Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 11/15 kk. 8-9
  • Eminye Imizamo Yokubulala UJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Eminye Imizamo Yokubulala UJesu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Eminye Imizamo Yokubulala UJesu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Kungayiphi Indlela UJesu NoYise Bemunye?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-43—UJohane
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ubani Ubaba Wawo, U-⁠Abrahama Noma UDeveli?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 11/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Eminye Imizamo Yokubulala UJesu

NJENGOBA kuyisikhathi sasebusika, uJesu uhamba endaweni ekhosele eyaziwa ngokuthi umpheme kaSolomoni. Imalungana nethempeli. Lapha amaJuda ayamhaqa futhi athi: “Koze kubenini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”

UJesu uyaphendula: “Nganitshela, kodwa anikholwanga.” UJesu wayengazange awatshele ngokuqondile ukuthi wayenguKristu, njengoba atshela owesifazane waseSamariya emthonjeni. Nokho, eqinisweni wayezazisile lapho ewachazela ukuthi wayengowaphezulu futhi wayekhona ngaphambi kuka-Abrahama.

Nokho, uJesu ufuna abantu ngokwabo bazifinyelelele isiphetho sokuthi unguKristu ngokuqhathanisa imisebenzi yakhe nalokho iBhayibheli elabikezela ukuthi uKristu wayezokwenza. Yingakho ngaphambili ayala abafundi bakhe ukuba bangatsheli-muntu ukuthi wayenguKristu. Futhi kungakho manje eqhubeka etshela lamaJuda anenzondo ethi: “Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. Kodwa nina anikholwa.”

Kungani engakholwa? Ingabe kungenxa yokuntuleka kobufakazi bokuthi uJesu unguKristu? Cha, kodwa ngenxa yesizathu esinikezwa uJesu lapho ewatshela: “Ngokuba anisibo abezimvu zami. Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.”

Khona-ke uJesu ube esechaza ubuhlobo bakhe obuseduze noYise, echaza: “Mina noBaba simunye.” Njengoba uJesu esemhlabeni noYise esezulwini, ngokusobala akasho ukuthi yena noYise bamunye ngokoqobo, noma ngokomzimba. Kunalokho usho ukuthi bamunye ngenjongo noma basebunyeni.

Ecasulwe amazwi kaJesu, amaJuda athatha amatshe ukuze ambulale, njengoba enza ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili, ngesikhathi soMkhosi Wamadokodo. Ngesibindi, ebhekana nabafuna ukumbulala, uJesu uthi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

Bayaphendula: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.” Njengoba uJesu engakaze athi ungunkulunkulu, kungani amaJuda esho lokhu?

Ngokusobala kungoba uJesu uzinika amandla abakholelwa ukuthi angakaNkulunkulu kuphela. Ngokwesibonelo, usanda kuthi ‘ngezimvu,’ “ngizinika ukuphila okuphakade,” okungokuthile okungekho-muntu ongakwenza. Nokho, amaJuda awalinaki iqiniso lokuthi uJesu uyavuma ukuthi wamukela igunya kuYise.

Ukuthi uJesu uthi mncane kunoNkulunkulu, ukubonisa ngokulandelayo ngokubuza: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini [kumaHubo 82:6] ukuthi: Ngithe: Ningonkulunkulu, na? Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu—nombhalo ungeqiwe—nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithé: NgiyiNdodana kaNkulunkulu, na?”

Yebo, njengoba imiBhalo ibiza ngisho nabahluleli abangalungile abangabantu ngokuthi “onkulunkulu,” yiliphi iphutha lamaJuda angalithola kuJesu ngokuthi, “NgiyiNdodana kaNkulunkulu”? UJesu uyanezela: “Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.”

Lapho uJesu esho lokhu, amaJuda azama ukumbamba. Kodwa uyaphunyuka, njengoba enza ngaphambili eMkhosini Wamadokodo. Ushiya iJerusalema futhi uwelela ngaphesheya koMfula iJordani lapho uJohane aqala khona ukubhapathiza cishe eminyakeni emine ngaphambili. Ngokusobala lendawo ayikude nogu oluseningizimu yoLwandle lwaseGalile, uhambo lwezinsuku ezimbili ukusuka eJerusalema.

Abantu abaningi beza kuJesu kulendawo futhi bathi: “UJohane nempela akenzanga-sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowomuntu kwakuqinisile.” Khona-ke abaningi bakholwa nguJesu lapha. Johane 10:22-42; 4:26; 8:23, 58; Mathewu 16:20.

◆ Kungayiphi indlela uJesu afuna abantu bamazi ngayo njengoKristu?

◆ Kungayiphi indlela uJesu noYise bemunye?

◆ Ngokusobala, kungani amaJuda ethi uJesu uzenza unkulunkulu?

◆ Ukucaphuna kukaJesu kumaHubo kubonisa kanjani ukuthi akasho ukuthi ulingana noNkulunkulu?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela