Ukuqondisisa Izindaba
Azikaphelelwa Isikhathi
Sekuyisikhathi eside abantu benombono wokuthi izimiso zokuphila okulungile ezihlelwe eBhayibhelini seziphelelwe isikhathi futhi azisebenzi. Nokho, ukucwaninga kwamuva kuye kwabangela ukuba ezinye zezazi zezokwelapha ziyicabangisise kabusha inzuzo yeseluleko seBhayibheli sokwenza okuhle kwabanye.
NgokweAmerican Health, odokotela ababili bathi “ukwenza okuhle kungaba kuhle ngenhliziyo yakho, ngesimiso somzimba wakho sokuzivikela—nokuba kwakho yingqabavu wonke umzimba.” EMichigan elinye iqembu lezokwelapha lenza ukuhlola okwathatha isikhathi esiyiminyaka eyishumi ukuthola ukuthi ubuhlobo obungokwenhlalo buyithinte ngezinga elingakanani impilo. Okwatholwa okumangalisayo kwaba ukuthi umsebenzi wokuzithandela emphakathini wasandisa ngokumangalisayo isikhathi sokuphila kanye nobungqabavu. Ukuhlola kwembula ukuthi amadoda ayethinteka ngokukhethekile. Labo ababengazange bawenze umsebenzi wokuzithandela kwathiwa kwakungenzeka bafe phakathi nesikhathi sokuhlola ngokuphindwe izikhathi ezimbili nengxenye ngaphezu kwamadoda ayenza uhlobo oluthile lomsebenzi wokuzithandela okungenani kanye ngesonto.
Udokotela waseCalifornia ubika ukuthi ukuhlela kwakhe ukuba iziguli ezimbili ezazizondana ziwashelane izingubo zazo kwaba nomphumela wokunciphisa amazinga echolesterol azo kanye nobuhlungu besifuba.
Emakhulwini eminyaka edlule umphostoli uPawulu watshela uThimothewu ukuba’ayale abacebile kulelizwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo,’ kodwa “benze okuhle, bacebe ngemisebenzi emihle, baphane, babelane.” Wakhumbuza futhi amaKristu angamaHeberu ukuba angakhohlwa “ukwenza okuhle nokuphana.” Sasiyini isizathu? “Inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle.” Sekuyisikhathi eside amaKristu eqiniso azi ukuthi ukulalela lesiseluleko esingesikhathi kuletha izinzuzo kokubili ngokomzimba nangokomoya.—1 Thimothewu 6:17, 18; Heberu 13:16; Roma 2:10.
“Ukwahlulelwa Okukhulu”
Amalungu eSigele Sabefundisi beSonto laseSheshi muva nje bazithola besesimweni esibucayi. Babekhulume obala ngazwi linye besekela “imfundiso eyisiko ngobumsulwa nokwethembeka ebuhlotsheni bomuntu siqu.” Nokho, lapho umpristi wesifunda uTony Higton eveza isiphakamiso esasicela ukuba isigele sabefundisi simemezele ukuthi abefundisi kumelwe “babe isibonelo kuyo yonke imikhakha yokuziphatha, kuhlanganise nokuziphatha ngokobulili, njengemfanelo yokumiswa noma yokuhlala bekulesosikhundla,” lesosiphakamiso senqatshwa. Sasiyini isizathu? IEcumenical Press Service ibika ukuthi amalungu esigele sabefundisi athola lesiphakamiso “siqine ngokweqile,” yenezela ngokuthi “uMichael Baughen,” umbhishobhi waseChester, wasikisela ukuthi lokho kungadinga ukuhoxa okusheshayo kwabo bonke ababhishobhi besonto nabanye abefundisi.”
Kunalokho, isiphakamiso sikaHigton sashintshwa ukuba sazise wonke amaKristu, “ikakhulukazi . . . abaholi abangamaKristu,” ukuba babe yizibonelo “kuyo yonke imikhakha yokuziphatha, kuhlanganise nokuziphatha ngokobulili.” IPress Service futhi yaphawula ukuthi isigele sabefundisi sasinqoba lesosiyalezo ‘sokujezisa ngokufanelekile’ abefundisi lapho beziphatha kabi ngokobulili.
Nakuba izinyathelo ezinjalo zokujezisa zingase “ziqine ngokweqile” ngabefundisi abaningi namuhla, iZwi likaNkulunkulu licacile: “Xoshani omubi phakathi kwenu.” (1 Korinte 5:13) UNkulunkulu weluleka ukuba kuthathwe isinyathelo esiqinile ngokumelene nabo bonke abenza okubi ngokungaphenduki ukuze kuvikelwe ukuhlanzeka okungokokuziphatha nokungokomoya kwebandla lamaKristu. Ngempela, isijeziso sifaneleke ngisho nangokungaphezulu ngabaholi abangamaKristu, njengoba umfundi ujakobe abhala: “Ningabi ngabafundisi abaningi, bazalwane bami, nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu.”—Jakobe 3:1.
Ukukhazimulisa UNkulunkulu
‘Izinga lokudlala komdlali lingembula izinga lothando lwakhe ngoNkulunkulu.” Ingabe lamazwi kaWes Neal, umongameli welAP (Institute for Athletic Perfection), njengoba ebikwe kuChristianity Today, ayiqiniso? I-IAP, eyigatsha elisetshenziswa abavangeli ukuze “lingcwelise umdlalo wokuncintisana,” iye yathuthukisa umqondo wokuthi abadlali enkundleni yezemidlalo kumelwe balingise umfutho ofana nalowo owaboniswa uJesu “ekufezeni injongo kaYise.” Ukucabanga okunjalo kuye kwaba yimfundiso ethandwayo yabavangeli ‘benkolo yezemidlalo,’ kuphawula iChristianity Today. Empeleni, isihloko sicaphuna isibonelo somunye umdlali webhola likanobhutshuzwayo okhokhelwayo “owapenda iziphambano ezicathulweni zakhe nasezigqizweni zezihlakala njengesikhumbuzo sokuthi wayedlalela ukukhazimulisa uKristu.”
Nokho, ingabe kungashiwo ukuthi ukuhlanganyela emdlalweni wokuncintisana noma wobudlova kukhazimulisa uNkulunkulu? Lutho neze! Kunjengoba iPsychology Today iphawula: “Sona kanye isimo sokuncintisana sidinga ukuba umdlali okwesikhashana azikhathalele yena kuyilapho elwela ukunqoba.” Kanti, iBhayibheli lithi amaKristu kumelwe ukuba ‘angabheki okwawo, kepha yilowo abheke nokwabanye.’ (Fil. 2:3, 4) AmaKristu eqiniso akhazimulisa uNkulunkulu ngokwenza intando yakhe, hhayi eyawo siqu.—Qhathanisa noIsaya 58:13, 14.