise abenzi bobubi.

Yiqiniso, ngezinye izikhathi ubulungisa buhamba kancane. Omunye umlobi owayesekhathele ukuphila wathi: “Ubulungisa bufana nesitimela cishe ngaso sonke isikhathi esifika sekwephuzile.” Ngempela, ngezinye izikhathi lesositimela asifiki nhlobo. Abenzi bokungabi nabulungisa bangase babe namandla kakhulu kangangokuthi amagunya angehluleka ukubalawula. Nalapha, inkambo yokuhlakanipha iwukuzibamba. “Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla [kuze kube] ekugcineni,” kusho iBhayibheli.—IzAga 29:11.

Impindiselo—Ikhishwa Ubani?

Kanjalo ukuzibamba kwethu ekuphindiseleni kuyoletha izinzuzo kithi, futhi singalindela ngesizotha, sazi ukuthi uma kumelwe kwenziwe ubulungisa, uNkulunkulu uyobenza ngesikhathi esifanele. UJehova uyaqaphela ukuthi ububi obunganakwa buholela ekushalazelweni okukhulu kobulungisa. (UmShumayeli 8:11) Ngeke avume ukuba abantu abanezinhliziyo ezilukhuni bacindezele isintu phakade. Kungakho umphostoli uPawulu aseluleka: “Ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” (Roma 12:19) Ngempela, iBhayibheli likhuluma ngosuku lwempindiselo yoMdali. Luyoba yini lolusuku lwempindiselo? Futhi obani abayoba izisulu zempindiselo kaNkulunkulu? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.

[Ibhokisi ekhasini 4]

Ukuze ulawule imizwa yempindiselo, khumbula ukuthi

□ uNkulunkulu unendaba nobulungisa

□ ukuhlakulela isimo sengqondo sokuphindisela kuyalimaza

□ ukuba nomusa ngokuvamile kunciphisa ukuba nezinkinga nabanye

□ eziningi zeziphambeko zethu siqu azizange zinakwe

□ abonayo bangashintsha

□ sinqoba izwe ngokumelana nezindlela zalo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela