Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 2/15 kk. 22-24
  • Zingakusiza Ukuba Ushumayele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zingakusiza Ukuba Ushumayele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusakaza Izindaba Ezinhle Namuhla
  • Ingxenye Yomagazini Ekusakazeni Izindaba Ezinhle
  • Ukushumayela Obala Nasendlini Ngendlu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ukukhiqiza Izincwadi ZeBhayibheli Zokusetshenziswa Enkonzweni
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 2/15 kk. 22-24

Zingakusiza Ukuba Ushumayele

LAPHO uJesu etshela abafundi bakhe ukuba bayoshumayela, cishe babengenawo umqondo ogcwele walokho ayebaqondisa ukuba bakwenze. (Mathewu 10:7) Ngokuthobeka, balandela isibonelo sakhe futhi baya ‘emizini nemizana beshumayela bememezela ivangeli lombuso.’ (Luka 8:1) Leso kwakuyisiqalo esincane somzamo wokushumayela oye wakhula kwaze kwaba yilapho usulethe izindaba ezinhle zoMbuso ekunakekeleni kwabantu emhlabeni wonke.

Ezinsukwini zokuqala zebandla lobuKristu, ngokuyisisekelo ukushumayela kwakwenziwa ngezwi lomlomo. Abafundi bakaKristu babekhuluma nanoma ubani owayelalela. “Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.”—IzEnzo 5:42.

Ukusekela kwaphezulu kwakusobala ngokuthi babekwazi ukwenza izibonakaliso. (IzEnzo 14:3) Abantu abaningi babephulukiswa ngokomzimba bese behlala ukuba balalele amazwi okuphulukisa okungokomoya. Ngenxa yalokho, “benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi.”—IzEnzo 5:14-16.

Ukusakaza Izindaba Ezinhle Namuhla

Ekufeni kwabaphostoli, izipho zokuphulukisa nezilimi azibange zisaba khona. Kodwa ingabe lokhu ngandlela-thile kwakushintsha ukuthunywa uJesu ayekunikeze abafundi bakhe? Cha! Wayebatshele ukuthi ‘benze izizwe zonke abafundi,’ futhi njengoba babenza kanjalo, wayeyoba nabo “izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:19, 20) Namuhla, busobala ubufakazi obungokombhalo bokuthi siphila ekupheleni kwesimiso sezinto. Ingabe uJesu uye wasigcwalisa isithembiso sakhe sokuthi wayeyoba nabafundi bakhe emsebenzini wokwenza abafundi? Ubufakazi buthi yebo!

Ukufinyelela izigidigidi zezakhamuzi zomhlaba ngezwi lomlomo nje bekuyoba umsebenzi ongenakwenzeka ngomuntu. Ngenxa yalokho, kuye kwalungiselelwa usizo ngezincwadi zeBhayibheli ezingafundwa abantu emakhaya abo. Ngokwesibonelo, ngo-1879 lapho iqembu labafundi beBhayibheli abashisekayo lifuna ukudlulisela isigijimi soMbuso kaNkulunkulu kwabanye, laqala ukukhipha izincwadi, njengomagazini weBhayibheli manje owaziwa ngokuthi INqabayokulinda, kanye namapheshana aphathelene nezihloko zeBhayibheli. Ekuqaleni lalisebenzisa abanyathelisi bezentengiselwano ukuba bakhiqize izincwadi. Ngo-1920 base benomshini wabo siqu wokunyathelisa esakhiweni ababesiqashile, futhi ngo-1927 base bakhe ifektri yabo siqu yokunyathelisa amaBhayibheli, izincwadi, izincwajana, omagazini, namapheshana okusetshenziswa yinoma ubani ofuna ukusiza ekufezeni ukuthunywa uJesu akunikeza abafundi bakhe.

Ingadunyazwa abaphikisi ababethi lendlela yokunyathelisa yayiyohluleka, iWatch Tower Society isiye yaba nezikhungo zokunyathelisa emazweni akuwo wonke umhlaba. Ngonyaka odlule kuphela, yakhiqiza amaBhayibheli, izincwadi nezincwajana okungaphezu kwezi-63 000 000 nomagazini abangaphezu kwezi-582 000 000 ngezilimi ezingaphezu kwama-200.

Izincwadi eye yazinyathelisa ziye zaba usizo olukhulu ekwaneliseni izidingo ezingokomoya zabantu. Kuye kwanyatheliswa izincwadi eziklanyelwe ukufinyelela abantu abanombono ohlukile nezinkolelo. Izigidi zentsha ziye zayazisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise ibe yigugu kakhulu ekuqiniseni izibopho zemikhaya nasekufundiseni amadoda nabafazi ukuba babonise uthando olukhudlwana komunye nomunye. Ethi Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso ibe wusizo lwabasha abafuna ukwenza iqiniso libe ngelabo. Abantu abafunda lencwadi baye bathola ukuthi benziwa bacabange ngokujule ngokwengeziwe ngobuhlobo babo noNkulunkulu.

Incwadi okwakubhekiselwa kuyo ngokuvamile ngokuthi “ibhomu eliluhlaza,” ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, ibe nomphumela ongaphezu kovamile ekuphileni kwezigidi. Ukuthi bangaki abanye abasengashukunyiswa ukuba bakhonze uNkulunkulu ngenxa yalamaqiniso eBhayibheli abawafunda kulencwadi kusazobonakala.

Okwamanje, labo abasebenza ekushumayeleni izindaba ezinhle ngaphansi kokuqondisa kukaJesu basizwa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli nezigidi zabantu, abaningi babo baletha ukuphila kwabo ekuvumelaneni nezindinganiso zeBhayibheli.

Ngokwesibonelo, enye indoda eneminyaka engama-68 ubudala eNew York State yathintwa umfowabo eColorado, owayithumela izincwadi zeWatch Tower ukuba izifunde. Ngaphandle kokulibala lendoda yazifunda zonke izincwadi ezithunyelwe futhi yakujabulela ukuqalisa isifundo ngencwadi ethi Ungaphila Phakade lapho omunye uFakazi evakashela ekhaya layo. Ekuphileni kwayo konke, lendoda yayiqongelele izibhamu zomlando eziyigugu, kodwa lapho ifunda ukuthi labo abakhonza uJehova abasayikufunda impi, yathengisa izibhamu zayo ngemali ephansi kakhulu. (Isaya 2:4) Ngaphezu kwalokho, ngemva kokuba ibe ixhwele likagwayi iminyaka engama-53, yayeka ukubhema ngokushesha nje lapho ifunda ukuthi lokhu kwakungamthokozisi uJehova. (2 Korinte 7:1) Lapho ithola ekufundeni kwayo ukuthi kumelwe ihlanganyele izindaba ezinhle nabanye, yakulungiselela ngentshiseko ukuvakashela indodana yayo nomalokazana wayo ukuba ikhulume nabo nabazukulu bayo. Lapho ingena ekamelweni lokulala lezivakashi, yajabulela ukubona incwadi ethi Ungaphila Phakade etafuleni. Umalokazana wayo wayeyitadisha kodwa wayengaqiniseki ukuthi angamazisa kanjani. Bobabili baye benza intuthuko engokomoya enhle ngokukhethekile.

ESpain, indawo yokuhlangana yoFakazi BakaJehova yakhiwa eduze kwesonto lamaKatolika. Umpristi wathukuthela kakhulu. Wathi ukuba wayazi ukuthi oFakazi BakaJehova babezokwakha indawo yokuhlangana lapho, wayezoyithenga leyondawo ukuba abavimbele bangayisebenzisi. LeliHholo LoMbuso linefasitela okubekwe kulo incwadi ethi Ungaphila Phakade. Usuku ngalunye ilungu lebandla laliphenya ikhasi elilodwa. Abantu bakulelodobha babema futhi bafunde ikhasi elisha. Ngenxa yalokho, abantu abaningi babonisa isithakazelo, futhi kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli. Yebo, lencwadi yabonakala iwubufakazi obuthule kodwa obuphumelelayo.

Ingxenye Yomagazini Ekusakazeni Izindaba Ezinhle

Lapho kukhishwa INqabayokulinda yokuqala ngoJuly 1879, kwanyatheliswa omagazini abayizi-6 000 kuphela. Nakuba kunjalo, iqembu elincane elalibafunda labatshela ngentshiseko abanye ukuthi babequketheni. Namuhla, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezi-3 500 000 basebenzisa umagazini ngamunye komagazini abanyathelisiwe abayizi-13 000 000 ukuba bamemezele uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu.

Lomagazini ube usizo olukhulu ekuchazeni izindaba ezihlukahlukene ezingokomBhalo. Uchungechunge oluqhubekayo kuNqabayokulinda luye lwaqokomisa ukuphila nenkonzo kaJesu. Lokhu kuye kwasiza izigidi ukuba zibe nombono futhi zikuqonde kangcono ukulandisa okubalulekile okusemaVangelini.

Uchungechunge olukhethekile kokubili kuNqabayokulinda nakuPhaphama! luklanyelwe ukufinyelela izinhliziyo zabantu abasha. Uchungechunge oluthi “IZwi LikaNkulunkulu Liphilile” lwafundisa ngezimiso eziningi futhi lwaphendula imibuzo eminingi esezingqondweni zabantu. Uchungechunge oluthi “Intsha Iyabuza. . . ” luye lwadingida imibuzo yokuphila kwangempela, lwase lunikeza izimpendulo eziwusizo ezisekelwa imibhalo ukuba luqondise ukucabanga nezenzo zentsha kulezinsuku ezinezinkinga. Lapho oFakazi BakaJehova beqokomisa lezihloko lapho behambisa omagazini, ukusabela kuye kwaba okuhle kakhulu.

Kodwa ngaphezu kwezihloko eziphathelene nezindaba ezikhethekile, inyama yangempela yeNqabayokulinda ibilokhu iyizihloko ezifundwayo, eziqinisa ukholo nokuqiniseka kwawo wonke amaKristu eqiniso. Lezihloko ezisekelwe emiBhalweni zinikeza ubufakazi obuqinisekisayo bokuba seduze kokuphela kwalesimiso sezinto, zixoxa ngokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, futhi zinikeza iseluleko esihlola inhliziyo sokuthi amaKristu kumelwe akuphile kanjani ukuphila kwawo ngenxa yezikhathi akuzo. Egcwele lolulwazi, amaKristu azimisele ukusebenzisa izinto azifundile emsebenzini wokushumayela.

Ukuthi lomsebenzi wokushumayela uyoqhubeka isikhathi eside kangakanani ngaphambi kokuba ukuphela kwalesimiso sezinto kufike, asazi. Nokho, singaqiniseka ngokuthi izincwadi ezinyatheliswa futhi zisakazwe oFakazi BakaJehova ziyoqhubeka ziwusizo olukhulu kumaKristu njengoba elandela ukuthunywa uMholi wawo, uJesu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela