Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 6/1 kk. 4-7
  • Isizathu Sokuba Abanye Bashintshe Inkolo Yabo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizathu Sokuba Abanye Bashintshe Inkolo Yabo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhlobo Obunikeza Inkululeko Nethemba
  • Ukuthola Iqiniso Nabangane Beqiniso
  • Ukumomothekela Isihambi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Inkolo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • UbuBuddha—Ukufuna Ukukhanyiselwa Ngaphandle KukaNkulunkulu
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 6/1 kk. 4-7

Isizathu Sokuba Abanye Bashintshe Inkolo Yabo

NGOMUNTU ukuba athathe isinyathelo esikhulu kangaka njengokushintsha inkolo yakhe, ngokuqinisekile kumelwe abe nezizathu ezinhle. Izinzuzo kuyomelwe zidlule noma iziphi izinkinga.

Ingabe ubuyobheka ukwazi uMdali wakho nokwakha ubuhlobo naye njengesizathu esihle? Lokhu kuye kwaba njalo ngabaningi. Ukuze sakhe ubuhlobo nothile, kumelwe simazi kahle lowomuntu. Ngokwesibonelo, ingane encane ingase yesabe ukubamba isandla sesihambi kuze kube yilapho isisazi. Kunjalo nangathi, kumelwe simazi uNkulunkulu ngaphambi kokuba siqale ukumethemba. Kuyiqiniso, izinkolo eziningi zinomfanekiso oyinhloko eziwukhulekela njengoNkulunkulu. Kodwa akulona yini iqiniso futhi ukuthi ngabantu abaningi uNkulunkulu akaqondakali futhi ukude akanabuntu obuchazwa ngokucacile? Ngakho singamazi kanjani?

Lapho sibheka izinto ezisizungezile, siyamangala ngesikubonayo. Sibona ubuhle, ukuhlakanipha, namandla. Indabuko yakho konke lokhu idida abaningi, kodwa kukhona incwadi eyichaza ngokucacile. IBhayibheli. Emakhasini alo, sifunda ukuthi lezimangaliso zavela kuMdali onegama nobuntu. Njengoba sitadisha iBhayibheli ngokunakekela, ubuntu bukaNkulunkulu bucaca kakhulu kithi. Simbona njengoNkulunkulu wothando nokunakekela. “UNkulunkulu uluthando,” kusho iBhayibheli. (1 Johane 4:8) Sisondezwa kulomuntu omuhle kakhulu, onothando, ukuhlakanipha, ukwahlulela ngokulunga, namandla okulinganiselwe ngokuphelele. Lokho kuholela ebuhlotsheni obuseduze.

UMisae waba nokuhlangenwe nakho okunjalo kokudonselwa kuJehova. Wachaza: ‘Njengomntwana, ngafundiswa ukuthi kwakukhona onkulunkulu abaningi. Kwakukhona unkulunkulu wamanzi, unkulunkulu wezihlahla, nowendlu. Nakuba ngangingabaza ukuthi bakhona, ngangikukholelwa ukuthi kumelwe kube khona uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Ukukhuliswa kwami okuqinile kobuShinto nobuBuddha kwangibangela ukuba ngicabange ngoNkulunkulu njengowesabekayo, othile owayenikeza isijeziso ngezenzo ezimbi. Nakuba nganginesifiso sokuya esontweni futhi ngifunde ngoNkulunkulu wamaKristu, isizinda sami sobuBuddha sasingibamba. Khona-ke kwafika owesifazane endlini yami futhi wasikisela ukuba afunde nami iBhayibheli. Ngalesosifundo, ngathola ukuthi uNkulunkulu unegama, uJehova. Kwangihlaba umxhwele ukwazi ukuthi akayena uNkulunkulu osabekayo kodwa onothando, ohlala esibhekile, hhayi ukuze asijezise, kodwa ukuze asisize. Ngafuna ukumkhonza lowoNkulunkulu, khona-ke ngashintsha inkolo yami.’ Ubelokhu ejabulela ubuhlobo obanelisayo noNkulunkulu iminyaka engama-29.

Ubuhlobo Obunikeza Inkululeko Nethemba

Kunenye inzuzo eye yatholwa abaningi ngokwakha ubuhlobo noNkulunkulu. Njengoba obunye ubuhlobo buqala ukuba obungabalulekile ekuphileni kwabo, abaningi baye bazuza inkululeko ekwesabeni abantu okugqilazayo nemikhuba ecindezelayo engenangqondo nengabalulekile ngempela. Ngakho-ke, baye bakhululwa ezindlekweni ezinzima zokugcina ukuhlonipheka namasiko, ezigcina imikhaya eminingi inesikweleti esingapheli. “Ukwesaba abantu kubeka ugibe,” kuxwayisa iBhayibheli, linezela isiqinisekiso, “Owethemba uJehova uyalondeka.”—IzAga 29:25.

Enye inkululeko engazuzwa ukukhululeka ekwesabeni ukufa. UMisae ocashunwe ngenhla uthi: “Lapho ngineminyaka engama-22, ngangenwa isifo sezilonda emathunjini. Njengoba ngangilele ngiqulekile kancane, ngangizwa abangane namalunga omkhaya bekhuluma ngami njengokungathi babelindele ukuba ngife. Kodwa ngangikwesaba ukufa. Okuwukuphela kwengangicabanga ngakho kwakuwukuthi ngangifuna ukuphila, futhi ngenhlanhla ngaba ngcono. Ngokutadisha kwami iBhayibheli kwamuva, ngakhululeka kulokho kwesaba ukufa. Ngafunda ukuthi ukufa kumane nje kuwukungabi khona.” IBhayibheli lithi: “Abafileyo abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5, 10) Uma othile efa, kunethemba elimangalisayo lovuko ngoba uNkulunkulu ugcina abafile bephila enkumbulweni yakhe.—Johane 5:28, 29.

Abanye abaningi abatadisha iBhayibheli nabo ngokufanayo baye bathola ukuthi izinto abaye bazifunda ziye zenza ukuba ukuphila kwabo kube nenjongo yangempela nethemba. Lesi esinye sezizathu zokuba kulotshwe iBhayibheli, esiwukuthi, ukuze “sibe-nethemba.” (Roma 15:4) UbuBuddha abufundisi lutho ngoMdali noma uNkulunkulu. Kuthiwa ububi nokuhlupheka bekulokhu kukhona futhi kuyoqhubeka phakade ngochungechunge olungapheli lokuzalwa kabusha. Izinkolo eziningi zasemazweni aseNtshonalanga zifundisa ukuthi abalungile bayoya ezulwini, indawo yaphakade, kodwa ngokuthi yini abayoyenza khona, aziqiniseki kahle. Ngokuphambene nalamafilosofi enkolo anikeza ithemba elincane kakhulu noma injongo ekuphileni kwabo, iBhayibheli lifundisa ukuthi umuntu wenzelwa ukuba ajabulele ukuphila phakade emhlabeni njengomnakekeli wawo. (Genesise 2:15-17; Isaya 45:18) Ngakho-ke singaqaphela ukuthi ukuphila kumelwe kusetshenziswe hhayi nje ukuba kuqongelelwe izinto ezibonakalayo nokukhonza izithakazelo zomuntu siqu, kodwa ukuba kukhonzwe uNkulunkulu nabanye ngendlela engenabugovu.—UmShumayeli 12:13; Mathewu 22:37-39.

Ukuthola Iqiniso Nabangane Beqiniso

Abanye baphoqelelwa ukuba bashintshe inkolo yabo ngenxa yezinye izizathu. Phakathi kwazo isifiso sokufuna iqiniso lenkolo. Yebo, abantu abaningi banomuzwa wokuthi ayikho into okuthiwa iqiniso elimsulwa futhi, njengoba iBhayibheli lisho, ‘abakwenzi ukuhlola.’—IHubo 10:4, NW.

Kodwa bakhona abakwenzayo ukuhlola okunjalo. USakae, ohlala eJapane ephakathi, washintsha amahlelo amaningi obuBuddha iminyaka engama-25 ukuze athole iqiniso. Akazange neze eneliseke. Njengoba ayethola izikhundla eziphakeme enhlanganweni ngayinye, njalo wayebona izinto ezazimkhubekisa, njengokunxanela imali, ukuziphatha okubi, nokuxhaphaza. Waze waya ngisho naseNdiya ukuyohlola imisuka yobuBuddha ezindaweni ezingokomlando lapho uBuddha aphila futhi wafundisa khona. Wadumala kakhulu ngokuthola isithakazelo esincane kakhulu enkolweni yobuBuddha kulelozwe lamaHindu. Ngakho ezingxoxweni zakhe noFakazi BakaJehova, watshelwa ukuthi akuzona zonke izinkolo ezivela kuNkulunkulu kodwa zivela esitheni sakhe, uSathane uDeveli.—1 Korinte 10:20.

Lokhu kwamshaqisa uSakae, kodwa kwambangela ukuba acabange futhi ahlole. Wafunda incwadi ethi INkolo Isenzeleni Isintu?a nezinye izincwadi zeBhayibheli. Waqala ukubona ukuthi nakuba ubuBuddha, obenziwa eJapane bashintshashintsha eminyakeni eminingi, iBhayibheli liye lahlala lingashintshile izinkulungwane zeminyaka. Ekugcineni ukuhlola kwakhe kwaba nomvuzo. Wathola iqiniso ayelifuna. Injabulo yakhe yayifana neyendoda esemfanekisweni kaJesu eyathola ingcebo efihlwé ensimini: “Ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyonsimu.”—Mathewu 13:44.

Labo abaye bathola iqiniso lenkolo babonisa ‘isihawu’ kwabanye abalifunayo. (1 Petru 3:8) Eqinisweni, ukufudumala kwabo nothando lwabo loqobo okudonsela abaningi esifundweni seBhayibheli. UJesu wathi: “Bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Singawutholaphi umoya wothando onjalo namuhla? UKazuhiko Nagoya, ebhala ohlwini lwakhe lweDaily Yomiuri yaseTokyo, wakhuluma ngendlela efudumele aphathwa ngayo lapho evakashele indawo yomhlangano yoFakazi BakaJehova. UNagoya wathi: “Indlela ababemoyizela ngayo, kwakubonakala sengathi babeye bangibona emhlanganweni odlule futhi babejabulela ukuphinde bangibone.” Kodwa kwakungenjalo. “Ngabhekisisa ubuso babo futhi ngathola ukuthi ngangingabazi ngokuphelele.” Lapho abanye abantu ababili nabo bemoyizela, “Ngazizwa ngijabule kakhulu,” kukhumbula uNagoya. “Yileyondlela labobantu abamoyizelela ngayo isihambi, lapho besibona kunoma imuphi wemihlangano yabo.”

Ukufudumala nothando akuwona nje umphumela wokwazana kwabantu kahle ngenxa yokuthi behlangana njalo endaweni eyodwa. Kunalokho, lokhu kuwumphumela wesifundo seBhayibheli esiqhutshwa njalo nokusetshenziswa kwezimiso zalo ekuphileni kwabo. Abantu abaningi abamenyelwa ukuba babe khona eMihlanganweni Yesigodi YoFakazi BakaJehova ‘Yabagcina Ubuqotho’ yango-1985-86 emazweni angaphandle bathintwa ngokujulile uthando nempatho enhle abayiboniswa ababebavakashele. Omunye umbhangqwana osemusha waseJapane owaya emhlanganweni ePhilippines wathi: “Lapho sonke sihlanganyela engomeni yokuphetha, ngamunye ehlabelela ngolimi lwakhe siqu, sashukunyiswa ngokujulile. Kwakungokokuqala ngqá ukuba sizwe lokho okushiwo ukuba ngowobuzalwane bangempela bezizwe zonke.”

Ekugcineni, abaningi bayokutshela ngezinguquko ezinkulu abaye bazenza ekuphileni kwabo ngenxa yokutadisha iBhayibheli nokulisebenzisa. Abantu ababenobuntu obuhlukile kuqala njengoba nezimvu zihlukile ezimpisini, manje baphilisana ngokuthula ebandleni lobuKristu. (Isaya 11:6) Abanye babeneconsi futhi bengenabungane, beyizififane futhi besabeka. Abanye babehlushwa ukucindezeleka. Nabanye babengonkom’ idla yodwa futhi benobugovu. Abaningi kwakumelwe banqobe imikhuba emibi. Kodwa ngomzamo wenkuthalo, kanye nesifiso sokuthokozisa uNkulunkulu, bakwazi ukwenza ushintsho oluphuthumayo.

Kuthiwani ngawe? Ingabe esinye sezizathu ezingenhla zokwenza ushintsho siyakukhanga? Uma kunjalo, sikukhuthaza ukuba utadishe iBhayibheli ngokungathi sína. IBhayibheli libonisa ukuthi zonke izinkolo zamanga zisenkambweni yokushayisana noNkulunkulu weBhayibheli. Njengomshayeli wezindiza okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulelayo, kungase kudingeke ukuba uthathe isinyathelo esiphuthumayo ukuze usindise ukuphila kwakho nokuphila kwabathandekayo bakho. UJesu wathi: “Isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni.” (Mathewu 7:13, 14) Yebo, uma uhamba kuleyondlela ‘ebanzi futhi enkulu,’ kunesizathu esihle sokuba ushintshe inkolo yakho!

[Umbhalo waphansi]

a Yakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society yaseNew York, Inc.

[Isithombe ekhasini 5]

Ukukhuliswa kwami okuqinile ngendlela yobuBuddha nobuShinto kwangibangela ukuba ngicabange ngoNkulunkulu njengomuntu owesabekayo

[Isithombe ekhasini 7]

‘Incane futhi iyingcingo indlela eyisa ekuphileni’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela