Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 10/15 kk. 25-29
  • Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba AmaKristu Angabi Agomekile
  • Izimbangela Zokucindezeleka Kwengqondo
  • Okungenziwa Abadala
  • Labo ‘Abadinga Udokotela’
  • Bahlushwa Amademoni?
  • Imithi Yezifo Zengqondo
  • Ukwelapha Ngokukhuluma Nesiguli
  • ‘Amazwi Angokomoya’ Kwabacindezeleke Ngokwengqondo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Inkinga Yomhlaba Wonke Yesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2023
  • Okufanele Ukwazi Ngokuphazamiseka Kwengqondo
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 10/15 kk. 25-29

Ukucindezeleka Kwengqondo—Lapho Kuhlupha UmKristu

IZAZI zezifo zengqondo zithi mhlawumbe oyedwa kubantu aba-5 eUnited States ukhathazwa uhlobo oluthile lokugula kwengqondo okuphawulekayo. INhlangano Yezwe Yezempilo yenezela ngokuthi kuneziguli ezingase zibe izigidi ezingama-40 eziphethwe yisifo sengqondo ezingakelashwa emazweni asathuthuka. Izinkinga zengqondo ziye ngisho zatholakala naphakathi kwezinye izakhamuzi zaseziqhingini zePacific ezinjengepharadesi.

Ngakho-ke akumelwe kusimangaze ukuthi amaKristu amaningana namuhla ahlangabezana nezinkinga zengqondo noma zemizwelo ezisuka ekukhathazekeni okungelutho nasekucindezelekeni okuncane ziye ekuguleni okungathi sína okunjengokucindezeleka okukhulu, ukucindezeleka okuhlanyisayo, ukwethuswa ubala, neschizophrenia. Abanye babenezinkinga ezinjalo ngaphambi kokuba oFakazi, nakuba abanye baye baqala ukuhlushwa ukucindezeleka eminyakeni yobudala babo.

Isizathu Sokuba AmaKristu Angabi Agomekile

Omunye owesifazane ongumKristu oneminyaka engaphezu kwama-20 yenkonzo yokuzinikezela ubika ukuthi uhlushwa amazwi anamandla nabeleselayo. “Ngisuke ngicabanga nganoma iyiphi indaba,” uyasho, “bese kuqhamuka izwi elithi, ‘zibulale.’ . . . Lamazwi uwezwa ngokuphindaphindiwe kuze kube yilapho ungasakwazi ukukubekezelela.” Kwenzeka kanjani ngomKristu othembekileyo ukuba ahlupheke ngalendlela? Ingabe eyesi-2 Thimothewu 1:7 ayisho yini ukuthi: “UNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza”?

Yebo, kodwa ukuzikhuza ngokuvamile kubhekisela kancane kakhulu enhlala-kahleni engokwengqondo kunasekhonweni lomKristu lokusebenzisa isahlulelo esisekelwe eBhayibhelini. Ngokungafani nomuntu wezwe ‘osebumnyameni ngokwengqondo,’ noma ‘owonakele ingqondo,’ umKristu ‘uyenze yaba yintsha ingqondo yakhe’ ngokufunda iZwi likaNkulunkulu. (Efesu 4:17, 18, NW; 2 Thimothewu 3:8; Roma 12:2) Lokhu ngokungangabazeki kufeza okukhulu ekuthuthukiseni ukulinganisela komKristu ngokwemizwelo nangokwengqondo, kodwa akumenzi agomeke ezinkingeni zokugula kwengqondo. Ezinye izinceku ezithembekileyo zikaNkulunkulu zangezikhathi zeBhayibheli, ezinjengoEphafrodithu, zazihlushwa izinhlobo zokucindezeleka kwengqondo.—Filipi 2:25, 26; Luka 2:48.

Umphostoli uPawulu uyasikhumbuza ukuthi “kuAdamu bonke bayafa.” (1 Korinte 15:22) Abaningi bethu banezifo ezingokomzimba ezisobala. Abanye baphethwe isifo sengqondo noma esingokwemizwelo.

Izimbangela Zokucindezeleka Kwengqondo

Izici ezingokwenyama zibonakala ziyimbangela yezifo eziningi zokucindezeleka kwengqondo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ngomuntu ‘amehlo akhe abona imihlola.’ Ibangelwa yini imibono enjalo eyimfihlakalo? Ùkulibala ngasewayinini’! (IzAga 23:29-33) Ngokusobala, utshwala bungabangela ukuba ingqondo ibe nemibono engekho. Odokotela bathi, izinqubo nezici zamakhemikhali engqondo ezinephutha, izici zofuzo, futhi ngokunokwenzeka ngisho nokudla kungabangela ukungasebenzi kahle kwengqondo okufanayo. Umphumela ungaba izinkinga zengqondo nemizwelo.a

Ukucindezeleka kwengqondo okunamandla nakho futhi kungavusa izinkinga ezingokomzwelo. Ukuzama nje ukulondoloza ukucoceka kokuziphatha nobuntu bobuKristu ‘kulezikhathi ezinzima’ kungaba umthombo wokucindezeleka. (2 Thimothewu 3:1-5) Ingani, uLoti “wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe” ngobubi ayebhekana nabo ngazo zonke izinsuku eSodoma! (2 Petru 2:8) Ngaphandle kwalokho, amanye amaKristu aye athinteka engqondweni ngenxa yokuthi aye adlwengulwa, axhashazwa ngokobulili, noma ngenxa yezenzo ezedlule zokuziphatha okuxekethile noma ukusebenzisa kabi imilaliso. Izinto ezinjalo zingaletha ukukhubazeka okusabekayo empilweni yomuntu engokwengqondo.

Okungenziwa Abadala

Abadala bayakukhathalela ukwelusa wonke umhlambi abawuphathisiwe ukuba bawunakekele—kuhlanganise nalabo abahlushwa ukucindezeleka kwemizwelo. (1 Petru 5:2; Isaya 32:1, 2) Yiqiniso, abasibo odokotela, futhi ngeke bakwazi ukwelapha izifo zabantu ngabanye njengoba nje nomphostoli uPawulu engazange akwazi ukwelapha uEphafrodithu lapho egula ngokomzimba noma enokucindezeleka okwalandela. (Filipi 2:25-29) Nokho, ngokubonisa ukukhathalela kwangempela nozwela ngabakanye nabo, ngokuvamile bangakwazi ukwenza okwengeziwe ekusizeni nasekukhuthazeni abanjalo.—1 Petru 3:8.

Khona-ke, kuthiwani uma umzalwane eqala ukuziphatha ngendlela engajwayelekile noma ekhala ngokuphazamiseka ngokomzwelo? Abadala bangase baqale bazame ukukhulumisana nohluphekayo, bezama nje ukuthola ukuthi yini emkhathazayo. Ingabe isehlakalo esilusizi esithinta yena siqu noma isimo esingajwayelekile esicindezelayo—mhlawumbe ukulahlekelwa umsebenzi noma ukufa kothandekayo—kuye kwamsusa okwesikhashana esimweni sokulinganisela? (UmShumayeli 7:7) Ingabe lowo ososizini umane nje ucindezelekile ngenxa yesizungu futhi ngalokho udinga othile ‘ozomthokozisa njengodanileyo’? (1 Thesalonika 5:14) Noma ingabe kungenzeka ukuthi umzalwane uphazanyiswe ukushiyeka okuthile kobuntu? Ukuqinisekisa kothando lukaNkulunkulu nomusa—kanye neseluleko esifanele kungasiza ukuba kwehlise ukucindezeleka kwakhe. (IHubo 103:3, 8-14) Kungafezwa okuningi okuhle ngokumane nje kuthandazwe nomzalwane ocindezelekile.—Jakobe 5:14.

Abadala bangase futhi bahlanganyele ukuhlakanipha okuwusizo nokhathazekile. (IzAga 2:7, qhathanisa neNW.) Ngokwesibonelo, siphawule ukuthi okunye ukuphazamiseka ngokwemizwelo kungase kubangelwe ukudla. Ngakho-ke abadala bangase basikisele ukuthi umzalwane adle ukudla okulinganiselwe futhi agweme ukudla noma ukuzincisha ukudla ngokweqile. Noma bangase baqaphele ukuthi umuntu okhathazekile ubengaphansi kokucindezeleka okukhulu emsebenzini wakhe futhi angase azuze kakhulu ngokuthola ‘ukuphumula okwengeziwe’—esikhathini esiningi ethola ukuphumula okuhle ebusuku.—UmShumayeli 4:6, NW.

Labo ‘Abadinga Udokotela’

Nokho, lapho ukucindezeleka okubucayi kuqhubeka, kuhle ukukhumbula amazwi kaJesu: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.” (Mathewu 9:12) Abantu abaningi abacindezelekile bayakudebeselela ukubonana nodokotela. Kanjalo abadala namalungu omkhaya kungadingeka ukuthi bakhuthaze umzalwane ukuba afune ukunakekela kwezokwelapha, njengokuthola ukuhlolisiswa udokotela othenjwayo. UProfesa uMaurice J. Martin uthi: “Izifo ezingokomzimba eziningi kakhulu zidida njengezifo zengqondo.” Futhi ngisho nalapho isifo sengqondo siyinkimbinkimbi ngempela, ngokuvamile ukwelapha okuphumelelayo kuba khona.

Inkosikazi yomdala isitshela ngendlela umyeni wayo ogula ngengqondo “ayesaba ngayo ukuba phakathi kwabazalwane futhi engafuni ukuya emihlanganweni. . . . Wayekufuna ngempela ukufa!” Kodwa ngemva kokuba esethole ukwelapha kodokotela abangochwepheshe, inkosikazi yakhe yakwazi ukubika: “Akasacindezelekile kakhulu, futhi akasafuni nokuhlala angayi emihlanganweni. Namuhla ekuseni unikeze inkulumo yeningi!”

Ngokwamukelekayo, akuzona zonke izimo ezixazululeka kalula kanjalo. Isayensi iyaqala manje ukuveza obala izimfihlakalo zezinkinga zengqondo. Ukuba zixilongwe ngokufanele futhi zelashwe kungaba umsebenzi othatha isikhathi eside, noyinkimbinkimbi—kodwa ngokuvamile uyakhokhela.

Bahlushwa Amademoni?

Ezinye izisulu zokugula ngengqondo zesaba ukuthi mhlawumbe zingaphansi kokuhlasela kwamademoni, ngezinye izikhathi zithi zizwa “amazwi.” Yiqiniso, amademoni ayaziwa ukuthi enza abantu abaphilile ngokwengqondo babe abagulayo ngokwengqondo. (Marku 5:2-6, 15) Abukho ubufakazi bokuthi amademoni ahilelekile ezimweni eziningi zokuziphatha ngendlela engavamile, ngokufanayo futhi awahilelekile kuzo zonke izimo zaba yizimungulu, abayizimpumputhe, nabanesifo sesithuthwane. Nokho, emuva ezikhathini zeBhayibheli, ngezinye izikhathi amademoni ayezibangela (noma okungenani ayezikhulisa) zona kanye lezifo! (Mathewu 9:32, 33; 12:22; 17:15-18) Nokho, iBhayibheli linikeza umehluko okhanyayo phakathi ‘kwabagulayo nabakhwelwe ngamademoni.’ (Marku 1:32-34; Mathewu 4:24; IzEnzo 5:16) Khona-ke, ngokusobala abantu abaningi kakhulu abayizimpumputhe noma abanesifo sesithuthwane namuhla babangelwa yizici zomzimba—hhayi zobudemoni. Akungabazeki ukuthi kungashiwo okufanayo ngabaningi abanezifo zokucindezeleka kwengqondo.

Kodwa, kumelwe kukhunjulwe ukuthi uSathane namademoni akhe ‘balwa’ nabantu bakaNkulunkulu futhi bayaziwa ukuthi bahlupha amaKristu athembekile. (IsAmbulo 12:17; Efesu 6:12) Amademoni afana nezitha, futhi akumelwe kusimangaze ukuthi athola injabulo enonya ngokuhlupha eminye imiphefumulo ecindezelekile ngokwengqondo—enezela izinkinga zayo.

Ngakho-ke uma abadala benesizathu esihle sokucabanga ukuthi ithonya lobudemoni lihilelekile, akukho okubi uma benza ukufunisisa okuthile. Ngokwesibonelo, ingabe lowomuntu uthole izinto ezithile ezingabazisayo ngokuqondile futhi ngenhloso kubantu abahlanganyela ezenzweni zobudemoni bohlobo oluthile? Ukupheliswa kwezinto ezinjalo kungase kulethe ukukhululeka. (IzEnzo 19:18-20) Njengoba amaKristu etshelwa ukuthi ‘amelane noSathane,’ abadala bangase futhi baluleke ososizini ukuthi enqabe noma yimaphi “amazwi” angajwayelekile okungenzeka avela emademonini. (Jakobe 4:7; Mathewu 4:10) Uma umuntu enomuzwa wokuba ngaphansi kokuhlaselwa, kumelwe athandaze ngayo yonke inhliziyo, abize igama likaJehova ngezwi eliphakeme.—Efesu 6:18; IzAga 18:10.

Nokho, ukuhileleka kwamademoni kubonakala kuyinto ethuka yenzekile—akusona isimo esivamile. Omunye udade uyalandisa: “Ngangicabanga ukuthi ngangikhwelwe amademoni kwaze kwaba yilapho ngifuna usizo lwezokwelapha futhi ngaziswa ukuthi nginamakhemikhali angekho esilinganisweni esilinganayo. Kwangikhulula ngempela ukuthola ukuthi yisifo esasibangela izenzo zami hhayi umuntu wedemoni owayengaphakathi kwami!”

Imithi Yezifo Zengqondo

Odokotela manje basebenzisa imithi ehlukahlukene ekwelapheni ukusangana kwengqondo. Ukusetshenziswa kweminye yemithi enjalo okuqondiswa odokotela kuye kwasiza amaKristu agula kakhulu ukuba aphile ngendlela ejwayelekile. Nokho, abanye abazalwane abanesisusa esihle, baye bayekisa iziguli ukusebenzisa imithi eziyinikeziwe, mhlawumbe besaba ukuthi ingase ibe yingozi noma ibaluthe. Yebo, kunezingozi ezihilelekile kunoma yiluphi uhlobo lokwelapha ngemithi, futhi “ohlakaniphileyo uyesaba,” ecabangela imiphumela eyohlala isikhathi eside.—IzAga 14:15.

Nokho, ngokuthakazelisayo, imilaliso eminingi yezifo zengqondo ayibangeli imibono engekho, ayilalisi, noma ikuluthe, ilungisa nje ukungabi sesilinganisweni esilinganayo kwamakhemikhali engqondweni. Ngokwesibonelo, ama-antipsychotic angase asize ukuqeda izimpawu zokwenza ngendlela engavamile zeschizophrenia ezivamise ukuba khona. Ilithium ingasiza ekwehliseni ukucindezeleka futhi yenze ukwehla nokwenyuka kokucindezeleka okuhlanyisayo kube sesilinganisweni.

Kuyavunywa ukuthi, ngezinye izikhathi kusetshenziswa imilaliso enamandla ukuze kulaliswe isiguli noma kuvinjelwe ukuthambekela kokuzibulala. Nokho, uma umzalwane esebenzisa imithi ayinikeziwe hhayi ngoba ethanda kodwa ukuze aphile kahle, lokhu kungabhekwa ngendlela efanayo neyokusebenzisa i-insulin yesifo sikashukela.

Kufanele kukhunjulwe ukuthi imithi yengqondo ngokuvamile ayisheshi ukusebenza futhi ingase ibe nemiphumela elimazayo. Futhi ngezinye izikhathi kuba khona ukuqagela okuthile nokungashayi emhloleni lapho udokotela efuna umuthi ophumelelayo kanye/noma isilinganiso somuthi esiveza imiphumela elimazayo embalwa. Iziguli ngokuvamile ziyadumazeka. Ngakho-ke amalungu omkhaya nabangane bangase bamsekele umuntu onikezwa ukwelashwa, bemkhuthaza ukuba abekezele futhi abambisane nezisebenzi eziqeqeshiwe zezokwelapha. Kuthiwani uma enemibuzo ngemithi ethile ayinikezwayo? Noma kuthiwani uma izinkinga zanda noma ukwelashwa kubonakala kungaphumeleli? Izinkinga ezinjalo kumelwe zixoxwe nodokotela wakhe.b Uma kudingeka, kungatholwa umbono womunye umuntu.

Ukwelapha Ngokukhuluma Nesiguli

Kwezinye izimo, kungase kucatshangelwe ukuba isiguli senziwe sikhulume nesazi esiqeqeshiwe. Mhlawumbe udokotela womkhaya owethenjwayo nojwayelene nesiguli angakwenza lokhu. Nokho, kuthiwani ngokwamukela ukwelapha kukadokotela wezifo zengqondo noma oyisazi sokusebenza kwengqondo? Lokhu kuyoba isinqumo somuntu siqu esiyokwenziwa ngokuqapha. Abelaphi abangayisebenzisi imithi bayehluka ngezindlela zabo zokwelapha. Ngokwesibonelo, abanye basasebenzisa izindlela zikaFreud zokwelapha ngokuhlaziya umlando wesifo somuntu, abaningi abasophikweni lwezokwelapha izifo zengqondo abakungabazayo ukuphumelela kwazo.

Okudinga ukucatshangelwa okwengeziwe iqiniso lokuthi abanye odokotela abanesisusa esihle baye banikeza iseluleko esiphikisana ngokuphelele neBhayibheli. Behluleka ukuqonda izimiso zobuKristu—bezibheka ngisho ‘nanjengeziwubuwula’—abanye abelaphi baye baphetha ngisho nangokuthi ukulandela umthetho weBhayibheli oqinile wokuziphatha yikho okubangela ubunzima umuntu anabo!—1 Korinte 2:14.

Nokho, abanye odokotela kuhlanganise nezazi zokusebenza kwengqondo nodokotela bezifo zengqondo, banikeza izinhlobo zokwelapha ngokukhuluma nesiguli ezingekhona ngempela ukwelapha ngokuhlaziya umlando wesifo sengqondo kodwa eziyizindlela zokusiza isiguli ukuba siqonde isifo saso, ukugcizelela isidingo somuthi wokwelapha, nokuxazulula izinkinga esinazo. UmKristu angase athole ukuthi ukwelapha okunjalo kuwusizo, kodwa udinga ukuqondisisa wonke amaqiniso ngaphambi kokuba amukele ukwelapha: Empeleni lokho kwelapha kuhilelani? Hlobo luni lweseluleko oluyonikezwa? Ingabe udokotela uyaziqonda futhi uyazihlonipha izinkolelo zoFakazi BakaJehova?c Uma ukuvuma ukwelapha ngokukhuluma nesiguli ukuvuma ‘vivinya amazwi’ kadokotela kunokwamukela nje konke ngaphandle kokubuzisisa.—Jobe 12:11, 12.

Khona-ke, ngokwengxenye enkulu, ukucindezeleka ngokwengqondo kungabhekwa njengenkinga yezokwelapha—hhayi engokomoya. Njengoba beqonda leliqiniso, kungase kube ngcono ukuba imikhaya, abadala, namalungu ebandla basekele abahluphekayo. Ngezinye izikhathi abacindezelekile badinga futhi nokusekelwa ngokomoya. Ukuthi ibandla lingakwenza kanjani lokhu kuyocatshangelwa kumagazini olandelayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka umngane walomagazini wethu, iPhaphama! kaNovember 8, 1987, noSeptember 8, 1986

b INhlangano ayitusi noma ayidluliseli isahlulelo ngemithi ehlukahlukene nokwelashwa okunikezwa odokotela. Nokho, ukuhlolisisa ezincwadini zeNhlangano kungase kube usizo.

c Uma ogulayo enenkinga yokuchaza isimo sakhe esisekelwe eBhayibhelini kudokotela noma kumelaphi, mhlawumbe omunye umKristu ovuthiwe angamsiza.

[Isithombe ekhasini 26]

Ngokuba izilaleli nabeluleki abanozwela, abadala ngokuvamile bangabasiza abantu abahlushwa ukucindezeleka ngokwemizwelo

[Isithombe ekhasini 29]

Ngezinye izikhathi kuyafaneleka ukuthi umuntu ogulayo ngokwengqondo afune usizo lwemithi yokwelapha

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela