Ukuqondisisa Izindaba
Imfundo Egulayo
Eminyakeni eyishumi edlule, ikholiji elithile eDolobheni laseNew York belilokhu linikeza imfundo ngobulili babantu engazuzela abafundi iminyezane emithathu yasekholiji. Abafundi “kudingeka baye ‘ezindaweni zokuzibonela ngokoqobo’ ukuze bakhulume nezifebe, bavakashele ezinkantini zongqingili noma bafune izingu ezinabantu abanqunu,” kubika omunye umhleli kuNew York Post. Incwadi yokufunda yalelokilasi kuthiwa inikeza iziyalo ezingagwegwesi zokuhlanganyela ebulilini obenziwa ngomlomo futhi ikhuthaza umkhuba wokushaya indlwabu. NgokwePost, njengengxenye yezifundo zasekilasini, abafundi baboniswa amabhayisikobho abonisa “imibhangqwana ihileleke ebuhlotsheni bobulili,” kanye “nokubukisiswa kokwakheka kowesilisa nowesifazane.” Yini engaba kude nezindinganiso zenhlanzeko nobumsulwa ukwedlula lena?—Filipi 4:8, 9.
Nakuba intsha kudingeka ukuba yazi amaqiniso okuphila futhi ibe nesimo sengqondo esingalimazi ngokunjalo, abazali banomthwalo wemfanelo oyinhloko wokuba banikeze imfundo enjalo. (IzAga 22:6) Yiqiniso, noma yisiphi isifundo sesikole esikhuthaza ubulili ngaphandle komshado nesidinga ukuba abafundi babuke amabhayisikobho abadala kuphela nokuhlola ubungqingili nobufebe besingeke neze samukeleke kubakhulekeli beqiniso bakaNkulunkulu. IBhayibheli libachaza ngokucacile labo abenza ubufebe, ukuphinga, nobungqingili njengabantu ‘abanokuhuheka okuyihlazo,’ behlanganyela kulokho “okuyichilo.” Ngokuqondene nezinto ezinjalo, iBhayibheli liyayala: ‘Dedani ebufebeni.’ Ngaphezu kwalokho, lithi: ‘Ubufebe . . . mabungaphathwa nangegama phakathi kwenu.’—Roma 1:24-32; 1 Thesalonika 4:3; Efesu 5:3, 5; Galathiya 5:19, 21.
Ithemba Okungeyilo
Abantu abafuna “uhambo olungokoqobo ngokwengeziwe” lokuya ekufeni balahla izindlela ezivamile zokungcwaba bethatha umkhuba wasendulo wokonyiswa kwezidumbu ukuze zingaboli, kubika iThe Wall Street Journal. Inani eliyisisekelo lamaRandi ayizi-17 250 “elokucwilisa umthengi izinyanga ezimbili ezilondolozini zewayini, amakhambi namakhemikhali, agcotshwe ngamafutha anamakha bese eboshwa ngoqweqwe lwelineni, ifiberglass, ipolyethylene neplaster,” kusho iJournal. Imihlobiso yegolide noma amatshe ayigugu okungaphandle kwamabhokisi ezidumbu ebronze alolongwe ngokwesimo somzimba angase athengiswe ngamaRandi ayizi-230 000 nangaphezulu.
Nokho, akukhona nje ukwehluka kokonyiswa kwezidumbu okukhanga abathengi. Omunye umuntu wathi “uma kuyiqiniso njengoba amanye amaKristu esho ukuthi ngoSuku Lokwahlulela uKristu uyosibiza emathuneni, khona-ke ngifuna ukuba sesimweni esingcono kakhulu ngangokunokwenzeka.”
NjengabaseGibithe basendulo ababekholelwa ukuthi isidumbu kumelwe silondolozelwe ukubuya komphefumulo endaweni yangemva kokuphila, abantu abanjalo ngokuvamile basekela ithemba labo emfundisweni yokuthi umphefumulo awufi. Abaholi benkolo baye bafundisa ukuthi ngoSuku Lokwahlulela, izidumbu zabalungile nezababi ziyobuye zihlangane nemiphefumulo yazo ukuze zihlanganyele enjabulweni yasezulwini noma ekulahlweni kwasesihogweni.
Nokho, imfundiso yokungafi okuzuzwa ngefa ayifundiswa eBhayibhelini. Kunalokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi umphefumulo uyafa. “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Hezekeli 18:4) Ngakho-ke, ithemba elingokweBhayibheli lokuphila kwesikhathi esizayo alincikile ekusindeni komphefumulo ongafi, kodwa ekuvuseni kukaNkulunkulu umuntu enendlela yakhe siqu yokuphila nomzimba ofanelekile ofanayo nonezinkumbulo ezifanayo njengalapho efa. Ngokufanelekile, uJesu wayengathi: ‘Isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo . . . baphume.’—Johane 5:28, 29.
“Abasibo Abezwe”
IWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., yahlangana noMkhandlu Wezindaba WeDolobha laseNew York ngonyaka odlule ukuba icele imvume yokwenza ushintsho olungemthetho ekwakhiweni kwesakhiwo sokuhlala esinezitezi eziyi-19. Nakuba iningi lamalungu alomkhandlu lamelana nalokhu, amavoti amabili avumelana naloloshintsho olungemthetho afakwa imeya yaseDolobheni laseNew York uEdward Koch. Emazwini achaza isisekelo sesinqumo sayo, iMeya uKoch yaphawula ukuthi “oFakazi BakaJehova . . . bangabhekwa kuphela njengomakhelwane abahle . . . Angive ngibahlonipha.” Yabe seyenezela: “Ngitshelwe ukuthi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo abavoti kunoma yiluphi ukhetho futhi mhlawumbe lokho kungenye yezinkinga ngalomsebenzi wokwakha, ngoba kunzima kakhulu ngabangavoti ukuba banqobe indaba okuphikiswana ngayo lapho iziphathimandla ezimisiwe zincengwa khona abantu abaningi.”
Imeya uKoch kumelwe inconywe ngesibindi sayo nokungakhethi lapho ibhekene nabaphikisi abaningi kangaka. Nakuba umphumela wezindaba wawungase ube ngohlukile ukuba oFakazi BakaJehova bebehlanganyela okhethweni olungokombangazwe, abanakuyekiswa ukuma kwabo kokungathathi-hlangothi ezimpikiswaneni ezingokombangazwe—kungakhathaliseki ukuthi inzuzo inkulu kangakanani. KumaKristu eqiniso lesimo sicacile. UJesu wathi: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.”—Johane 17:16.