Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 6/1 kk. 8-9
  • Ukuphulukisa Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphulukisa Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphulukisa Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Ulapha Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • AbaFarisi Bakhuluma Nendoda Eyazalwa Iyimpumputhe
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukungakholwa KwabaFarisi Kwenkani
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 6/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukuphulukisa Indoda Eyazalwa Iyimpumputhe

LAPHO amaJuda ezama ukukhanda uJesu ngamatshe ethempelini, uyacasha futhi uyabaleka. Kodwa akahambi eJerusalema. Kamuva, ngeSabatha, yena nabafundi bakhe bahamba emzini lapho bebona indoda eyabe iyimpumputhe kusukela kwasekuzalweni. Abafundi babuza uJesu: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”

Mhlawumbe abafundi banenkolelo efana neyabafundisi bobuJuda, ukuthi umuntu angona esesibelethweni sikanina engakazalwa. Kodwa uJesu uyaphendula: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.” Ubumpumputhe balendoda abuwona umphumela wephutha elithile noma isono esenziwa yilendoda noma abazali bayo. Isono somuntu wokuqala uAdamu saphumela ekungaphelelini kwabo bonke abantu, futhi kanjalo baba ngaphansi kwezici ezifana nokuzalwa uyimpumputhe. Lesisici kulendoda manje sinikeza uJesu ithuba lokuba abonakalise imisebenzi kaNkulunkulu.

UJesu ugcizelela ukuphuthuma kokwenza lemisebenzi. Uthi: “Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze-muntu. Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.” Ngokushesha ukufa kukaJesu kuzomehlisela ebumnyameni bethuna lapho engeke esenza noma yini khona. Okwamanje, uwumthombo wokukhanyiselwa kwezwe.

Ngemva kokusho lezizinto, uJesu ukhafulela amathe emhlabathini futhi ngalamathe wenza udaka oluncane. Ubeka loludaka emehlweni alendoda eyimpumputhe, futhi uthi: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama.” Lendoda iyalalela. Futhi lapho igeza, ukubona kwayo kuyabuyiselwa! Yeka ukuthi ijabula kanjani ekubuyeni kwayo, ibona ngokokuqala ngqá ekuphileni kwayo!

Omakhelwane nabanye abayaziyo bayamangala. Bayabuza: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?” Abanye bayaphendula: “Nguyena.” Kodwa abanye bayahluleka ukukukholelwa lokhu, bathi: “Qha, kepha ufana naye.” Nokho lendoda ithi: “Nginguye.”

“Pho, amehlo akho avulwé kanjani na?” abantu bafuna ukwazi.

“Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: Yana eSilowama, ugeze. Ngaya, ngageza, ngabona.”

“Uphi yena na?” bayabuza.

“Angazi,” iyaphendula.

Abantu manje bayisa lendoda eyake yaba impumputhe kubaholi babo benkolo, abaFarisi. Laba nabo futhi baqala ukuyibuza ukuthi ikwaze kanjani ukubona. Lendoda iyachaza: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”

Ngokuqinisekile abaFarisi kufanele bajabule nalesinxibi esiphulukisiwe! Kodwa kunalokho basola uJesu. Bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu.” Kungani besho lokhu? “Lokhu engagcini isabatha.” Kodwa abanye abaFarisi bayabuza: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Ngakho kunokwahlukana phakathi kwabo.

Ngakho bayayibuza lendoda: “Wena uthini ngaye, lokhu evulé amehlo akho, na?”

“Ungumprofethi,” iyaphendula.

AbaFarisi bayenqaba ukukukholelwa lokhu. Bakholelwa ukuthi kufanele ukuba kunokuvumelana okuthile kwangasese phakathi kukaJesu nalendoda ukuze kukhohliswe abantu. Ngakho, ukuze kuxazululwe lendaba, babiza abazali balesinxibi ukuze bababuze. Johane 8:59; 9:1-18.

◆ Yini eyabangela ubumpumputhe balendoda futhi yini eyayingeyona imbangela?

◆ Yibuphi ubusuku okungesebenze-muntu ngabo?

◆ Lapho lendoda isiphulukisiwe, kuyini ukusabela kwalabo abayaziyo?

◆ AbaFarisi babehlukene kanjani ngokuphathelene nokuphulukiswa kwalendoda?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela