Ingabe Uyawafuna Amagugu Afihliweyo?
“Makwandiswe kini umusa nokuthula ngokumazi [ngokuqondile, “NW”] uNkulunkulu noJesu iNkosi yethu.”—2 PETRU 1:2.
1, 2. Yiziphi izici ezenza igolide libe igugu futhi libize?
KUNGANI igolide libiza kangaka? Limane nje liyinsimbi ethambile, kodwa inani lalo lifinyelela emakhulwini amadollar ngeounce. Yiqiniso, lingenziwa noma isiphi isimo futhi lenza umhlobiso okhangayo ongaba yindandatho noma ibhengela. (1 Thimothewu 2:9; Jakobe 2:2) Nokho, uma ulahleka ogwadule, ufa yindlala nokoma, ubungenakulidla noma uliphuze. Kulesosimo isinkwa noma isitsha selayisi kanye namanzi kungaledlula kude igolide.
2 Pho, kungani igolide laziswa kangaka? Ngesizathu esisodwa, liyindlala futhi kunzima ukulithola. Ngokwesibonelo, lapho imayini yegolide iEmpire enyakatho California ivalwa ngo-1957 ngenxa yokuthi yayingasakhiqizi, izisebenzi zakulemayini zazimba ekujuleni kwamamitha angaphezu kwe-1 500 kodwa kwakudingeka ukuba zehle amakhilomitha amathathu ngokuvundla ukuze zifinyelele igolide. Kuze kube kuleloqophelo, intengo ephakeme yegolide yayiwenze wafaneleka lomzamo omkhulu wokuqhubeka nokulifuna.
3. Iyiphi ingcebo esingayifuna?
3 Nokho, thina singamba okuthile okuyigugu kakhulu kunegolide. Kuyini? INkosi ehlakaniphile uSolomoni yanikeza impendulo eminyakeni engaba yizi-3 000 edlule: “Yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo, khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.” Cabanga ngabantu abangelutho bekwazi ukuthola ‘ulwazi ngoNkulunkulu’!—IzAga 2:3-5.a
Isizathu Sokuba Sonke Sidinge Ulwazi Oluqondile
4. Yini okufanele ihlanganiswe olwazini oluqondile lomKristu?
4 Kusukela esikhathini sikaKristu, lolulwazi olubalulekile luye lwanda lwahlanganisa okuningi kakhulu kunalokho amadoda nabesifazane bakudala abathembekile abangamaHeberu ababekuthola. Njengoba uPawulu akubeka: “Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini [ngokuqondile, NW] yena; ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.”—Efesu 1:17, 18.
5. Kungani abagcotshiwe kudingeka balunakekele njalo ulwazi lwabo lwentando kaNkulunkulu?
5 Ngalesosikhathi, lesi kwakuyiseluleko esiqondile esiya kubafowabo bakaKristu abangcwele abagcotshiwe, futhi nanamuhla kuseyiso. Njengengxenye yesibili ‘yembewu’ yesithembiso, abanjalo bayizisulu ezikhethekile zokudukisa kukaSathane okungokomoya. (Galathiya 3:26-29; Efesu 6:11, 12) Abagcotshiwe, ikakhulu, kumelwe baqinisekise ukubizwa kwabo ngokungasiyekeleli isipho somusa kaNkulunkulu ongasifanele. Kungalesosizathu kumelwe baliqinise njalo ingokomoya labo ngokunezela ulwazi lwabo oluqondile lwentando kaNkulunkulu neZwi lakhe.—Efesu 3:7; Heberu 6:4-6; 2 Petru 1:9-12.
6. (a) Kungani sonke sidinga ulwazi oluqondile, kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu lingelasezulwini noma lingelasemhlabeni? (b) Yini edingekayo ukuze sizuze ulwazi oluqondile?
6 Kuthiwani ngalabo abathemba labo liwukuphila okuphakade emhlabeni? Kungani ulwazi oluqondile lubalulekile ngabo? Yingoba awekho amazinga obuqotho bobuKristu, njengokungathi kunendinganiso ephakeme yabagcotshiwe, abanethemba lasezulwini, kuneyezinye izimvu, ezinethemba lasemhlabeni. (Johane 10:16; 2 Petru 3:13) Izimiso zobuKristu zisebenza ngokulinganayo kubo bonke. Ngalesosizathu, sonke sidinga ukuwagcwalisa njalo amabhethri ethu angokomoya ngolwazi oluqondile. Kodwa kuhileleke isikhathi nomzamo. Kumelwe sihileleke ekumbeni okungokomoya, njengokungathi sifuna amagugu afihliweyo.—IHubo 105:4, 5.
Ukuthenga Isikhathi Sokumba
7. (a) Yibuphi ubunzima obukhona obungase buthiye ukuzuza kwethu ulwazi oluqondile? (b) Ingaba yini imiphumela yokudebesela ngokomoya?
7 Abantu abaningi namuhla baphila ukuphila okumatasa, futhi njengamaKristu sibonakala simatasa kakhulu kunabaningi ngezimiso zethu zemihlangano yeBhayibheli, inkonzo yasensimini, umsebenzi wokuziphilisa, umsebenzi wasekhaya, umsebenzi wesikole, njalonjalo. Nokho, njengoba nje sihlela isikhathi sokudla usuku ngalunye, kanjalo kumelwe sibeke eceleni isikhathi sokondla izingqondo nengokomoya lethu. Kwakungeyona inkulumo engelutho leyo uJesu ayisho lapho ecaphuna uDuteronomi 8:3: “Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.” (Mathewu 4:4) Uma sidebeselela ingokomoya lethu, sidebeselela izindinganiso zethu ezingokomoya nethemba lethu lekusasa. Khona-ke singaqala ukushelela futhi sintengantenge. Ngakho singasihlela kanjani isikhathi sesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke?
8. Yisiphi iseluleko esingokomBhalo esisinikeza umbono ofanele ngesifundo somuntu siqu?
8 Amazwi kamphostoli uPawulu afaneleka kakhulu: “Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi-yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.” Intando kaNkulunkulu singayiqonda kuphela uma sinaka iZwi lakhe ngesifundo sethu somuntu siqu. Futhi lokho kusho ukuthi kumelwe ‘sithengisise isikhathi’ noma ‘sisebenzise isikhathi sethu ngendlela engcono kakhulu.’—Efesu 5:15-17, Phillips.
9. Kungenzeka ukuthi sisilahlekela kuphi isikhathi esingasizuzela isifundo somuntu siqu? Nikeza okuhlangenwe nakho kwakho siqu.
9 Uma sihlaziya imisebenzi yethu engabalulekile yosuku ngalunye, sithola ukuthi sisichitha kanjani esiningi sesikhathi sethu esikhululekile? Ingabe sisichitha phambi kwethelevishini? Lowomshini oluthayo ungantshontsha amahora asukela kwamabili kuya kwamahlanu ubusuku ngabunye ekuphileni kwethu! Wena ngokwakho mangaki amahora owachitha ngosuku ubukela ithelevishini? Ngokuvamile, okukhonjiswayo, ngokugcizelela kwakho ubudlova nobulili, kuyonakalisa. Futhi ngokuvamile kuklanyelwe ukuba kukhange “inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila.” (1 Johane 2:15-17) Nokho, abaningi bantula amandla okucima ithelevishini. Yebo, lomklamo wesimanje ungadla impahla yethu eyigugu kakhulu, isikhathi.
10. Kungani kubaluleke kangaka namuhla ukuba sisebenzise isikhathi ngokuhlakanipha?
10 Uma sithembekile kithi ngokwethu, siyoqaphela ukuthi ngokuvamile kungenzeka ukuphinda futhi sithole isikhathi semisebenzi ebalulekile njengesifundo seBhayibheli. Futhi isifundo seBhayibheli somuntu siqu esiholela olwazini oluqondile sibalulekile ngomKristu kulezikhathi ezinzima. Nokho, njengoba kunabangu-41 000 abasuswa ekuhlanganyeleni ngonyaka odlule, kusobala ukuthi abafowethu nodadewethu abaningi baye balidebeselela ingokomoya labo. Ukuhloma nokulondoloza “zonke izikhali zikaNkulunkulu” akuyona into engenziwa ngezikhathi ezithile. Njengasendabeni yesosha elihlome ngezikhali ezingokoqobo, kuwumsebenzi wansuku zonke.—Efesu 6:10-18; Roma 1:28-32; 2 Thimothewu 3:1.
11. Yisiphi isibonelo umkhaya waseBethel osibekayo ekubeni ngabasihlelekele isifundo somkhaya?
11 Emhlabeni wonke amalungu angaphezu kuka-9 000 emikhaya yaseBethel engu-95 emahhovisi egatsha eWatch Tower Society aba nesifundo sawo somkhaya njalo ngoMsombuluko kusihlwa. Atadisha INqabayokulinda elungiselela umhlangano wangempela-sonto, futhi ezikhathini eziningi aba nenkulumo yeBhayibheli noma izifundo zasekilasini zamalungu omkhaya amasha. Yebo, ngoMsombuluko kusihlwa yisikhathi sesifundo somkhaya waseBethel emhlabeni wonke. Sinini isikhathi sesifundo sakho siqu noma somkhaya wakho?—Heberu 10:24, 25.
Amathuluzi Nendlela Yokuwasebenzisa
12. Yiziphi ezinye zezici zokutadisha ezivelele zeNew World Translation of the Holy Scriptures—With References?
12 Njengoba nje nomvukuzi wasemayini enamathuluzi omsebenzi wakhe, kanjalo nathi sinamathuluzi okumba emayini yegolide eyiZwi likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabangela iNew World Translation of the Holy Scriptures—With References. Okwamanje ikhishwa ngesiDashi, isiNgisi, isiNtaliyane, isiJapane, isiFulentshi, isiJalimane, isiPanish nesiPutukezi. Ngakho, abaningi boFakazi BakaJehova banethuluzi elimangalisayo lokuthola ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu. LeliBhayibheli linezinkulungwane zezikhombo zaseceleni nemibhalo yaphansi enokwaziswa okuningi. Futhi linesithasiselo esinamakhasi angu-36 esinokwaziswa okuningiliziwe ngemibuzo eminingi yeBhayibheli ebalulekile.b
13. Yimaphi amaphuzu athakazelisayo avezwayo ngokuqondene nokusetshenziswa kwegama elithi “ulwazi” nelithi “ulwazi oluqondile” emiBhalweni YesiHeberu nasemiBhalweni YesiGreki?
13 Ngemuva, iReference Bible inohlu ‘lwamaGama EBhayibheli Ahleliwe’ ayinhloko. Singalusebenzisa kanjani loluhlu? Uma ubheka eBhayibhelini lakho amagama athi “accurate knowledge” (ulwazi oluqondile), uyothola kuhlelwe imiBhalo eyishumi. Kodwa ayikho kulena esemiBhalweni yesiHeberu. Ingabe lokho kusho ukuthi imiBhalo yesiHeberu ayisiqokomisi isidingo solwazi olunjalo? Cha. Ngoba ngaphansi kwegama elithi “knowledge” [ulwazi], kunezikhombo ezingu-24, ezihlanganisa nezingu-18 ezivela emiBhalweni yesiHeberu. Nokho, ulimi lwesiHeberu alunalo igama elikhethekile elisho “ulwazi oluqondile.” Ngakho, njengoba uzobona ezikhombweni, ngezinye izikhathi luqokomisa isidingo sokungaphezu kolwazi nje oluvamile ngokuhlanganisa elithi “ulwazi” namagama anjengokuthi “ukuhlakanipha” ‘nokuqonda’ noma ngokukhuluma ngolwazi ‘njengoluningi.’—Daniyeli 1:4; 12:4; Jeremiya 3:15.
14. Kunamaphi amaphuzu avelele athakazelisayo ngaphansi kwegama elithi “knowledge” kuyi-Insight on the Scriptures?
14 Njengoba sifundile esihlokweni esandulelayo, isiGreki seBhayibheli sasibonisa umahluko osithekile phakathi kwamazinga amabili olwazi. Futhi njengoba simba, sifuna ukwazi okwengeziwe ngomahluko phakathi kwalamagama amabili njengoba esebenza kumaKristu. Kungani ulwazi, gnoʹsis, nolwazi oluqondile, e·piʹgno·sis, kubalulekile kumaKristu? Singayitholaphi impendulo? Kuyiencyclopedia yeBhayibheli i-Insight on the Scriptures. Yeka ukuthi lemiqulu iyizinqolobane ezingakanani zomcebo! Funa isihloko esithi “Knowledge,” (ulwazi). Lapho uyothola indaba ephelele ephathelene nalamagama esiwacabangelayo nezimfanelo ezihlobene nawo eziwukuhlakanipha, ukuqonda, nekhono lokucabanga. Sitholé lonke ‘leligolide,’ lokhu kwaziswa, ngokusebenzisa nje izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezimbalwa! Kodwa kunokwengeziwe.—IHubo 19:9, 10.
15. Yimaphi amanye amathuluzi okucwaninga esinawo, futhi angasetshenziswa kanjani?
15 Uma ufuna ukulitadisha ngokucubungulisisa igama elithi “ulwazi” namagama ahlobene nalo, ungasebenzisa amaIndex ezincwadi zeWatch Tower Society, ezitholakala ngezilimi eziningi. Futhi njengoba nje silandelele indaba yolwazi, ungalandela indlela efanayo nangezinye izihloko ezingamakhulukhulu. Cabanga ngomcebo wokwaziswa ngaphansi kwegama likaJehova! Yeka insada ekhona yolwazi oluqondile ngeNkosi enguMbusi wendawo yonke!—IHubo 68:19, 20; IzEnzo 4:24.
16. ImiBhalo ithini ngokuqondene nokufunisisa?
16 Ngalezi nangezinye izinsiza-kufundisa ezikhishwa yiWatch Tower Bible and Tract Society, yeka “amagugu” amahle “afihliweyo” esingawathola! Ingabe uyalifuna “igolide”? Ingabe ucabanga ukuthi liyazuzisa? Ingabe uyosibeka eceleni isikhathi sokulimba?—IzAga 2:1-5.
Ubani Oholayo Ekumbeni Okungokomoya?
17. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ulwazi ngoNkulunkulu nangoKristu?
17 Siyini isihluthulelo sokuthola lolulwazi oluyigugu ngoNkulunkulu nangoKristu? Isisusa—ukulangazela ukuba nokuma okwamukelekayo noJehova neNdodana yakhe nesifiso sokwamukela isipho sokuphila okuphakade. UJesu wakubeka ngalendlela: “Qhubekani nicela, khona nizakuphiwa; [qhubekani] nifuna, khona nizakufumana; [qhubekani] ningqongqotha, khona nizakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.” Kodwa phawula umbandela. UJesu wathi: ‘Qhubekani nicela, nifuna, ningqongqotha.’ Lena akuyona nje into eyenziwa kanye. Ukufuna ulwazi kumelwe kube okuphikelelayo.—Mathewu 5:6; 7:7, 8, qhathanisa neNW.
18. Emkhayeni, ubani okufanele ahole ekufuneni ulwazi oluqondile, futhi ngani?
18 Emkhayeni wamaKristu, ubani okumelwe ahole ekumbiweni kolwazi oluqondile? UPawulu uyaphendula: “Nani-boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” Yebo, abazali, ikakhulukazi ubaba, kumelwe bahole ekuboniseni ukwazisa ngezindinganiso ezingokomoya. Futhi lokho kusikhumbuza ngesidingo selungiselelo lasikhathi sonke umkhaya ongalilindela futhi ubheke phambili kulo.—Efesu 6:4.
19. Izikhathi zokutadisha komkhaya zingenziwa kanjani zithakazelise? Kuyini okuhlangenwe nakho komkhaya wakho?
19 Izikhathi zokutadisha komkhaya zingenziwa zibe ezithakazelisayo. Ngokwesibonelo, uma unabantwana, kungani ungabakhethisi isihloko bese ubabela ukuba bacwaninge ngaso ezincwadini ezihlukahlukene ngokweminyaka yabo yobudala namakhono abo. Khona-ke ngemva kwengxenye yehora, hlanganani bese nibona ukuthi ngamunye utholeni kuleyondaba eyabiwe. Uma ikhonkodensi ikhona, omncane angabala ukuthi igama elithile livela izikhathi ezingaki emiBhalweni YesiHeberu nasemiBhalweni YesiGreki. Mhlawumbe omdala angase athole amagugu athile emiqulwini yeInsight. Abazali bayawazi amakhono abantwana babo nokuthi bakwazi ukugxilisa ingqondo isikhathi eside kangakanani futhi kufanele bakhele isifundo kulawomaphuzu. Yiba ngoguquguqukayo nowazisayo. Khuthaza umkhaya wakho ekumbeni kwawo okungokomoya—futhi nibe nesisusa esilungile.
Ukumba Unesisusa Esilungile
20. Yisiphi isisusa esingalungile okufanele sisigweme ekutadisheni kwethu komuntu siqu?
20 Isizotha imfanelo yobuKristu. (IzAga 11:2; 1 Thimothewu 2:9) Ingabe-ke kufanele sitadishe ngenjongo yokuqhosha ngalokho esikufundile? Noma ingabe kufanele sigabise ngolwazi lwethu mhlawumbe sibonise abanye njengabangazi lutho? Noma ingabe kufanele simemezele izincazelo zethu siqu zemibhalo noma esikucabangelayo? UPawulu weluleka: “Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube-ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.”—Roma 12:3.
21, 22. Kufanele lusithinte kanjani ulwazi lwethu oluqondile?
21 Umzamo oqotho ekusetshenzisweni kolwazi oluqondile ungaholela okholweni, ekuziphatheni okuhle, ekuzithibeni, ekukhuthazeleni, ekuzinikeleni kokwesaba uNkulunkulu, othandweni lomzwelo lobuzalwane, nasothandweni. UPetru wabonisa ukubaluleka kwalezizinto lapho ebhala: “Ngokuba uma lezozinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi-ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.”—2 Petru 1:2-8.
22 Ulwazi lwethu kufanele luthinte inhliziyo. Kufanele lusishukumisele ekuboniseni uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane futhi sibe ngamaKristu akhiqizayo ekuziphatheni kwethu nasenkonzweni. Lokhu kuyophumela ebunyeni nasekusiqondeni ngokugcwele kangcono isibonelo sikaKristu. (Efesu 4:13) Yeka umvuzo omuhle wokufuna amagugu asithekileyo!
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokuthakazelisayo, kuzAga 2:5 inkulumo ethi “ukumazi uNkulunkulu” ivela kuyiSeptuagint yesiGreki ngokuthi e·piʹgno·sis, noma “ulwazi oluqondile,” enye yezindlela eziyisishiyagalombili lelogama lesiGreki elisetshenziswa ngazo kuyiSeptuagint.
b Ukuze uthole incazelo eningiliziwe yendlela yokuzuza okuningi ngangokunokwenzeka kuyiReference Bible, bheka INqabayokulinda kaNovember 1, 1985, amakhasi 27-30.
Imibuzo Yokucatshangelwa
◻ NgokweNkosi uSolomoni, yini eyigugu ngokwengeziwe kunamagugu afihliweyo?
◻ Kungani ulwazi oluqondile lubalulekile ngabagcotshiwe nangezinye izimvu?
◻ Singasithenga kanjani isikhathi sesifundo somuntu siqu?
◻ Sinamaphi amathuluzi akhethekile okumba uma sifuna ulwazi oluqondile?
◻ Ubani okufanele ahole esifundweni somkhaya, futhi kufanele sitadishe sinasiphi isisusa?