Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 4/1 k. 32
  • Kungani Bekuphuthela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Bekuphuthela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 4/1 k. 32

Kungani Bekuphuthela?

Ngesikhathi efole emgqeni ebhange laseDolobheni laseNew York ngehlobo elidlule, owesifazane oneminyaka ephakathi kwengama-40 nengama-60 waphawula ukuthi indoda ephambi kwakhe yayifunda umagazini iThe Watchtower. Wayefisa ukufunda isihloko esikuwo esiphathelene nomthandazo, ngakho-ke waphawula usuku lokukhishwa kukamagazini.

Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, oFakazi BakaJehova bangena endlini yakhe, futhi wababuza: “Ninabo yini omagazini bakaJuly beThe Watchtower?” Ngemva kokuzwa ukuthi kungani ayenesithakazelo kumagazini othile, omunye woFakazi waphawula: “Indlela engcono kakhulu yokungaphuthelwa noma ibaphi omagazini abathakazelisayo iwukwenza isikhokhelo.”

“Bengingazi ukuthi ngingakwenza!” kwasho owesifazane. Lapho etshelwa ukuthi isikhokhelo sonyaka sasingu-$5 (R9) waphendula: “Ingabe uqinisile? U-[R9] kuphela unyaka wonke?” Lapho eqinisekiswa ukuthi kwakunjalo, akazange afune iThe Watchtower kuphela kodwa nomagazini ongumngane wayo iAwake! Waphinde wabuza: “Ingabe uqinisile ukuthi ngingabathola bobabili labomagazini ngo-[R18] kuphela?”

Owesifazane wajabulela ukuba uFakazi amenzele isikhokhelo. Nawe futhi ungathunyelwa omagazini iNqabayokulinda nePhaphama! ekhaya lakho. Thumela u-R13,50 kuphela, uzobathola bobabili labomagazini (amakhophi amathathu ngenyanga) unyaka owodwa.

Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka seNqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R13,50.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela