Usizo Olungcono Kakhulu Lokwazi Ngekusasa
Ngothile Owathola Indlela Eya Ekuphileni
INKOLO yaba nendima ebalulekile ekuphileni komkhaya wakithi. Ubaba wayengumJuda, futhi ngisho nakuba ayeseguqukele ebuKatolikeni ukuze akwazi ukushada nomama, wayesalihlonipha kakhulu iBhayibheli. Umama wayevela emkhayeni owawugxile kakhulu emasikweni obuKatolika—ababili bodadewabo babeyizindelakazi, umzala wakhe wayeyimonsignor (isikhulu seSonto lamaRoma), futhi abashana bakhe ababili babengamafriar (izinxibi zasesontweni).
Phakathi nempi yezwe yesibili ukukhathazeka, ukwesaba, nokusongela okwakuhlala kukhona kokuthuthelwa ekamu lokuhlushwa ngenxa yokuba umJuda kwenza ukuba ubaba asheshe afe. Ekholelwa ngokujulile emfundisweni yokungafi komphefumulo, umama wahlanganyela emihlanganweni yokubhula ngemimoya, ezama ukuxhumana nobaba.
Lapho sengimdala, inkolo esekelwe emasikweni yaqhubeka iyingxenye yokuphila kwami. Ngahlala ‘ngingumKatolika omuhle.’ Noma kunjalo, ubuKatolika babungakwazi ukungichazela ukuthi ikusasa lingiphatheleni. Ubani engangingabheka kuye ukuze ngithole usizo ekwazini ngalokhu?
Njengoba umama ayeke enza, nami ngathintana nababhuli. Njengoba babeqala ukubhula ngakunye ngophawu lwesiphambano nangomthandazo, ngangiqiniseka ngokuthi zonke izenzakalo ezimangalisayo engangizibona zazivela kuNkulunkulu. Kwakungalesikhathi lapho, ngenxa yokufuna ukwenza okuthile ukuze ngisize abanye ezinhluphekweni zabo, ngaqala khona ukuhlanganyela nenhlangano yamaKatolika eyayihlela uhambo oluya ethempelini likaMariya eLourdes, lapho abagulayo babenethemba lokuphulukiswa ngesimangaliso khona.
Ngangingakaze ngizwe ngoFakazi BakaJehova kwaze kwaba usuku umyeni wami amukela ngalo omagazini ababili engabathola bethakazelisa kakhulu. Okwangihlaba umxhwele kakhulu kwakuwukuthi iBhayibheli lalicashuniwe ekusekeleni ukukhulumela okukulabomagazini. Zisuka nje ngaqaphela ukuthi labomagazini bangaba usizo olukhulu ekutholeni ulwazi lweZwi likaNkulunkulu. Ngabhala ngicela isikhokhelo sabo bobabili labomagazini. OFakazi BakaJehova bangivakashela, futhi ngaqala ukutadisha iBhayibheli.
Nganginentshiseko enkulu ngamaqiniso eBhayibheli engangiwafunda futhi ngaqala ukukhuluma ngawo nengangijwayelene nabo. Ngathuswa ukusabela komngane wami, owayehlele uhambo olungokwenkolo oluya endaweni engcwele, lapho ngimtshela ukuthi ngangihlola iBhayibheli noFakazi. Wathukuthela kakhulu washo izinto ezimbi kakhulu ngabo kangangokuthi ngamshiya. Khona-ke kwadingeka ngibhekane nokuphikiswa okuvela kumyeni wami. (Mathewu 10:36) Ekuqaleni kwakunzima, kodwa lapho ngiqhubeka ngenza izinto engangizifunda, yilapho ukuphila komkhaya wami kwakushintsha khona kuba ngcono. Ngabhapathizwa ngo-1977.
Ngaqaphela ukuthi ngangingasoze ngayithola indlela eya ekuphileni ukuba oFakazi BakaJehova babengazange babonise isithakazelo ngokuzama ukungisiza ukuba ngazi amaqiniso amahle eBhayibheli. Ngazi ukuthi nami futhi nganginesibopho sokwenza konke engangingakwenza ukuze ngisize abanye bazi ngoJehova nangenjongo yakhe enhle ngesikhathi esizayo. Ngangizokwenza kanjani lokhu? Indlela engcono kakhulu kwakuwukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Njengoba ngangihlala ekhaya elihlukene phakathi ngokwenkolo, lokhu kwakungelula ngami. Kodwa ngathembela ekusekeleni nasesiqondisweni sikaJehova futhi ngabalekela kuye. Manje, sengijabulela iminyaka yokuphila ejabulisa ukudlula yonke ekuphileni kwami ngisebenza njengephayona elivamile. Ngiqiniseke kunanini ngaphambili ukuthi “uJehova muhle” nangokuthi noma ubani “ophephela kuye” uyajabula.—IHubo 34:8.