Yini Ebangela Ukucindezeleka Komkhaya?
‘UYAVILAPHA!’ Kumemeza uBob. ‘Ungumgcini wekhaya omubi kakhulu!’
‘Lokho akulona neze iqiniso!’ kuphendula uJean. ‘Noma yini engizama ukuyenza akayazisi. Uyindoda egxeka kunawo wonke engake ngahlangana nawo.’
Yini eyayingalungile ekuphileni kukaBob noJean?a Umshado wabo osemusha wawunezinyanga ezine kuphela, kodwa kakade wawususeduze nenhlekelele. Nokho, indaba yabo ayiyona ehlukile, ngoba izibalo zibonisa ukuthi ukungezwani emshadweni kuvamile. Ochwepheshe manje bathi ingxenye yayo yonke imishado emisha eUnited States iyophela ngesehlukaniso. Izibalo ezidabukisa ngokufanayo zivela kwamanye amazwe amaningi. Nokho, isehlukaniso simane nje siyingxenye yalendaba. Ngamanani angakaze abonwe ngaphambili nangezizathu ezihlukahlukene, imikhaya icindezelekile.
Ezinye Izizathu Zokucindezeleka Komkhaya
Abantwana bathinteka kakhulu lapho kunezimo ezicindezelayo emkhayeni. Umagazini iNewsweek uyabika: “Ingxenye eyodwa kwezintathu yabo bonke abantwana abazalwe eshumini elidlule leminyaka [eUnited States] ngokunokwenzeka bayohlala emkhayeni wokutholwa ngaphambi kokuba babe neminyaka engu-18. Umntwana oyedwa kubo bonke abane namuhla ukhuliswa umzali ongayedwa. Cishe amaphesenti angu-22 abantwana namuhla azalwa ngaphandle kwasemshadweni; kulabo, cishe abayingxenye eyodwa kwezintathu bazalwa umama owevé eshumini elinambili.”
Elandisa ngembangela yohlobo olufanayo yokucindezeleka komkhaya, uchwepheshe wezokuphathwa kabi kwabantwana uJ. Patrick Gannon uthi: “Ukuhlola kwamanje kubonisa ukuthi amashumi ezigidi zabantu akhulela emikhayeni engasebenzi kahle lapho ubudlova, ubuhlobo bobulili phakathi kwezihlobo, noma ukuphathwa kabi ngokomzwelo okubangelwa ubudakwa kwakuyinto yansuku zonke.” Akumangalisi ukuthi abantwana abaningi ababhekana nezinto ezinjalo bangase bangazi ukuthi bangakugwema kanjani ukucindezeleka komkhaya njengabantu abadala.
Ezinye izingqapheli zingase zisole izinguquko ezingokomnotho, ezingokwenhlalo, nezokuziphatha eziye zangena emazweni athuthukile njengeziyimbangela yokucindezeleka komkhaya. Ngokwesibonelo, ukungena ngamanani amakhulu kwabesifazane kwezemisebenzi kuye kwabangela ukushintsha okuvame ukukhungathekisa kwezindima nemithwalo yemfanelo yasekhaya. Omama ngovalo balola amakhono omsebenzi aseye agqwala, obaba benza umsebenzi wasendlini ngokukhononda, futhi abantwana bazivumelanisa nokuphila kwasezinkulisa begcwele izinyembezi emehlweni.
Imikhaya eminingi ingaphansi kokucindezeleka okukhulu emazweni kuwo wonke umhlaba. Omunye umzali osebenzayo waqhathanisa lokhu “nokuphila esimweni esiphuthumayo ngaso sonke isikhathi.” Akumangalisi ukuthi cishe ingxenye yalabo okwaxoxwa nabo phakathi nokuhlola kwamuva kukaGallup bathi ‘umkhaya waseMelika mubi kakhulu namuhla kunokuba wawunjalo eminyakeni eyishumi edlule,’ futhi bambalwa abakholelwa ukuthi isimo siyoshintsha.
Ngakho-ke izinkathazo zomkhaya ziyisihloko sengxoxo sansuku zonke kuthelevishini nasezinkulumweni zasemsakazweni. Umphakathi ufunda ngelukuluku izincwadi zokuzisiza ezikhuluma ngomkhaya, ezinye zinikeza isilinganiso esithile seseluleko esinengqondo nesiwusizo. Nakuba isikhuthazo ‘sokukhulumisana ngokukhululeke ngokwengeziwe’ noma ‘sokukhuluma nomlingane wakho ngendlela ozizwa ngayo’ singaba usizo, asifinyeleli embangeleni yangempela yezinkinga zasekhaya. Isihloko esilandelayo sizokwenza kanjalo futhi sizobonisa ukuthi ukucindezeleka komkhaya kungasingathwa kanjani.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe amagama mbumbulu ukuze abaniniwo bahlale bengaziwa.