Khonza UJehova Ngenhliziyo Ejabulayo
“Mkhonzeni uJehova ngokujabula, nisondele ebusweni bakhe ngokuhuba kwentokozo.”—IHubo 100:2.
1, 2. Imiphi imibono ehlukene yokuphila evezwe lapha?
“NGIKUSEBENZISE kabi ukuphila kwami, futhi sekwephuze kakhulu ukuba ngikushintshe . . . Lapho ngihamba ngedwa, ngicabanga ngokuphila kwami kwesikhathi esidlule, futhi angijabuli ngendlela engaphila ngayo.” Washo kanjalo owesifazane osemdala owayethole udumo njengomdlali futhi owayebonakala enesisusa esihle sokujabula. Kodwa lawomazwi ngokusobala ayengaveli enhliziyweni ejabule ngempela.
2 Ngokuphambene, cabanga ngendoda ethile ebilwisana nesifo sohlangothi iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu nesikhombisa. Ngokusobala, umuntu onjalo akanasizathu sokujabula. Kodwa ikhuluma ngenjabulo futhi ithi iye yathola okuthile “okwenza ukuphila kuvuze ngokuqotho futhi kube nenjongo.”
3. (a) Ikuphi okuhlangenwe nakho komuntu siqu okungase kubangele sizibuze ukuthi noma imuphi umuntu angaba nayo yini injabulo yeqiniso? (b) Injabulo ingachazwa kanjani?
3 Iningi lethu akukaze kudingeke ukuba libekezelele ukulwisana nokugula okubuhlungu nokuthatha isikhathi eside. Futhi asikaze sibe abadumile ezweni njengabadlali. Cishe, singabantu abavamile okumelwe babhekane nokukhathazeka kwansuku zonke nobunzima bokuphila. Okuhlangenwe nakho kwethu kubonisa ukuthi “umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza,” futhi ngokungangabazeki siyavuma ukuthi “konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.” (Jobe 14:1; Roma 8:22) Ngenxa yalokho, singase sizibuze ukuthi noma ubani emhlabeni angaba nayo yini injabulo yeqiniso—lowo“muzwa wokujabula okukhulu noma injabulo ebangelwa okuthile okuhle noma okwanelisayo.” Yini oyicabangayo? Ingabe injabulo ingatholakala ngempela?
Ingabe Ungayithola?
4. Obani phakathi kwezigidi abathola injabulo yeqiniso?
4 Izigidi ziyayithola injabulo. Izingelosi ezilungile zasezulwini ngokujabula ‘zenza okwezwi lakhe [uNkulunkulu].’ (IHubo 103:20) Ziye zakhonza uJehova uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ngenjabulo yeqiniso. Phela, ekwakhiweni komhlaba, lezi“zinkanyezi zokusa zahlabelela kanye kanye [ngokujabula]!” (Jobe 38:4-7) Ngokuqinisekile ingelosi ethembekile eyamemezela ukuzalwa kukaJesu yayinokuthunywa okujabulisayo, ngoba yayibika “izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu.”—Luka 2:8-14.
5. Ngokuqondene nenjabulo, kuye kwaba yini okuhlangenwe nakho kweNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa?
5 Kodwa kuthiwani nge“Ndodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu”? (Johane 3:18) Ngaphambi kokuba umuntu uJesu Kristu wayeyi“ngcweti yomsebenzi” kaJehova ezulwini. Ingabe leyonkonzo yayijabulisa? Ngempela yayijabulisa, ngoba siyatshelwa: “Ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla, ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke.” (IzAga 8:22-31) Lapho esemhlabeni njengomuntu uJesu wajatshuliswa ukwenza intando kaNkulunkulu. (IHubo 40:6-8; Heberu 10:5-10) Futhi, “owathi esikhundleni sentokozo ayebekelwe yona wathwala isigxobo sokuhlushwa engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heberu 12:2, NW) Manje, njengokuphela kwe‘Nkosi enamandla nejabulayo’ ngokushesha eyokwehlisela izahlulelo zaphezulu emhlabeni, uJesu Kristu ngokuqinisekile ukhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo.—1 Thimothewu 6:13-16; 2 Thesalonika 1:6-10.
6. Ungayithola kuphi injabulo namuhla?
6 Khona-ke, ingabe ungayithola injabulo namuhla? Yebo, futhi indoda edabukisayo eshiwo ngaphambili ibonisa indlela yalokhu ngokuthi: “Ngakuthola kuyiqiniso ukuthi injabulo enkulukazi isekukhonzeni uNkulunkulu. Lokhu kwenza ukuphila kwami kuvuze ngokuqotho futhi kube okunenjongo. Ukufa uhlangothi akuzange kungiphuce amalungelo nezibusiso zokukhonza uMdali.” Injabulo yeqiniso itholakala phakathi kwalabo abazinikele ngenhliziyo yonke kuJehova uNkulunkulu. Futhi kungani kunjalo? Bashumayela “izindaba ezinhle” ezivela “kuNkulunkulu ojabulayo”—isigijimi esikhuthazayo ngokuphila okungapheliyo phakathi kwezibusiso ezinhle ngaphansi kokubusa ko“mbuso wezulu.” (Mathewu 24:14; 1 Thimothewu 1:11; Mathewu 5:3) Ngakho banesizathu soku‘khonza uJehova ngokujabula,’ ‘sokusondela ebusweni bakhe ngokuhuba ngentokozo.’—IHubo 100:2.
7, 8. (a) Ngaphandle kwenjabulo yabo, kungani abantu abazinikele kuJehova bengahlali benamile? (b) Kungani lobo bunzima bokuphila bungabehluli abantu bakaJehova?
7 Lokhu akusho ukuthi umuntu ozinikele kuNkulunkulu uyohlala enamile. Emphakathini wabantu abangaphelele, abantu bakaNkulunkulu bayakuthola ukudumazeka okuthile ngezinye izikhathi. (Roma 5:12) Ngokwesibonelo, lapho uEsawu ethatha abesifazane abangamaHeti njengabafazi, ‘baba-lusizi enhliziyweni kaIsaka noRebeka [abazali bakhe abesaba uNkulunkulu].’ (Genesise 26:34, 35) Futhi, ngokushushiswa obala nange“misebenzi yobuqili” yobunyelele, uSathane uDeveli uzama ukubulala ubuhlobo obuyigugu bobuKristu noJehova. (Efesu 6:11, The Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures) Ngakho-ke abathanda uNkulunkulu bangalindela ubunzima obuthile endleleni yokuphila. Kodwa lobubunzima abubaqedi amandla abantu bakaJehova. Bathola ‘ukududuzeka emiBhalweni’ futhi ngethemba bathandazela umoya kaNkulunkulu nosizo ekuhlakuleleni isithelo sawo sokujabula. (Roma 15:4; Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Naphezu kokuhlupheka ekuphileni, amaKristu angaba no“kuthokoza kukaMoya oNgcwele.” (1 Thesalonika 1:6) Ikakhulukazi izibusiso ezivela kuJehova ziyenezela kuleyonjabulo.
8 Isibusiso sikaJehova ngokuqinisekile siyacebisa. (IzAga 10:22) Kodwa, uma ungumKristu, ingabe uye wabala izibusiso zakho? Kumelwe zikwenze ‘ujabule ngoJehova.’ (IHubo 32:11) Cabanga nje ezimbalwa zezibusiso zakho futhi uyothola isizathu esifanele sokukhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo.
Amalungelo Ajabulisayo Angenakulinganiswa
9. Kusho ukuthini ukwazi uJehova, futhi lokhu kuphathelene kanjani nenjabulo?
9 Ukwazi nokukhonza uJehova kuyizibusiso ezingenakuqhathaniswa. Ngomprofethi uJeremiya, uNkulunkulu wathi: “Ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni.” (Jeremiya 9:24) Ngokuvamile, ukuba nolwazi nje lwegama laphezulu akwanele. Ukwazi uJehova kusho ukuqaphela izimfanelo, ukusebenzelana, izimo nezinjongo zakhe. Kusho ukumlalela, ukuqaphela nokuzithoba egunyeni lakhe. (1 Johane 5:3) Ukutadisha ngobuqotho imiBhalo nokuzindla ngamazwi nangezenzo zeNdodana kaNkulunkulu, esekuvumelaneni okuphelele noYise, kwenza kube nokwenzeka ukuba nobuhlobo obuseduze bomuntu siqu noNkulunkulu. (Johane 1:18; 14:9-11) Kanjalo labo abazi uJehova bayajabula ngempela. Eqinisweni, “umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo.”—UmShumayeli 2:26.
10. Iyiphi indlela ebaluleke kakhulu neyanelisayo ukuphila kwabantu okungasetshenziswa ngayo?
10 Ilungelo elingenakulinganiswa lokunikela “inkonzo engcwele” kuNkulunkulu weqiniso lingesinye isibusiso esijatshulelwa oFakazi BakaJehova. Akukho muntu ongasebenzisa ukuphila ngendlela ebaluleke kakhulu noma eyanelisayo. Ngokuqinisekile, uZakariya (owayenguyise kaJohane uMbhapathizi) washo kahle ekudumiseni uJehova ngokunikeza abantu baKhe ‘ilungelo lokunikela ngokungesabi inkonzo engcwele kuye ngokwethembeka nangokulunga’ ngazo zonke izinsuku zabo.—Luka 1:67-79; qhathanisa namaRoma 12:1; IsAmbulo 7:9, 13-15.
11. Iliphi ilungelo eliveza injabulo elihlangene nokunikela “inkonzo engcwele” kuNkulunkulu?
11 Ilungelo lokubizwa ngegama likaJehova njengofakazi bakhe lihlangene nokunikela kuNkulunkulu “inkonzo engcwele.” (Isaya 43:10-12) Lokho ngokuqinisekile kumelwe kuthuthukise injabulo, njengoba uJeremiya asho: “Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba-ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu-Sebawoti.”—Jeremiya 15:16.
12. Uma sidunyaziwe, ukucabanga ngakuphi okuhlukile okungaphakamisa umoya wethu?
12 Uma ukhonza uNkulunkulu kodwa ngezinye izikhathi uhlangana nokudumazeka, ukuzindla isikhashana ngokuthile okwehlukile kungaphakamisa umoya wakho. Ngokwesibonelo, uma sicabanga ukuthi izingelosi ezimbi zigcinwe “ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama” ukuze zithole isahlulelo esibuhlungu sikaNkulunkulu, isigaba sezingelosi ezilungileyo enkonzweni kaJehova sivelele njengezijabula ngaphezu kwakho konke. (Juda 6) Futhi yeka umehluko okhona phakathi kwesikhundla sikaJesu esijabulisayo nesikaSathane uDeveli, obhekene nokubhujiswa phakade! (IsAmbulo 20:10, 14) Khona-ke futhi, ukunakekela kukaJehova ngesihawu nezibusiso ngokuqinisekile kwenza kube lula ukubona ‘umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongakaze amkhonze.’ (Malaki 3:17, 18) Nokho, cabanga ngezinye izibusiso ezinikeza esinye isizathu esizwakalayo sokukhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo.
Inkululeko Yeqiniso Nokukhanya Okungokomoya
13, 14. Ngokwenkolo, iyiphi inkululeko yeqiniso nokukhanya okungokomoya izinceku zikaJehova ezikujabulelayo?
13 Ukukhululwa “eBabiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, ngokuqinisekile kungesinye isibusiso esithuthukisa injabulo. AmaKristu eqiniso ayajabula ngokuthi ‘awayikuhlanganyela izono zalo futhi amukele ingxenye yezinhlupho zalo.’ (IsAmbulo 18:2, 4) Ngokungaphezulu, izinceku zikaJehova zijabulela ukukhululeka ekwesabeni nezinsumansumane zenkolo yamanga. “Niyakulazi iqiniso,” kwasho uJesu, “neqiniso liyakunikhulula.” (Johane 8:32) Leyonkululeko yeqiniso ibonakala iyigugu kakhulu uma ucabanga ngobugqili balabo abasebumnyameni ngokomoya.
14 Ngokwesibonelo, ngokungafani nabalandeli abaningi benkolo yamanga, abakhulekeli bakaJehova abakhothameli futhi bathandaze ngaphambi kwezithombe ezingakwazi ukukhuluma, ukubona, ukuzwa, ukuhogela, ukuthinta nokuhamba. (IHubo 115:4-8) Ngokufanayo amaKristu akhululekile ngomoya nakhanyiselwe awabesabi abafileyo, njengoba kwenza abaningi abakhileyo emhlabeni. Imfundiso engamanga yenkolo yokuthi umuntu unomphefumulo ongafi ikhulisa lokhu kwesaba kokuthi abafileyo bangase babuye bahluphe noma bakhathaze abaphilayo. Kodwa ukukhanya okungokomoya okuvela kuNkulunkulu kuye kwaxosha ukwesaba okunjalo, ngoba amaKristu eqiniso ayazi ukuthi abafileyo “abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5, 10) Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuqaphela ukuthi abafileyo abathandekayo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuka! (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Ngokuqinisekile, ofakazi bakaJehova abazinikele bangajabula ngokuthi uYise wasezulwini abamkhonzayo ngobunye, ngomoya wakhe ongcwele, uye wabembulela “okujulileyo kukaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:10) Yebo, uye wanikeza abantu bakhe ukukhanya okungokomoya okuveza ukujabula neqiniso.—IHubo 43:3.
Injabulo Yokusiza Abanye
15, 16. (a) Kwenzekani lapho abafundi bakaJesu bokuqala ‘bevumela ukukhanya kwabo kukhanye’? (b) AmaKristu namuhla ahlangabezana nani ekwenzeni abafundi?
15 Ukubonisa ukukhanya okungokomoya nakho kuyisibusiso. UJesu watshela abalandeli bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe. . . . Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.” (Mathewu 5:14-16) Yini eyenzeka njengoba labo bafundi bakuqala ‘bevumela ukukhanya kwabo kukhanye’ ngezwi nangesenzo? Abanye bazuza, kodwa umsebenzi onjalo futhi waletha ukujabula kubalandeli bakaKristu ngokwabo. (Luka 10:1, 17-20; IzEnzo 8:4-8) Ngokuqinisekile, labo benzi babafundi babekhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo.—Mathewu 28:19, 20.
16 AmaKristu athola injabulo efanayo namuhla emsebenzini wokumemezela isigijimi sombuso. Ikakhulukazi lokhu kuyiqiniso ngokuqondene nabantu ababasiza ekutholeni ulwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wayenenjabulo enjalo, ngoba wathi abaseFilipi ayebasizile babeyi‘ntokozo [yakhe] nomqhele.’ (Filipi 4:1) Ngokuqondene nayebasizile eThesalonika, umphostoli wabhala: “Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na? Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.” (1 Thesalonika 2:19, 20) Yebo, uPawulu—njengamaKristu namuhla—wathola injabulo kulabo ayebasizile ngokomoya. Ingabe uyazikhandla enkonzweni kaJehova futhi uthola injabulo enjalo?
17. Kungani, naphezu kwemiphumela elinganiselwe kwezinye izici, oFakazi BakaJehova bethola injabulo emsebenzini wabo wokwenza abafundi?
17 Naphezu kwemiphumela elinganiselwe lapho kufakazwa ezindaweni ezithile namuhla, oFakazi BakaJehova bathola injabulo ngokwazi ukuthi bajabulisa futhi badumisa uNkulunkulu wabo. Lokhu kuyiqiniso ngisho noma abaninikhaya abathile bengajabuli ukubona oFakazi ezindlini zabo. Izinceku zikaJehova azidunyazwa yilokhu, ngoba ziyaqaphela ukuthi ukukhonza uJehova kuyilungelo elihle kakhulu elingajatshulelwa unoma ubani emhlabeni.
Ngisho Nokushushiswa Kuletha Injabulo
18. Kungani amaKristu engajabula ngisho nakuba eshushiswa?
18 AmaKristu akhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo ngisho nakuba ngokuvamile eshushiswa. UJesu wathi bayajabula labo abashushiswa ngenxa yakhe, futhi umphostoli uPetru wathi: “Thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba. Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe.” Ngani? “Ngokuba,” kusho uPetru “uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.” (1 Petru 4:13, 14; Mathewu 5:11, 12) Ukuhlangabezana noshushiso ngenxa yokuba wumKristu kungase kubonakale kungesona isibusiso. Kodwa uma ubekezelela lokho kuhlupheka unobufakazi bomoya kaNkulunkulu nokuvunyelwa—futhi, ngokuqinisekile, lokho kuthuthukisa injabulo.
19. Omunye oyisisulu sokushushiswa kobuNazi wathini?
19 Ngenxa yokuba nomoya ongcwele kaNkulunkulu namandla uJehova awanikezayo, amaKristu ashushiswayo angagcina injabulo yawo ngaphansi kwezimo ezingavamile. (Filipi 4:13) Eminyakeni ethile edlule, enkanjini yokuhlushwa yamaNazi, uFakazi osemncane owagwetshelwa ukufa ngokungafanele wabhalela abazali bakhe: “Kakade sekungemva kwamabili. Ngisenesikhathi sokushintsha umqondo wami. Ah! ngingajabula futhi kulelizwe ngemva kokuphika iNkosi yami? Ngokuqinisekile ngeke! Kodwa manje nginesiqinisekiso sokuthi ngishiya lelizwe ngokujabula nokuthula.” Yebo, amaKristu ashushiswayo ayamkhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo.
Ezinye Izizathu Zokujabula
20. Injabulo ithinteka kanjani ngokuhlanganyela nabanye abakholwayo?
20 Naphezu kokushushiswa okuzwiwa oFakazi BakaJehova, bathola injabulo yeqiniso ekuhlanganyeleni namakholwa akanye nabo. Yeka isibusiso! Ezweni eligcwele ukungathembeki, amanga nokwenza okubi, yeka ukuthi kuhle kanjani ukuba nabangane abathembekile, abaneqiniso, nabaqondile abaye bembatha ‘ubuntu obusha!’ (Kolose 3:8-11) Khona-ke, futhi, kunokwaneliseka okujulile ekwazini ukuthi ukuziphatha komuntu siqu kwenza inhliziyo kaJehova ithokoze.—IzAga 27:11.
21. Iziphi ezinye izindlela zokuthuthukisa izithakazelo zokukhulekela kweqiniso ngenjabulo?
21 Kuyisibusiso futhi ukuthuthukisa izithakazelo zokukhulekela kweqiniso nenjabulo, mhlawumbe ngokuhlanganyela esakhiweni, ekuqondiseni nasekusekeleni indawo yokuhlangana yamaKristu. (Eksodusi 36:1-7; 2 AmaKhosi 12:4-15) Ngokuqinisekile, imizamo enjalo ilethela umuntu injabulo enhliziyweni. Futhi umuntu angazibala kanjani ngokugcwele izibusiso nezinjabulo zokuhlanganyela njalo nabantu bakaJehova, nezokubambisana nabo emsebenzini wokufakaza onikezwe uNkulunkulu?—IHubo 122:1; 1 Korinte 3:5-9.
22. Ukwethembeka ekwenzeni imisebenzi yokwesaba uNkulunkulu kuphumela kuphi?
22 Ukwethembeka ekwenzeni imisebenzi kaNkulunkulu futhi kuphumela esibusisweni esicebile—ithemba lokusindiswa nekusasa elijabulisayo esimisweni sezinto esisha esithenjiswe uNkulunkulu. (2 Petru 3:11-13) Yeka umehluko okhona phakathi kwezinceku zikaJehova ezigcwaliswe ngethemba nabantu ‘abangenathemba futhi abangenaNkulunkulu ezweni’! (Efesu 2:11, 12) Ngokuqinisekile, njengoDavide, abantu bakaJehova namuhla bangathi kuNkulunkulu: “Kepha ngiwuthembile umusa wakho; inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho.” (IHubo 13:5) Ngempela, uma amaKristu ebala izibusiso zawo, athola izizathu eziningi zokukhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo.
Qhubekani ‘Nokukhonza UJehova Ngokujabula’
23. Kunokuvumela ukucindezela okukhulayo kubuse ukucabanga kwethu, yini okumelwe siyenze?
23 Nakuba ofakazi bakaJehova manje bejabulela izibusiso eziningi, abanakukubalekela ukucindezela okukhulayo kwalesisimiso sezinto esidala. Lokhu kumelwe kuhlangatshezwane nakho ngesibindi emsebenzini, esikoleni nakwezinye izindawo, futhi izici ezinjalo zingadumaza. Kodwa, kunokuvumela izinto ezingavumelekile zibuse ukucabanga kwethu futhi zisithikazise ngokuqhubekayo, kuwukuhlakanipha ukusunduzela imicabango yethu ezintweni eziwusizo nezakhayo. Yebo, esikhundleni sokudumazeka noma sokudabuka, masi“shisekele imisebenzi emihle” futhi sicabange ngezibusiso zethu njengezinceku zikaJehova. (Thithu 2:14) Khona-ke siyokwenama, njengokungathi sijabulela idili eliqhubekayo. Njengoba izAga 15:15 zikubeka: “Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi, kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.”
24. (a) Ukuphila kwakho kungaba kanjani nenjongo evuzayo? (b) Imuphi umbuzo ophakanyiswe ngokufaneleyo?
24 Yebo, abantu abaningi abajabuli ngesabelo sabo ekuphileni. Kodwa uma uthanda futhi ulalela uNkulunkulu, ubekezela ngentshiseko enkonzweni yakhe, ukuphila kwakho kunenjongo evuzayo. Futhi, ngosizo lukaJehova, izinkinga zokuphila nokucindezela kungabekezelelwa ngokuphumelelayo. Ngakho yima isibindi futhi uqhubeke uhlanganyela izibusiso uNkulunkulu akunikeza zona njengoba ukhonza uJehova ngenhliziyo ejabulayo. (IHubo 100:2) Kodwa yini efunekayo ukuze uqhubeke ujabula ekukhulekeleni uJehova?
Ingabe uyawakhumbula lamaphuzu?
□ Kungani abantu bakaJehova bengahlulwa ubunzima bokuphila?
□ Kusho ukuthini ukwazi uJehova, futhi lokhu kuphathelene kanjani nenjabulo?
□ Ukwenza abafundi kunabuphi ubuhlobo nenjabulo?
□ Singakuthuthukisa kanjani ngenjabulo ukukhulekela kweqiniso?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Labo abajabulela ukukhanya okungokomoya okuvela kuJehova ababesabi abafileyo. Kunalokho, babheka phambili ovukweni lwabantu abasenkumbulweni kaNkulunkulu