‘Bakhumbula UMdali Wabo’
Bangaki abasha abagcina izithakazelo ezingokomoya ziza kuqala? Kwezinye izindawo umkhuba ungaba ukuqomisana besebencane, ukushada besebancane, ukusindwa besebencane imithwalo yemfanelo yomkhaya noma imisebenzi yezwe. Kodwa ingabe amaKristu asemasha kumelwe alandele inkambo enjalo? Kunokuningi ngokwengeziwe okungajatshulelwa yintsha engashadile ezimisele ukuzinikela njengoba ‘ikhumbula uMdali wayo’ emihleni yobusha bayo.—UmShumayeli 12:1.
Ngokwesibonelo, eYokohama, eJapane, kunoYutaka, lowo ekanye nomnewabo uKeisuke, bafundelwa uFakazi oyiphayona. Wayeneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala ngalesosikhathi. Ngemva kwamasonto ambalwa unina waqaphela intuthuko enkulu ekuziphatheni kwalabafana ababili njengoba babeqala ukusebenzisa izimiso zobuKristu. Ngakho naye futhi waqala ukufunda, kanye nabanye abantwana bakhe abathathu. Ebona injabulo umkhaya wakhe owawuyithola ezifundweni zawo zeBhayibheli, ubaba walandela, futhi ngesikhathi esifanele bonke babhapathizwa.
Lapho eneminyaka eyishumi ubudala, uYutaka wangenela inkonzo yobuphayona obusizayo. Uye waqhubeka nayo iminyaka engaphezu kweyisikhombisa, esikoleni semfundo ephansi, esikoleni semfundo ephakathi futhi manje esikoleni esiphakeme. Uye wanikela isikhathi esiningi enkonzweni yoMbuso ekuseni kakhulu, efakaza kwabadlulayo esiteshini sikaloliwe esisendaweni yakubo. Ukuze angawuvusi wonke umkhaya wakubo ngewashi elikhalayo, wayebopha intanjana engalweni yakhe, elengisa olunye uhlangothi lwayo efasiteleni. Oyiphayona elisizayo kanye naye wayefika adonse leyontanjana ngesikhathi abasifunayo. Ngemva kweminyaka engaphezu kweyisikhombisa eyiphayona elisizayo, uYutaka wafinyelela umgomo wakhe wenkonzo yobuphayona obuvamile ngoSeptember 1983. Waqeda esikoleni esiphakeme ngoMarch 1984.
ETakatsuki, eJapane, uYasuko wenza ibanga lesishiyagalombili. Uqhuba izifundo zeBhayibheli ezihlukene eziyisikhombisa isonto ngalinye—eziyisihlanu nabafundi abakanye naye nezimbili nothisha bakhe. Lapho INkonzo Yethu YoMbuso eJapane ibika okuhlangenwe nakho kwakhe, lesosihloko wasibonisa othisha bakhe, ebakhumbuza ukuthi, njengoba lendaba yayinyathelisiwe, kwakuyodingeka batadishe ngokuzimisela.
Labo ‘abakhumbula uMdali wabo’ besebasha, kungakhathaliseki ukuthi ngokuphayona noma ngenye inkonzo yasikhathi sonke yentshiseko, bayakwazi ukuhlakulela “uthando lukaYise,” olufiseleka ukwedlula noma yini engalethwa yizwe. Ngempela, “izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:15-17.