Evela Ezweni Lesithembiso
“Maye Kuwe-Korazini!”—Ngani?
NGOKUQINISEKILE ubungenakufuna ukuba uNkulunkulu athi maye kuwe, akunjalo? Khona-ke, cabanga ngendlela amaJuda asemadolobheni amathathu aseGalile okufanele ukuba azizwa ngayo lapho iNdodana noMahluleli kaNkulunkulu ememezela:
“Maye kuwe-Korazini! Maye kuwe-Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha. Kepha ngithi kini: Kuyakuba-ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini. Nawe-Kapernawume . . . Uyakwehliselwa eHayidese.”—Mathewu 11:21-23.
Umfanekiso ongenhla ubonisa elinye lalawomadolobha—iKorazini. Lomfanekiso uyavela futhi kuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1989 kuJuly/August. Ngokuthakazelisayo, amazwi kaJesu akuMathewu 11:21-23 asesimisweni sokufundwa kweBhayibheli soFakazi BakaJehova phakathi noAugust. Khona-ke, yini okufanele siyazi ngeKorazini?
Nokho, phawula lapho iKorazini yasendulo yayikhona. Ungawabona amanxiwa ayo ngaphambili kulomfanekiso. Ngokulandelayo, phawula izihlahla ezisogwini olusenyakatho yoLwandle lwaseGalile. Kulapho iKapernawume yayikhona, cishe iqhele ngamakhilomitha amathathu. Ukuwubukela kude lomfanekiso othathelwe phezulu kungase kusikisele indawo eyithafa, kanti iKorazini eqinisweni yakhiwe emagqumeni aphakeme ngamamitha angaba ama-270 ukusuka ogwini.
Kuyasiza futhi ukwazi ukuthi cishe ebangeni elifanayo ukusuka eKapernawume, ngasogwini, kwakukhona iBetsayida. Ngakho, lapho esola lamadolobha amathathu, uJesu wayegxile endaweni encane eyayiseduze nendawo ayesebenzela kuyo eGalile. (Mathewu 4:13; Marku 2:1; Luka 4:31) Kungani uJesu athi maye kuwo?
UJesu wasebenzisa isikhathi esiningi nabaphostoli kulendawo, futhi wenza imisebenzi eminingi yamandla khona. Eduze naseBetsayida wasuthisa ngokumangalisayo abantu abangaphezu kwezi-5 000, futhi wavula amehlo empumputhe. (Marku 8:22-25; Luka 9:10-17) Phakathi kwezimangaliso azenza eKapernawume kwakuwukwelapha ekude ibhungu elaligula, ukuphulukisa indoda eyayinamademoni, ukwenza umuntu ofé uhlangothi ahambe, nokuvusa indodakazi yomphathi wesinagoge. (Marku 2:1-12; 5:21-43; Luka 4:31-37; Johane 4:46-54) Nakuba iBhayibheli lingasikhanyiseli ukuthi imiphi “imisebenzi yamandla” ehlangene neKorazini, uMathewu 11:21 ubonisa ukuthi uJesu wenza izimangaliso lapho noma eduze nakhona. Noma kunjalo, abantu abazange baphenduke futhi babe nokholo kuye njengoMesiya owayesekelwa nguNkulunkulu.
Uma ubheka umfanekiso ohambisana nalona kaJesu enza imisebenzi enjalo, ungase ubuze, ‘Kwakungenzeka kanjani ukuba abantu baseKorazini bangasabeli ngalendlela?’ Mhlawumbe umkhondo ungatholakala ematsheni amnyama ebasalt avumbululwa abavubukuli kulamanxiwa, asukela ekhulwini lesithathu leminyaka C.E. Lezinsalela zihlanganisa isinagoge elimaphakathi nedolobha nezindawo zokuhlala eziseduze. Amanye alamatshe esinagoge anezinto eziqoshwe kuwo ezingavamile. Ziyini? Imifanekiso yezinganekwane zamaGreki, njengoMedusa onezinwele eziyizinyoka necentaur, ewumuntu ingxenye nehhashi ingxenye. Njengoba ubuJuda kwakufanele bumelane ngokunamandla nezithombe ezinjalo, kungani abaholi bobuJuda eKorazini bazivumela esinagogeni labo?
Omunye umbono uwukuthi “kungenzeka ukuthi isimo sokuba nomqondo ovulekile sasiyisiko endaweni,” okwanikeza uJesu isizathu sokuba ethembe ukuthi kuzoba nokusabela okuhle kulelidolobha.a Kodwa uma lokhu okuqoshwe esinagogeni kusikisela okuthile ngesimo sengqondo osukwini lukaJesu, kungaba ukuthi iningi labantu baseKorazini lalingakukhathalele ngokuyinhloko ukukhuleka ‘kuBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23) Bakubonisa lokho ngokungamamukeli uMesiya owenza izimangaliso.
Lapho uJesu ethumela abafundi abangama-70, waphinda wasebenzisa ihaba elihilela ukungasabeli kweKorazini, iBetsayida, neKapernawume. Uma abaseGalile bakubo kaJesu ababeseKorazini ababejwayelene nemisebenzi yakhe yamandla bengasabelanga kahle, abafundi kwakungafanele bamangale uma abantu bakwamanye amadolobha ababeshumayela kuwo bengabamukeli.—Luka 10:10-15.
Ngakho njengoba sicabanga ngamanxiwa amnyama angahlalwa aseKorazini, kufanele silalele isixwayiso esibonakala ‘kumaye’ kaJesu. Ukwehluleka ukuphenduka, nokusabela emsebenzini owenziwa abantu bakaNkulunkulu, kungaholela ekwehlisweni nasekusaseni eliyincithakalo.
[Umbhalo waphansi]
a IWorld of the Bible, Umqulu 5, ikhasi 44, eyakhishwa iEducational Heritage, Inc, New York, 1959.
[Ibalazwe ekhasini 16]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IKorazini
IBetsayida
IKapernawume
ULwandle LwaseGalile
ITiberiya
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.