Isizwe Esijabulayo
ISIZWE esijabulayo! Ingabe sikhona isizwe sesintu namuhla esifanelwe yilencazelo? Ingabe sikhona isizwe esingasho ngenjabulo ukuthi sesiye saqeda ubudlova, ubugebengu, ubumpofu, ukungcola, izifo ezikhubazayo, ukonakala okungokwezombangazwe, inzondo engokwenkolo? Ingabe sikhona isizwe esinikeza ithemba langempela lokufinyelela imigomo enjalo? Lutho neze!
Kuthiwani ngesimo somhlaba wonke? UMikhail Gorbachev, umongameli waseU.S.S.R., wathi ngoJuly 16 wangonyaka odlule: “Siphuma kwenye inkathi yesikhathi ezindabeni zezizwe zonke, futhi ngicabanga ukuthi singena kwenye inkathi yokuthula okuqinile, okuhlala njalo.” Nokho, umagazini iTime wangalolosuku wabika ukuthi iUnited States isaciba iMoscow ngamabhomu angu-120 enuzi, elilodwa lawo elingalibhubhisa ngokuphelele lelodolobha. Futhi akungabazeki ukuthi neSoviet ilindele ukuphindisela ngendlela efanayo. Kunamalungu amaningana eZizwe Ezihlangene manje asenolwazi lokukhiqiza izikhali zenuzi, akujabulisi ukucabanga ukuthi ngubani ongaqala agadle kuqala.
Isizwe Esijabula Ngempela
Ngesinye isikhathi emlandweni—eminyakeni engaba u-3 500 edlule—kwake kwaba nesizwe esijabula ngempela. Leso kwakungesakwaIsrayeli wasendulo. Ngenkathi uNkulunkulu ekhulula labobantu ekucindezelweni kweGibithe, bahlanganyela noMose engomeni yenjabulo yokunqoba, futhi baqhubeka bejabula uma nje besalalela uNkulunkulu wabo noMkhululi.—Eksodusi 15:1-21; Duteronomi 28:1, 2, 15, 47.
Ngaphansi kokubusa kukaSolomoni “oJuda noIsrayeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.” Leso kwakuyisikhathi sokujabula okukhulu, esafinyelela umvuthwandaba waso ngokumiswa kwalokho cishe okwaba isakhiwo esihle ukwedlula zonke emlandweni, ithempeli lokukhulekelwa kukaJehova eJerusalema.—1 AmaKhosi 4:20; 6:11-14.
Isizwe Esijabulayo Sosuku Lwanamuhla
UIsrayeli wasendulo wayefuzisela isizwe sanamuhla. Siphi? UIsrayeli wezombangazwe oseMpumalanga Ephakathi? Imibiko yezindaba ibonisa ukuthi lesosizwe esilwayo asijabulile neze. Ingabe lokho okuthiwa iZizwe Ezihlangene kuye kwaletha injabulo yangempela emibusweni engamalungu akho? Cha, akukho lapho injabulo yeqiniso ingatholakala khona ezizweni zanamuhla ezihileleke kwezombangazwe. Ubugovu, ukonakala, nokungathembeki kuningi, futhi emazweni amaningi abantu abavamile bazabalaza kalusizi ukuze baphile.—IzAga 28:15; 29:2.
Nokho, namuhla kunesizwe esisodwa esiphawulekayo esijabula kakhulu. Asisona esingokombangazwe, ngoba iNhloko yaso, uKristu Jesu, yathi ngabantu baso: ‘Anisibo abezwe.’ (Johane 15:19) Lapho iZizwe Ezihlangene zihlangene ngegama kuphela, isizwe esijabulayo sithatha abalandeli baso “kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:4, 9) Manje sesingaphezu kwezigidi ezine, kangangoba inani labantu baso likhulu kunezizwe ezingu-60 kwezingu-159 ezingamalungu eUN. Izilimi zokuzalwa zalabantu abayizigidi ezine zicishe zibe ngu-200; nokho, bonke bamunye ekukhulumeni “ulimi oluhlanzekile” olulodwa.—Zefaniya 3:9, NW.
Ingabe akumangalisi ukuthi abantu abanamasiko ahlukahlukene kangaka kufanele bakhulume ulimi olufanayo? Akunjalo ngempela, ngoba lolulimi olulodwa oluhlanganisayo luhlanganisa isigijimi soMbuso kaNkulunkulu wokulunga ozayo. Lesizwe esijabulayo sivela “emikhawulweni yomhlaba” futhi saziwa emhlabeni wonke ngokuthi ‘oFakazi BakaJehova.’ (Isaya 43:5-7, 10; Zakariya 8:23) Cishe noma yikuphi lapho uhamba khona ebusweni balomhlaba, uzobathola.
KuIsaya 2:2-4, umprofethi kaNkulunkulu uchaza isixuku esigobhoza sivela kuzo zonke izizwe, sithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.” Ngentshiseko, laba bamema abanye ukuba bathole imfundo evela kuJehova ngeZwi lakhe, iBhayibheli, ukuze bafunde ukwenza intando yakhe. Lesizwe esisodwa silandela indlela yokuthula kweqiniso, njengoba abantu baso kakade ‘sebezikhandile izinkemba zabo zaba amakhuba nemikhonto yaba ocelemba, bengasayikuphinde bafunde ukulwa.’ Isizwe esijabulayo ngempela!
Nawe ungahlanganyela kulenjabulo. Ungafunda ngosuku olusondela ngokushesha lapho iNkosi, uKristu Jesu, isusa khona abantu nohulumeni abonakalisayo futhi ibuyisela iPharadesi emhlabeni. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Ngisho namanje, njengesizwe esinobunye ngempela, oFakazi BakaJehova bathola injabulo enkulu emsebenzini wabo wokulungiselela leyonkathi ekhazimulayo yokuthula kweqiniso, njengoba amakhasi alandelayo ezobonisa.