Ukuqondisisa Izindaba
Zifanelwe Ukulingiswa
Incwadi eyakhishwa muva nje kuyiNew Haven Register, iphephandaba laseConnecticut, yanikeza imibono ethile eqotho neyokungakhethi ngemihlangano eqhutshwa oFakazi BakaJehova. Iqondiswe kumhleli, lencwadi yathi: “OFakazi BakaJehova basanda kuqhuba imihlangano yabo yaminyaka yonke eColiseum. Kuwo wonke amaqembu afikayo, alikho elamukelwa noma elifunwa kakhulu kunabo. IColiseum ayisoze yahlanzeka, ngaphambi kokuhlangana kwabo, noma icoceke kangaka lapho behamba njengoba yayinjalo kusukela ekuhambeleni kwabo kokugcina.”
Ebhekisela komunye umhlangano owaqhutshwa oFakazi eminyakeni ethile edlule, umlobi wencwadi wenezela ukuthi “oFakazi abayizi-75 000 babuthana eYankee Stadium, kunabanye abayizi-20 000 ngaphandle belalele izikhulisa-mazwi emkhosini wokukhulekela owashaqisa iNew York. Kwathunyelwa amaphoyisa angamakhulu amabili ngosuku Iokuqala, okuyinani elivame ukwabelwa isixuku esingako. Ngezinsuku ezilandelayo kwathunyelwa amabili kuphela ukuba anikeze iziqondiso. IDolobha laseNew York lathumela izazi zezenhlanzeko, abezokupheka, amaphoyisa neziphathimandla zezomlilo ukuba zihlole lesenzakalo esiphumelela ngokungakholeki nokuba bafunde kuso. Naphezu kokuba amalungu abo ayedla, kwakungekho nachashaza elilodwa lokudla noma imfucumfucu okwakubonakala lapho behamba. Kungakhathaliseki ukuthi ungumuntu okholelwa ohlotsheni oluthile lwezinkolelo zenkolo ezingenasisekelo noma uzilahla zonke, . . . kumelwe ukuncome ukuzinikela kwabo, ukucoceka kwabo, isibonelo sabo esivelele sokuziphatha kwabantu nesokuphila okunempilo. Sonke siyobe senza kahle ngokulandela nangokusebenzisa izimfanelo ezimangalisayo eziboniswa yilabantu abathobekile nabazinikele.”
Nakuba abaningi bebheka ukuziphatha koFakazi BakaJehova njengokwehlukile, oFakazi ngokwabo bayazi ukuthi amaKristu eqiniso kumelwe’aphile ngomoya’ futhi kumelwe ‘ahambe ngomoya.’ Umoya kaNkulunkulu yiwo oveza kubo izithelo ‘zothando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ubuvi, ukukholeka, ubumnene nokuzithiba.’ Izimfanelo ezinjalo ngempela zifanelwe ukulingiswa.—Galathiya 5:22, 23, 25.
Umqhele Wokukhubekisa
Amakhulu ezakhamuzi zaseMálaga, eSpain, aye asekela inkongozelo kawonk’ uwonke yokukhokhela umqhele ohlotshiswe kakhulu wegolide wencasakazi yaleyondawo ethandwa kakhulu, “Inkosazana Yethu Yethemba.” “Igremu elilodwa legolide [lencasakazi)” kusho isiqubulo esaqanjwa eminyakeni emibili edlule sokugqugquzela iminikelo. Kusukela ngalesosikhathi, kuye kwanikelwa ngamacici, izimendlela, izindandatho zomshado, ngisho nangamazinyo egolide. Lezizinto ziye zancibilikiswa zaba amakhilogremu angu-1,5 egolide elicwengekile, elanele ukuba lenzele isithombe umqhele owenziwe ngegolide kuphela.
“Inkosazana Yethu Yethemba” yathweswa umqhele ngoJune 1988 emkhosini owawunemicikilisho eningiliziwe yesonto, owawenganyelwe yinxusa likapapa nababhishobhi abaningana abavelele eSpain. Noma kunjalo, amaKatolika amaningi aba nezinkonondo ezingathi sina ngalokuqheliswa. Iphephandaba laseSpain iEl País libika ukuthi abafundi abafundela ubufundisi abangaba ama-20 babebuza encwadini yokukhalaza bethi: “Ingabe asiselona yini itshe elikhubekisayo eliyihlazo kwabakholwayo nakwabangakholwa ngamasiko ethu ayize?” Amanye amaqembu amaKatolika abhekiseka encwadini kapapa eya kubo bonke ababhishobhi bakuleyondawo yamuva nje etusa ukuba abathembekileyo “badlulisele imicebo yabo kwabampofu.” Ngokucabangela lokhu, lamaKatolika aveza “isizathu sokwenqaba” kwawo “ngenxa kanembeza esingenakugudluka mayelana nomkhosi omkhulu omenyezelwe” ‘nomqhele obiza kakhulu.’
Akumangalisi ukuthi abantu abaqotho bakuthola kusoleka ukuhlobisa isithombe esingaphili. UNkulunkulu ngokwakhe uzizwa ngendlela efanayo. Emakhulwini eminyaka edlule, wajezisa amaIsrayeli ngenxa yaso kanye lesisenzo. UJehova ngomprofethi wakhe uHezekeli wathi: “Babevame ukuziqhenya ngobuhle bamatshe abo ayigugu, abenza ngawo imifanekiso nezithombe zabo okunengekayo.” (Hezekeli 7:20, The Jerusalem Bible) Ngenxa yalesizathu, abathandi beqiniso balalela ngokuhlakanipha iseluleko seBhayibheli esifike ngesikhathi’sokubalekela ukukhulekela izithombe.’—1 Korinte 10:14.