Ingabe Ungakujabulela Ukuvakashelwa?
Omunye woFakazi BakaJehova angathanda ukukuvakashela futhi akusize ukuba wandise ulwazi lwakho ngoNkulunkulu, uMbuso wakhe, nezinjongo zakhe, njengoba zilotshwe eBhayibhelini.
Siyaqiniseka ngokuthi lokhu kwaziswa kuzokusiza, ngoba kuyonikeza izimpendulo ezinokwethenjelwa ezinkingeni sonke esibhekene nazo namuhla. OFakazi BakaJehova banikeza imfundo
yeBhayibheli yomuntu siqu neyeqembu mahhala.
Ngakho-ke uma ungathanda ukuba umuntu ofanelekayo akuvakashele ekhaya lakho, noma kwenye indawo efanelekile, siyokuhlela ngenjabulo. Uyosizakala ekutholeni hhayi izimpendulo emibuzweni yakho yeBhayibheli kuphela kodwa futhi namakhambi ezinkinga zanamuhla ezingaxazululwa ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Ukuze usizakale ngalenkonzo, gcwalisa ukwaziswa okucelwe ngezansi bese ukuthumela ekhelini elisesigqebhezaneni.
Ngingathanda ukwazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Ngicela nihlele ukuba othile angivakashele.