Usizo Ekwenzeni Izinqumo Ezinengqondo
UALICE wenza isinqumo esingenangqondo esagcina ngokuba wusizi. Uyavuma, “Ngazihlukanisa noJehova nenhlangano yakhe.” Nakuba ekugcineni abuya, kwamthatha iminyaka engaphezu kweyi-13 ukwenza kanjalo—“iminyaka yosizi” njengoba eyibiza kanjalo.
UmKristu akumelwe ayithathe kancane ingozi yokwenza izinqumo ezingenangqondo ngokuqondene nenkonzo yakhe kuNkulunkulu. Akukhona ukuthi izinqumo ezingaqondile zenziwa ngamabomu ngemva kokucabangela amaqiniso afanelekile. Ngezinye izikhathi zenziwa ngokuqhutshwa imizwelo. Lapho imizwelo iphumeIela ukulawula indaba nenhliziyo engaphelele ithonya ngokungafanele ikhono lokucabanga, kungaphumela kulo lonke uhlobo lokulimala nosizi.
Ngempela, “inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke.” (Jeremiya 17:9) Nokho, iBhayibheli lisitshela indlela esingazivikela ngayo. Lithi, “Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kubemnandi emphefumulweni wakho.” (IzAga 2:10, 11) Kodwa ukuhlakanipha sikungenisa kanjani ezinhliziyweni zethu?
Funda Kokwenzeka Endulo
Ake uzame lokhu. Zibeke esimweni sezinceku zikaNkulunkulu zesikhathi esidlule ezabhekana nezimo ezivivinyayo ezifana nezakho. Ngokwesibonelo, ake sithi isimo esisebandleni lakini lobuKristu sikubangela ukuba ukhathazeke. Zama ukucabanga ngesimo esifanayo esithintwe eBhayibhelini.
Kuthiwani ngebandla lobuKristu lekhulu lokuqala laseKorinte? Ake uthathe sengathi uyilungu lebandla laseKorinte. Useneminyaka emibili noma emithathu ungumKristu. Yeka injabulo okwaba yiyo ukufinyelela ulwazi lweqiniso phakathi nokuhlala kukaPawulu lapho izinyanga eziyi-18! Kodwa manje, izinto sezizimbi.
Umkhuba wokwenza amaqembu ahlukahlukene ubangela ukwahlukana ebandleni, usongela ubunye balo. (1 Korinte 1:10, 11) Ukubekezelelwa kokuziphatha okubi kufaka engozini umoya walo. (1 Korinte 5:1-5) Ukwembula obala ukwahlukana phakathi kwamalungu ebandla phambi kwezinkantolo zomthetho zezwe kulimaza idumela lalo elihle.—1 Korinte 6:1-8.
Njengoba usazibona useKorinte lasendulo, ukhathazekile ngokuthi amanye amalungu ebandla ahlala ephikisana ngezinto eziwubala nje. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 8:1-13) Uyakudabukisa umbango, umona, intukuthelo, nokungahleleki okubonayo. (2 Korinte 12:20) Yebo, bayakukhathaza abambalwa abaqhoshayo abenza ukuphila kobuKristu kube nzima kakhulu. (1 Korinte 4:6-8) Uzwa ubuhlungu ngokuzwa ukuthi abanye bangabaza ngisho nesikhundla negunya likamphostoli uPawulu, bemmangalela ngokungafanele, futhi bemhleka usulu ngokungabi kwakhe yiqaphuqaphu ekukhulumeni. (2 Korinte 10:10; 12:16) Uyakhathazeka ngokuthi hleze labo abakhuthaza obala imibono yomuntu siqu bangase balulaze ukholo lwebandla emfundisweni eyisisekelo.—1 Korinte 15:12.
Uma Ubhekene Nesinqumo
Uyabubula, ‘Lokhu akumelwe kube nje’. ‘Kungani abadala bengazilungisi izindaba? Kunokuthile okonakele.’
Ingabe uzolishiya ibandla laseKorinte, uphetha ngokuthi kuzoba ngcono ukukhonza uNkulunkulu kwenye indawo? Noma ingabe mhlawumbe uzonquma ngisho nokuthi kungcono kakhulu ukuyeka ngokuphelele ukuhlangana namanye amaKristu okanye nawo? Ingabe uzovumela lezinkinga zinciphise injabulo yakho nokuqiniseka kwakho ngokuthi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bengamele konke? Ingabe uzothuthukisa umoya wokugxeka, wokukhononda, okubangela ukuba ungabaze izisusa zamaKristu okanye nawo? Ingabe uyoba madolo-nzima emsebenzini woku shumayela, unomuzwa wokuthi akusizi ngalutho ukuqondisa abantu abathakazelayo ebandleni elinjalo?
Ukubheka lesimiso ngokunakekela ngokomqondo wanamuhla, ungase ukuthole kulula ukusho ukuthi isinqumo sakho sasizoba ukuhlala ngokwethembeka eduze nebandla likaNkulunkulu, naphezu kokungapheleli kwalo. Kodwa uma ubhekene nesimo esifanayo namuhla, ingabe uyokwazi ukulondoloza ingqondo ehluzekile nenhliziyo ezothile? Ingabe namuhla unganquma ngendlela ocabanga ukuthi wawunganquma ngayo ukuba wawuphila ngalesosikhathi?
Ukuzuza Eselulekweni Sokuhlakanipha
AmaKristu aseKorinte enza isinqumo esinengqondo yilawo ahlala eseduze nebandla. Azizwa ngendlela uPetru azizwa ngayo eminyakeni eminingi edlule. Lapho abanye babafundi beshiya uJesu, uPetru wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe; siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.” (Johane 6:68, 69) Ngokusobala, singazuza eselulekweni senhlangano kaNkulunkulu kuphela ngokuhlala siseduze nayo.
Emabandleni amasha, njengelaseKorinte lasendulo, akukhona okungajwayelekile ukuba ukungapheleli kobuntu kubangele inkinga engase idinge ukuba kunikezwe iseluleko esinamandla. Kodwa ekunikezeni iseluleko kumaKristu aseKorinte, uPawulu wakhumbula ukuthi iningi labo lalisalokhu ‘lingabathandwa.’ (1 Korinte 10:14; 2 Korinte 7:1; 12:19) Akazange akhohlwe ukuthi uJehova ubonisa umusa ongasifanele nentethelelo kulabo abasabelayo esiqondisweni saKhe.—IHubo 130:3, 4.
Yebo, njengoba ibandla lobuKristu likhanga zonke izinhlobo zabantu, abanye kubathatha isikhathi eside ukusabela kulesiqondiso kunokuba kunjalo ngabanye. Lokhu kunjalo ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. Kunzima kakhulu ukwenza ezinye izinguquko kunezinye. Futhi, bonke abantu bahlukene ngendlela abakhiwe ngayo ngokomzimba nangokwengqondo, ngokwendawo ezungezile, ngokwesizinda, nangokwezimo. Khona-ke yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukugwema ukuba ngogxeka ngokweqile nokukhumbula ukuthi “uthando lusibekela inqwaba yezono”! (1 Petru 4:8) Kakade, uma uJehova neNdodana yakhe bezimisele ukubekezelela ukungapheleli kobuntu nokungavuthwa ebandleni labo, ingabe thina akumelwe sibonise umoya ofanayo?—1 Korinte 13:4-8; Efesu 4:1, 2.
Ukuba wawusebandleni laseKorinte lasendulo, ukulalela iseluleko sikaPawulu sothando kodwa esiqinile kwakuyokukhumbuza ukuthi uKristu, njengenhloko yebandla lobuKristu, unesithakazelo esijulile enhlalakahleni yalo. (Mathewu 28:20) Kwakuyokwakha ukholo lwakho esithembisweni sikaJesu sokugcina abalandeli bakhe benobunye njengoba besabela osizweni olulungiselelwa “yinceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47; Efesu 4:11-16) Yebo, futhi amazwi kaPawulu ayeyokusiza ukuba ulondoloze injabulo nokuqina ngisho nangaphansi kwezimo ezivivinyayo. Wawuyoqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayeyokunikeza amandla okumelana nabo bonke ubunzima ayengase abuvumele okwesikhashana ukuba bube khona.
Lokhu akusho ukuthi umKristu kumelwe angenzi lutho uma kuphakama isimo esibi ebandleni. Emuva eKorinte, amadoda avuthiwe njengoStefana, uFortunatu, uAkhayiku, nabanye bendlu kaKlowe, benza okuthile. Ngokusobala bamtshela uPawulu ngesimo. (1 Korinte 1:11; 5:1; 16:17) Kodwa lapho sebekwenzile lokho, bashiyela ngethemba izindaba ezandleni zakhe. Ukushisekela ukulunga akubenzanga balahlekelwa ukuthembela ebunhlokweni bukaKristu noma babe ‘nokuthukuthelela uJehova.’—IzAga 19:3.
Ukushisekela kwethu ukulunga namuhla kuyosivimbela ngisho nasekucabangeni nje kokuba madolo-nzima esabelweni sethu esisinikezwe uNkulunkulu sokushumayela izindaba ezinhle. Ukwenza kanjalo kuyobonisa ukuntula isithakazelo ngenhlala-kahle yabanye, futhi kuyoba ukwehluleka ukwenza lokho uKristu afuna sikwenze. UPawulu weluleka, “Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani-ngabagxilile, abangaxegiyo, abavamé njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.”—1 Korinte 15:58.
Ungabi Ngongawazi Amacebo KaSathane
Izinkinga zebandla ezinjengalezo ezaba khona eKorinte ngezinye izikhathi kungaba nzima kakhulu ukuzisingatha kunoshushiso oluqondile. USathane uveza izimo ezinjalo ngomzamo wokusibangela ukuba senze izinqumo ezingaqondile eziyosidedisela kude noJehova. Kodwa ‘asisibo abangawazi amacebo kaSathane.’—2 Korinte 2:11.
UPawulu watshela amaKristu aseKorinte ukuthi ayeyozuza ngokuhlola umbhalo ogciniwe wezinceku zikaNkulunkulu zasendulo. Wathi ngamaIsrayeli, “Kepha lezozinto zabehlela bona kube-yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi.” (1 Korinte 10:11) Ngokufanayo, nathi namuhla singazuza ngokuhlola ngokunakekela umbhalo ogciniwe wamaKristu okuqala. Ngokwesibonelo, singacabangela lokho okwenzeka eKorinte. Ukuzindla ngendlela esasingenza ngayo izinqumo eziqondile ngalesosikhathi kuyosisiza ukuba sigweme ukwenza izinqumo ezingaqondile manje.
Ngemva “kweminyaka yosizi” eyi-13 yokungabi bikho, ngomhlangano wakhe wokuqala eHholo LoMbuso uAlice uthi: “Ngangisaba ukukhuluma funa ngikhale. Ngase ngisekhaya—ekhaya ngempela. Angizange ngikukholelwe.” Khona-ke zimisele, naphezu kwezinkinga ezingaphakama, ukubambelela esinqumweni sakho esinengqondo sokungayishiyi neze inhlangano kaJehova! Izibusiso zakho ekuhlanganyeleni nabantu bakaNkulunkulu ziyoba ziningi. Futhi aziyikuphela.—IzAga 2:10-15, 20, 21.