Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Izindaba Ezinhle ZoMbuso Ezivela Kwelisezansi
NJENGAKWAMANYE amazwe angama-211, izindaba ezinhle zoMbuso ziyamenyezelwa ngentshiseko ngoFakazi BakaJehova ezansi eAustralia. OFakazi abangaphezu kwezi-49 000 lapho bajabulela izibusiso ezicebile. Abantu abaningi bezizwe ezihlukahlukene baye bafika bevela kwamanye amazwe eminyakeni eminingi, kangangokuthi manje kukhona amabandla angama-58 ezinhlanga ezihlukahlukene abika inkonzo yasensimini. Okuhlangenwe nakho okukhuthazayo kulandiswa ihhovisi legatsha leWatch Tower Society.
Umbaleki WaseVietnam
Umbaleki waseVietnam, manje ohlala eAustralia, wakhula ngokukhulekela abaphansi, ngobuConfucian, nangobuBuddha, kanye nangefilosofi yaseMpumalanga neyaseNtshonalanga. Wayeyisosha ebuthweni laseNingizimu Vietnam kwaze kwaba ngo-1975. Ngo-1979 kwadingeka ukuba anqunywe ingalo yangakwesokhohlo ngenxa yethumba elalisesihlakaleni sakhe. Elangazelela inkululeko, wabaleka eVietnam ngo-1983, kanye nabanye abangama-24, ngesikebhe esincane. Ngemva kokunqwamana ngokwethusayo nezigelekeqe zasolwandle, umkhumbi wabo wanhlanhlatha oLwandle lwaseNingizimu Shayina izinsuku eziyisithupha ezishisa kakhulu, ekugcineni baze bafika eMalaysia. Ngemva kokuchitha izinyanga ezinhlanu enkanjini yababaleki, wavunyelwa ukuba angene eAustralia. Ezinyangeni ezintathu kamuva wathola iqiniso. Amazwi kaJesu akuJohane 8:32 asiphendula isifiso sakhe esijulile senkululeko: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Abazalwane bambonisa uthando olukhulu. Namuhla unguFakazi kaJehova futhi usebenza ekusizeni abanye abantu abaningi abakhuluma isiVietnam ukuba bafunde iqiniso elikhulula umuntu.
Owomdabu WaseAustralia Usabela Eqinisweni
Enyakatho-ntshonalanga yeAustralia umzalwane osemusha oyiphayona nomngane wakhe bavakashela owesifazane ongowomdabu waseAustralia endaweni yesizwe ethiwa ishede likavolo. Ngemva kokuzwa ababehamba ngakho, owesifazane wathatha ukhiye owawulenga entanyeni yakhe wavula ibhokisi elikhulu lensimbi. Okwabamangaza kakhulu ukuthi, phakathi kwezinto zakhe babona izincwajana ezimbili zeWatch Tower kanye nekhophi endala yeBhayibheli. Behlezi phansi, bakwazi ukuqalisa isifundo seBhayibheli besebenzisa enye yezincwajana. Nakuba lona owesifazane ayengakwazi ukufunda nokubhala, wayezazisa kakhulu lezincwajana ayezithole ngaphambili. Manje kuqhutshwa isifundo sasikhathi sonke, okuyinto emjabulisayo.
Ukushaywa Kocingo Ngengozi
Edolobheni laseSydney, elinabantu abayizigidi ezintathu, intombazanyana eneminyaka emithathu ubudala yayidlala ngocingo futhi yashaya inombolo ngokungacabangi. Kwenzeka ukuthi kanti leyonombolo kwakungekaFakazi. Udade waluphendula, ekuqaleni wacabanga ukuthi kwakungumzukulu wakhe. Wabe esezwa izwi lomuntu omdala. Kwakungunina walentombazanyana, owayixolisela indodakazi yakhe. Kwalandela ingxoxo, phakathi nayo lodade wanikeza ubufakazi. Lowesifazane wamangala: “Bengilokhu ngethemba ukuthi oFakazi bazophinde bangivakashele. Ngifuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova!” Waqhubeka wathi ezinyangeni ezimbili nje ngaphambili, wayevakashele ePeru futhi wahlatshwa umxhwele ngubabekazi wakhe nomkhaya wakhe manje asebengoFakazi BakaJehova. Wathi: “Izingane zezihlobo zami zazingodeveli abancane, kodwa manje ziyizingelosi ezincane!” Kwenziwa amalungiselelo esifundo seBhayibheli, futhi lona owesifazane onesithakazelo uyaqhubeka ethuthuka—konke kwenzeka ngenxa nje yocingo olwashanywa intombazanyana yakhe ngengozi.