Ingabe Kumelwe Ngishintshe Inkolo Yami?
UMSHAYELI wezindiza wayesanda kusuka eSikhumulweni Sezindiza iNaha eOkinawa enabagibeli abayi-101 endizeni. Ngokushesha wabona izindiza ezintathu zokuhlola isimo sezulu ziqonde kuye zizoshayisana neyakhe. Ethatha isinyathelo ngokushesha, umshayeli waceza kakhulu ngakwesobunxele, ngaleyondlela egwema ukushayisana kwasemoyeni, esindisa ukuphila kwakhe nokwabagibeli bakhe. Lokhu kulandisa kokusinda ngokulambisa, njengoba kwabikwa ephephandabeni lasenyakatho Japane, kubonisa kahle ukuthi ukuze kusindiswe ukuphila ngezinye izikhathi kudingeka ushintsho oluphuthumayo enkambweni.
Nokho, abantu abaningi banomuzwa wokuthi ukushintsha inkolo yakho kungenye indaba. Ukwesaba okukhulu kuyaqala. Kwesatshwa ukuqalisa indlela engajwayelekile. UNkk. Tachi, owatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wakhuluma ngalendlela: “Abantu abaningi engibaziyo banokungabaza ngenkolo nokugcizelela kwayo emalini. Kodwa konke esiye sakwazi futhi sakubona kusukela ebusheni yimikhosi nemikhuba yenkolo. Asicabangi kakhulu ngencazelo engokomoya yehoji [inkonzo yesikhumbuzo samaBuddha eyenzelwa umuntu ofile ngezikhathi ezithile]. Sicabanga kakhulu ngehoji njengesikhathi esijabulisayo sokuba nezihlobo nomakhelwane. Umcabango wokukushiya konke lokho, noma okubi kakhulu, wokuyekwa kwayo umkhaya wakithi wawungethusa.” Abantu endaweni yakini ngokunokwenzeka banalomuzwa ofanayo ngenkolo.
Kukhona okunye ukwesaba futhi. Ezindaweni eziningi, abantu besaba uhlobo oluthile lwesijeziso esingokwaphezulu uma beshintsha inkolo yabo. Omunye owesifazane owaqala ukutadisha iBhayibheli eJapane watshelwa yizihlobo zakhe ukuthi wayenezinkinga zempilo nezomkhaya ngenxa yokuthi ‘wayelahle okhokho bakhe’ futhi wazehlisela intukuthelo yabo ngokutadisha “inkolo engaziwa ekhaya.”
Okunye ukwesaba okubamba abantu ekushintsheni inkolo yabo ukwesaba ukwenyelisa umlingane noma abazali. Emazweni amaningi aseMpumalanga, lapho ukwethembeka kubazali nasemkhayeni kubhekwa njengokubaluleke ngokukhethekile, ngokuvamile kulindelwa ukuthi inkosikazi esanda kushada isekele umbono wenkolo wasemzini. Ngisho noma umbhangqwana ungakholwa wona ngokwawo, ukulondoloza ubuhlobo obuhle nomkhaya nokugcina ukuma kwenkolo kwangalesosikhathi kubhekwa njengokubaluleke kakhulu. Omunye umbhangqwana osemusha wanqamula isifundo sawo seBhayibheli ngemva kokuba ucindezelwe kakhulu “emhlanganweni womndeni.” “Ngokuyisisekelo, sasesaba abantu,” kuchaza indoda, eyabuye yaqhubeka nesifundo. “Sasinomuzwa wokuthi kumelwe silalele izifiso zabazali bethu, futhi sasingafuni ukubazwisa ubuhlungu ngokushintsha inkolo yethu.”
Lokhu kusikhumbuza esinye isizathu esenza abantu abaningi besabe ukushintsha inkolo yabo: Ukubhekwa njengohlukile okungathandeki endaweni yonke. Emkhayeni okukhulunywe ngawo ngenhla, esinye sezizathu ezanikezwa abazali zokuba umbhangqwana osemusha uyeke isifundo sawo seBhayibheli sasiwukuthi babengafuni ukuba abantwana babo babhekwe njengabahlukile noma badingiswe emisebenzini yomphakathi.
Ngakho-ke, ukwesaba okukhulu, kuhilelekile embuzweni othi, Ingabe kumelwe ngishintshe inkolo yami? Ngenxa yalokho, abaningi baba nombono ongokwefilosofi wokuthi: Akunandaba ngempela ukuthi umuntu ukuyiphi inkolo, akunjalo? Ingabe zonke izinkolo azizona nje izindlela ezihlukene eziya esiqongweni sentaba eyodwa? Njengezinkawu ezintathu zesinye isaga, abakuboni okubi, abakuzwa okubi, abakhulumi okubi, lapho kuziwa enkolweni.
Kodwa abanye bayishintshile inkolo yabo. Ngani? Ngabaningi balaba, kwakumane nje kuyindaba yokuhlanganyela nenye inkolo eyayethembisa impilo esheshayo noma izinzuzo ezingokwezimali, kuyilapho ngesikhathi esifanayo begcina imiqondo nemikhuba yenkolo yabo engokwesiko. Kodwa ngabanye, kuye kwaba noshintsho lwangempela futhi oluphelele. Nokho, kungenzeka ukuthi uyazibuza, ‘Ingabe zikhona ngempela izizathu zokuba ngishintshe inkolo yami? Kungani abanye beye bazimisela ukushintsha? Ingabe ushintsho lungaba nomphumela ongokoqobo ekuphileni kwami?’ Sikumema ukuba uhlole isihloko esilandelayo ukuze uthole izimpendulo.
[Isithombe ekhasini 3]
Yini eshukumisela abantu ukuba banamathele emikhubeni yenkolo yabo engokwesiko?