Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 3/15 kk. 24-25
  • UJesu Uyaphila!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uyaphila!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Uyaphila!
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uyaphila
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJesu Uyavuswa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 3/15 kk. 24-25

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

UJesu Uyaphila!

LAPHO abesifazane bethola ithuna likaJesu lingenalutho, uMariya Magdalena uyamuka ayobikela uPetru noJohane. Nokho, laba abanye abesifazane ngokusobala basala ethuneni. Ngokushesha, kubonakala ingelosi futhi iyabangenisa.

Lapha abesifazane babona enye futhi ingelosi; futhi enye yalezingelosi ithi kubo: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona. Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo.” Ngakho benokwesaba nokuthokoza okukhulu, laba besifazane nabo bayamuka.

Ngalesikhathi, uMariya usebatholile oPetru noJohane, futhi uyababikela: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeké khona.” Ngokushesha abaphostoli ababili bayamuka begijima. UJohane unejubane kakhudlwana—ngokusobala ngenxa yokuthi uyena omncane—futhi ufika kuqala ethuneni. Ngalesikhathi abesifazane sebehambile, ngakho akukho muntu eduzane. Ekhothama, uJohane ulunguza ethuneni futhi abone izindwangu zelineni, kodwa akangeni.

Lapho uPetru efika, akathandabuzi kodwa ungena phakathi ngokuqondile. Ubona izindwangu zelineni zilapho kanye neduku ebekusongwe ngalo ikhanda likaJesu. Ligoqwe lodwa kwenye indawo. UJohane manje naye uyangena ethuneni, futhi uyawukholelwa umbiko kaMariya. Kodwa uPetru noJohane abakuqondi ukuthi uJesu uvukile, ngisho nakuba Yena ayebatshele kaningi ukuthi wayezovuka. Bedidekile, laba ababili baphindela ekhaya, kodwa uMariya, osebuyile weza ethuneni, uyasala.

Phakathi nalesosikhathi, abanye abesifazane bayagijima beyobikela abafundi ukuthi uJesu uvusiwe, njengoba izingelosi zibayalile ukuba benze kanjalo. Njengoba begijima ngangokusemandleni abo, uJesu uyabahlangabeza futhi athi: “Sanibona.” Bewa ngasezinyaweni zakhe, bayakhuleka kuye. Khona-ke uJesu uthi: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.”

Ngaphambili, ngenkathi kuba nokuzamazama komhlaba futhi kubonakala izingelosi, amasosha ayelindile ethuka futhi aba njengabafileyo. Lapho ephaphama, aya emzini ngokushesha futhi abikela abapristi abakhulu ngalokho okwakwenzekile. Ngemva kokubonisana “namalunga” abaJuda, kwenziwa isinqumo sokuba lendaba igqitshwe ngokufumbathisa amasosha. Ayayalwa: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele.”

Njengoba amasosha angamaRoma engase ajeziswe ngokufa ngokulala ezindaweni zawo zokulinda, abapristi bayathembisa: “Uma kuzwakala lokho [umbiko wokulala kwenu] kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.” Njengoba imali afunjathiswe ngayo inkulu ngokwanele, amasosha enza njengoba eyaliwe. Ngenxa yalokho, umbiko ongamanga ngokwebiwa kwesidumbu sikaJesu usakazeka kabanzi phakathi kwamaJuda.

UMariya Magdalena, osele ethuneni, ufikelwa ukudabuka. Ingabe uJesu ukuphi? Ekhothama ukuze abuke ethuneni, ubona izingelosi ezimbili ezembethe okumhlophe, eseziphinde zabonakala futhi! Enye ihlezi ngasekhanda futhi enye ihlezi ngasezinyaweni lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Ziyabuza: “Mame, ukhalelani na?”

UMariya uyaphendula: “Bayithathé iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.” Khona-ke uyaphenduka futhi ubona othile owuphindayo lombuzo: “Mame, ukhalelani na?” Lona uphinde abuze: “Ufuna-bani na?”

Ecabanga ukuthi lomuntu ungumphathi wensimu okukuyo ithuna, uthi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.”

“Mariya!” kusho lomuntu. Futhi ngokushesha uyamkhumbula, ngendlela ejwayelekile akhuluma naye ngayo, ukuthi nguJesu. “Rabuni!” (okungukuthi “Mfundisi!”) ememeza. Futhi ngenjabulo engenamngcele, uyambamba. Kodwa uJesu uthi: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”

Manje uMariya ugijimela lapho abaphostoli nabanye abafundi bebuthene khona. Wenezela ukulandisa kwakhe embikweni abanye abesifazane asebewunikezile kakade mayelana nokubona kwabo uJesu ovusiwe. Nokho, lamadoda, angazange abakholwe abesifazane bokuqala, ngokusobala awamkholelwa noMariya. Mathewu 28:3-15; Marku 16:5-8; Luka 24:4-12; Johane 20:2-18.

◆ Ngemva kokuthola ithuna lingenalutho, yini uMariya Magdalena ayenzayo, futhi yikuphi okuhlangenwe nakho laba abanye abesifazane ababa nakho?

◆ UPetru noJohane basabela kanjani lapho bethola ithuna lingenalutho?

◆ Yini abanye abesifazane abahlangabezana nayo endleleni lapho beya kobika ngokuvuka kukaJesu kubafundi?

◆ Kwenzekani kubalindi abangamasosha, futhi abapristi basabela kanjani embikweni ovela kubo?

◆ Yini eyenzekayo lapho uMariya Magdalena eyedwa ethuneni, futhi abafundi basabela kanjani emibikweni evela kwabesifazane?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela