Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Yimuphi umlobi weBhayibheli ‘owayengujenene,’ njengoba kushiwo encwadini ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?a
Leyoncwadi ewusizo ekhuluma ngeZwi likaNkulunkulu ithi ekhasini 10: “IBhayibheli futhi liyingqayizivele ngenxa yokugomela okwenziwa abaningi babalobi balo. Abantu abangaba ngu-40, kuhlanganise namakhosi, abelusi, abadobi, izisebenzi zikahulumeni, abapristi, okungenani ujenene oyedwa, nodokotela, baba nesandla ekulotshweni kwezingxenye ezihlukahlukene zeBhayibheli. Kodwa ngokuphindaphindiwe, labalobi bagomela ngokufanayo: ukuthi babengabhali imiqondo yabo siqu kodwa ekaNkulunkulu.”
Abanye baye babuza ukuthi yibaphi abalobi beBhayibheli abachazwe ngalezoziqu noma imisebenzi ehlukahlukene. Ngokuqondene nalokhu, siza ucabangele okulandelayo:
Amakhosi: Abalobi beBhayibheli abaningana babengamakhosi. UDavide noSolomoni bangase bafike ngokushesha engqondweni. (IHubo 3, amazwana angenhla; IzAga 1:1; UmShumayeli 1:1) Nokho, ingoma ekuIsaya 38:10-20 yalotshwa uHezekiya. (Ivesi 9) Izazi eziningi zikholelwa ukuthi waqamba futhi iHubo 119, mhlawumbe ngaphambi kokuba abe yinkosi. Futhi uHezekiya waba nendima ethile ekuhlanganiseni izAga izahluko 25–29. (IzAga 25:1) Isahluko sokugcina sezAga salungiselelwa ‘uLemuweli inkosi.’ Abanye bathi uyiNkosi uHezekiya, nakuba abanye becabanga ukuthi uLemuweli kwakuyiNkosi uSolomoni.—IzAga 31:1.
Abelusi: UDavide nomprofethi uAmose babesebenza njengabelusi. (1 Samuweli 16:11-13; 17:15, 28, 34; Amose 1:1) UAmose wabhala incwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe, futhi uDavide waqamba amahubo amaningi. IHubo 23 elidumile ngokuqinisekile libonisa ukujwayelana kukaDavide nokwelusa.
Abadobi: Kubaphostoli bakaJesu ababengabadobi, uJohane noPetru kamuva baphefumlelwa ukuba babhale izincwadi zeBhayibheli. (Mathewu 4:18-22) Ngaphansi kokuphefumlelwa kwaphezulu uJohane wabhala ukulandisa kweVangeli kanye nezincwadi ezintathu nencwadi yesAmbulo. UPetru wabhala izincwadi ezimbili eziphefumlelwe.
Izisebenzi zikahulumeni: Bobabili uDaniyeli noNehemiya babeyizisebenzi zohulumeni bakwamanye amazwe ababenegunya phezu kwabantu bakaNkulunkulu. (Nehemiya 1:1, 11; 2:1, 2; Daniyeli 1:19; 2:49; 6:1-3) Izincwadi ezimbili zeBhayibheli zibizwa ngamagama alamadoda.
Abapristi: Ababili babaprofethi bakaNkulunkulu abasetshenziswa ekubhaleni izincwadi zeBhayibheli kwakungabapristi. KwakuwuJeremiya noHezekeli. (Jeremiya 1:1; Hezekeli 1:1-3) Ngaphezu kwalokho, uEzra wayengumpristi wohlu lozalo luka-Aroni “[o]wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose.” “Wayebhekisé inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwaIsrayeli.”—Ezra 7:1-6, 10, 11.
Ujenene: Indima uJoshuwa ayeyifeza ekuholeni ibutho njengoba amaIsrayeli ayengena eZweni Lesithembiso futhi elwa nabantu abaningi ababeyizitha imenza afaneleke njengojenene. (Joshuwa 1:1-3; 11:5, 6) Waba nelungelo lokubhala incwadi kaJoshuwa. Khona-ke futhi, abanye abafundi beBhayibheli bangase babheke uDavide njengendoda eyasebenza njengojenene ngaphambi kokuba abe yinkosi.—1 Samuweli 19:8; 23:1-5.
Udokotela: Okokugcina, incwadi yabaseKolose 4:14 (NW) ithi “uLuka udokotela othandekayo.” ULuka wabhala iVangeli elibizwa ngegama lakhe, ngokusobala kanye nezEnzo Zabaphostoli.
[Umbhalo waphansi]
a Eyakhishwa ngo-1989 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.