ICaymans—Iziqhingi Abazilibala Isikhathi Eside
UNGABHUKUDA emanzini acwebile. Ungatshuza ukuze uhlole izingcezu eziningi zemikhumbi eyacwila ngaphansi kolwandlekazi. Noma ungase uvakashele ipulazi lezimfudu zasolwandle. Kuphi? Eziqhingini zaseCayman—iGrand Cayman, iCayman Brac, neLittle Cayman.
‘Kodwa zikuyiphi ingxenye yomhlaba iziQhingi zaseCayman?’ ungase ubuze. Lowo umbuzo oqondakalayo ngoba zincane kangangokuthi kuthukela nje ziveziwe emabalazweni omhIaba. Lapho kwenzeka zivela, zingase zivezwe njengamachashaza nje amancane amathathu eNtshonalanga yoLwandle iCaribbean, olungamakhilomitha angama-240 eningizimu yeCuba, noma amakhilomitha angama-800 eningizimu yeMiami, eFlorida.
Njengoba zatholwa uChristopher Columbus ngo-1503 ohambweni lwakhe lokugcina ngomkhumbi edabula iNtshonalanga Indies, iziqhingi—iCayman Brac neLittle Cayman njengoba uColumbus engazange ayibone iGrand Cayman—zazibizwa ngokuthi iLas Tortugas (Izimfudu Zasolwandle). Lokho kwakungenxa yenani elikhulu lezimfudu zolwandle ezabonwa eziqhingini nasemaphethelweni azo. Ngo-1670, ngesiVumelwano sokuthula esenziwa eMadrid, iSpain yanikela iziqhingi eBrithani, futhi ziye zahlala ziyizwe elingaphansi kweBrithani kusukela ngalesosikhathi.
Izimfudu Zasolwandle, Abaphangi Basolwandle, Nezobuchwepheshe
Ezinsukwini zemikhumbi eqhutshwa ngomoya, leziqhingi zaziyisikhumulo esivamile semikhumbi emikhulu eyayehla yenyuka emanzini olwandle iCaribbean. Izimfudu eziningi zasolwandle oluluhlaza zaba umthombo onenzuzo wenyama ematilosini alambile. Izimfudu zazidliwa zisanda kubanjwa, noma zithuthwe ngomkhumbi zomisiwe noma zifakwe usawoti. Zaba umthombo oyinhloko wamaprotheni phakathi nohambo olude ngomkhumbi.
Kodwa iziqhingi zabaluleka ngenxa yokunye okuthile. Isifunda esiyithafa nezikhumulo ezilondekile kwakhanga amanye amadoda ayesebenza ezilwandle eziphakeme. Imikhumbi yezempi edume ngobubi kanye nabaphangi, abanjengoMnumzane uHenry Morgan noEdward Teach, owayaziwa futhi ngokuthi uBlackbeard, babesebenzisa leziqhingi njengendawo yesiphephelo noma njengezikhungo zempi ezazitshenziselwa ukuhlasela ngokuzumayo imikhumbi yezohwebo. Lomlando omfushane othakazelisayo ukhunjulwa ngomkhosi ogujwa minyaka yonke obizwa ngokuthi iPirate’s Week, obhekwa eziqhingini zaseCayman njengento esemqoka yonyaka.
Njengoba inani lezimfudu zasolwandle lalehla futhi imikhumbi ehamba ngomoya ithathelwa indawo imikhumbi ehamba ngesisi, yaya ngokuya iba mbalwa imikhumbi efi-kayo. Futhi njengoba babembalwa abantu baseziqhingini ababenemisakazo, kuzo zonke izinto eziwusizo iziQhingi zaseCayman zanqanyulwa futhi zakhohlwa kwamanye amazwe. Zazitholela igama elithi “Iziqhingi Abazilibala Isikhathi Eside.”
Nokho, ngawo-1960, isimo saqala ukushintsha. Imithetho yakuleyondawo yezamabhange neyentela, kuhlangene nokufika kwezinhlelo zokuxhumana zobuchwepheshe, kwaguqula lelizwe elase likhohlakele laba elinye lamazwe aziwayo kakhulu ezikhungo zokubhanga ezweni lonke. Iziqhingi zabala ukuvulwa kwebhange lazo lama-500 ngoJune 1987. Ukuba ngcono kwezimo futhi kwashukumisa ibhizinisi lezihambi. Ibhodi lezihambi lakuleyondawo lajabula lapho ingqikithi yezivakashi eziyizi-8 244 lifika ngo-1966. Lelonani Eye lakhuphukela ezi-430 000 ngo-1986, lenza ibhizinisi lezivakashi libe elilandela imboni yezezimali kuphela ngokubaluleka. Nokho, kukhona elinye iqembu labantu abanesithakazelo esijulile kuleziqhingi.
Izivakashi Zolunye Uhlobo
OFakazi BakaJehova, abawathatha ngokungathi sina amazwi kaJesu athi izindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa ezizweni zonke, abazange bazikhohlwe iziQhingi zasecayman. (Mathewu 24:14) Ngo-1929, uPatrick Davidson, owayengamele umsebenzi wokushumayela eJamaica, wavakashela eGrand Cayman. Naphezu kokuphikiswa wakwazi ukutshala imbewu yeqiniso loMbuso.
UDavidson waya okwesibili ngo-1937, kodwa kwakungo-1950 lapho ukuhlanganiswa okugcwele kweGrand Cayman kwenziwa uAleck Bangle nesithunywa sevangeli esasikanye naye. Amakhulu ezincwajana zeBhayibheli ahanjiswa ngesikhashana nje. lzithunywa zevangeli zabika ukuthi zathola abantu benobungane, kulula ukukhuluma nabo, futhi belangazelela ukuzwa izindaba ezinhle.
Abantu BaseCayman Bezwa Izindaba Ezinhle
Kancane kancane nangesineke, izithunywa zevangeli nezinye izikhonzi zesikhathi esigcwele zaqhubeka nomsebenzi wazo. Ngo-1959 kwasekuneqembu elincane labamemezeli boMbuso abayi-12, futhi kwamiswa ibandla. Omunye wezakhamuzi zokuqala zendawo ukuba amukele iqiniso leBhayibheli kwakunguWilbert Sterling. Uzikhumbula kahle izinsuku lapho iqenjana loFakazi kwakudingeka ukuba lihlanganise insimu yalo lihamba ngezinyawo. Nakuba manje engasaboni futhi eseminyakeni yama-80, uMzalwan’ uSterling usakhonza njengomdala eBandleni laseGeorgetown.
UJehova uye wayibusisa imizamo yenkuthalo yalabo bamemezeli boMbuso bokuqala. Manje kunesilinganiso sabamemezeli boMbuso abangama-60 kubantu abacishe babe yizi-17 000 abahlala eziqhingini. Iningi lezakhamuzi zaseziqhingini liye laqaphela ukuthi oFakazi bahlukile ngenxa yokuthi ukukhulekela kwabo kusekelwe eBhayibhelini.
Ngokwesibonelo, owesifazane osebenza endlini yokudlela wabona uFakazi eshumayela endlini ngendlu. Waya kuye futhi wabuza ukuthi yini okwakudingeka ukuba ayenze ukuze abe omunye woFakazi BakaJehova. Watshelwa ukuthi kwakuzodingeka ukuba angenise ulwazi oluqondile ngoJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bese elusebenzisa. (Johane 17:3) Esekuzwile lokho, wavuma isifundo seBhayibheli sasekhaya. Namuhla, ukhonza uJehova njengomunye woFakazi bakhe.
Abaningi balabo abaye bamukela iqiniso bavela kwamanye amazwe. Baye benza iCayman yaba ikhaya labo noma bayizakhamuzi zesikhashana ezize ngamakontileka emisebenzi. Kanjalo,omunye udade wazwakalisa isifiso sakhe sokubona izakhamuzi ezengeziwe zokudabuka eCayman ebandleni. Wathandaza kuJehova ukuba amsize athole isakhamuzi sokudabuka eCayman esasifuna ukutadisha iBhayibheli. Akubanga isikhathi eside ngemva kwalokho, wayesethola owesifazane osemusha owayesenayo kakade incwadi ethi IQiniso Eliholela ekuPhileni okuPhakade, futhi udade waqala isifundo seBhayibheli naye. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, lona wesifazane waqala ukuba khona emihlanganweni, washiya inkolo yakhe yangaphambili, futhi waqala ukuhlanganyela lokho ayekufunda nabanye. Ungakapheli unyaka waba uFakazi kaJehova ozinikezele, nobhapathiziwe.
Umsebenzi wokushumayela wathola ukusekelwa okuqhubekayo ngo-1982, lapho umbhangqwana oyizithunywa zevangeli wabelwa insimu yaseGrand Cayman. Waqhuba izifundo zasekhaya zeBhayibheli eziningi futhi wabeka isisekelo esihle sokwanda okuqhubekayo.
Ukuphikiswa Kuyanqotshwa ECayman Brac
Isiqhingi saseCayman Brac sicishe sibe ngamakhilomitha angama-140 enyakatho-mpumalanga yeGrand Cayman. Ngezikhathi ezithile, izithunywa zevangeli nezinye izisebenzi zesikhathi esigcwele ezivela eGrand Cayman zazima lapha ukuze zitshele izakhamuzi zaseCayman Brac eziyi-1 700 izindaba ezinhle. Kodwa izinto ezithakazelisayo zaqala ukwenzeka lapho ngo-1986.
Umbhangqwana owawusebenza lapho kuyikontileka waqala ukufunda futhi wathuthuka kwaze kwaba sezingeni lokuzinikezela nokubhapathizwa. Khona-ke, abanye oFakazi ababili bafika bevela kwamanye amazwe. Umsebenzi othuthukisiwe ngokushesha wavusa intukuthelo yabaphikisi, abazama ukugqugquzela iziphathimandla zezisebenzi ezivela kwamanye amazwe ukuba zisule izimvume zomsebenzi zombhangqwana owawusanda kubhapathizwa. Nokho, imizamo yabo yajivazwa lapho isikhulu esiphakeme sezisebenzi ezivela kwamanye amazwe eGeorgetown, eGrand Cayman, sithatha ukuma kokuthi uma abaphikisi benkolo bephatheka kabi ngomsebenzi woFakazi, kumelwe nabo baye endlini ngendlu ukuze bawuvimbele. Kusukela lapho abukho ubutha obusobala obuye batholakala.
Bakhunjulwa UJehova
UJehova, uMdali oPhakeme akazange ngempela abakhohlwe abantu baseziQhingini zaseCayman. Kunalokho, wenza kube nokwenzeka ukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe kuleziqhingi ezincane, kanjalo egcwalisa isiprofetho sikaIsaya: “Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, ninaziqhingi nabakhileyo kuzo.”—Isaya 42:10.
IziQhingi zaseCayman ziyajabula ngokuthi ngokubheka kukaJehova, azizona “Iziqhingi Abazilibala Isikhathi Eside.”
[Amabalazwe ekhasini 22]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Caribbean Sea
LITTLE CAYMAN
CAYMAN BRAC
[Ibalazwe]
GRAND CAYMAN
[Ibalazwe]
CUBA
LITTLE CAYMAN
GRAND CAYMAN
CAYMAN BRAC
JAMAICA