Ukukhipha Isisu—Akulona Ikhambi Elingenazinkinga
UBILL wakhula enenkolelo yokuthi ukukhipha isisu kuyisono esibi esifana nokubulala. Kodwa umbono wakhe oqinile washintsha ngo-1975 lapho sekunguye obhekene nale nkinga. Intombi yakhe uVictoria yakhulelwa kanti uBill wayengazimisele ukubhekana nesibopho somshado nesokuba umzali. Wavuma: “Ngasheshe ngakhetha ikhambi elilula, ngatshela uVictoria ukuthi kufanele asikhiphe isisu.”
Lokho uBill akubiza ngokuthi “ikhambi elilula” ekukhulelweni okungahleliwe nokungafunwa, akuyona into engajwayelekile. Ucwaningo olwenziwa ngo-2007 emhlabeni wonke lwaveza ukuthi cishe izigidi ezingu-42 emhlabeni kabanzi zakhipha izisu ngokujovwa ngoketshezi olubangela imihelo ngo-2003. Abesifazane abakhipha izisu bavela kuzo zonke izinhlanga nezizwe, ezizindeni zezinkolo ezihlukahlukene nakuwo wonke amazinga okuphila, emfundo nobudala, kusukela kwabasanda kweva eshumini nambili kuya kwabadala. Uma ubungakhulelwa ngephutha, yini obungayenza? Kungani abaningi kangaka bekhetha ukusikhipha isisu?
‘Ayikho Enye Into Engangingayenza’
Owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala uyachaza: “Ngangisanda kubhekana nokukhulelwa kanye nokubeletha okusabekayo, kanti nganginezinkinga ezinkulu ngokwezimali nasekhaya. Kwathi ngemva kwamasonto ayisithupha ngibelethile, ngaphinde ngakhulelwa. Sanquma ukuba ngisikhiphe isisu. Enhliziyweni yami ngangazi ukuthi lokhu akulungile, kodwa ayikho enye into engangingayenza.”
Abesifazane bafuna ukukhipha izisu ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. Kusukela ezinkingeni zokuntuleka kwemali kuya ebuhlotsheni obungaphumelelanga, mhlawumbe umuntu ayehlukunyezwa kubo, obubangela ukuba angafuni ukuba nesinye isibopho nalowo muntu. Noma kungaba ukuthi ukukhulelwa kuphazamisa izinhlelo zalona wesifazane noma zalo mbhangqwana.
Ngezinye izikhathi, ukukhipha isisu kwenzelwa ukuvikela idumela lomkhaya. Yilokho okwenzeka endabeni eyashiwo uDkt. Susan Wicklund encwadini yakhe ethi This Common Secret—My Journey as an Abortion Doctor. Omunye wabantu abeza kuye befuna ukukhipha isisu wavuma: “Abazali bami bayishisekela kabi inkolo. . . . Uma ngithola umntwana ngingashadile, lokho kuyoba isihlamba kubo. Kuyotshela bonke abangane babo ukuthi indodakazi yabo yonile.”
UDkt. Wicklund wabe esebuza: “Kulungile-ke, wonile kubo, kodwa bazizwa kanjani ngokukhipha isisu?” Le ntombazane yathi: “Ukukhipha isisu? Kuyinto engathetheleleki nakancane. Kodwa kungcono ngoba kuzoba yimfihlo. Uma ngikhipha isisu, abangane [babazali bami] esontweni ngeke bazi.”
Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, ezikhathini eziningi isinqumo sokunqamula ukukhulelwa ngamabomu asilula. Ngokuvamile siba buhlungu kakhulu. Kodwa ingabe ukukhipha isisu kuyikhambi elingenazinkinga?
Cabanga Ngemiphumela
Ucwaningo lwango-2004 olwenziwa kwabesifazane abangu-331 baseRussia nabaseMelika abangu-217 abakhipha izisu lwembula ukuthi inani eliyingxenye kuwo womabili amaqembu lazizwa kabi kakhulu ngemva kokukhipha izisu. AbaseRussia cishe abangamaphesenti angu-50 nabaseMelika abacishe babe ngamaphesenti angu-80 bazizwa “benecala” ngalesi senzo. Abesifazane baseMelika abangaphezu kwamaphesenti angu-60 ‘babengakwazi ukuzithethelela.’ Njengoba umuzwa wecala uyinto evame kangaka ngisho naphakathi kwalabo abangazibheki njengamakholwa, kungani besebaningi kangaka abesifazane abasebasha abakhipha izisu?
Ngokuvamile kungenxa yokucindezelwa okukhulu. Abazali, amasoka, noma abangane abanezisusa ezinhle bangase babheke ukukhipha isisu njengesono esingconywana. Lokhu kungaholela esinqumweni esenziwa ngokuxhamazela. UDkt. Priscilla Coleman onguchwepheshe wezifo zengqondo ezingase zibangelwe ukukhipha isisu, uyachaza: “Kodwa, ngemva kokucindezelwa yisinqumo asenzile nalesi senzo sesidlulile, indlela yokucabanga yowesifazane ibuyela kwejwayelekile, ngokuvamile afikelwe imizwa yecala, ukudabuka nokuzisola.”
Ngokuvamile lokhu kuzisola kugxile embuzweni othi: Ingabe ukukhipha isisu kwanqamula ukuphila okwase kukhona? Umbiko owakhishwa yi-South Dakota Task Force to Study Abortion waveza ukuthi abesifazane abaningi ababecabanga ukukhipha izisu “bakhohliswa benziwa bacabanga ukuthi kwakuzokhishwa nje ‘ihlule,’ kodwa bathi babengeke basikhiphe isisu ukuba babetshelwe iqiniso.”
Ngemva kokuhlaziywa “kobufakazi obumangalisayo nobudabukisayo” babesifazane abangu-1 940 ababekhiphe izisu, lolu cwaningo lwaphetha ngokuthi: “Abaningi kulaba besifazane babethukutheliswe usizi ngenxa yokushonelwa umntwana ababetshelwe ukuthi akekho.” Lwabuye lwathi “ukulimala ngokwengqondo ngenxa yokwazi ukuthi umuntu ubulale umntanakhe kwakukhungathekisa kakhulu.”
Kodwa liyini iqiniso? Ingabe ukukhipha isisu kumane nje kuwukukhipha ihlule emzimbeni wowesifazane okhulelwe? Ingabe umntwana ongakazalwa ungumuntu ophilayo ngempela lapho esesesibelethweni?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 4]
UMEHLUKO PHAKATHI KOKUBELETHA NOKUKHIPHA ISISU
Ucwaningo lwango-2006 lwabukeza umlando wokuphila kwabesifazane abaningi abakhulelwa besebancane. Ingxenye yabo yabeletha, kanti enye ingxenye yayikhiphe isisu. Lolu cwaningo lwaphetha ngokuthi “ukubeletha kwakuhambisana nezinga eliphansi lokudinga ukwelulekwa, izinkinga ezincane zokulala namathuba aphansi okubhema insangu uma kuqhathaniswa nokukhipha isisu.”—I-Journal of Youth and Adolescence.
Omunye umbiko waveza “imiphumela yocwaningo olukhulu olwenziwa izikhathi ezine emhlabeni.” Lolu cwaningo lwembulani? “Abesifazane abanomlando owaziwayo wokukhipha izisu babhekana nezinga eliphakeme lezinkinga ezingokwengqondo ezihlukahlukene uma beqhathaniswa nabesifazane abangenawo lowo mlando.”—I-Report of the South Dakota Task Force to Study Abortion—2005.