Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 4/15 kk. 3-4
  • Lapho Izingane Ziba Nabantwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Izingane Ziba Nabantwana
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Amakhambi
  • Ukukhulelwa Kwentsha Esencane—Inhlekelele Yembulunga Yonke
    I-Phaphama!—2004
  • Ukukhipha Isisu​—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga
    I-Phaphama!—2009
  • Ukukhipha Isisu—Ingabe Kuyikhambi?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukukhulelwa Kwentsha—Yini Intombazane Okumelwe Iyenze?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 4/15 kk. 3-4

Lapho Izingane Ziba Nabantwana

“WAYEBUKEKA njengokuthile okunobuhle obungavamile,” ngokudabuka kukhumbula owesifazane osemusha esizombiza ngokuthi uSharon. “Wayevame ukungitshela njalo ukuthi uyangithanda nokuthi uma intombi yakhe ingake ikhulelwe ngeke neze ayishiye.”

Ngolunye usuku uSharon wavakashela udokotela wakhe ukuze ahlole lokho ayecabanga ukuthi kwakuyi-appendicitis; kwatholakala ukuthi kwase kuyizinyanga ezintathu ekhulelwe. “Ngashayela isoka lami ucingo ngokushesha,” kukhumbula uSharon. Lasabela kanjani? “Kumelwe usikhiphe!” Ubuhle obungavamile baphenduka into esabisayo.

EUnited States kuphela, cishe amantombazane eve eshumini nambili ayisigidi ayakhulelwa unyaka ngamunye. IUnited States inomehluko ongatshazwayo wokuba nezinga lokukhulelwa kwabeve eshumini nambili eliphakeme kakhulu phakathi kwezindawo zemisebenzi—iwukuphela kwezwe lapho isibalo siye sakhula khona eminyakeni yamuva. Nokho, ukuhlolwa kwamazwe angama-37 okwenziwa yiThe Alan Guttmacher Institute kuveza ukuthi ukukhulelwa kwentsha engashadile kuyinkinga yomhlaba wonke.

Abacwaningi uBlack noDeBlassie ephephabhukwini iAdolescence babhala: “Amantombazane asafunda isikole akhulelwayo avela kuzo zonke izizinda zezenhlalo nezomnotho futhi kokubili ezikoleni zikawonkewonke nezingaphethwe uhulumeni. Kuthinta zonke izinhlanga, zonke izinkolo, nazo zonke izingxenye zezwe, emaphandleni nasemadolobheni.” Ukuthi siyini isizathu senani eliphakeme lokuzala phakathi kwamantombazane avela emikhayeni empofu noma ephansi, iJournal of Marriage and the Family ithi: “Amantombazane abamhlophe nasezingeni E[liphakeme] L[ezenhlalo] N[ezomnotho] ngokuvamile akhipha izisu.”

EUnited States, abesifazane abaneminyaka engaphansi kwama-20 ubudala bakhipha ingxenye yesithathu yazo zonke izisu ezikhishwa ngokusemthethweni. Uma umqondo wokuziphatha okuhle siwubekela eceleni, isinqumo sokukhipha isisu ngokuvamile kunzima ukuphila ngaso. “Ngikholwe,” kukhumbula omunye wesifazane owakhipha isisu lapho nje eve eshumini elinambili, “kuzwisa ubuhlungu ukwazi ukuthi ngaba unobangela wokubulala, ukubulala isisulu esingasoze sayazi indlela engizisola ngayo.”

Ukufuna Amakhambi

Isihlamba emphakathini, imishado entengantengayo, ubumpofu—lena yimiphumela evamile yokukhulelwa kwabeve eshumini elinambili. Ngakho, akumangalisi ukuthi ukunakekela kwabafundisi, odokotela, abezombangazwe, nabazali kuye kwagxiliswa kulendaba. Abanye bafuna uhlelo lwemfundo yobulili, bafuna ngisho nokuthi izinto zokuvimbela inzalo nosizo lokukhipha izisu kwenziwe kutholakale kalula entsheni.

Nokho, enye intsha inezidingo ezingokomzwelo imfundo yobulili engeke yazanelisa. Ngokwesibonelo, amanye amantombazane aye akufuna ngempela ukukhulelwa! Njengoba enye intombazane ikubeka: “Ngazama ukungena enkathazweni ukuze ngithole ukunakekela kwabazali bami. Ngacabanga ukuthi lokhu [umntwana] kwakuzoba okuthile okwakungaba okwami—akukho muntu owayengakuthatha futhi ngangizoba nengxenye yami encane esele eyayizonginika isizathu sokuphila.”

Ngaphezu kwalokho, izinhlelo zemfundo yobulili aziyinikezi intsha ukuqondisa kokuziphatha okuhle. Izindawo ezinjengeSweden neNetherlands, lapho izinhlelo ezinjalo zivame khona, zingase zibe nokukhulelwa kwabeve eshumini elinambili okumbalwa kodwa ukuziphatha okuxekethile kusakazekile. Ngaphandle kokukhulelwa ingabe kungaba ukuthi ukuziphatha okuxekethile kuletha imiphumela elimazayo ngokomzwelo, ngokokuziphatha okuhle, nangokomoya? Uma kunjalo, ingabe sikhona isizathu esinamandla sokukhuthaza, ukungavinjelwa kwenzalo, kodwa ubumsulwa? Ekuphenduleni, ake sibheke lokho incwadi endala kunazo zonke—iBhayibheli—ekushoyo ngalendaba.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

“Amantombazane aseminyakeni yokufunda isikole akhulelwayo avela kuzo zonke izizinda zezenhlalo nezomnotho futhi kokubili ezikoleni zikawonke wonke nezingaphethwe uhulumeni. Kuthinta zonke izinhlanga, zonke izinkolo, nazo zonke izingxenye zezwe, emaphandleni nasemadolobheni.”—Iphephabhuku iAdolescence.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela