Injabulo Yomhlaba Wonke
“BHEKANI, izinceku zami ziyakujabula ngokwenama kwenhliziyo.” (Isaya 65:14) Washo njalo uJehova ngomprofethi wakhe uIsaya, futhi yeka ukuthi agcwaliseka ngokumangalisa kangakanani amazwi akhe phakathi koFakazi BakaJehova! Kuvelaphi ukwenama kwabo kwenhliziyo? Ekukhulekeleni kwabo uJehova uNkulunkulu okunobunye. ‘UnguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi labo abamkhulekelayo ‘bayajabula ngoJehova.’ (1 Thimothewu 1:11, NW; Zakariya 10:7) Lokhu kuzinikela ngenjabulo kubahlanganisa esizweni esisodwa njengoba beshumayela ndawonye izindaba ezinhle zoMbuso futhi emhlabeni wonke bememeza kakhulu indumiso eya kuNkulunkulu wabo.—IsAmbulo 7:9, 10.
“Injabulo Engenakuthathwa-muntu
Ngempela, ukumemezela igama likaNkulunkulu noMbuso kuwumthombo wenjabulo engapheli koFakazi BakaJehova. (Marku 13:10) Basabela emazwini omhubi: “Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.”—IHubo 105:3.
Ngokuvamile, banqoba izithiyo ukuze benze lokhu. ESpain, uIsidro wazinikezela kuJehova, futhi wafuna ukukhuluma ngaYe kwabanye. Kodwa ungumshayeli weloli onesikhathi esikhululekile esilinganiselwe, uhamba uhambo olude ebusuku futhi alale emini. UIsidro wayefuna ukufakaza kwabanye abashayeli bamaloli, kodwa wayengakwenza kanjani lokhu?
Wafaka umsakazo weCB (citizens band) elolini lakhe ayengakwazi ukuwusebenzisa ukuze akhulume nabanye abashayeli. Ngokushesha wathola isiteshi somsakazo esingasebenzi kakhulu, u-13, futhi wanquma ukusisebenzisa. Yebo, ngenkathi esikisela okokuqala kwabanye abashayeli bamaloli ukuthi bakhulume ngeBhayibheli ngomsakazo weCB, ukusabela kwabo kwakungekuhle neze. Kodwa abanye balalela. Lendaba yasakazeka, futhi abengeziwe balabobashayeli bamaloli baseSpain bavula isiteshi somsakazo esingu-13. Muva nje, uIsidro utholé ukuthi okungenani oyedwa uthatha izinyathelo zokuthuthukisa ukufunda kwakhe iBhayibheli.
EItaly indoda ethile yezwa ngoFakazi BakaJehova engxoxweni eyaba nayo ebhasini. Umkayo wahlangana nabo ngomngane. Bobabili batadisha iBhayibheli futhi babemagange ukuhlanganyela nabanye lokho ababekufunda. Babemagange kangangoba indoda yenqaba ukwenyuselwa esikhundleni esiphakeme efemini futhi inkosikazi yayeka umsebenzi oholela kahle ukuze basebenzise isikhathi esengeziwe betshela abanye izindaba ezinhle zoMbuso. Ingabe kwakuwufanele umzamo? Yebo. Indoda ithi: “Kusukela saqala ukwazi iqiniso, mina nomkami siye saba nenjabulo yokusiza abantu abangu-20 ukuba bafinyelele olwazini oluqondile lwenjongo kaNkulunkulu. Lapho kuhlwa, futhi ngibuyela ekhaya ngemva kosuku enkonzweni kaJehova, kuyiqiniso ukuthi ngizizwa ngikhathele. Kodwa ngiyajabula, futhi ngibonga uJehova ngokunginika injabulo engenakuthathwa-muntu.”
“Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba”
Labo abasesizweni sikaNkulunkulu esijabulayo babonisa intshiseko efanayo nomaphi lapho bekhona, ngisho ‘nasekugcineni komhlaba.’ (IzEnzo 1:8) Zimbalwa izindawo eziqhele ukwedlula iGreenland esenyakatho. Nokho, ngisho nalapho, amakhilomitha angu-320 enyakatho neArctic Circle, kunebandla elincane laseIlulissat, elinabantu abangu-19. Bashumayela izindaba ezinhle ezifana nezalowambhangqwana waseItaly, futhi bajabula ngonyaka odlule ukubona abaseGreenland abayisikhombisa bebhapathizwa njengesibonakaliso sokuzinikezela kwabo kuJehova.
Izinkulungwane eziningi zamakhilomitha ukusuka eGreenland, esiqhingini esingashisi kakhulu saseMauritius esiseIndian Ocean, uAnjinee unenjabulo efanayo. Ekuqaleni izinto azimhambelanga kahle uAnjinee. EMauritius, ukuya emihlanganweni yobuKristu nokushumayela obala ngoNkulunkulu akubhekwa njengemisebenzi efanelekile entombazaneni engashadile enendabuko yamaNdiya angamaHindu. Kodwa uAnjinee wabekezela. Manje, eminyakeni eyisishiyagalolunye ngemva kokuba aqalisa inkambo yakhe yobuKristu, ezinye zezihlobo zakhe nazo sezitadisha iBhayibheli.
Lapho kukhulunywa ngoAnjinee kufanele kukhulunywe nangoEmilio, ongakolunye uhlangothi lomhlaba, eHonduras. UEmilio wezwa asebenza nabo bexoxa ngeBhayibheli emsebenzini futhi wacela ukuhlanganyela engxoxweni. Wayengakwazi ukufunda kodwa walalela ngenjabulo lapho kufundwa amavesi eBhayibheli. Njengoba iqiniso lobuKristu lalingena enhliziyweni yakhe, uEmilio wayeka indlela yakhe yokuphila kokuziphatha okubi futhi wayeka ukuphuza ngokweqile. OFakazi BakaJehova bamfundisa ukuzifundela nokubhala, futhi manje uyisikhonzi esizweni sikaNkulunkulu esijabulayo.
Izinkulungwane zamakhilomitha enyakatho-ntshonalanga yeHonduras, umama ongumEskimo eAlaska wafunda iqiniso lobuKristu elifanayo. Lona wesifazane wayehlala emzaneni oqhele kakhulu, futhi okuwukuphela kwendlela ayethintana ngayo noFakazi BakaJehova kwakuyiposi. Ngakho watadisha ngeposi, wabuza imibuzo yakhe ngeposi, futhi manje uhlanganyela lokho akwaziyo nomakhelwane bakhe. Izibonelo ezinjengalezi zingaphindwaphindwa cishe ngokungenamkhawulo. Kuwo wonke umhlaba, abanezinhliziyo ezithobekile bayeza ‘ukuzokhonza uJehova ngokujabula.’—IHubo 100:2.
“Nithandane”
Okunye okuheha bonke laba uthando olukhona esizweni sikaNkulunkulu esijabulayo. UJesu wathi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Uthando lobuKristu lubonakala ekuphileni kwansuku zonke kwalamaKristu eqiniso, futhi ikakhulukazi ngezikhathi zenhlekelele.
Kwelinye izwe laseAfrika lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova, ngeshwa, uvinjelwe khona, kwakunesomiso esibi. Kwafa abantu abayizinkulungwane eziyishumi, futhi imihlambi yonke yezinkomo yaphela. Basinda kanjani oFakazi? Ngokudla izimpande zezitshalo nezinhlamvu zikakotapeya eziphekiwe! Kodwa usizi lwabo lwadamba ngokoqobo lapho, ngosizo lukaNkulunkulu, oFakazi bakwamanye amazwe ngokungazelelwe bethola imvume yokuthumela amathani angu-25 amalungiselelo osizo. Ngempela, naphezu kokuvinjelwa, lamalungiselelo aphelekezelwa amasosha ukuze kuqinisekiswe ukufika kwawo ephephile!
Ngokuqinisekile, laboFakazi baseAfrika bajabula kakhulu ukwamukela lobufakazi bothando lwabafowabo ngabo njengoba babebona ukugcwaliseka kwamazwi kaIsaya: “Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.”—Isaya 59:1.
Abantu Abanokuthula
Abantu abanezinhliziyo ezithobekile babuye badonsekele esizweni sikaNkulunkulu esijabulayo ngoba amalungu aso aye ashiya izindlela zokulwa zalelizwe futhi ‘aye akhanda izinkemba zawo zaba amakhuba.’ (Isaya 2:4) E-El Salvador, indlu yendoda eyayikade iyisosha yayigcwele izikhumbuzo zenkambo yayo yasempini. Kodwa ngenkathi iqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, yaqala ukukhathalela ukuthula. Ekugcineni, yasusa konke okuhlangene nempi endlini yayo futhi ngenkuthalo yaqalisa umsebenzi wokushumayela.
Lapho amaqembu aphikisana nohulumeni elawula idolobhana eyayihlala kulo, yaboshwa—ngokusobala othile wayeyikhombe njengomuntu owayekade eyisosha. Nokho, yachaza ukuthi yayingaselona isosha kodwa yayisingomunye woFakazi BakaJehova. Labagumbuqeli bayibeka icala lokuba nezikhali endlini yayo, kodwa azitholakalanga lapho zicingwa. Okunguyena owayephethe abagumbuqeli wabuza ngayo komakhelwane. Babevame ukuphawula ngokuthi: “Wehla enyuka nje ngomgwaqo eshumayela ngeBhayibheli usuku nosuku.” Lendoda yakhululwa. Ngokungangabazeki, intshiseko yayo yasiza ekusindiseni ukuphila kwayo.
Umbiko wakwelinye izwe laseAfrika ukhuluma ngamasosha amabili atadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Elinye lalikhonza ebuthweni likahulumeni, elinye lalilwela abaqembuki. Ekugcineni, womabili anquma ‘ukukhanda izinkemba zawo zibe amakhuba’ futhi asula empini. Ngenkathi eba khona okokuqala ngqá emihlanganweni yobuKristu, isosha elaliphikisana nohulumeni labuza leli elinye: “Ufunani lapha?” Laphendula: “Wena, ufunani lapha?” “Khona-ke,” umbiko uyaphetha, “esingathana, akhala izinyembezi zenjabulo ngoba ayesekwazi ukuba ndawonye ngokuthula.” Ngokungangabazeki womabili lamadoda ayekade engamasosha athandaza kuNkulunkulu: “Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho.”—IHubo 51:14.
“Ukubonile Ukuhlupheka Kwami”
“Ngizakwethaba, ngijabule ngomusa wakho, ngokuba ukubonile ukuhlupheka kwami, wazinaka izinsizi zomphefumulo wami.” (IHubo 31:7) Wathandaza kanjalo umhubi, futhi nabaningi namuhla bayajabula ngoba iZwi likaNkulunkulu libasiza ukuba babhekane nezinhlupheko zabo. EFrance omunye woFakazi BakaJehova uqhuba isifundo nowesifazane ophethwe isifo sokuphazamiseka kwengqondo (schizophrenia). Lona wesifazane wayesenesikhathi esithile elashwa odokotela bezifo zengqondo, kodwa lokhu kwakungazange kusize. Ngemva kwesonto aqala ngalo ukutadisha, udokotela wezifo zengqondo wabuza: “Ingabe uyakuqonda ngempela lokho lona wesifazane akuchazela khona eBhayibhelini?” Ngakho ngesonto elilandelayo, loFakazi waya ehhovisi likadokotela futhi watadisha iBhayibheli nalona wesifazane udokotela ekhona.
Ngemva kwesifundo, lodokotela wezifo zengqondo watshela loFakazi: “Kuleminyaka edlule ngiye ngaba nesithakazelo enkolweni yeziguli zami, kodwa ngaphawula ukuthi akukho ukusekela kwangempela okwakunikezwa yinoma iyiphi inkolo. Nokho, endabeni yakho, izinto zihlukile. UNkk. P— uza kabili ngesonto ukuze ahlolwe, futhi uyangikhokhela ukuze ngikwenze. Nokho, ngemfundiso yakho yeBhayibheli neseluleko esihle, wenza umsebenzi ongcono mahhala. Uthuthuka kahle. Qhubeka njalo, futhi ngiyakuqinisekisa ngokuthi ngiyobambisana nawe ngokugcwele uma ukudinga.”
IBhayibheli lithi: “Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke.” (IHubo 89:15, 16) Ngamunye woFakazi BakaJehova uyazi ukuthi lelihubo liqinisile. Ngemilomo yabo bamemeza ngenjabulo emhlabeni wonke kube udumo kuJehova. Abaningi ngokwengeziwe bayagobhoza bevela ezizweni zonke bazodumisa uNkulunkulu kanye nabo. Kungani ungahlanganyeli nabo uzizwele leyonjabulo ngokwakho?
[Isithombe ekhasini 7]
OFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu manje enkululekweni yabo entsha bajabulela ukuthola nokufunda “INqabayokulinda” ngezilimi zabo