Ukumemezela Izindaba Ezinhle ‘EDolobheni LasePolynesia’ LaseNew Zealand
“IDOLOBHA LasePolynesia Elikhulu Kunawo Wonke Emhlabeni.” Ingaleyondlela abanye abaye babiza ngayo iAuckland eyisithabathaba yaseNew Zealand. Ngani? Hhayi ngenxa nje yokuthi iyikhaya lamaPolynesia ayo siqu iNew Zealand, amaMaori, kodwa nangenxa yokuthi amashumi ezinkulungwane zamanye amaPolynesia ahlala lapho. Eminyakeni yamuva, aye afuduka evela eNtshonalanga Samoa, eziQhingini zaseCook, eTonga, eNiue, nakwezinye iziqhingi zasePacific. Phela, kunamaMaori amaningi asesiQhingini saseCook eNew Zealand kunakulo lonke iqembu lasesiQhingini saseCook ngokwalo! Ngokufanayo, izakhamuzi zaseNiue ezihlala eAuckland ziningi ngokuphawulekayo kunalezo eziseNiue.
Nakuba lezakhamuzi zaseziqhingini zasePacific ziye zathuthela eAuckland ngokuyinhloko ngenxa yezizathu ezingokomnotho, zinezinye futhi izidingo okumelwe zigwaliswe. Esibalulekile kulabantu ngokuyisisekelo abathanda iBhayibheli isidingo sabo esingokomoya. (Mathewu 5:3) Bekuqaphela lokhu, oFakazi BakaJehova eNew Zealand baye benza umzamo omkhulu ukuze bamemezele “ivangeli lombuso” kulezakhamuzi zaseziqhingini. (Mathewu 24:14) Yini eye yenziwa ngokuphathelene nalokhu, futhi lezakhamuzi zaseziqhingini ziye zasabela kanjani?
Abantu BaseSamoa Benza Inqubekela Phambili
Amazwi ashiwo isithunywa sevangeli eSamoa asitshela okuthile ngombono wezakhamuzi zasesiqhingini ngezinto ezingokomoya. “Lapho uhlangana nomuntu okokuqala eNew Zealand, kuwumkhuba ukumbuza ngomsebenzi wakhe wokuziphilisa,” sichaza. “ESamoa umbuzo wokuqala obuzwayo ngokuvamile uhlangene nokuthi umuntu ungowayiphi inkolo.” Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi amabandla amabili oFakazi BakaJehova eAuckland akhuluma isiSamoa akhula ngezinga elishesha kakhudlwana kunebandla elinabamemezeli abasesilinganisweni esikahle eNew Zealand.
Ibandla lokuqala laseSamoa eAuckland lamiswa ngo-1977. Ngenxa yokwanda okuvela kuNkulunkulu, elesibili lakhiwa eminyakeni eyisikhombisa kamuva. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 3:6.) Kulamabandla amabili, kunengqikithi yabamemezeli boMbuso abangu-154, abangu-12 babo bakhuthele enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngosuku oluvamile lwangeSonto, abantu abangaphezu kuka-275 baba khona emihlanganweni engokweBhayibheli eqhutshwa eHholo LoMbuso.
Abazalwane nodade baseSamoa baluthatha ngokungathi sína ukholo lwabo, njengoba kuboniswa intshiseko nokuzimisela abakubonisayo emsebenzini wabo wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 28:19, 20) Lokhu kungabonwa kokuhlangenwe nakho okulandelayo komunye udade waseSamoa:
Enkonzweni yendlu ngendlu, lodade wahlangana nowesifazane owagxeka zonke izinkolo njengezinobuzenzisi wayesevala umnyango. Emangele futhi ekhungathekile, lodade wazibuza ukuthi kazi enzeni. ‘Anginakumshiya ecabanga ukuthi oFakazi BakaJehova bangabazenzisi,’ ecabanga. Ngakho wanquma ukushiya okuthile akubhalile. “Ngachaza kafushane isisekelo esingokomBhalo somsebenzi wami futhi ngambuza ukuthi wayenganginikeza yini isikhathi ukuze mgimchazele ithemba elinikezwa iBhayibheli. Futhi ngabhala nenombolo yami yocingo.”
Khona-ke lodade waqhubeka nenkonzo yakhe, ehambela kwamanye amakhaya. Njengoba ayefika endlini yesine kulowomgwaqo, wanikezwa umyalezo wocingo wokuba abuyele ayobona owesifazane ovale umnyango ngokuthukuthela ngaphambidlana. “Lentokazi yaxolisa ngokusabela kwayo kokuqala,” kulandisa udade, “futhi yazwakalisa ukwazisa ngepheshana engalibhala engangilishiyile. Kwalandela ingxoxo enezithelo, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli sasekhaya.”
Kufudumeza inhliziyo futhi ukubona umoya wokuzidela wezithunywa zevangeli oboniswa abanye oFakazi baseSamoa. Omunye umzalwane nomkhaya wakhe baye bathutha eAuckland baya eWellington ngo-1981 ukuze basize iqembu elincane elisebenza phakathi kwabantu baseSamoa lapho. Kusukela emnyombweni wabamemezeli boMbuso abangu-11 ngalesosikhathi, sekuye kwaba nebandla labangu-47. “Imivuzo yayimikhulu kakhulu kunokuzidela esakwenza,” kusho lomzalwane. Muva nje, yena nomkhaya wakhe baye basabela ‘obizweni lwaseMakedoniya’ futhi bathutha baphindela eNtshonalanga Samoa. (IzEnzo 16:9, 10) Nabanye futhi baye babuyela ezindaweni ababehlala kuzo futhi baye bathatha inkonzo yamaphayona akhethekile, yezithunywa zevangeli, noma yaseBethel.
Ukusabela Kwabantu BaseNiue
Umsebenzi wokushumayela uqhubekela phambili naphakathi kwamaNiue eAuckland. Umbonisi ojikelezayo uyabika: “Enkonzweni yendlu ngendlu, kuwumkhuba ukungeniswa endlini. IBhayibheli lomkhaya ngokuvamile lihlala liseduze, futhi kubhekwa njengento efanelekile ukuxoxa ngalo.”
Manje kunebandla elikhuthele kakhulu lamaNiue eAuckland. Phakathi nokuhambela kombonisi ojikelezayo ngonyaka odlule, abamemezeli boMbuso abangu-76 abahlanganyela kulo bakwazi ukwamukela abantu abangu-127 enkulumweni yeningi yeBhayibheli ngeSonto. Futhi kunomoya omuhle phakathi kwabazalwane nodade.
“Ukuhanjelwa kubhekwa njengesonto elikhethekile lesikhuthazo kubo bonke,” kuphawula umbonisi ojikelezayo. “Isidlo ngasinye sidliwa ibandla lonke. Futhi lezi izikhathi zokuphaka izibiliboco zamaNiue njengetakihi (isidlo sikaphopho [papayas], itaros [umfino oyimpande wasendaweni eshisayo], nokhilimu owenziwe ngokhokhonathi osongwe ngamahlamvu kabhanana), ipitako (isinkwa esenziwe ngetaros, ubhanana, netapioca), nepunu povi (inyama yenkomo efakwe ethinini), ngezinye izikhathi ngokuntela okubhekiselwa kuyo ngokuthi isiteki senyama sezakhamuzi zasesiqhingini.”
Izincwadi Ezibhalwe Ngezilimi ZasePolynesia
Ukuze kwaneliswe izidingo ezingokomoya zezakhamuzi zasePolynesia eAuckland nakwezinye izindawo, iWatch Tower Society iye yahlela ukuba ikhiqize izincwadi eziningana zeBhayibheli ngezilimi zasePolynesia. Ngokwesibonelo, INqabayokulinda yesiRarotongan, noma isiMaori sasesiQhingini saseCook, ikhishwa kabili ngenyanga. INqabayokulinda yesiNiue ephuma kanye ngenyanga nayo itholakala kahle. Ukusakazwa kweNqabayokulinda yesiRarotongan nesiNiue manje kungamakhophi acishe abe ngu-1 000 ulimi ngalunye, futhi amakhophi angu-900 esiSamoa manje aseyasakazwa eNew Zealand.
Ngaphezu kweNqabayokulinda, izincwadi nezincwajana eziningana ziyatholakala ngezilimi ezihlukahlukene zasePolynesia. Incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade, eyakhishwa ngesiNiue ngo-1989, iyincwadi yokuqala ngalololimi enikeza ukuqonda izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Ephumelela ikakhulukazi ensimini yamaMaori asesiQhingini saseCook (isiRarotongan) incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngalololimi. Cishe zonke izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ziqhutshwa ngosizo lwaleyoncwadi. “Okufakazela ukuba kwayo usizo oluphumelelayo lokufundisa,” kuphawula omunye umdala, “kuwukulungela kwabafundi ukuqalisa ukuba khona emihlanganweni yebandla.”
Ngaphezu kokusakaza kwabo lezincwadi okuvamile endlini ngendlu, abantu bakaJehova bahambisa izincwadi eziningi kulokho okungase kubizwe ngokuthi ukufakaza endaweni yokuthengisela izimpahla ezingamasekeni. Ngenxa yokwanda kakhulu kwabantu basePolynesia eAuckland eminyakeni yamuva, izimakethe ezinkulu ezinamatende esikhashana ezithengisa ngokukhethekile ukudla nezinto zobungcweti zaseziQhingini zasePacific ziye zachuma. Abantu abangase babe u-25 000 bangase bafike emakethe enjalo ngoMgqibelo ekuseni. Besebenzisa lelithuba ngokuhlakanipha, oFakazi baya kulezimakethe futhi bakhulume nabanikazi balezozitolo nabathengi ngoMbuso kaNkulunkulu.
Ngenkonzo yabo, oFakazi BakaJehova baye bakwazi ukutshala izimbewu eziningi zoMbuso futhi bahambisa amanani amakhulu ezincwadi zeBhayibheli kubantu basePolynesia. Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society libika ukuthi phakathi nonyaka wenkonzo ka-1990, ifektri yathumela izincwadi ezingu-23 928 zezilimi zasePolynesia.
Ukujabula Etafuleni Elilodwa Elingokomoya
Njengoba beqaphela isidingo sabo esingokomoya, oFakazi basePolynesia bakunikeza indawo yokuqala ukuba khona emihlanganweni yobuKristu yamasonto onke emaHholo OMbuso, kanye nokuba khona emihlanganweni yabo yesifunda neyesigodi. (Heberu 10:23-25) EMhlanganweni Wesigodi “Wokulunga Kwaphezulu” owawuqhutshelwa eAuckland ngoDecember 1988, izimiso ezihlukene zaqhutshwa ngesiSamoa, isiNiue, nesiMaori sasesiQhingini saseCook. Okwakuvelele esimisweni sesiSamoa kwakuyidrama yeBhayibheli ebukezwe kahle neyenziwa ngentshiseko. OFakazi abangamaNiue baseAuckland nabaseziQhingini zaseCook babonisa ukungenisa kwabo izihambi kobuKristu ngokukhonza njengabangenisi abanomusa ezivakashini ezivela eziqhingini zabo zomdabu. Lomhlangano wazibonakalisa uyisenzakalo sokudla nokujabula etafuleni likaJehova elingokomoya. EMhlanganweni “Wolimi Oluhlanzekile” ka-1990 owawuseAuckland, inani eliphakeme labangu-503 laba khona ezimisweni zesiSamoa.
Ukusabela okuhle esigijimini soMbuso kuwubufakazi obucacile bokuthi abantu abavela eziqhingini zasePolynesia eziseNingizimu Pacific bebelokhu ‘belindele umthetho kaJehova.’ (Qhathanisa noIsaya 42:4, 12.) Nabo, bahlanganyela ngenjabulo ekumemezeleni izindaba ezinhle ‘edolobheni lasePolynesia’ laseNew Zealand.