Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 2/15 kk. 25-28
  • Izinto Ezinkulu Ezenzeka Ezweni Elincane!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinto Ezinkulu Ezenzeka Ezweni Elincane!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • ‘Izinsuku Zezinto Ezincane’
  • Ukukhuthazela Kuvuna Imivuzo
  • Isibusiso SikaJehova Siyabonakala
  • Ukushumayela Ngawo Wonke Amathuba
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 2/15 kk. 25-28

Izinto Ezinkulu Ezenzeka Ezweni Elincane!

UNGAYITHOLA yini iGrand Duchy yaseLuxembourg ebalazweni lakho? Lelizwe elincane licashe lapho kuhlangana khona imingcele yeBelgium, iFrance, neJalimane. Nakuba lilincane, alilona neze elingabalulekile. Inhloko-dolobha yalo, iDolobha LaseLuxembourg, ingenye yezindawo okuhlala kuzo imiPhakathi yaseYurophu. Futhi iyisikhungo sezimali esaziswayo, manje esinamabhange ayizi-125. Nokho, iGrand Duchy yaseLuxembourg inobubanzi obungamakhilomitha-skwele ayi-2 586 kuphela futhi inabantu abayizi-372 000 kuphela!

Khona-ke, ngokuqondakalayo, ukunikela koFakazi BakaJehova baseLuxembourg emsebenzini wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke cishe kuncane uma kuqhathaniswa nalokho koFakazi ezizweni ezinkulu ezisizungezile. Nakuba kunjalo, ukuthuthuka komsebenzi wokushumayela ngoMbuso lapha kusikhumbuza umbhalo kaZakariya 4:10: “Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane?” Njengoba ingelosi yatshela lowomprofethi ongumHeberu, “kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti.” (Zakariya 4:6) Ngakho umsebenzi wethu, nakuba ulinganiselwe, ngokuqinisekile akumelwe udelelwe. Njengoba uqondiswa umoya kaNkulunkulu, uletha udumo kuye.

‘Izinsuku Zezinto Ezincane’

Umsebenzi wokufakaza ngoMbuso waqala eLuxembourg phakathi kuka-1922 no-1925, lapho amaKristu ambalwa avela eStrasbourg, eFrance eza lapha ezosakaza amapheshana. Nakuba ayembalwa, izigijimi zawo ezinyathelisiwe zazinamandla. Cabangela lezihloko zamapheshana: A Challenge to World Leaders, A Warning to All Christians, nesithi Ecclesiastics Indicted. Kwakudingeka isibindi esikhulu ukuze kusakazwe lezozigijimi, njengoba amaphesenti angu-96 eGrand Duchy yaseLuxembourg ayengamaRoma Katolika futhi ebanjwe ngqí yinkolo yawo namasiko.

Phakathi kuka-1930 no-1931, kwaboniswa iPhoto-Drama of Creation eLuxembourg. Ngandlela-thile, imibukiso nemiphumela yayo kukhumbuza umuntu ngenkonzo kaJesu. Izixuku ezinkulu zabantu zangunga uJesu ukuze zimuzwe ekhuluma futhi zibone noma zinambithe ukuphulukisa kwakhe, kodwa bambalwa kuphela ababa abalandeli bakhe. (Mathewu 4:23-25; 23:37) Emibukisweni yePhoto-Drama eDolobheni laseLuxembourg, ihholo elaliqashiwe laligcwala izixuku zabantu abangama-300 njalo kusihlwa. Kodwa bambalwa ababebuya enkulumweni yokucacisa nasemihlanganweni yemibuzo nezimpendulo emasontweni alandelayo. Ekuqaleni, kwakunabantu abangama-20 noma abangama-30, kamuva abayi-10, futhi ekugcineni aba-4. Yilabo abambalwa kuphela ababa nokwazisa okuhlala njalo ngokudla okungokomoya ababekunikezwa.

Ukukhuthazela Kuvuna Imivuzo

Ngo-1931 abomdabu bokuqala baseLuxembourg bawamukela umsebenzi wokushumayela. Lokho kwakungeyona into elula. ISonto lamaRoma Katolika laliqale umkhankaso wenkulumo-ze enenzondo ngokumelene nabantu bakaNkulunkulu, futhi lathonya amaphoyisa ukuba ayiphazamise ngangokunokwenzeka inkonzo yethu yendlu ngendlu. Amaphoyisa ayesephuca izincwadi zethu, anikeze izixwayiso, noma abophe abazalwane cishe njalo lapho beya enkonzweni yasensimini. Ingabe manje ukwanda kokukhulekela kweqiniso eGrand Duchy kwakuyoke kume? Lutho neze! Ngemva nje kokuxoshwa kuka-August Riedmueller, isikhonzi sesikhathi esigcwele sokuqala ukuba sisebenze kulelizwe, abantu abayishumi baseLuxembourg babhapathizwa ngoSeptember 25, 1932. Bahlanganyela emsebenzini wokushumayela ngaso sonke isikhathi, naphezu kokuhlushwa amaphoyisa.

Onyakeni ongaphambi kwempi ka-1934, labamemezeli abayi-15 ababelapha basakaza amakhophi ayizi-3 164 ezincwadi zeBhayibheli. Ngokuvamile ngosuku babehamba ibanga elingamakhilomitha angama-80 kuya kwayi-100 ngamabhayisikili! Omunye udade wabika: “Ibhayisikili lami ‘lalingumngane’ wami wangaso sonke isikhathi. Ukusebenza idolobha ngalinye kwaba umsebenzi wami engiwuthanda kakhulu, ikakhulukazi ngamaSonto.”

Amabutho aseJalimane ahlasela iGrand Duchy yaseLuxembourg ngo-1940, enza abafowethu ukuba basebenze ngomshoshaphansi iminyaka emihlanu. Abaningi babo baboshwa. Ngemva kwezinyanga eziningi besejele, bakhululwa benikezwa umyalo onamandla wokuba bayeke noma yikuphi ukushumayela obala njengoFakazi BakaJehova. (Bheka izEnzo 4:17, 18.) Abazalwane ababili bayiswa emakamu okuhlushwa. Noma kunjalo, abazalwane ababesele benza konke ababengakwenza, futhi inani lezifundo zeBhayibheli zasekhaya ezaziqhutshwa nabantu abathakazelayo lakhuphuka lisuka kweziyisi-6 ngo-1942 liya ema-20 ngo-1944. Futhi nakuba abantu abangama-23 babika inkonzo yasensimini ngonyaka ka-1939, unyaka ka-1946 waletha inani elisha eliphakeme lama-39.

Isibusiso SikaJehova Siyabonakala

Emashumini eminyaka ukusuka ngalesosikhathi, uJehova uNkulunkulu uye wawubusisa ngokucebile umsebenzi wokushumayela ngoMbuso eLuxembourg. Inani loFakazi lakhuphukela enanini eliphakeme le-1 336 ngo-1988. Manje, ngokwesilinganiso kunoFakazi kaJehova oyedwa ezakhamuzini ezingama-327 zensimu yethu yegatsha. Abantu abangaphezu kwezi-2 900 baba khona emkhosini weSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngoApril 1, 1988, okuyisilinganiso somuntu oyedwa kuzo zonke izakhamuzi eziyi-148! Isithakazelo esikhulu siyaboniswa nasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Kuze kube u-1955, kwakunezisebenzi zesikhathi esigcwele eziyi-5 kuphela, noma amaphayona, kodwa ngoMay 1988 kwaba nengqikithi yamaphayona ayi-190 ensimini!

Lokhu kwanda kuye kwenza ukwandiswa kwezakhiwo zethu zegatsha kwaba okudingekile. Ihhovisi legatsha leWatch Tower Bible and Tract Society lamiswa lapha okokuqala ngoSeptember 1955 futhi lalinamakamelo amabili ekhaya lothile. NgoSeptember 12, 1987 kwavulwa ngokomthetho isakhiwo esisha nesihle sehhovisi legatsha elinamakamelo angama-20 neKhaya LaseBethel. Ngesikhathi esifanayo, kwanikezelwa futhi nekhaya lezithunywa zevangeli elihle elinamagumbi amathathu namaHholo oMbuso amabili.

Ukushumayela Ngawo Wonke Amathuba

ILuxembourg inezizwe ezihlukahlukene ngempela. Abantu baseLuxembourg ngokwabo basebenzisa izilimi ezintathu. Nokho, njengoba isakhamuzi esisodwa kwezine sivela emazweni athile angaphandle, ngakho-ke ngokuvamile kukhulunywa izilimi eziningi.

Abantu abavela kwamanye amazwe bafika bezosebenzela iMiphakathi YaseYurophu, amabhange amaningi, noma bezosebenza emisebenzini yezandla. Ngakho sinamabandla asebenzisa isiFulentshi, isiNtaliyane, nesiPutukezi akhonza lamaqembu ezilimi zakwamanye amazwe.

Omunye wodadewethu abavela ePortugal usitshela okwenzeke muva nje ohambweni lwakhe ngendiza: “Ngaphatha omagazini abambalwa ukuze ngifakaze ngokwethukela uma kwakunokwenzeka. Esiteshini sokuqala sendiza yethu, yadinga ukukhandwa. Akekho owavunyelwa ukwehla endizeni. Okokuqala angibanga nesibindi sokwenza lokho inhliziyo yami eyayingitshele ukuba ngikwenze. Ngathandaza kuJehova ngokuphindaphindiwe ukuba angiphe amandla okusebenzisa lelithuba ngenzuzo.

“Ngemva kokuba sengicabange ngalokhu isikhashana, ngaya kwabesifazane ababesebenza endizeni futhi ngababuza ukuthi kwakuvumelekile yini ukuba ngihambise omagazini abathile abakhuthazayo nabanenzuzo kubantu abasendizeni. Bangivumela, futhi ngathokozela ukwazi ukuya kubagibeli ngokukhululeka, ngihamba uklele lwezihlalo ngalunye sengathi nje ngisebenza endlini ngendlu. Ngakwazi ukuhambisa omagazini abayi-12 nencwajana kubantu abahlukene futhi ngaba nezingxoxo ezimbalwa ezimnandi.

“Umuntu wokugcina engaya kuye washo ngokweyisa ukuthi akaludingi usizo, ngoba engumfundisi wesonto lobuVangeli. Futhi, akazange akubheke njengokulungile ukuba ngihambele abagibeli ngendlela engangenza ngayo. Ngobuhlakani, ngaqhubeka nengxoxo ngesisekelo esivamile sokuba nokholo kuNkulunkulu nokwazisa ngazo zonke izibusiso ayozinikeza labo abakholelwa kuye. Ngemva kwengxoxo, umfundisi wangincoma ngokuba nokholo nangokuba nesibindi sokukhuluma nabo bonke abagibeli.

“Manje umuntu owayeseduze nami waqala ukubuza imibuzo futhi saxoxa cishe amahora amathathu!”

Abafowethu baye babonisa intshiseko engenakufaniswa enkonzweni yabo yendlu ngendlu. Umbonisi wesifunda ubika ngomphumela welinye ibandla: “Umvuthwandaba omkhulu waba khona lapho sihlanganele inkonzo yasensimini ngeSonto ekuseni. Kubamemezeli abayi-109 abahlanganyela nalelibandla, abayi-102 babekhona ukuze bahlanganyele emsebenzini wokushumayela! Benza umzamo omuhle ngokukhethekile wokumemela abantu abathakazelayo enkulumweni yeningi yantambama, futhi umphumela waba ukuthi ihholo ligcwale abantu abayi-198! Abaningi babeqala ukuba khona emihlanganweni yethu, ngisho nakuba kunoFakazi oyedwa obhekene nezakhamuzi ezingama-50 ensimini yalelobandla!”

Intsha nayo ibonisa isimo esihle ngamathuba ayo okumemezela isigijimi soMbuso. Lapho befunda INqabayokulinda yangoApril 1, 1985, ngokuboshwa kwabanye abafowethu eTurkey, ababili abeve eminyakeni eyishumi nambili banquma ukuyovakashela inxusa laseTurkey. Bayabika:

“Isinyathelo sethu sokuqala sasiwukucela isikhathi sokuhlangana nalo. Okokuqala, unobhala walo akazange asinake kangako. Ukuze simqinisekise ngezinhloso zethu eziqotho, sambonisa amakhophi, ngezilimi ezihlukahlukene, omagazini ababequkethe lombiko. Ehlatshwe umxhwele, wathatha omagazini waya ehhovisi lenxusa. Ngemva kwemizuzu eyishumi, wabuya futhi wasitshela ukuthi singabuya ngemva kwamasonto amabili kodwa inxusa liyogcina omagazini ukuze lihlole ukugxeka okunamandla okwenziwe lapho. Sakuthatha lokhu njengophawu oluhle.

“Lapho siphindela endlini yenxusa ngosuku olunqunyiwe, sathola ukuthi inxusa linomusa futhi linobungane kakhulu. Lasibonisa umyalezo eliwuthumele ngetelex kuhulumeni waseTurkey ukuba ahlole imininingwane eminingana embikweni womagazini wethu. Yayifakazelwe futhi yenza ukuba isikhalo sethu sibe nesisindo.

“Lahlatshwa umxhwele ukuthi isihloko sasibhalwe ngendlela egculisa kangaka, ngaphandle kokweqisa noma ukugxeka okungafanele abaholi bezombangazwe. Sakwazi ukuxoxa nalo ihora nengxenye ngobukhosi bukaNkulunkulu, ukungathathi-hlangothi kobuKristu, nokuhluleka komuntu ukubusa isintu ngokuphumelelayo. Lathi liyasiqonda isimo sethu futhi labuza ukuthi lingasisiza ngani. Sasikisela ukuba lazise uhulumeni ngokuhlangana kwethu nalo futhi liwutshele ukuthi licabangeni ngaloludaba. Lavuma ukwenza kanjalo, futhi lacela amakhophi amaningana alomagazini ukuze liwathumele kubameleli abahlukahlukene bakahulumeni. Lathi laliyokwenza ifayili enokwaziswa okuphathelene nalokhu futhi lizame ukusiza nganoma iyiphi indlela enokwenzeka.”

Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, INqabayokulinda yabika ukuthi oFakazi eTurkey babekhululiwe ejele ngesinqumo seNkantolo Ephakeme YaseTurkey. Ngemva kokuzwa lokho, izinsizwa zaphindela futhi inxusa lazamukela ngokufudumele.

Ukusukela emlandweni womsebenzi wokumemezela ngoMbuso lapha eGrand Duchy yaseLuxembourg, siyakubona ukuhlakanipha kokungaludeleli “usuku lwezinto ezincane” kodwa kokuthembela emoyeni kaJehova ukuba unikeze umuntu ngamunye wethu amandla esiwadingayo ukuze senze intando yakhe ize ifezeke ngokuphelele. Ngosizo lukaJehova uNkulunkulu, bekulokhu kwenzeka izinto ezinkulu lapha ensimini yethu encane yegatsha, iLuxembourg. Simemeza ngezwi elikhulu kini kakade eningenzi kanjalo ukuba ‘nituse uJehova’ kanye nathi futhi ngaleyondlela ‘nizwe nibone ukuthi uJehova muhle.’—IHubo 34:3, 8.

[Amabalazwe ekhasini 25]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

North Sea

Netherlands

Federal Republic of Germany

Belgium

France

Luxembourg

150 km

100 mi

Belgium

Luxembourg

Luxembourg

Federal Republic of Germany

Trier

France

Metz

[Isithombe ekhasini 27]

Nakuba eneminyaka engaphezu kwama-80 uVictor Bruch, owayesekamu lokuhlushwa phakathi neMpi Yezwe II ukhonza njengomdala ongumKristu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela