Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 12/1 k. 24
  • Ukulondoloza Ukholo Emkhayeni Ohlukene

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulondoloza Ukholo Emkhayeni Ohlukene
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imiphumela Yokufakaza Emkhayeni Wakhe
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • “UNkulunkulu Akabheki Ubuso Bamuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Uthando Luhlanganisa Imikhaya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • “Emlonyeni Wezingane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 12/1 k. 24

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukulondoloza Ukholo Emkhayeni Ohlukene

UMPHOSTOLI uPawulu wayala amaKristu: ‘Ziqapheleni nina kanye nesifundiso, nime kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokho niyakuzisindisa nina nabanizwayo.” (1 Thimothewu 4:16) Kwelinye izwe laseMpumalanga, ‘ukuma’ ezimfundisweni zeBhayibheli kwaphumela ezibusisweni ezimangalisayo kuNkk. L—— ngemva kokuba ebe ngomunye woFakazi BakaJehova.

Bobabili uNkk. L—— nomyeni wakhe babevela emikhayeni yamaHindu. Wavakashelwa ngoFakazi BakaJehova ngo-1959, futhi ngemva kokutadisha iBhayibheli nabo, wamukela iqiniso IeZwi likaNkulunkulu. Wabe esefakaza kumyeni wakhe nakwezinye izihlobo. (Qhathanisa noJohane 1:40, 41.) Umyeni wakhe akabonisanga sithakazelo, kodwa udadewabo wenyama uR—— wahlanganyela esifundweni. Ngo-1961 yena nodadewabo babhapathizwa ekubonakaliseni ukuzinikezela kwabo kuJehova. Njengoba abantwana bakaDade L—— babekhula, wafunda nabo futhi waya nabo emihlanganweni. Lapho indodakazi endala, uS——, iqeda isikole, yanikezela ukuphila kwayo kuJehova, yabhapathizwa, futhi yashada noFakazi. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi bobabili nomyeni wayo baphola. Indodana yabo endala yaqhubekela emfundweni ephakeme futhi yajwayelana nabangane ababi. Khona-ke yashada nentombazane engumKatolika yayeka ukuhlanganyela nabantu bakaJehova. Ngakolunye uhlangothi, indodakazi encane, ngemva kokuqeda esikoleni, yanikezela ukuphila kwayo kuJehova futhi yabhapathizwa.

Udade L—— waqhubeka efakaza ezihlotsheni zakhe. Omunye udadewabo wenyama waba nesithakazelo, kepha umyeni wakhe wamphikisa kanzima, edabula ngisho neBhayibheli lakhe nezincwadi. Wanqatshelwa ukuya nabantwana bakhe abathathu emihlanganweni, kodwa wafunda nabo ekhaya. Ngokuhamba kwesikhathi naye futhi wazinikezela futhi wabhapathizwa, naphezu kokuphikiswa okunamandla okuvela kumyeni wakhe. Ekugcineni, bonke abantwana bakhe abathathu baba ngoFakazi abazinikezele nababhapathiziwe.

Ngesikhathi esifanayo, uDade L—— waqhubeka efakaza ezihlotsheni zakhe zenyama. Lapho ekhuluma nomfowabo kanye nomkakhe, umfowabo akabonisanga sithakazelo, kodwa umkakhe walalela. Ngemva kokuzuza ulwazi olwanele lweBhayibheli, wazinikezela kuNkulunkulu futhi wabonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi.

UDade L—— wafakaza komunye umfowabo wenyama, owaliphikisa iqiniso. Kepha umkakhe, kanye nendodakazi yabo, baqala ukufunda. Indodakazi yathunyelwa eCanada ukuze iqhube izifundo zayo kodwa yaqhubeka nesifundo sayo seBhayibheli nokuhlanganyela noFakazi lapho. Ekugcineni, nayo futhi yathatha ukumela kwayo iqiniso futhi yabhapathizwa. Yashada nomzalwane oyiphayona eCanada, futhi uyise nonina baba khona emshadweni. Ukuhlangana nabazalwane eCanada kwaba nomphumela omuhle kakhulu kuyise.

Imiphumela Yokufakaza Emkhayeni Wakhe

Imizamo yokwethembeka kaDade L—— yabusiswa uJehova. Ngemva kwesikhathi indodakazi yakhe encane yayeka umsebenzi wayo oholela kahle, yathatha umsebenzi wesikhashana,-futhi yaqala ukukhonza uJehova njengesikhonzi sesikhathi esigcwele. Indodakazi endala nomyeni wayo baqala ukufundelwa nokuba khona futhi emihlanganweni futhi bakhuthala enkonzweni. Indodana yakhe eyayishade nentombazane engumKatolika futhi yahlehla eqinisweni nayo yaqala ukufundelwa futhi ekugcineni yanikezela ukuphila kwayo kuJehova futhi yabhapathizwa. Indodana encane nayo yazinikezela futhi yabhapathizwa yase ithatha ukuma kwayo empikiswaneni yokungathathi-hlangothi. (Isaya 2:4) Yagwetshwa iminyaka emithathu ejele lezempi, kodwa kukho konke yanikeza ubufakazi obunamandla phambi kwenkantolo yamajaji. Uyise, umyeni kaDade L——, wahlatshwa umxhwele kakhulu ukuma okwathathwa indodana yakhe kangangokuba manje waba nesithakazelo futhi waqala ukuba khona emihlanganweni.

Ngempela, yeka indlela iminyaka engama-29 yenkonzo yokwethembeka kaDade L—— eye yanelisa futhi yavuza ngayo emkhayeni ohlukene! Manje uyajabula ngokubala amalungu ayi-18 omkhaya kanye nezihlobo zenyama abaye babhapathizwa. Sengathi lokhu okuhlangenwe nakho kungaba umthombo wesikhuthazo nenduduzo kwabaningi babazalwane bethu nodade, labo, ngaphansi kwezimo ezifanayo, okumelwe babekezelele futhi balondoloze ukholo emikhayeni ehlukene.—1 Petru 2:19, 20; 1 Korinte 7:12-16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela